‘UNkulunkulu Ukhulisa’ EKhanada
YEKA injabulo okuyiyo kulabo abahilelekile lapho bebona ukukhula okungokomzimba okunempilo, nokuchumayo! Buza noma imuphi umlimi. Buza noma imuphi umzali. Kuba nomoya wokukhuthazeka nenjabulo kubo bonke. Lokhu kuyiqiniso ngokufanayo entuthukweni engokomoya.
Cabangela indlela okwakuyiyo ezinsukwini zebandla lobuKristu lekhulu lokuqala. Khona kusukela nje ngosuku lokuqala lokumiswa kwalo landa laba nabafundi abajabulayo abayizi-3 000! Yini eyabangela ukuba likhule? Umbhalo ophefumlelwe uthi “Inkosi yenezela ebandleni imihla ngemihla abasindiswayo.” ‘UNkulunkulu ojabulayo’ wabangela ukukhula!—IzEnzo 2:41-47; 1 Thimothewu 1:11.
Ukuthi lokhu ‘kwanda okukhulu kwabafundi eJerusalema’ kwakungekhona nje ukukhula kokuqala emhlabathini wasekhaya okwakuzoshesha kuphuphe futhi kufe kubonakala emiphumelweni yomsebenzi wokwenza abafundi womphostoli uPawulu ezizweni zabeZizwe cishe eminyakeni eyi-15 kamuva. Nangalesosikhathi, “amabandla aqiniswa ekukholweni, anda ngobuningi imihla ngemihla.” Kwaba yini ukusabela kulokhu kwanda okuqhubekayo? Kwabangela ‘intokozo enkulu kubazalwane bonke.’ Lapho izindaba zesimemezelo sabaphostoli sokwamukela laba abeZizwe njengamaKristu sifinyelela amabandla ahlukahlukene “bathokoza ngenduduzo.”—IzEnzo 6:7; 16:5; 15:3, 31.
Nokho, nakuba izinceku ezingabantu zazisetshenziswa ukuba ziyise izindaba ezinhle kwabanye, amaKristu avuthiwe akuqala ayazi ukuthi akukho muntu ofanelwe udumo ngenxa yomphumela. Ngentobeko aba nomuzwa wokuthi uNkulunkulu wayebangela ukukhula. Njengoba uPawulu akuchaza: “Mina ngatshala, uApholo wanisela, kepha uNkulunkulu wakhulisa.”—1 Korinte 3:5-8; bheka futhi iLamsa.
Ukukhula Ensimini YaseCanada
AmaKristu athobekile, nathelayo aseCanada azizwa ngendlela efanayo namuhla. OFakazi BakaJehova bebematasa betshala “izwi lombuso” engxenyeni yabo yensimu yezwe futhi lokho kuye kwaveza isithelo esihle. (Mathewu 13:18-23, 36-43) Kusukela esiqalweni esincane ngo-1880 inani labashumayeli bombuso nabenzi babafundi liye lakhula kakhulu. Ngo-1956 kwakukhona abayizi-28 540 emabandleni angama-740. Ngalowonyaka izinto ezithile ezintsha zegatsha zanikezelwa. Zaziyizakhiwo eziklanyelwe ukulungiselela ukwanda uJehova ayekuletha. Umshini wokunyathelisa umagazini wafakwa ngo-1958 ukuze unakekele isidingo esikhulayo sikamagazini INqabayokulinda nePhaphama! Ukuhanjiswa kukamagazini kuye kwaphakama kwaze kwaba ngaphezu komagazini abayizi-3 000 000 ngonyaka odlule.
Lapho abamemezeli bombuso bedlula izi-60 000 ngo-1975 futhi ukuhanjiswa kukamagazini ensimini kuphakamela ezi-8 700 000, kwaba sobala ukuthi izinto zokusebenza ezinkulu zazizodingeka futhi. UJehova ngempela wayebangela ukukhula futhi amabandla angama-979 ayejabula ngenxa yesikhuthazo. Kungabonwa ukuthi oFakazi BakaJehova abakhi izakhiwo ukuze kube khona ukukhula. Kunalokho, ukukhula okubangelwa uNkulunkulu nabafundi abasha abafuna ukuba kwandiswe okokusebenza ukuze kunakekelwe kahle umsebenzi wokushumayela ngoMbuso.
Ubuqotho benjabulo yamaKristu anamuhla bungabonwa ekusabeleni kwawo esazisweni sokuthi iWatch Tower Society ithole indawo ngaphandle kwaseGeorgetown, eOntario, futhi yayilungiselela ukwakha izindlu ezintsha zegatsha lapho.
