Ingabe Uzizwa Ulondekile?
Ungaqiniseka Kangakanani?
UKUZAMILE yini ukuhlola kwethu okusekhasini lesi-3? Uye wathola izimpendulo ezingaki ezivumayo? Uma uye waphendula ngo“Yebo” kowodwa noma eyengeziwe yaleyomibuzo, khona-ke awuwedwa neze ekubeni nomuzwa wokungalondeki. Iningi labantu emhlabeni liphila esimweni esibucayi namuhla futhi aliqiniseki neze ngekusasa.
Okulandelayo ukubukeza okufushane kungase kukusize ukuze uthole amandla alezinkinga ezweni lonke.
UKUNGAQASHWA: Iningi labantu eYurophu lihlushwa ukungaqashwa okukhulu, okuletha ukungalondeki emikhayeni eyizigidi. Isimo singesifanayo naseUnited States, lapho abantu abangaphezu kwezigidi eziyisishiyagalolunye bengasebenzi khona. Maqondana nokuphakama okuqhubekayo kokuntuleka kwemisebenzi, uIvor Richard, inxusa likahulumeni waseYurophu lezindaba zokuhlalisana kwabantu, waxwayisa: “Lokhu kumelwe kulethe ukucindezeleka okukhulu esimweni sezenhlalo sezinhlangano zethu. . . . Kungasongela zona kanye izimpande zezinhlangano zethu zokubusa kweningi nenkululeko.” Ungazizwa yini ulondekile uma ungasebenzi?
UKUKHUPHUKA KWAMANANI: Ingabe imali yakho ithenga okuncane kakhulu kunaseminyakeni eyishumi edlule? Inkinga kawoyela eminyakeni eyishumi edlule yaqinisekisa ukuthi cishe wonke amazwe ayohlushwa ukukhuphuka kwamanani. Ngokwesibonelo, eGreat Britain izimpahla ezazingathengwa ngo-R1,00 ngo-1961 manje zibiza u-R6,00. Amazwe amaningi anenani lokukhuphuka kwamanani elibi kakhulu kunalelo. Mhlawumbe elakini lingelinye lawo. Uma amandla okuthenga emali yakho encipha, ungazizwa yini uqinisekile ngekusasa?
UBUGEBENGU: Ubani ongahambi esaba ukuba isisulu sobugebengu? Buyinkathazo yezwe lonke. Izihloko eziqavile zephepha laseJaphane muva nje ziye zaqokomisa leyonkinga yezwe: “Izinga Lobugebengu Bentsha Likhathaza Uhulumeni,” “Ukuhileleka Kwabancane Ebugebengwini Kuqopha Irekhodi.” Amajaji ayekelelayo nomthetho okhulula iziboshwa uphindisela izigebengu emigwaqweni yamazwe amaningi. Omunye umhleli wephephandaba laseSpain waphakamisa umbuzo obangela ubuhlungu, “Ingabe awusekho yini umthetho wokujezisa?”
IZINDLU EZINGAMAFUKU: Izigidi zemikhaya ezweni lonke zisaphila ezindlini ezigcwele amagundane ezindiza amaphela futhi ezingenabo ompompi bamanzi. Akukhona ukuthi simane nje siqamba isimo esivamile semigwaqo eminyene yaseBombay, eNdiya, noma abahlala emathuneni eCairo, eGibithe. Kuthiwani ngamaxhokovana amadolobha agcwele amafuku emadolobheni amaningi amakhulu ezizwe zaseNtshonalanga “ezithuthukile”? Omunye umbiko ovela ohlelweni lwezindlu iCabrini-Green eChicago, U.S.A., uthi: “Uma nje endlini, abahlala kuyo behlushwa amagundane amakhulu namaphela lokho kuhlupha izakhiwo eziningi zeCabrini-Green.” Kubantu abaningi abampofu ayikho indlela yokuphuma kubo. Ikusasa alikhanyi.
