Ukuqondisisa Izindaba
“Baphele Amandla Ngokwesaba”
Ngokokuhlola kweToronto Star yaseCanada, esisodwa kwezintathu zezakhamuzi zaseToronto ezingaphansi kweminyaka engamashumi amathathu nanhlanu sikholelwa ukuthi kuzobakhona impi yenyukliya lapho sisaphila futhi abangamaphesenti angama-74 babo bonke abahlolwa abathembi ukusinda empini enjalo. Ekhuluma ngomphumela wengqondo lokho ukwesaba impi yenyukliya okunawo emphakathini omunye oneminyaka engamashumi amabili nesikhombisa wathi: “Bashaqeke ngokukhungatheka. Ukungalondeki okubi kakhulu kokungazi noma izogqashuka nokusambatheka nokwesaba ngokwazi ukuthi ngeke ulungise noma yini yayo.”
“Umphumela omkhulu futhi osabekayo ukuthi abantu abaningi baphila sengathi sasingenalo ikusasa,” kwasho omunye wesifazane embikweni. “Wonke umcabango wokuphilela isikhashana, ukuphilela olwanamuhla ngobugovu, kubhebhezelwa yilokhu kunganaki ngezinye izikhathi ukuthi asisenakucabangela ukuthi isintu sizobe sikhona esizukulwaneni esilandelayo. Abantu ngaso sonke isikhathi baye bacabangela ukuthi bazoba nekusasa; manje abaqiniseki futhi bayathukuthela.”
Iqiniso lokuthi abantu bazo‘phela amandla ngokwesaba nangokubheka okuvelela umhlaba’ labikezelwa uJesu Kristu ngaphambili. Ingabe amaKristu ngokufanayo azohlanganyela lokhu kwesaba okukhungathekisayo? UJesu wathi: “Kepha nxa kuqala ukuvela lokho, lulamani, niphakamise amakhanda enu, ngokuba kusondele ukukhululwa kwenu.”—Luka 21:25-28.