Izindlela Ezintsha Zokugcwalisa Izitsha Zenkongozelo
IZINTSHUMAYELO epulpiti zokucela imali aziyona into entsha. Kodwa ngokusobala izikhathi zokwenyuka kwamanani nokungaphumi kalula kwemali kuphatha kabi isonto kangangokuba abefundisi yonke indawo baphangelana ngezindlela ezintsha zokugcwalisa izitsha zabo zenkongozelo. Lezi ezimbalwa zezindlela ezintsha kakhulu.
Ngenxa yobunzima bomsebenzi nezindleko zokuthumela izimvilophi zezicelo eziyi-1 600 isonto ngalinye, isonto leKatolika eDubuque, eIowa, manje linelungiselelo lokuba abantu bezifunda zabefundisi bakwazi ukuba ibhange labo lidonse imali njalo ezimalini zabo futhi lithumele imali esontweni. Ngalabo abangase babe nomuzwa wokukhathazeka ngokungabeki lutho kobhasikidi bomnikelo phakathi nezinkonzo, isonto lilungiselela amakhadi eplastiki aphawula ukuthi bakhokhe ebhange. Bangawaphonsa kobhasikidi.
Umfundisi ePhoenix, eArizona, wathumela lencwadi enobuqili kuwo wonke umuntu osohideni lwakhe lwalabo ababhalelayo: “Ingabe wena noma abathandekayo bakho nihlushwa udeveli? UNkulunkulu ungibonise indlela yokuvimbela udeveli ekunihlupheni. Ngikulungiselele uphawu oluthi Ungahluphi oluneHubo 91 IHu 91 kulo ukuba ulusebenzise ekuzivikeleni ekuhlushweni uSathane. Linga uNkulunkulu MANJE ngomnikelo ongengaphansi kwama-R19” Ukwenza izinto zibe lula, iziyalezo zithi: “Gcwalisa leliphepha elifakiwe lomthandazo olunophawu oluthi Ungahluphi bese ulithumela kimi namuhla. . . . Ngizolulengisa uphawu lwakho oluthi Ungahluphi emnyango weNgadi yami Yesimangaliso Somthandazo izinsuku eziyi-7 nobusuku obu-7. Khona-ke ngiyolithumela kuwe njengesikhumbuzo sokuthi uSathane unqotshiwe akasenakukuhlupha. Ungabe usachitha sikhathi . . . nomnikelo wakho wama-R19.”
Isonto elidumile iBaptist eDallas, eTexas, libhekene nesimo esibucayi sezimali. Linesikwenetu samaRandi ayizigidi eziyi-9 ezakhiweni ezine zalo edolobheni lamabhizinisi. Ukuze “kukhululwe isonto esigidini samaRandi adlekayo ngonyaka sikhokha inzalo,” umfundisi wanxusa ukuba amalungu asize ngokukhokha izigidi ezingama-R7,1 zesakhiwo sokupaka esinezindawo eziyi-1 100. Umfundisi wathi ‘esicelweni esishukumisayo senkululeko,’ “indawo yokupaka idingeka ngokuqhubekayo.” “Lesisakhiwo siyisibusiso sikaNkulunkulu. . . . Thathani indawo yokupaka ngama-R6, 440 futhi niyikhokhele. Abanye bayothatha eziningana, abanye ingxenyana. Khiphani noma yini ngalokho ibe umnikelo.”
ENairobi, eKenya, amalungu esonto laseSheshi ashaqeka lapho umfundisi wawo ewatshela ukuthi iminikelo yezindibilishi yayingasamukelwa. Wathi kufuneka emhlophe. Entshumayelweni yakhe umfundisi watshela ibandla ukuthi kuye kwanqunywa ukuthi akekho umKristu weqiniso okumelwe anikele ngezindibilishi kuNkulunkulu.—Qhathanisa noLuka 21:1-4.
Yeka ukuthi ahluke kanjani onke lamacebo okwenza imali kulokho umphostoli uPawulu akutshela ibandla lobuKristu lekhulu lokuqala eKorinte, eGreece. “Yilowo nalowo anikele njengalokho azinqumele khona enhliziyweni, kungabi-ngokudabuka nangokucindezela,” futhi wathi, “ngokuba uNkulunkulu uyamthanda onikelayo ethokoza.”—2 Korinte 9:7.