Amatekisi Ezinsuku ZikaMay, 1983
1 Phikelelani.—Luka 13:24. wZU 3/1/83 15-19a
2 Maye kubo, ngokuba . . . babhubha ekuphikeni kukaKora!—Juda 11. wZU 2/15/83 3, 6-8
3 Kodwa funani kuqala umbuso kaNkulunkulu nokulunga kwakhe, khona konke lokhu kuyakwenezelwa nina.—Math. 6:33. wZU 9/1/82 15, 16
4 Nabafileyo bahlulelwa ngalokho okulotshiwe ezincwadini njengokwemisebenzi yabo.—IsAm. 20:12. wZU 9/15/82 18, 19
5 Ukuhlupheka kuveza ukukhuthazela.—Roma 5:3. wZU 10/1/82 2, 3a
6 Ezinsukwini zayo olungileyo uyakuqhakaza, kuvame ukuthula, ize ingabikho inyanga.—IHu. 72:7. wZU 10/15/82 10, 11b
7 Niyinkungu ebonakala isikhashana, ibisinyamalala. Nga nisho nithi: Uma iNkosi ithanda, siphila, siyakwenza lokhu nalokho.—Jak. 4:14, 15. wZU 11/1/82 14, 15a
8 Kubusisekile ukupha kunokwamukela.—IzE. 20:35. wZU 5/15/82 6, 5
9 Kungesikho ukuthi sengibambile nokuthi sengiphelelisiwe, kepha ngijonga ukuba kumbe ngingakubamba . . . bazalwane, angisho ukuthi mina uqobo sengikubambile.—Fil. 3:12, 13. wZU 12/1/82 11, 12
10 Ukuba sibone intokozo yenu, kepha bona bayakujabha.—Isaya 66:5. wZU 12/15/82 1
11 Umgomo womyalo uluthando oluvela enhliziyweni emhlophe, nakunembeza omuhle, nasekukholweni okungazenzisiyo.—1 Thim. 1:5. wZU 1/1/83 15, 16, 18, 19a
12 Makwandiswe kini umusa nokuthula nothando.—Juda 2. wZU 2/1/83 6-9
13 Ngokuba uNkulunkulu kasiye owesiyaluyalu kepha ngowokuthula.—1 Kor. 14:33. wZU 11/15/82 1, 2a
14 Mdumiseni nina-langa nenyanga, nimdumise nina-zinkanyezi zonke ezikhanyayo.—IHu. 148:3. wZU 1/15/83 1, 2a
15 Amadoda ayishumi . . . ayakubamba umphetho womuntu wakwaJuda.—Zak. 8:23. wZU 4/15/82 20, 21a
16 Olandela ukulunga nomusa uyafumana ukuphila, nokulunga, nodumo.—IzAga 21:21. wZU 8/1/82 11-13a
17 Liyakuba-njalo izwi lami. . . Aliyikubuyela-ze kimi, . . . liphumelele kulokho engilithumele kukho.—Isaya 55:11. wZU 4/1/82 4, 5
18 Kepha nina-bathandekayo, yakhelanani ekukholweni kwenu okungcwele kakhulu, nikhuleke ngoMoya oNgcwele.—Juda 20. wZU 2/15/83 8, 9a
19 Kepha kakhulu mesabeni onamandla okubhubhisa nomphefumulo nomzimba esihogweni.—Math. 10:28. wZU 9/15/82 7, 9, 10a
20 Izwi lakho liyisibani ezinyaweni zami nokukhanya endleleni yami.—IHu. 119:105. wZU 9/1/82 1-3a
21 Ngabona isilo, namakhosi omhlaba, nezimpi zawo zibuthene ukulwa naye owayehlezi ehashini nempi yakhe.—IsAm. 19:19. wZU 10/15/82 9, 10b
22 Ngokuba izikhali zethu zokulwa kasizo ezenyama, kodwa ngaye uNkulunkulu zinamandla okubhidliza izinqaba, sichitha izizindlo.—2 Kor. 10:4. wZU 11/15/82 11, 13, 14a
23 Kepha lokhu ningesibo abezwe kodwa nganikhetha mina ezweni, kungalokho izwe linizonda.—Joh. 15:19. wZU 10/1/82 7, 8
24 Nikhuleke ngoMoya oNgcwele, nizigcine othandweni lukaNkulunkulu, nibheke umusa weNkosi yethu uJesu Kristu, kube-ngukuphila okuphakade.—Juda 20, 21. wZU 2/15/83 8-10a
25 Ngokuba njengokuba izulu elisha nomhlaba omusha engiyakukwenza kuyakuma phambi kwami, usho uJehova, kanjalo kuyakuma inzalo yakho negama lakho.—Isaya 66:22. wZU 12/15/82 23, 24a
26 Ngakho-ke nxa nibona amanyala encithakalo ashiwo nguDaniyeli umprofethi emi endaweni engcwele—ofundayo makaqaphele—khona abaseJudiya mababalekele ezintabeni.—Math. 24:15, 16. wZU 11/1/82 15-18
27 Ngingenza kanjani lobobubi obungaka, ngone kuNkulunkulu, na?—Gen. 39:9. wZU 1/1/83 5, 6
28 Umuntu angefumane umsebenzi awenzile uNkulunkulu kwasekuqaleni kuze kube-sekupheleni.—UmSh. 3:11. wZU 1/15/83 17, 18
29 NginguJehova; yilo igama lami.—Isaya 42:8. wZU 9/1/82 21, 22a
30 Nilwe kanzima ngenxa yokholo abalunikezwayo abangcwele kwaba kanye.—Juda 3, NW. wZU 2/1/83 10, 12, 13
31 Unembeza wami ufakazelana nami eMoyeni oNgcwele ukuthi nginokudabuka okukhulu nobuhlungu obungapheliyo enhliziyweni yami.—Roma 9:1, 2. wZU 1/1/83 21, 22a