Izakhiwo ZeGatsha Ezandisiwe
Isakhiwo saqala ngomsebenzi odingekayo wesiza ekupheleni kuka-1978. Kuye kwanqunywa ukuthi nakuba umsebenzi onzima wokufaka izinsimbi nokhonkolo wawuzosingathwa amafemu angaphandle, abafowethu abangamaKristu babeyonikwa ithuba lokunikela ngesikhathi sabo namathalenta noma nini lapho kunokwenzeka. Futhi banikela ngakho ngempela! Abangaphezu kwama-600 babo bavela kuzo zonke izingxenye zezwe bezonakekela umsebenzi wobupulamba, wokufudumalisa izindlu, wokufaka imishini kagesi nezinye izidingo. Abanye bezela amasonto ambalwa, abanye izinyanga eziningi, abanye iminyaka emibili. Ngesinye isikhathi kwakukhona abangama-200 endaweni yomsebenzi.
Kwezinye izimo imikhaya yonke yayiza. Umnikazi wenkontilaki ovela eMpumalanga Canada wavala ibhizinisi lakhe elingenisa imali, wazohlala nomkhaya wakhe endlini eseduze nesakhiwo futhi waba umqondisi wokufakwa kukagesi esakhiweni. Ingabe yena nomkhaya wakhe babheka lokho kuthutha njengokuphazamiseka okungafanelekile? Ubaba wathi: “Phela, akuzange ngempela kube ukudela okuthile abanye abangase bakucabangele. Kunalokho, nginomuzwa wokuthi yithina esizuzile. Ngicabanga ukuthi sonke siye sakhula ngokomoya futhi umoya womkhaya wokubambisana manje mkhulu. Ngokwami, konke engikukhumbulayo ekusebenzeni kulesisakhiwo kuyoba okuhle engingenakukukhohlwa neze.”
Lapho inkinga yokuthi hlobo luni lophahla lokufulela lwalesisakhiwo esisha olwaluyoba olungcono kakhulu ixazululwa, khona-ke kwakukhona enye inkinga entsha—ukuthola omunye woFakazi BakaJehova ojwayelene naloluhlobo lokufulela cishe olwalungolusha eCanada. Ngosuku olulandelayo ekuseni ngemva kokwenziwa kwesinqumo ngophahla iKomiti Yokwakha yathola ucingo oluvela kude kuFakazi eMpumalanga Canada. Wayengumfaki wophahla lokufulela futhi ezimisele ukukwenza. Wayesebenza ngani ngokukhethekile? Ngalo kanye lolohlobo lokufulela esasiludinga!
Kamuva, lapho loFakazi ebuzwa ukuthi ingabe umkhaya wakhe wawudele okuningi yini ngokuza emsebenzini wokufaka uphahla, waphendula: “Anginawo amazwi okuchaza injabulo nenzuzo umkhaya wethu okutholile. Ingokomoya lethu liye lakhiwa yilokhu okuhlangenwe nakho. Kuye kwenza umkhaya wethu waba nombono ngobuphayona.” Yena nomkakhe bakhonza njengamaphayona (abashumayeli besikhathi esigcwele bombuso) kusukela ekuqedweni kwesakhiwo.
Lomoya owakhayo owashukumisela abanye ezimweni ezinhle ngenkonzo yesikhathi esigcwele awuphelelanga emadodeni emikhaya ayizingcweti. Wabuye futhi waba okuhlangenwe nakho kwezinsizwa nezintombi ezingamakhulu ezavolontiyela ukuzosiza. Abanye balentsha bakhulela ebudodeni nasebufazini phakathi nokuhlala kwabo endaweni yokwakha, baba yizingcweti zomsebenzi ngenkathi behamba. Amandla abo obusha nentshiseko nomoya wokubambisana kwakuyisikhuthazo kubantu abadala. Izisebenzi ezingebona oFakazi emsebenzini zahlatshwa kakhulu umxhwele ukuziphatha nemikhuba yokusebenza yalentsha. Abanye balentsha manje bayaphayona, abanye baye baba amalungu omkhaya waseBethel futhi abanye baye baya kwamanye amazwe ukuze basize emsebenzini wokwandisa amagatsha lapho.
Futhi kuthiwani ngalabobantu izimo zabo ezingabavumelanga ukuba bahlanganyele ngokoqobo ekwakheni? Ukushisekela kwabo ukukhula okubangelwa uJehova kwaboniswa iqiniso lokuthi bakusekela ngomphefumulo wonke ngezinye izindlela. Abanye babo bahlanganyela emisebenzini eyengeziwe nemithwalo yemfanelo emabandleni akubo, bekhulula labo ababengahamba baye emsebenzini wokwakha. Obunye ubufakazi obuhle babonakala eminikelweni nangemali yokwebolekisa yoFakazi BakaJehova ngokwabo ukuze basize ekukhokheleni izindleko zokwakha. Ngalendlela, kanye neminikelo kakade igatsha elalinayo, sakwazi ukukhokhela wonke umsebenzi wokwakha owabiza izigidi eziningi zamaRandi ngaphandle kokuba sithole izimali kunoma iliphi ibhange noma izinhlangano ezibolekisayo. Lokho ngokuqinisekile kwabonisa ukholo nokuqiniseka!
