Isizathu Sokuba Ube Khona EMhlanganweni Wesigodi “Wokuzinikela KuNkulunkulu”
Izinsuku ezintathu ezizuzisayo zemfundo yeBhayibheli zikulindele eMhlanganweni Wesigodi “Wokuzinikela KuNkulunkulu” woFakazi Bakajehova phakathi nalenyanga. Ngezinkulumo ezifundisayo nangezingxoxo nangedrama, kuyonikezwa isiqondiso esibalulekile seBhayibheli. Yiba khona ngosuku lokuqala ngo-9:50 ekuseni lapho umhlangano uqala ngokudlalwa ngomculo.
Isimiso sosuku lokuqala siyoba nenkulumo ethi “Gwema Izindebe Ezilimazayo” nenkulumo ebalulekile yemvelaphi yemfundiso kaZiqu-zintathu. Ntambama, abazali bayoyalwa ukuba bamukele umthwalo wabo wemfanelo wokunikeza abantwana ifa elingokomoya. Ngokulandelayo, intsha iyokhuthazwa ukuba yenze uKristu isibonelo sayo futhi yenze iqiniso libe ngelayo. Isimiso sosuku siyophetha ngengxoxo ephathelene nelungiselelo elihle elenzelwe ikakhulukazi ukusiza intsha.
Usuku lwesibili luyoba ngolunye usuku olugcwele lwesiyalo oluyoba nobhapathizo ekuseni bese kuthi ntambama kube khona izinkulumo ezibalulekile ngeNdikimba Ebusayo yamaKristu nangendlela esingabambisana ngayo nayo namuhla. Isimiso santambama siyophetha ngenkulumo ebalulekile ethi “IBhayibheli—Izwi LikaNkulunkulu Noma Elomuntu?”
Ngosuku lokugcina ekuseni, isiqondiso esifike ngesikhathi siyoxwayisa ‘ngomuntu ongenamthetho’ nangokuphambuka ezindabeni zokudla nophuzo, ukuzilungisa, nokuzijabulisa. (2 Thesalonika 2:3) Lokhu kuyolandelwa yidrama yosuku lwanamuhla egcizelela ukubaluleka kokuba sizithobe kuNkulunkulu. Khona-ke, ngeke ufune ukulahlekelwa inkulumo yeningi ethi, “Ukukhululwa Kuseduze Kubantu Abanokuzinikela Kokwesaba UNkulunkulu!”
Phakathi noDecember, kuhlelwe imihlangano engaphezu kweyi-16 eNingizimu Afrika kuphela, ngakho kuyoba khona omunye eduze nawe. Bonana noFakazi Bakajehova abasendaweni yakini mayelana nesikhathi nendawo yalowo oseduze nawe.
[Isithombe ekhasini 32]
UMhlangano Wesigodi eVerona, eItaly