“Impilo Enhle” Nokuhluzeka Kwengqondo KobuKristu
UMPHOSTOLI uPawulu wabhalela amaKristu eFilipi lasendulo: “Ukuhluzeka kwengqondo yenu makwaziwe ngabantu bonke.” Ngalokho wawakhuthaza, futhi nawo wonke amaKristu kuze kube manje, ukuba abonakalise umoya wokungeqisi nokulinganisela okunengqondo.—Filipi 4:5, NW.
Sidinga ukuba nengqondo ehluzekile mayelana nempilo yethu. Ngokwesibonelo, kudingeka sigweme ukuzitika ngokweqile noma ukweqisa kulokho esikudlayo, futhi kufanele selule umzimba futhi siphumule ngokwanele. Isimo sethu ngokuqondene nokwelashwa ngokufanayo kufanele sisekelwe ekuhlakanipheni, sibonise ukunaka kokuba singathatheki ngokomzwelo kwezinye izindlela ezithile zempilo. Ukuhluzeka kwengqondo kuyadingeka futhi ekulinganiseni impilo yethu engokomoya nempilo yethu engokomzimba; sidinga ‘ukwazi ukwahlukanisa’ izinto ezibaluleke kakhulu ukuze ukukhathalela ngempilo kungasunduzeli umbuso kaNkulunkulu endaweni yesibili.—Filipi 1:10.
Ukukhetha Ngokuqondene Nokwelashwa
Ekunqumeni ngezindaba zokwelashwa noma zempilo, kuhle ukuqaphela ukuthi ngisho nalezindaba zingathonywa udumo noma izindlela ezithile. Ungase ukwazi ukukhumbula ukulapha okwake kwaduma kodwa manje okubhekwa ngokwehluke kakhulu. Uyakhumbula lapho odokotela babesebenzisa iXray ekwelapheni umqubuko, bekhipha amathansela abantwana ngezizathu ezincane noma besebenzisa imilaliso emisha yesulfa noma ipenicillin cishe nganoma isiphi isifo? Izinto zishintshile. Nakuba lokhu kwelapha kungaba okufanelekile kwezinye izimo, okuhlangenwe nakho nokucwaninga kuye kwaveza eminye imiphumela engathandeki noma kwabonisa ukuthi kufanele kusetshenziswe ngokukhetha.
Uma odokotela abafunda nge“ndlela yesayensi” futhi baqeqeshwa ukuba baqaphele ngemilaliso emisha noma ukwelapha bengathonywa umbono ovamile, kungaba lula kangakanani-ke ngomuntu-nje ukuba abe ngongalinganiseli ngezindlela ezithile zempilo. Futhi izigidi ziye zathonyeka. Ngokuvamile baye bamukela ukwelashwa okunokubaluleka okulinganiselwe kodwa okuye kwasetshenziswa kabi kakhulu ngabantu abangafaneleki. Okunye “ukwelapha” okwaduma eqinisweni kwakungenamiphumela ngokuphelele ngoba kwakuyinkohliso.a Kwaphakanyiswa abantu ababejabulela ukuthola imali yeziguli. Futhi, okuthinta kakhulu amaKristu, okunye kokwelapha okudumile kubonakala kuhlanganisa ‘amandla angavamile’ noma imimoya, leyo iBhayibheli eliyenqabayo.—Isaya 1:13; Duteronomi 18:10-12.
‘Kodwa’ abanye bayabuza, ‘ngingazi kanjani ukuthi ukwelashwa kuyinkohliso?’ Lokho kungaba nzima, ngoba okuningi ukwelapha kwakudala cishe konke lokho abaningi manje abakuqaphela njengokungenanzuzo kwakunamagama azwakala engawesayensi. Futhi nezincwadi ezakhishwa ngakho zazinikeza izincazelo abanye abazithola zikholeka. Kukuphi, manje, lapho singathola khona usizo?b
Ukusebenzisa Ukuhluzeka Kwengqondo
Umfundi uJakobe wabhala ukuthi “ukuhlakanipha okwaphezulu . . . kuhluzekile.” (Jakobe 3:17, NW) Nakuba engesiyo ingcweti yempilo, ukuzama komKristu ukuba abe nengqondo ehluzekile kungamsiza ukuba alinganisele izindlela zokuxilonga isifo (noma ukuhlola) nokwelashwa.