Lomoya omuhle kakhulu wabangela ukuba isakhiwo siphele ngesikhathi. Futhi umoya kaJehova waboniswa enkingeni yokuthutha cishe mahhala izimpahla nezisebenzi ziya ezindaweni ezintsha ngoJune 1981. Manje ukunakekela kwakungagxiliswa ekulungiseleleni ukunikezelwa kwesakhiwo esisha ngo-October 1981.
Ukunikezelwa Okujabulisayo Kwesakhiwo Esikhulu Esisha
NgoMgqibelo, ngo-October 10, 1981, entathakusa lalicwathile lingenafu, lithembisa ukuba usuku oluhle lokunikezelwa kwalesisakhiwo esisha kuJehova uNkulunkulu ngenxa yezinjongo zakhe. Lokho kuphuma kwelanga okuhle kwagcina isithembiso sakho—usuku lonke lwaluyikwindla enhle emibalabala elungiselela isimiso nokubuka izakhiwo.
Ngokushesha izivakashi ezazimenyiwe zaqala ukufika. Kwakunqunywe yiKomiti yeGatsha ukuthi, njengoba kwakungenakwenzeka ukuba bonke oFakazi BakaJehova ezweni babekhona, iqembu lalabo okudala behlanganyela—amaphayona, ababengamaphayona nabanye—kumelwe babe abameleli beqembu lendawo ngayinye. Lokho kwasho ukuthi iningi lalabo abamenywayo babazana lapho ingqikithi yenani loFakazi yayisencane, abanye babekade bephayona eQuebec nakwezinye izindawo lapho baqala khona umsebenzi wokushumayela eminyakeni eyedlule.
Khona-ke, ungawucabangela nje umoya wenjabulo nentshiseko njengoba laba asebekhulile bebonana abanye ngokokuqala ngemva kweminyaka engama-20 noma-30! Kwakukhona ukubingelelana ngenjabulo, nokwangana okuvela enhliziyweni nezinyembezi zenjabulo yonke indawo. Ukubona abanye asebekhulile besakhonza ngokwethembeka nokuqaphela ukuthi umsebenzi wabo weminyaka eminingi edlule uye wenza lendawo yadingeka kwabangela kubo bonke ukukhuthazeka okukhulu ngokomoya. Kwakunezivakashi eziningi ezijabulayo kangangokuba abanye kamuva bakhohlwa ukubuka isakhiwo! Kodwa bakuchaza njengokuhlangenwe nakho okukhulu kakhulu emsebenzini wabo wobuKristu, cishe kufana nokungena ohlelweni olusha lokulunga. Omunye wathi: “Kwakunjengokungathi iArmagedoni ngempela seyedlule futhi lolu kuwuvuko lwabo bonke abathembekileyo!” Wonke umuntu wayejabula.
Lokhu ngokufanelekile kwakulungiselela isimiso sokunikezela, esaqhutshwa phakathi nentambama nasebusuku. Ngokufanelekileyo, enye ingxenye yayikhuluma ngomlando womsebenzi eCanada, iphawula kahle izinsika zokholo ezaziyizimpande ekuqaleni komsebenzi. Umbukiso wamaslide wabonisa indlela abanye abasebenza ngayo ekumemezeleni ngempela ngomoya wobuphayona uMbuso eminyakeni edlule. Enye ingxenye yabonisa izingxoxo, njengeyenziwa nodade oneminyaka engama-95 osaphayona, oye waba sohlwini kusukela ngo-1914! Lapho ebuzwa ukuthi ingabe wayedumazeka yini ngokuthi uNkulunkulu akakakulethi ukuphela, ngokuqiniseka waphendula, “Cha! Isikhathi sakhe siyisikhathi sami!” Lapho omunye osekhulile ebuzwa ukuthi yini eyayimbangela aqhubeke, impendulo yakhe yathi: “Ukwazisa nokubonga!” Yeka indlela okuyiqiniso ngayo nendlela okuyisikhumbuzo esihle ngayo kithi sonke!
