Kungani Wena Kumelwe Ube Khona Emhlanganweni Wesigodi “Weqiniso LoMbuso”?
Isimiso esivusa amadlingozi sezinsuku ezine sokuyala okungokweBhayibheli sikulindele eMhlanganweni Wesigodi “Weqiniso LoMbuso” WoFakazi BakaJehova. Iseluleko esibalulekile seBhayibheli siyonikezwa ngendlela yemiboniso ewusizo, ukwenziwa kwamadrama nezinkulumo ezifundisayo. Futhi, uyokwamukela okuthile okuyoba nethonya elikhulu emsebenzini amaKristu ayobe ewenza ezinsukwini ezizayo.
Yiba khona ngoLwesine ntambama ngo-1:20, lapho isimiso somhlangano siqala. Kudingekile ukuba ubhekane ngokulinganayo nombuzo wenkulumo eyisihluthulelo: “Umi Kuphi Empikiswaneni YoMbuso?” Akungabazeki ngoLwesihlanu uyokwazisa kakhulu okwamukelayo kangangokuba uyoshukunyiselwa ukuba ukuhlanganyele nabanye emphakathini.
Isimiso sangoMgqibelo sigcwele iziyalezo eziwusizo nezidingekayo ukuze uphile kulelizwe lanamuhla elinobugovu nokungalungi. Uyokuzwa izinkulumo ezinjengalena “Ukulwisana Nomoya Wokuyekelela Ngezimiso ZeBhayibheli” nethi “Xwaya Umculo Owonakalisayo.” Zama ngokusemandleni, ungalahlekelwa izinkulumo isimiso sangoMgqibelo esizihlanganisayo—siyoqokomisa ukwaziswa okuyoba nemiphumela engapheliyo emsebenzini wokushumayela ngoMbuso emhlabeni wonke.
NgeSonto idrama ethi “Ummemezeli Ongesabi Wesigijimi Esingathandwa” eyobe igqokelwe ngendlela yakudala iyokushukumisa ukuba ube njengomprofethi kaNkulunkulu uJeremiya. Khona-ke awuyikufuna ukulahlekelwa inkulumo yeningi ethi “Iqiniso Elinganikhulula.”
Njengoba imihlangano engaphezu kwe-19 ihlelwe eAfrika eseNingizimu kuphela, kuyoba nomhlangano oseduze nekhaya lakho. Buza koFakazi BakaJehova abasendaweni yakini isikhathi nendawo eseduze kuwe.