Yiqiniso, kufanele siqaphele ukuthi kunezindlela ezihlukene zokusingatha izinkinga eziningi zempilo; umKristu oshisekayo ngeke abe nolwazi lwazo zonke. Kodwa uma edinga ukwelashwa futhi kubonakala kutuswa, angabuza: ‘Ingabe ukwelashwa okusikiselwe kubonakala kunengqondo, kuvumelana nolwazi ngomzimba nesifo? Noma, ingabe kubonakala kungajwayelekile ngisho noma kukhanga kakhulu? Ingabe ngithonyekile ukuba ngamukele lokhu kwelashwa ngabantu abangazi lutho noma labo abafuna ukuzuza imali? Uma nginokungabaza ngakho, ingabe kumelwe ngilinde kuze kwaziwe amaqiniso engeziwe?’
Lemibuzo ingazwakala ingenasisindo, kodwa iqiniso lokuthi okunye ukwelapha okungavamile kwaba okuthandwayo ezikhathini ezidlule libonisa ukubaluleka kokuzindla ngemibuzo. Lokhu futhi kungafanekiswa ngokuhlangenwe nakho kwamuva nje: Owesifazane, onemfundo evamile futhi owayesebenza ehhovisi, waya kudokotela owagcizelela ukuba adle ngokweqile ukudla okuthile kuphela. Kamuva watshela abangane bakhe ukuthi wayekade etshengiswa “amabhodlela aphethe amathumba lawo iziguli eziye zawakhipha,” kuhlanganise “ithumba lobuchopho.” Ingqondo ehluzekile ingakwenza ucabange: Ingabe umuntu ovamile uyazi ukuthi ithumba langempela linjani, ngakho angalibona kanjani ithumba loqobo kungakhathaliseki ukuthi “lakhishwa” kanjani? Futhi, njengoba ubuchopho buvalelwe, umuntu angalikhipha kanjani ithumba lobuchopho ngokulihambisa ngamathumbu noma ngenye indlela?
Okokugcina, okuningi ukuhlola kwakudala noma ukwelashwa okwakubonakala kungenanzuzo kwakuphakanyiswa ngokusho “izinto zomlingo” “amandla emzimbeni” angavamile noma izindlela eziyisimangaliso lezo udokotela ‘abona’ ngazo, mhlawumbe ensimbini elengayo noma engxenyeni eyayibonakala ingahlobene nalokho okuxilongwayo. Ukukhangeka kwakungokomzwelo, okuyisimangaliso noma kungokwamandla emimoya, hhayi ukusebenzisa ingqondo.—Qhathanisa noLevitikusi 19:26.
Kuthiwani Ngezincwadi Zobufakazi
Sisizwa ngokwengeziwe yilokhu: “Ongenalwazi uyakholwa ngamazwi onke, kepha oqondileyo uyaqaphela ukunyathela kwakhe.”—IzAga 14:25.
Leso iseluleko esihle, ngoba abaningi bethu baye bezwa ngokwelashwa okuye kwanconywa ngezincwadi njengale, ‘Odokotela batshela uMnu. Jones ukuthi usesalelwe izinyanga ezine zokuphila, kodwa waphuza —— futhi manje uyaphila.’ Noma u“Mnu. Jones” ngempela wayenesifo noma wayengenaso, ungase wazi ukuthi ukukhohlisa kwakudala kwakuvumelana nezincwadi. Lokhu empeleni akusho ukuthi sidinga ukuba sibe ngabasolayo uma esijwayelene naye exoxa okuhlangenwe nakho kwakhe siqu. Nokho, ekwenzeni izinqumo ezinkulu zempilo sifanele senze okwengeziwe ‘kunokukholwa yiwo wonke amazwi encwadi.’
Ngokwesibonelo, ngisho noma u“Mnu. Jones” wayenesifo futhi waba ngcono, kungani abangcono? Ithonya elinamandla ekulashweni, kuhlanganise nabezemithi ‘kukwenza uzizwe ungcono.’ Ukuhlola kuye kwabonisa ukuthi cishe amaphesenti angama-30-40 eziguli zaba ngcono ngemva kokwelashwa ngamaphilisi angenamandla noma ngomjovo wamanzi. IScience Digest (September, 1981) iyabika: “Ukholo, ithemba, zonke izinto ezibalulekile ezikwenza uzizwe ungcono, ngezinye izikhathi zingapholisa izilonda, zishintshe amakhemikhali omzimba, zishintshe ngisho imbangela yezifo ezingelapheki.” Ngakho, lapho unquma ukuthi lungakanani ‘ukholo ozoba nalo kuwo wonke amazwi,’ khumbula “umphumela okhohlisayo” futhi ubuze, Ingabe ukwelapha ngokwakho kuye kwabonakala kunomphumela ngokucwaninga okuhle nokuhlola okujulile?
