Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w83 6/15 kk. 21-24
  • “Impilo Enhle Kini!”

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • “Impilo Enhle Kini!”
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1983
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Lokho Okuthinta Imibono Yempilo
  • UbuKristu Buhle Empilweni Yakho
  • Amavithamini, Okusansimbi Nemifino
  • Ukunikeza Ukusikisela
  • Eminye Imibuzo
  • Imithi Engamakhambi Ingabe Ingakusiza?
    I-Phaphama!—2004
  • “Impilo Enhle” Nokuhluzeka Kwengqondo KobuKristu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1983
  • Londoloza Umbono OngokomBhalo Ngokunakekela Impilo
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2008
  • Londoloza Ukholo Lwakho Nempilo Engokomoya
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1989
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1983
w83 6/15 kk. 21-24

“Impilo Enhle Kini!”

NGAMAGAMA anjalo indikimba ebusayo yekhulu lokuqala yamaKristu yaphetha incwadl eya emabandleni. Isisho sesiGreki eyasisebenzisa sasinalomqondo, ‘Qiniswani, philani kahle, yibani nempilo.’—IzEnzo 15:29.

Nakuba “Impilo enhle kini” yasebenza njengalokhu esikubiza ngokuthi isiphetho esihle sencwadi, ithinta okuthile okuthandekayo kithi sonke—impilo yethu. Abantu baye bafuna impilo engcono isikhathi eside. Nokho ingabe uye waqaphela ukuthi bangaki namuhla ababonakala beyikhathalele ngokwengeziwe? Ingabe wake wazibuza ukuthi yini ewukulinganisela ngomKristu?

Lokho Okuthinta Imibono Yempilo

Isithakazelo esikhulu empilweni singabonisa ukuthi abantu banomuzwa ojule kangakanani ngokufa. Ukufa kufika ngokushesha! (AmaHubo 90:10) Ungaqonda ukuthi kungani, uma umuntu enomuzwa wokuthi ukuphila kwakhe kwanamuhla kuwukuphela kwakho, angase enze cishe noma yini ukuba avimbele izimo ezibangela izifo ezingenza ukufa kufike ngokushesha.

Futhi, imibono ngempilo ithintwa ukungethembi okwandile ngama“lungiselelo,” kuhlanganise neziphathimandla kwezemithi yamasiko. Lokhu kungethembi kubangela abantu abaningi ukuba bangabaze isimo semikhiqizo yezentengiselwano ngokudla. Ngenxa yokuzwa ngokulimala kwempilo “ngokudla okungenamsoco” okucolisiswe kakhulu ngemithi yamakhemikhali, izigidi zikhetha ukulinganisela ukuthi kungakanani ukudla okucolisisiwe ezikudlayo. Abaningi banomuzwa onamandla “ngokudla kwemvelo” kangangokuba ngeke badle lutho olunye ekugcineni. Abanye, ngokwazi izingozi njengezinkinga zokuzala ngenxa yethalidomade, bayayisola imilaliso. Basola ukuthi kungaba khona imiphumela ebuhlungu yemilaliso leyo izimboni zemithi eziyithuthukisa ngamandla nokuthi odokotela abambalwa abamatasatasa bagunyaza ukusetshenziswa kwayo ngaphandle kokuyihlolisisa.

Umphumela wakho konke lokhu ukuthi abantu basebenzisa ukuzibusa okwengeziwe ezindabeni zempilo. Kungenzeka uyavuma ukuthi umuntu omdala ngamunye kufanele azenzele izinqumo zakhe luqobo ngempilo, ezisekelwe ekwazisweni okunokwethenjwa ngokukhetha okuhlukene. Kodwa ingabe zikhona izingozi okudingeka siziqaphele? Ingabe iBhayibheli lingasisiza ezindabeni zempilo?

UbuKristu Buhle Empilweni Yakho

Incwadi yekhulu lokuqala yendikimba ebusayo yachaza ukuthi amaKristu kufanele ‘ayeke ubufebe negazi.’ (IzEnzo 15:28, 29) Lokhu kunengqondo ngisho nakwezempilo. Ubufebe buletha abantu ezifweni zokubhajwa nezisu ezingafuneki. Ukumpontshelwa kwegazi kuye kwathelela izinkulungwane ezingenakubalwa ngesifo sesibindi nezifo ezinesihlungu esibulalayo njengaleso uPope John Paul asithola.

