Ukuqondisisa Izindaba
Akukhona Ukubulala?
“Indoda eyagwaza owesifazane okhulelwe oneminyaka engama-29—yabulala umntwana wakhe ongakazalwa—ayinakugwetshwa intambo lapho iboshwa,” kwasho iNew York Post. Ngani? Ngoba “umthetho wombuso—osungulelwe ukuvikela odokotela abakhipha izisu ekubeni necala lokubulala—uthi ukufa kombungu ongaphansi kwezinyanga eziyi-6 akulona icala lokubulala ngisho noma izitho zawo ezibalulekile namalungu awo esekhule ngokugcwele,” kwaphendula iPost. Ngakho-ke umhlaseli wakhe, ongakunakanga ukuncenga kwakhe kokuba angamlimazi njengoba wayekhulelwe, uyobekwa icala lokudlwengula nokubulala umama kuphela.
Yeka indlela imithetho yabantu eye yaphambuka ngempela ngayo emthethweni kaNkulunkulu! IBhayibheli liphawula ukuthi uma umuntu ebangela ‘ingozi yokufa’ kombungu wowesifazane, “uyokwenana ukuphila ngokuphila.” IZwi likaNkulunkulu liyasiqinisekisa ngokuthi ngokushesha manje ukulunga kweqiniso kuyokwenziwa, futhi kuyoba khona ukukhathalela okufanelekile ngakho konke ukuphila kobuntu lapho intando yaKhe yenziwa emhlabeni.—Eksodusi 21:22, 23; Mathewu 6:10.