Ngisho noma umbiko umuhle ukudlula incwadi efakazelayo, kuhle ukucabangela ukuthi ukwelapha kuvumelekile yini ngokwezimiso zokuphila okuhle noma ngokwenkolo. IThe Journal of the American Medical Association yabika ngowesifazane oneminyaka engama-28 ubudala owavela isifo esidla isikhumba esingabonakala ngokuhlola okuningana kwasemtholampilo. Enqaba ukwelashwa, waya enyangeni “eyasusa isiqalekiso esabekwa kuye.” Wabuya engenazo izimpawu zesifo, ngokusobala elaphekile. Umbiko weJAMA wabuza umbuzo olukhuni othi ‘yawususa kanjani umoya omubi’ futhi yamelapha kanjani. Ukwelapha ngokusobala kwaphumelela kodwa amaKristu ayokugwema noma okunye ukwelapha lokho anomuzwa wokuthi kuhilela imimoya ngandlela-thile.—Qhathanisa noMathewu 7:22, 23.
Funa Usizo Olufanelekile
Kusobala ukuthi ezimweni eziningi sidinga iseluleko sengcweti ngemibuzo yokwelashwa nempilo. Singethembela kubani? Imibhalo inikeza lokuqaphela okuhlakaniphile: “Uyambona umuntu ehlakaniphile emsebenzini wakhe na? Uyakuma phambi kwamakhosi.”—IzAga 22:29.
Umuntu ohlola indaba futhi athuthukise ikhono uqashelwa njengofanelekile, ngisho nengcweti kulokho. Lokhu kungokufanayo nakwezempilo. Ngakho lapho ulinganisa ukusikisela okuvela kudokotela noma umeluleki wezempilo, ungase uzibuze: Unaziphi izitifiketi? Impendulo ayixhomekile kuphela ezitifiketini zakhe noma izifinyezo ngemva kwegama lakhe. Abantu abaningi baye bacabangela amagama ukuba abonakale ebalulekile. (Qhathanisa noMathewu 23:6, 7.) Abanye abathanda ukuba babizwe ngokuthi ngo“dokotela” bangaxilonga noma belaphe (mahhala noma ngemalic) nakuba bemane bafunda izincwadi noma baya “emklasini’’ amahora ambalwa.
Ungase futhi ucabangele ukuthi: Kusezingeni elingakanani ukuqeqeshwa kwakhe nokufaneleka? Ingabe uhlonishwa ngabantu abanolwazi, ubhekwa njengofanelekayo? Umfundi uLuka ngokusobala wayetadishile futhi wazuza ulwazi olwanele ngakho lapho umphostoli uPawulu embiza njengo“Luka inyanga ethandekayo” izimfanelo zakhe zazihlonipheka.—Kolose 4:14.
Yiqiniso, ngisho nabantu abaqeqeshwe kahle kwezempilo baye banikeza iseluleko esibi noma ukwelapha okungalungile. Kungani? Ngezinye izikhathi kungenxa yokuba bengenaso isithakazelo seqiniso ezigulini zabo. Bangase babe nomcabango ongajwayelekile ngempilo. Noma bangase basilele kwezokwelapha osekwenziwa futhi ngalokho bantule ulwazi olukhethekile oludingekayo. Nalapha, iBhayibheli lingasisiza.
Lithi: “Lapho kungekho khona ukululekana, amasu ayachitheka, kepha ngobuningi babeluleki ayakuma.” (IzAga 15:22) Lokhu kugcizelela inzuzo yokuthola umbono wesibili noma wesithathu. Iziguli eziningi zinethemba kudokotela wazo ngakho azidingi omunye umbono kunoma yikuphi ukusikisela akwenzayo. Kodwa kunengqondo ukuthola umbono wesibili ezindabeni ezingathi sína noma lapho ungakhululekile ngeseluleko ositholile. Nokho, qiniseka ukuba uthole umbono kothile onethemba lokuthi uzokunika iseluleko esingenabandlululo. Ngisho noma sivela kothile onethemba lokuthi angaphatha inkinga ngokuhlukile, kumelwe kube yiseluleko sengcweti. Khona-ke “ubuningi babeluleki” buzokusiza ekubeni ube nempilo enhle.
Ukulinganisela Impilo Engokomoya Nempilo Engokomzimba
Ngayo yonke lengxoxo ngempilo nokwelashwa, umKristu ozinikele kufanele agcine lokhu engqondweni: Okubaluleke njengempilo yethu engokomzimba, impilo yethu engokomoya ebaluleke ngokwengeziwe!
UJesu weluleka: “Ningakhathazeki ngokuphila kwenu ukuthi niyakudlani, nangomzimba wenu ukuthi niyakwembathani na?” Yebo, sidinga ukuqaphela ukunaka ngokweqile ukudla, ukugqoka, noma ngisho ukwelapha imizimba yethu. Yeka ukuthi kuyoba kubi kangakanani uma umKristu enaka kakhulu impilo yakhe engokomzimba aze ayekelele impilo yakhe engokomoya! Angangena ogibeni lwendoda ecebile emfanekisweni kaJesu, uNkulunkulu athi kuyo: “Ngalobubusuku umphefumulo wakho uzakubizwa kuwe; pho-ke, izinto ozilungisileyo ziyakuba-ngezikabani na?” UJesu wenezela: “Kunjalo kozibekelela ingcebo enganothile kuNkulunkulu.”—Luka 12:20-22.
Yiqiniso, sifuna ukunakekela impilo yethu ukuze sikwazi ukusebenzisa ukuphila kwethu sikhonze uNkulunkulu. Kodwa imibiko evela ezindaweni ezihlukene ibonisa ukuthi amanye amaKristu aye aba matasatasa ngempilo yawo engokomzimba. Ngokwesibonelo esisodwa, uFakazi eNtshonalanga ePhakathi eUnited States wabhala: “Abaningi kakhulu babonakala bekhathalela kakhulu impilo. Kusezingqondweni zabo njalo [njengoba kuboniswa izinkulumo zabo.]” Incwadi yachaza ukuthi abaningi babonakala benaka ngokwengeziwe ngalokhu ngemva kokuba betshelwe ukuthi banekhensa ngabantu abayizimfundamakhwela kodwa abanomuzwa wokuthi bangabona lapho othile enekhensa futhi kamuva banqume ukudla okukhethekile nezibonelo zakho. UFakazi wezwa isivakashi esivela eCalifornia sithi: “Thina [esinalemikhuba yempilo] asihlangani nalabo abasebandleni abakhetha ukunganaki futhi baye kodokotela babo.”
Uma kubhekwa ngokwahlukahlukene lokhu kuyalimaza. Imihlangano yamaKristu nemibuthano akuzona izikhathi zokushisekela izindaba zempilo, noma zokuzama ukuxilonga abanye noma ukuthuthukisa ukwelapha. Esikhundleni salokho, lemibuthano eyobungane obufudumele, obungokomoya. Abadala kumelwe baqaphele ukuba iHholo LoMbuso lingabi yindawo yokucobelelana izindlela ezihlukene zokwelashwa kwempilo noma imibono, kodwa lihlale liyindawo yobunye nokukhonza kweqiniso.—Qhathanisa noJohane 2:16, 17.
Impilo ephelele ayinakwenzeka kulesi simiso sezinto. Impilo enjalo ayinakwenzeka kuze kube yilapho isimiso esisha sifika. Khona-ke “abakhé khona abayikusho ukuthi: Ngiyagula.” Futhi nalokho kuyoba ngenxa yamaphutha nezono zabo eziye zaxolelwa. (Isaya 33:24) Ngakho masingakhathaleli ngokungenangqondo impilo yethu yanamuhla, ngokungathi sifuna ukuphelela okungokomzimba manje. Esikhundleni salokho, masibonakalise ukuhlakanipha nokuba nengqondo ehluzekile ngokukhathalela impilo yethu engokomoya.
UJesu wabonisa ukuthi kumelwe sikubhekise kuphi ukunakekela kwethu: “Lelivangeli lombuso liyakushunyayelwa ezweni lonke, kube-ngubufakazi ezizweni zonke, andukuba kufike ukuphela.” (Mathewu 24:14) Akumelwe sizivumele ukuba siphambukiswe esabelweni sethu saphezulu; izindaba zempilo akumelwe zisigudlule ekusekeleni kwenhliziyo yonke uMbuso. ‘Ukufuna kuqala uMbuso’ yindlela ehlakaniphile nenengqondo. Kuzoletha “ukuthula kukaNkulunkulu” futhi ngalokho kungathuthukisa ngisho impilo yethu yamanje. Kodwa, okubaluleke kakhulu, kuyophumela ekucebeni kokuvunyelwa uNkulunkulu, nawo wonke amathemba amangalisayo lawo ayogcwaliseka kuphela lapho isihlengo somnikelo kaKristu sisetshenziswa esintwini.—Filipi 3:8-11; 4:6, 7; Mathewu 6:33.
[Imibhalo yaphansi]
a Iminyuziyamu eSt. Louis, eMissouri, inombukiso ngokukhohlisa kwezokwelapha okunjalo. Kuhlanganiswe nemishini kagesi, amalambu amibalabala o“kwelapha” Iziguli njengoba zilele amakhanda azo ebheke enyakatho, izinto ezisunguliwe okucatshangelwa ukuthi zidlulisela “amandla emisebe” nezinye ezihilela ukuxilonga noma ukuhlola okusekelwe kwayisimangaliso “amandla asemzimbeni.”
b Ngezinye izikhathi, abantu bayobuza iWatchtower Society ukuthi ukuxilonga okuthile noma ukwelapha kuhilela inkohliso noma imimoya yini. Asikho esimweni sokucwaninga nokwahlulela “ukwelapha” okuningi okusetshenziswa emhlabeni kabanzi. Kodwa sithemba ukuthi iseluleko esikulezizihloko ezimbili siyosiza abafundi ukuba basebenzise izimiso zeBhayibheli nengqondo ehluzekile ekunqumeni imingcele ngezempilo.
c Emazweni amaningi kuyicala lokubulala ukwelapha ngaphandle kwemvume.—Mathewu 22:21.
[Ibhokisi ekhasini 28]
Ungaphila uze ube ne-100?
Ukucubungula kweKomiti yoKuphila Okululekile kwahlola abantu abayi-1 000 abaphila baze baba ne-100 leminyaka ubudala. Yiziphi izinto ezifanayo abaningi babo ababenazo? Iphephandaba laziqoqa ndawonye ngalendlela:
“Ungaphuzi kakhulu noma yini. Vuka ekuseni. Phila ukuphila okungokomoya. Hlala umatasatasa. Yiba ngonelisekile.”
Ezinye izinto ezivamile ezaphawulwa: Ngokuvamile babelala masisha. Bambalwa ababekhuluphele, Abaningi babesebenza njalo, babengahlali becabanga.
[Ibhokisi ekhasini 29]
Ukukhathalela Okwandayo Ngempilo
Encwadini yamuva nje ethengwa kakhulu, uDr Lewis Thomas, umongameli weMemorial Sloan-Kettering Cancer eNew York, waphawula:
“Njengabantu, siye sakhathalela kakhulu iMpilo. Kunokuthile okungokuyinhloko, okungenampilo ngokuphelele ngakho konke lokhu. Asibonakali sifuna injabulo eyengeziwe ekuphileni njengoba senza ekuvimbeleni ukwehluleka, sihlehlise ukufa. Silahlekelwe yilo lonke ithemba ngomzimba womuntu. Umqondo owamukelwayo wukuthi siklanywe kabi, sinamaphutha ngokwemvelo, singalinyazwa amathonya amabi amaningi ngaphakathi kithi nasizungezile, futhi siphila kuphela ngenhlanhla. Siphila engozini yokwehlukana nganoma ngasiphi isikhathi . . .
“Inkinga wukuthi singaphansi kokuholwa iwawa . . . Singabantu abaphile kahle. Sikude kakhulu nokuhlanganiswa ngokungafanele, silukhuni ngokumangalisayo, sinezitho eziqinile, sinempilo, silindele izehlakalo eziningi. Ingozi entsha ekuphileni kwethu okuhle, uma siqhubeka silalela zonke izinkulumo iwukuba sibe isizwe esiphilile esicindezelwe ukucabanga ukuthi siyagula, esiqaphé kakhulu, esizikhathaza size sicishe ukufa.
“Futhi asisenaso isikhathi saloluhlobo lwento manje, futhi singeke sibhekane nokuphazamiseka okunjalo okuvela ikakhulukazi kwezinye, izinkinga zethu eziphuthuma kakhulu. Ngempela, kufanele sikhathazeke ngokuthi ukukhathalela kwethu ngempilo yomuntu siqu kungaba yisibonakaliso sokuhoxa . . . lapho ngaphandle nje, wonke umphakathi awusizakali.”—The Medusa and the Snail (1979), amakhasi 36-40.
[Isithombe ekhasini 26]
IMICRO-DYNAMETER: Kuthiwa ‘ixilonga cishe noma yisiphi isifo esaziwayo’
[Isithombe ekhasini 27]
OyiSwiss uMermet wasebenzisa insimbi elengayo ukuxilonga isifo nokufuna abantu abalahlekile