Ukuqondisisa Izindaba
Unembeza Noma Imisebenzi
Muva nje izisebenzi eziningi zeRoma Katolika emhlanganweni wemboni yezikhali zenyukliya eAmarillo, eTexas, bezibhekene nendaba enzima kanembeza. Umbhishobhi Leroy T. Matthiesen wakhuthaza zonke izisebenzi eziyizi-2 400 embonini ukuba zesule ukubonisa ukumelana nesinqumo samaMelika ukuba kubekelelwe ibhomu yeneutron. Njengoba kubikwe kuNational Catholic Reporter, elinye idiyakoni lesonto elisebenza embonini lathi: “Uyazi ukuthi besiyoba yini isimo sakho sobuqotho uma bewuyoba insizwa ezodubula ngesibhamu, kodwa kulufifi uma uhlanganisa izingxenye zaso. . . . Uma isonto lacabanga ukuthi umsebenzi wami wawumubi, kungani kwakungashiwongo eminyakeni eyisikhombisa lapho ngifaka isicelo ohlelweni lwamadiyakoni?”
Nakuba noma isiphi isikhalo ngokumelene nezikhali zempi sinconywa, umbuzo wediyakoni ubonisa ukuthi ukunxusa kombhishobhi wakhe kwakushukunyiswa kakhulu ezombangazwe zebhomu yeneutron kunonembeza wokwenqabela ukwenziwa kwezikhali. Esikhundleni sokushiya unembeza womuntu ekuxakekeni okunjalo, iBhayibheli labikezela ngokukhanyayo okungalindelwa kwabayobe bekhonza uNkulunkulu ngeqiniso “ezinsukwini ezizayo.” Ngomprofethi wakhe uIsaya, uNkulunkulu wanikeza umbono ngaphambili wosuku lwethu lapho “abantu abaningi” phakathi kwezizwe “beyokhanda izinkemba zabo zibe amageja, imikhonto yabo ibe amasikela” (kunokuba baqoqe izikhali zempi) futhi “akuseyikubakho ukuqeqeshelwa impi” phakathi kwabo.—Isaya 2:1-4, Catholic Jerusalem Bible.
UPapa ‘Ngokusindisa Izwe’?
“Umqondo wokuthunywa kwaphezulu ufaka ngamandla uPapa kwezombangazwe ePoland,” kwasho iNewsweek yamuva esihlokweni esithi “Ukwahlukana KukaPapa.” Isihloko siphawula ukuthi “phakathi nokubuya kwakhe kokuqala ePoland wathi uMoya oNgcwele uhlose ukuthi ‘loPapa wasePoland, uPapa Slav kumelwe kulomzuzu okahle abonise ubunye obungokomoya eYurobhu engaseMpumalanga.’” Futhi, enkulumweni yamuva ezazini zezenkolo zaseYurobhu, uPapa wagomela ngokuthi “inkinga esihlasele ngempela iwukusindisa iYurobhu nezwe enhlekeleleni yokugcina.”
Ngokuvumelana nalomgomo, iNewsweek iyaphawula, upapa ubechitha isikhathi esiningi nabantu abahloniphekile bezombangazwe, kuhlanganise “nomunye wezilaleli eziningi aye wazinika isikhundla sezangaphandle”—ungqongqoshe wezangaphandle wasePoland. Kodwa ingabe umsebenzi onje wasempumalanga ongokwezombangazwe ngempela ulu“bizo oluvela kuNkulunkulu” ‘lokusindisa izwe enhlekeleleni yokugcina’? Ngempela, ingabe kusekuvumelaneni nenjongo kaNkulunkulu ngokuphelele ‘yokusindisa izwe’ njengoba siyazi? “USanta” Petru, upapa athi igunya lobuphostoli ulithatha kuye, uphendula ngokuthi Qha. UPetru wabikezela ukuthi njengoba “izwe elalikhona [ngaphambi kozamcolo kaNowa] labhubha ngokukhukhula kwamanzi” ngakho-ke futhi, “izulu nomhlaba okukhona manje kubekelwe umlilo ngalolona lelizwi,” isahlulelo sikaNkulunkulu esishisayo ngokumelene na“bantu abangamesabi uNkulunkulu.”—2 Petru 3:6, 7, Catholic Douay Version.
Umongameli We-U.S. NeArmagedoni
Njengoba kubikwe kuTimes yaseNew York, ngemva kwengxoxo yamuva noMongameli uReagan, isigele saseAlabama uHowell Heflin watshela abacosheli bezindaba: “Sike sathi ukuxoxa kancane ngeBhayibheli. Besikhuluma ngeqiniso lokuthi iMpumalanga ePhakathi, ngokweBhayibheli, iyoba yindawo lapho kuyoqala khona iArmagedoni . . . Uhumusha iBhayibheli neArmagedoni ngokuthi iRussia izohileleka kuyo.”
Kuyancomeka ukuthi izikhulu eziphakeme ezaziwa ngabantu bonke azikuchilizi kalula okushiwo yiBhayibheli ngeArmagedoni. Nokho, ingabe iArmagedoni ngempela ingeyokugcina impi yenhlekelele phakathi kwemibuso yezizwe njengoba lesisikhulu ngokusobala sikholelwa yilokho? Nokho, izikhombo zeBhayibheli egameni elithi “Armagedoni” azihlanganisi nje umbuso wezizwe ezingaseMpumalanga, kodwa nombuso wezizwe ezingaseNtshonalanga uma zifanekisa ‘amakhosi omhlaba nezwe lonke’ abuthelwa ohlangothini olulodwa lwempi enkulu. Amandla angakolunye uhlangothi angakaNkulunkulu uqobo, njengoba impi ibizwa ngokuthi ‘ukulwa kosuku olukhulu lukaNkulunkulu uMninimandla onke.’ Ngakho-ke, impi enkulu endaweni “engokomfanekiso ebizwa ngokuthi ngesiHeberu iArmagedoni” ayiyukuba imbhubhiso yenyukliya phakathi kwamaqembu ezizwe. Kunalokho, kuyimpi yekhethelo uNkulunkulu ayosebenzisa kuyo amandla akhe ukuba ahlanze umhlaba ebubini.—IsAmbulo 16:14, 16, Authorized Version; qhathanisa nesAmbulo 19:11-19.