INDLALA: Umthombo wezindaba uphawula ukuthi izingxenye ezimbili kwezintathu zabantu bezwe abalambile zisemazweni ayisishiyagalolunye amelele amaphesenti angama-27 omphakathi wezwe. IFinancial Times yaseLondon, ngaphansi kwesihloko esithi “Abampofu Kakhulu Bayaqhubeka Beba Mpofu,” yathi: “Mhlawumbe isimo esibucayi kunazo zonke, ikhono leAfrika lokondla inani lalo elikhulayo lehluleka kudala, futhi isimo siqhubeka siba sibi kakhulu.” Ngisho nasemazweni athuthukile ukungalingani kwamaholo nobumpofu kuye kwabangela indlala lapho ngokusobala kunenala. Ingabe isinkwa sakho sansuku zonke siseyinkathazo yakho yansuku zonke?
UKUXABANA KWASEKHAYA: Kubikwa ukuthi imishado engaphezu kwamaphesenti angama-40 iyawohloka eU.S.A. Ezweni elifanayo abantwana abathi mababe yizigidi eziyishumi nambili abangaphansi kweminyaka eyishumi nesishiyagalombili banabazali abadivosile. Ezingxenyeni eziningi zezwe izigidi zabantu abadala abahlala ndawonye azikaze ngisho zishade. Lapho ubufakazi bokuwohloka komkhaya bubonakala enanini labafazi abashada ngokwesiko abalahlwayo nabantwana abangamavezandlebe. Ingabe abantu abadala nabantwana bangaba nawo yini umuzwa wokulondeka uma amalungu omkhaya ehlukene?
UKUKHATHALELA ABANTWANA: Ubudlova ezikoleni bubangela ukwesaba okwandayo. Ngo-1981 umuzi waseNew York wamisa ababheki besikole abangama-420 ezikoleni zawo eziphansi ngomzamo wokunciphisa inani lokuhlasela othisha nabafundi. Izikole eBrithani naseJaphane nazo zikhathazwa igagasi lobudlova. Lapho kunokunjalo ukuwohloka kokuqeqesheka, ungaba nawo yini umuzwa wokulondeka ngemfundo yomntanakho?
UKUCINDEZELEKA: IStar saseToronto eCanada sathi: “Izigidi zabaseNyakatho Melika zibekezelela ngokuthulile ubuhlungu obonakalisa imishado, imisebenzi—nokuphila. . . . Ukucindezeleka kuwubhememe oluthinta kakhulu inhlalo.” Iphepha elifanayo lacaphuna isazi sengqondo uEmmanuel Persad njengesithi: “Abacwaningi abaningi bakholelwa ukuthi ukucindezeleka kuye kwasakazeka ngokwengeziwe eminyakeni yamuva ngenxa yokuwohloka okukhulu ngokomnotho, ukuwohloka kwemikhaya, nokwehlukaniswa okungokwenhlalo.” Ingabe ukucindezeleka okugcwele yonke indawo akubonisi ukuba khona ngempela kobunzima?
IMILALISO: Izigidi eziningi ziyimihuqa yemilaliso. Imali eningi ichithwa usuku ngalunye ngogwayi nasekusebenziseni kabi uphuzo oludakayo. Ingabe lokho kubonisa isimo sokulondeka?
ENYE IMPI ENKULU—INGENZEKA, INOKWENZEKA NOMA INGENGENA KUVINJELWA? Abathile abaholi bezwe basondela ekwamukeleni umbono wokuthi impi yenyukliya ingalwiwa futhi kunqotshwe, esikhundleni somcabango wokuthi akunakunqoba muntu osekelwe enhlekeleleni ebulala konke. Ingabe uyaqiniseka ukuthi ayinakuba khona enye impi enkulu?
Lombono ophambene nodumile ubonisani? Ungaqiniseka yini ngempela ngekusasa lakho nelomkhaya wakho? Sinakho yini okunye esingakukhetha ngaphandle kokuthembela kubaholi bezombangazwe nezikhali nabaduduzi abangabefundisi? Ingabe ikhona ngempela yini indlela eya ekulondekeni? Izihloko ezilandelayo zizosinikeza impendulo yeBhayibheli.
[Isithombe ekhasini 5]
Ingabe uyaqiniseka yini ngekusasa labantabakho? Isinkwa sabo sansuku zonke? Imfundo yabo? Khona kanye ukusinda kwabo?