Amalungu amathathu eNdikimba Ebusayo yoFakazi BakaJehova, uLeo Greenlees, uKarl Klein, uGrant Suiter, bahlanganyela esimisweni. Inkulumo yokunikezela ethi “Jehova, Ngiyakukubonga,” yanikezwa uGrant Suiter futhi ekhuluma kahle kakhulu ngokuthi leligatsha elisha nendawo eyandisiwe yayingeyani. Khona-ke, emthandazweni, isikhulumi sanikezela konke ukuba kusetshenziswe uJehova futhi kumdumise. Izilaleli eHholo LoMbuso legatsha nezinkulungwane ezazilalele ngezingcingo ezindaweni ezihlukahlukene zakuqonda kahle ukuthi kungani lezizakhiwo zaziye zakhiwa. Kwakusekhona umsebenzi wokwenziwa ekushumayeleni izindaba ezinhle zoMbuso nokwenza abafundi.—Mathewu 24:14; 28:19, 20.
Amathemba Akhuthazayo Esikhathi Esizayo
Izivakashi zingabona ubufakazi obungokoqobo bokuthi uJehova uye wabangela ukuchuma komsebenzi wokushumayela “izindaba ezinhle” nokuthi lesisakhiwo saleligatsha singesinye seziningi eziklanyelwe umsebenzi okusamelwe wenziwe. Yebo, izivakashi ziyabubona ubuhle obungokoqobo ezakhiweni nasemabaleni ngokwawo. Umehluko phakathi kwamabhokisi kakhonkolo nendawo etshalwe utshani, nezihlahla nezimbali kuyajabulisa ukukubuka. Amayeka angama-45 otshani afanelana kahle nemithi ephakame (ehlala iluhlaza, umephula, nebirches) ezungeze amaphethelo endawo yethu engamayeka angama-65.
Kodwa okuhle kakhulu kwababukelayo abanombono ongokomoya yilokhu okwenziwayo nokungenziwa lapha ekuthuthukiseni ukushumayela ngoMbuso. Bayabona ukuthi naphezu kokushushiswa okugqugquzelwa abefundisi nezikhulu, ukuvinjelwa okungemthetho kwezikhathi zangaphambili, kuye kwaba khona ukukhula. Ngaphandle kokusekelwa noma usizo lwabantu bezwe kuye kwaba khona ukwanda okufinyelela ekubeni manje isakhiwo samahhovisi anesitezi esingamafithi-skwele angama-20 000 manje silungele ukunakekela oFakazi abashisekayo abayizi-70 000 emabandleni angaphezu kwe-1 100.
Efektri nasendaweni ekhipha izincwadi ende ngangomkhumbi kaNowa [140 m] ebanzi ngokuphindwe izikhathi ezintathu kunawo [70 m] izivakashi zingabona umshini omusha iHarris offset rotary, onganyathelisa omagazini abayizi-35 000 ngehora.a Lapha INqabayokulinda nePhaphama! kunyatheliswa ngesiNgisi, isiFulentshi nesiNtaliyane. Uyinki namanegative okwenza amapuleti eoffset alabomagazini avela eBrooklyn. Izivakashi zingabona futhi umshini omncane wokunyathelisa weoffset onyathelisa omagazini ngesiUkrainian nangesiSamoan. Okubonisa umphakathi waseCanada okhuluma izilimi eziningi nezilimi ezandayo eziningi zamabandla ukunyatheliswa kweNkonzo Yethu YoMbuso ngezilimi eziyi-7 manje. Kusobala ezivakashini ukuthi kusekhona isikhala sokunyathelisa okwengeziwe. Omagazini manje bathunyelwa besuka lapha baye kwamanye amazwe angama-66 ukuze basize ekufundiseni “izindaba ezinhle” lapho.
Kukhona izisebenzi ezingamavolontiya eziyi-170 manje, nezihlala esakhiweni (eBethel). Kukhona amakamelo okuhlalisa abangama-250 lapho. Indlu yakhona yokudlela ingenela abantu abangama-350 ngesikhathi sokudla. Ukudla okuningi kuvela ePulazini leWatch Tower, indawo engamayeka ayi-285 cishe okuthatha imizuzu engama-20 ukuya kuyo. Nayo futhi, ingakwazi ukukhiqiza ngokwengeziwe.
Ngakho-ke sinabo bonke ubufakazi besibusiso sikaJehova emsebenzini wokumemezela ngoMbuso kulelizwe. Abamemezeli bayajabula ngenxa yesikhuthazo. Kuyisifiso sabo esiqotho ukuba kube khona ukwanda okuqhubekayo nokukhula kulethe udumo kuJehova.—Hagayi 2:6, 7.
[Imibhalo yaphansi]
a Eqinisweni lesisakhiwo singama-135 mitha ubude, nama-73 mitha ububanzi.
[Isithombe ekhasini 25]
Isakhiwo samahhovisi nefektri, egatsheni leWatch Tower eCanada
[Isithombe ekhasini 26]
Indawo yokuhlala entsha nenkulu, eBethel yaseCanada
[Isithombe ekhasini 27]
Asebekhulile balandisa okuhlangenwe nakho okwedlule phakathi nesimiso sokunikezelwa