“Incwadi Eheha Kakhulu Kwengake Ngazifunda”
Incwadi elandelayo yamukelwa ivela endodeni eyayisebenza Emikhunjini Yempi yaseUnited States:
“Ngiye ngafunda incwadi yenu enesihloko esithi ‘Ubusha Bakho—Ukuthola Okungcono Kakhulu Kubo,’ futhi iyincwadi eheha kakhulu kwengake ngazifunda. Bengisezindaweni ezimbalwa lapho ngisesEmikhunjini Yempi futhi izihloko ezikulencwadi ziqinisile futhi ziqondile kakhulu. Nginesithakazelo ekutholeni ukwaziswa okwengeziwe. Lapho abangane bami okokuqala bengibonisa incwadi, ngangicabanga ukuthi yayiyoba nesidina, kodwa lapho ngiyifunda ngokwengeziwe kwakulapho ngikujabulela kakhulu ukuyifunda. Ngifuna ukunibonga ngokukhipha incwadi enjena futhi ngithemba ukuthi niyoba nonyaka omuhle. Lencwadi ikushintshe ngempela ukuphila kwami futhi ngithemba ukuthi nizoqhubeka nomsebenzi omuhle.
“Ngiyabonga,
D. D. S.”
Ungazitholela lencwadi ejabulisayo nenosizo, “Ubusha Bakho—Ukuthola Okungcono Kakhulu Kubo,” ngokugcwalisa futhi uthumele lelikhuphoni elingezansi.
Ngicela ningithumelele, incwadi enoqwembe oluqinile “Ubusha Bakho—Ukuthola Okungcono Kakhulu Kubo.” Ngifaka u-90c.