Cabanga, futhi, ngempilo engcono leyo etholakala ngokusebenzisa iseluleko sikaNkulunkulu ngokuphathelene nokudakwa nokubhema. UDr. Joel Posner wabika ukuthi amaphesenti angama-60 emali esetshenziswa eUnited States ekunakekeleni impilo awezifo ezihlobene nokusetshenziswa kotshwala nogwayi.—IzAga 20:1; 2 Korinte 7:1.a

IBhayibheli livikela impilo yethu ngezinye izindlela futhi. Ungaqonda ukuthi lokho kunjalo uma ucabangela lokho elikushoyo ngokuhlanzeka njalo. (Eksodusi 30:17-21; Duteronomi 23:12-14) Ngisho nomoya ofanelekile lowo umKristu awuthuthukisayo lapho etadisha iBhayibheli ungathuthukisa impilo yakhe. Ngokulandela ubumnene, umusa nothando, uhlala ngokuthula nabanye, nalokhu kuvikela impilo yakhe. (IzAga 14:30) Ngokwengeziwe, ukwazisa okukhulu komKristu ngokuphila kumshukumisela ukuba aqaphele kusengaphambili ukugwema izingozi. Ngokwesibonelo, angaba ngoqaphile ngokwengeziwe kunabaningi ekusebenziseni amabhande okuphepha emoto. (IzEnzo 17:24, 25, 28) UDr. K. L. White, umqondisi oyiphini ophikweni lweRockfeller Foundation yesayensi yempilo, wathi ezinye izindaba ezinjalo “zezindlela zokuphila nokuziphatha komuntu siqu” ziyi“zimbangela ezinkulu ekuthonyeni impilo yabantu.”

Ngakho kukhona lesiseluleko seBhayibheli: “Uma utholé izinyosi, yidla okwanele wena, funa udinwe, ubuye uhlanze. Ukudla izinyosi eziningi akukuhle.” (IzAga 25:16, 27) Kungakhathaliseki ukuthi uju lubaluleke kangakanani uma luqhathaniswa noshukela njengesinandisi, leso seluleko sinikeza umthetho wempilo enhle: Yenza ukulinganisela kube isihluthulelo sakho sokudla. Uma umuntu engadla ukudla okungafani futhi agweme ukudla ngokweqile, ngokufanayo nganoma ikuphi okunye ukudla, uzovuna izinzuzo zempilo. Ukukhulumela ngoju kunenzuzo ebanzi ngokuqondene nemizamo yempilo.

Amavithamini, Okusansimbi Nemifino

Ukudla okunomsoco kuye kwenezela empilweni engcono. Isihluthulelo siye saba ukutholakala kwezidingo zethu zamavithamini nokusansimbi. Ngokwesibonelo, izifo ezibangelwa ukuntuleka kwamavithamini, ukuntuleka kwamaprotheni, utwayi, nokuntuleka kwevithamini D, zingelashwa noma zigwenywe ngokudla ukudla okunamavithamini anele uB, C noD. Futhi, njengoba odokotela beye bahileleka ngokwengeziwe ngokucwaningwa kokudla okunomsoco, imibiko iye yavela ngezinye izifo lezo ezibonakala zisabela kumavithamini athile nokusansimbi okuye kwakhishwa ngaphansi kokuqondiswa kwabezemithi.

Kodwa abantu abaningi baye baqala ukuzithathela amaphilisi amaningi enezela ezinhlotsheni ezithile zokudla, njengokungathi kunokuntuleka okungathi sína. Abanye abalandela ukuzelapha okunjalo banomuzwa wokuthi, ‘uma okuyingcosana kulungile, khona-ke okuningi kungcono,’ nokuthi, ‘amavithamini nokusansimbi kungeke kukulimaze ngoba umzimba wakho uyakukhipha okungasafuneki.’ Kuyiqiniso ukuthi uma udla kakhulu amavithamini athile ‘angaya esiswini, aze alahlelwe ngaphandle,’ umphumela kuba nje ukumosha okuyizindleko. (Mathewu 15:17) Kodwa uma udla kakhulu amanye amavithamini nokusansimbi, kungayeka ukuba umsoco futhi kuqale ukusebenza njengemilaliso, kube ngisho isihlungu esilimazayo.

Ngokudla isilinganiso esikhulu samavithamini athile, abantu baye balimaza izitho zomzimba, noma benza okwengeziwe. Njengesinye isibonelo, indoda eBrithani yayiphuza kakhulu uketshezi olukhanywe kukherothi nevithamini A yafa ngenxa yokudla ngokweqile lamavithamini. Izingane eziningi, ngokufanayo, ziye zalinyazwa ukudla ngokweqile amavithamini eziwanikwa ngabazali bazo ababeqotho kodwa baziswe ngokuyiphutha. Ngokuqondene nokusansimbi, udokotela wamehlo futhi owahlinzayo waphawula: “Ngiyabakhathalela kakhulu labo abadla kakhulu amaphilisi anecalcium, icopper, izinc, nechromium. Ngiqala ukuthola izimo ezibangela ubumpumputhe kubafowethu nodade abaneminyaka engama-20 kuya kuma-30.” Khumbula iseluleko seBhayibheli esihlakaniphile ngoju. Noma kungaba umlaliso othakiwe noma ivithamini yemvelo, okusansimbi noma imifino, okuningi kungakulimaza.

