Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w82 10/15 k. 30
  • Imibuzo Evela Kubafundi

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Imibuzo Evela Kubafundi
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1982
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ingabe Iso Lakho “Lihle”?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1986
  • Ukusebenzisa Iso Ngokuhlakanipha
    I-Phaphama!—2012
  • Kusho Ukuthini Ukuthi “Iso Ngeso”?
    Imibuzo YeBhayibheli Iyaphendulwa
  • Gcina Iso Lakho Lilihle
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2004
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1982
w82 10/15 k. 30

Imibuzo Evela Kubafundi

◼ Wayesho ukuthini uJesu lapho ethi: “Isibani somzimba yiso. Ngakho uma iso lakho lilihle, uzakukhanya umzimba wakho wonke”?

Abanye baye baphetha ngokuthi lamazwi akuMathewu 6:22 aqukethe incazelo engokwempilo noma aphathelene nokwelapha, njengoba iso laliyindlela eyinhloko yokuthola isifo noma ubuthakathaka obungokomzimba. Nokho, lokhu akuvumelani nomongo wendaba. UJesu wayesanda kuxwayisa nje ‘ngokuzibekelela ingcebo emhlabeni.’ Futhi ngemva kwalamazwi maqondana ne“so,” wakhuthaza ukuba yizigqila zikaNkulunkulu kunokuba ezengcebo.—Mathewu 6:19-24.

Ngokusobala iphuzu likaJesu laliwukuthi abafundi bakhe kumelwe bagcine iso ‘elikhanyayo,’ okungukuthi, lelo eligxile ngobuqotho entweni eyodwa kunokuba liphazanyiswe, into enjengengcebo. UmKristu ozindla ngokwenza intando kaNkulunkulu ‘uyakhanya,’ ngoba uyisa ukukhanya kwabanye, okuletha udumo kuNkulunkulu.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela