Ikusasa Lakho—Ingabe Uzizwa Ulondekile?
Kungakhathaliseki ukuthi uzizwa uqinisekile noma ungalondekile, sisikisela ukuba uphendule imibuzo elandelayo ngenxa yokuzihlola okuthile. Ngisho noma izinkinga ezithile zingekho okwamanje engxenyeni okuyo yezwe, ezinye, uzobona ukuthi zikhona ezweni lonke.
YEBO CHA
1. INGABE AWUQASHIWE NOMA WESABA
UKULAHLEKELWA UMSEBENZI WAKHO? ___ ___
2. INGABE IMALI YAKHO ITHENGA OKUNCANE
KAKHULU KUNASEMINYAKENI EYISHUMI EDLULE? ___ ___
3. INGABE AKULONDEKILE UKUHAMBA WEDWA
ENDAWENI YAKINI EBUSUKU? ___ ___
4. INGABE UHLALA EFUKWINI? ___ ___
5. INGABE UKUTHOLA UKUDLA OKWANELE
KUNGENYE YEZINKINGA ZAKHO ZANSUKU ZONKE? ___ ___
6. INGABE NGOKUVAMILE KUBA KHONA
UKUXABANA EKHAYA LAKHO? ___ ___
7. INGABE UYAKHATHAZEKA NGEKUSASA
LABANTWANA BAKHO? ___ ___
8. INGABE UPHAZANYISWA UKUCINDEZELEKA
NOBUNZIMA BOMUNTU SIQU? ___ ___
9. INGABE UTHEMBELE EMILALISWENI? (Ugwayi,
utshwala noma imilaliso eluthayo) ___ ___
10. INGABE UKHOLWA UKUTHI ENYE IMPI
ENKULU INGENGENAKUVINJELWA? ___ ___