Yebo, ukuqaphela kufanelekile nasemifinweni futhi. Ngokusobala amanye amakhambi anenzuzo; ngokwesibonelo, idigitalis nequinine, zivela emithonjeni “yemifino.” Ukuhlola eKenya kwabonisa ukuthi “okungenani amaphesenti angama-50 amakhambi asetshenziswa izinyanga anokulapha okunenzuzo.” Nokho lokho kusho ukuthi amaningi awanayo inzuzo eyaziwayo. Futhi iqiniso lokuthi uJehova wayenenjongo yokuba “imifino” ibe ukudla kwakuqala komuntu akusho ukuthi yonke ayinangozi. Ugwayi nemarijuana ku“yimifino.”—Genesise 1:29, 30.

Ngisho namakhambi abonakala esiza omunye angamlimaza omunye. Isikhonzi esijikelezayo eOhio sasikhathazwa isisu. Abangane ababesikhathalela basitshela ukuba siphuze ikhambi elijwayelekile. Lapho inkinga iqhubeka saya kudokotela wezempilo lowo ukuhlola kwakhe okwathola iqondo, (isigaxa esimila enqalathini yenyongo.) Udokotela wathola futhi ukuthi igazi lalesikhonzi lalingajiyi; ukusikeka kungenzeka kwakungabangela ukuba sophe size sife. Lapho udokotela etshelwa ngekhambi, wathi lalaziwa ngokubangela izinkinga zokungajiyi kwegazi. Ngokuyeka kwakhe lelokhambi inkinga yegazi yaphela.

Ukunikeza Ukusikisela

Kuyaqondakala ukuthi umuntu ofuna ukusiza umngane noma isihlobo esigulayo angasikisela lokho okuthile anomuzwa wokuthi kwamsiza noma kuyasiza. Ngezinye izikhathi kungaba ngisho umusa womKristu ukwenza kanjalo, njengoba umphostoli uPawulu eluleka uThimothewu omncane ukuba agweme amanzi avamile kodwa ‘aphuze iwayini eliyingcosana ngenxa yesisu sakhe esasimphatha njalo.’—1 Thimothewu 5:23.

Umuntu otusa njalo imilaliso, amavithamini nokusansimbi noma amakhambi kumelwe aqaphele, nakuba, kungokukhethekile uma entula ulwazi oluhle lwempilo nesimiso sezitho zomzimba. Kufanele azibuze; Ingabe ngempela ngineqiniso? Nakuba umlaliso, ivithamini, okusansimbi noma ikhambi ngokusobala kwangisiza, ingabe ngiyazi noma lingamsiza omunye futhi? Uma lingamlimaza, ingabe ngizoba nengxenye yecala? Noma ngisho lokho engikusikiselayo kungenamphumela oyingozi, kufanele yini ngibangele ukuba ngimlibazise ekubeni athole ukwelashwa okunomphumela kuze kube yilapho isimo sakhe siba sibi kakhulu?—Qhathanisa no-1 Thimothewu 5:22.

Abanye banokushiseka okungavamile ngokulinganisela impilo. Ngokwesibonelo esingavamile umdala owumKristu wathola incwadi ngaphansi komnyango evela kumngane wakhe owayethengisa amavithamini. Kwenye ingxenye ithi: ‘Kunesizathu esinengqondo nesimangalisayo sokuthi kungani imithi yethu inemiphumela. Kufanana ne“qiniso” uma liqhathaniswa ne“Babiloni Elikhulu.” Ngezinye izikhathi angazi ngisho nokuthi abanye babazalwane bethu nodade balithola kanjani iqiniso. Abaziqapheli izAga 18:13 ngisho nakuba zonke izinhloso zethu zingezokubasiza.’

Ukuthi abanye, nganoma isiphi isizathu, bangakhulisa cishe yonke intshiseko yenkolo ngezindaba zempilo kugcizelela isidingo ngawo wonke amaKristu ukuba asebenzise ukunaka ukuze angabi abangalinganiseli.

Eminye Imibuzo

AmaKristu angabonga ukuthi sineseluleko seZwi likaNkulunkulu, ngoba ngezindlela eziningi lisisiza ukuba sihlale sinempilo. Nokho ezinye izici zempilo zifanelwe zinakwe, njengokuthi: Nginganquma kanjani ukuthi yikuphi ukwelashwa okumelwe ngikwamukele? Kuthiwani ngezindlela ezingajwayelekile zokuxilongwa nokwelashwa? Ingabe zikhona izingozi ezingokomoya nganoma ikuphi kwalokhu? Umbono wakho ngombuso kaNkulunkulu kumelwe ukuthinte kanjani ukucabanga kwakho ngempilo? Isihloko esilandelayo sizocabangela lezizici.

[Umbhalo waphansi]

a Bheka isahluko “Better Health and Longer Life—How?” encwadini Happiness—How to Find It, enyatheliswé iWatchtower Bible and Tract Society of New York, Inc.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela