Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w82 6/1 kk. 27-31
  • Ukukhuthazela Ngemva Kokulahlekelwa Okukhulu

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukukhuthazela Ngemva Kokulahlekelwa Okukhulu
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1982
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • UKUBOSHWA NOKUBULAWA
  • UKUZIKHULULA EZINSIZINI
  • UKUDUDUZWA—HHAYI UMUNTU KODWA UNKULUNKULU
  • IMINYAKA EJABULISAYO NGEMVA KWEMPI
  • INJABULO YOKUKHUTHAZELA
  • Okwakwenza Bangesabi Ukukhuluma
    I-Phaphama!—1995
  • Ukusondela KuNkulunkulu Kwangisiza Ukuba Ngiphumelele
    I-Phaphama!—1993
  • Ngaphuma Emgodini Oyijele Ngaya Okhahlamba LwaseSwitzerland
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2004
  • UkuQothulwa Kwesizwe—Ingabe Izisulu Noma Abafel’ Ukholo?
    I-Phaphama!—1989
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1982
w82 6/1 kk. 27-31

Ukukhuthazela Ngemva Kokulahlekelwa Okukhulu

Njengoba ilandiswa uElise Harms

EMINYAKENI engamashumi amane edlule, ngoJanuary 8, 1941, umyeni wami, uJohannes Harms, wabulawa amaNazi. Ngani? Ngoba unembeza wakhe wawungamvumeli ukuba ahlanganyele empini, ekubulaleni abafowabo abasohlangothini olumelene namaNazi. Wenqaba ngokuzimisela ukukhulekela uHitler. UJohannes wayengakwesabi ukugcina okunjalo ukungathathi-hlangothi kobuKristu ngisho nalapho sekumlahlekisela ukuphila kwakhe siqu.

Anginakuyikhohlwa neze incwadi ehlaba umxhwele ayibhalela uyise, uMartin, ngaphambi nje kokuba abulawe. Umyeni wami waloba:

“Nami, manje senginikezwe ithuba lokufakazela ukuthembeka kwami eNkosini kuze kube sekufeni, yebo, ukwethembeka hhayi nje kuze kube sekufeni, kodwa ngisho ngize ngife. Isigwebo sami sokufa siye sakhishwa futhi ngihlala ngiboshiwe ubusuku nemini—amabala (asephepheni) ngawozankosi—kodwa angikanqobi ngokugcwele. Ukuhlala uthembekile akulula kumuntu onguFakazi KaJehova. Ngisenethuba lokusindisa ukuphila kwami kwasemhlabeni, kodwa kuphela ngokwenza njalo ngilahlekelwe ukuphila okungokoqobo. Yebo, ngamunye woFakazi BakaJehova unikezwa ithuba lokwephula isivumelwano sakhe ngisho nalapho esebhekene nentambo. Ngakho-ke, ngisesempini futhi kusekuningi okumelwe ngikunqobe ngaphambi kokuba ngingathi ngiye ‘ngalwa ukulwa okuhle, ngagcina ukholo; ngigcinelwe umqhele wokulunga lowo uNkulunkulu umahluleli olungileyo azonginika wona.’ Ngokungangabazeki ukulwa kunzima, kodwa ngibonga ngenhliziyo ephelele enkosini ngokuthi ayinginikezanga nje kuphela amandla adingekayo okuma kuze kube manje ekubhekaneni nokufa kodwa iye yanginikeza injabulo engifisa ukuyihlanganyela nabo bonke abathandekayo bami.

“Baba othandekayo, nawe useyisiboshwa, angazi noma lencwadi iyokufumana yini. Nokho uma kungenzeka ukhululeke, khona-ke hlala uthembekile njengoba unjalo manje, ngoba uyazi ukuthi noma ubani obeke isandla sakhe egejeni futhi abheke emuva akawufanele umbuso kaNkulunkulu. . . .

“Lapho wena, baba othandekayo, uphindela ekhaya futhi, khona-ke qiniseka ukuba unakekele kakhulu uLieschen wami othandekayo, ngoba kuyoba nzima kakhulu ngaye, uma ezwa ukuthi othandekayo wakhe akanakubuya. Ngiyazi ukuthi uyokwenza lokhu futhi ngiyakubonga kusengaphambili. Baba othandekayo, ngomoya ngiyakucela, hlala uthembekile, njengoba ngiye ngazama ukuhlala ngithembekile, khona-ke siyobonana futhi. Ngiyobe ngicabanga ngawe kuze kube sekugcineni.”

Mhlawumbe uzibuza ukuthi kwenzekani kubaba kaJohannes nakimi ngemva kokubulawa kwakhe. Ingabe siye sakhuthazela, sahlala sithembekile kuJehova, njengoba uJohannes asikhuthaza kanjalo?

Ubaba kaJohannes uMartin, wayesekamu lokuhlushwa eSachsenhausen lapho uJohannes ebulawa, futhi wahlala lapho kwaze kwaba sekupheleni kwempi. Khona-ke wabuyela ekhaya eWilhelmshaven futhi wasiza ekwakheni ibandla loFakazi BakaJehova lapho. Wakhonza uJehova ngokwethembeka kwaze kwaba sekufeni kwakhe ngo-1976 esemdala eneminyaka engama-90.

Mina, manje ngihlala endlwaneni encane lapha eWilhelmshaven, engakhulela kuyo futhi ngashada khona uJohannes emuva ngo-1936. Nakuba ngingenayo impilo enhle, yebo, ngisashiseka njengomunye woFakazi BakaJehova.

Ingabe sengibuye ngashada? Cha. Yebo, ngokwemiBhalo ngangikhululekile ukuba ngibuye ngishade. Kodwa umcabango wokuthola injabulo ezandleni zenye indoda, ngemva kokuba uJohannes elwe kanzima kangako ukuze ahlale ethembekile—cha, kimina umqondo onjalo wawungakhangi.

Ngaphambi kokuba ngichaze ukuthi yini engisize ukuba ngikhuthazelele izinto ezihlukahlukene phakathi neminyaka engama-40 edlule, okokuqala make ngiphindele emuva futhi nginitshele izimo ezaholela ekubulaweni kukaJohannes.

UKUBOSHWA NOKUBULAWA

UJohannes waboshwa ngoSeptember 3, 1940. Lokhu kakade kwase kuwukuboshwa kwakhe kwesibili ngemva komshado wethu. Udadewethu nami sasikwazi ukumvakashela ngemva kwamasonto amathathu noma amane. Phakathi nokumvakashela kwethu kwesibili sezwa ukuthi wayegwetshelwe ukufa. Ngakho-ke angimangalanga ngokuphelele lapho ebulawa ngoJanuary 8, 1941, nakuba kwakusashaqisa. Kwangizwisa ubuhlungu obukhulu.

Kodwa ngangazi ukuthi uJohannes wayengafanga njengesigebengu. Ngangazi ukuthi izikhulu zazizame ngokuphindaphindiwe ngezindlela ezihlukahlukene ukumenza alahle ukholo. Ngangizazi izikhathi ezinzima ayedlule kuzo. Kwakukuncane kakhulu engangingakwenza ukuze ngimsize. Ngakho-ke lapho ngaziswa ukuthi wayesebulewe, ngakhululeka ngokwazi ukuthi kwase kudlule. Kulesosikhathi, ngazikhohlwa, ngicabanga: “Manje abasenakumenza alahle ukholo. Ayisekho ingozi yokuba abe ongathembekile. Uye wabekezela ngokwethembeka kwaze kwaba sekufeni.”

Sasishade iminyaka emine nezinyanga eziyisiyagalombili kuphela. Njengoba sasithembisene iminyaka emithathu, sasingashada ngaphambili, kodwa sakuhlehlisa. Sasizazi izinkinga esasingase sibhekane nazo. Ngisho nangalezozikhathi, kwakunzima kakhulu eJalimane. Eqinisweni, umsebenzi woFakazi BakaJehova wawenqatshelwe kulelozwe.

Lapho ubaba kaJohannes (owayesejele ngokwesibili) ekhululwa ngokungalindelekile ejele, sasebenzisa ithuba ukuze sishade. Ngisakhumbula ukuthi kwakuwusuku oluhle lwasentwasahlobo ngoMay ka-1936. Sajabula ndawonye njengombhangqwana oshadile kwaze kwaba lapho amaNazi ebopha uJohannes.

UKUZIKHULULA EZINSIZINI

Abanye abantu babangela ukuhlupheka kubakhathaze kakhulu. Baqala ukungabaza uthando lukaNkulunkulu. Bambeka icala, baze ngisho bangabaze ubukhona bakhe. Lapho uJohannes ebulawa, ngangazi ukuthi lokho kwakungenxa yesizathu; wayebulawa ngenxa yokugcina ubuqotho kuNkulunkulu. Kodwa ezinyangeni eziyisithupha ngemva kokulahlekelwa uJohannes, ukufa kwagadla futhi—umama wafa! Lokhu, kumelwe ngivume, kwacishe kwangenza ngamthukuthelela kakhulu uNkulunkulu. Ngazibuza: “Kungani phakathi nesikhathi sami sosizi, yena, owukuphela komuntu engingathola kuye ukusekela okukhulu, kumelwe naye afe?”

Nokho, ngokushesha ngemva kwalokho saqala ukubhekana nezenzakalo ezingokoqobo nezesabekayo zempi—ukuhlasela okwesabekayo kwezindiza zempi, ngokwesibonelo, cishe okwabhubhisa imizi ethile yaseJalimane. Njengoba kwakumelwe ngisebenze ukuze ngizondle, ngaqala ukuzibuza: “Ubani owayezonakekela umama phakathi nalesikhathi esinzima, ukuba ubesaphila? Njengoba ayengaboni, ubani obezomyisa eziphephelweni zokuhlasela kwezindiza.” Yeka ubunzima ayeyobuthola! Kancane kancane ngabuye ngazuza ukulinganisela, ngaqaphela ukuthi ngezinye izikhathi uJehova uvumela izinto esingase singaziqondi, kodwa ukuthi eqinisweni ubonisa ukuthi ‘unesihe esikhulu nesihawu.’ (Jakobe 5:11) Ngaqiniseka ngokuthi uma nje ngisenesimo esifanelekile futhi ngimthemba ngokuphelele, izinto zaziyongihambela kahle.

Nasi esinye isibonelo. Sasinendlu enamakamelo amane. Nokho, lapho umyeni wami ebulawa, ngalahlekelwa ilungelo lokuyigcina. Ngatshelwa ukuba ngihambe, kodwa ngangizoya kuphi? Njengokungathi ngesimangaliso, umfazi wesikhulu samabutho, lowo yena nendoda yakhe ababeshintshela kwenye indawo, wangilungisela ukuba ngihlale endlini yabo enamakamelo amathathu ababeyishiya. Nalapho, kwakungisinda ukushiya indlu uJohannes nami esasiyihlanganyela ndawonye. Nokho, ucabanga ukuthi kwenzekani kuyo cishe ezinyangeni eziyisithupha kamuva? Yabhujiswa yaphela ukuhlasela kwendiza zempi!

UKUDUDUZWA—HHAYI UMUNTU KODWA UNKULUNKULU

Ngesikhathi uJohannes ebulawa, ngangisebenza ehhovisi. Lapho engangisebenza nabo bezwa ngokwakwenzekile, bazama, ngendlela yabo, ukungiduduza. Babengimemela emibuthwaneni yabo yokuzijabulisa. Nakuba ngangiyazisa imizamo yabo enengqondo ngangithola induduzo yoqobo kwenye indawo—kuJehova uNkulunkulu naseZwini lakhe, iBhayibheli.

Kwakukhona izikhathi, ngiyadabuka ukusho, lapho abanye babengasho izinto ezikhuthazayo. Ngikhumbula ngesinye isikhathi lapho owesifazane ethi kimi (futhi lokhu kwakungokushesha nje ngemva kokuba uJohannes ebulewe): “Yiphutha lakho; bekungamelwe kwenzeke. Bekuyiphutha likaJohannes ngokwakhe!”

Kwakungamazwi abonisa unya? Yebo, ngenye indlela, nakuba—ngamtshela lokhu—akenzanga iphutha. Kwakuyiphutha lethu, uJohannes wayengakugwema. Futhi ukuba ngangizame ukumncenga ukuba alahle ukholo, mhlawumbe nami futhi, ngangingakugwema. Kodwa yeka indlela engangijabula ngayo ngokuthi sobabili sasihlale siqinile ngokomoya futhi sabekezela! Ngangijabula ngokuthi ‘enye ingxenye yecala yayibekwa kimi.’

Yebo, ngiye ngabhekana nezikhathi ezinzima. Kodwa uJehova ‘unesihe esikhulu nesihawu,’ futhi uve wanginikeza injabulo ngaso sonke isikhathi. Ngezinye izikhathi kuye kwaba ngezindlela ezingavamile kakhulu. Ngikhumbula ngelinye iSonto cishe ezinyangeni ezintathu ngemva kokuba uJohannes ebulewe. Isimo sezulu sasisibi. Lokhu, kanye nakho konke engangihlangabezane nakho, kwakungiqeda amandla. Ngachitha ingxenye enkulu yosuku ngikhala, ngingena ngiphuma emakamelweni umama engilandela ezama ukungiduduza. Ngahluleka ukuzibamba, ngakhala. Ngikhumbula ngicabanga: “Okungenani wawuvame ukuthola incwadi kanye ngenyanga, kodwa manje awusoze neze uyithole—ngisho nomusho owodwa! Uma nje ngingathola enye incwadi—eyodwa nje kuphela!”

Kamuva, phakathi nalolosuku, ngaya ekamelweni futhi ngabheka ezinye zezinto ezathunyelwa ekhaya ngemva kokufa komyeni wami. Phakathi kwazo kwakukhona isikhwanyana esincane sesikhumba ayesisebenzisela ukufaka izinto zokubhala nezinye izinto. Ngokushesha ngaphawula ukuthi olunye uhlangothi lwalulukhulu ngokungavamile. Kwabonakala sengathi kukhona okuthile phakathi. Ngavula, ngafaka iminwe yami futhi ngakhipha amapheshana amabili amancane. Yebo ayeyizincwadi uJohannes ayengibhalele zona ngamagama amancane njengawebhukwana lokuzikhumbuza. Izinhlamvu ezingamashumi amabili! Ungacabangela nje ukuthi ngazizwa kanjani. Uhlamvu olulodwa lwalungangijabulisa. Kodwa ezingamashumi amabili! Ngikhumbula ngithembisa uJehova: “Angisophinde ngikhonone!”

IMINYAKA EJABULISAYO NGEMVA KWEMPI

Phakathi neminyaka engamashumi amane edlule angikaze ngicabange ngokuyeka. Ngangizoyekelani? UJohannes wenza umnikelo kuJehova ngokugcina ubuqotho kwaze kwaba sekufeni; ngingenza umnikelo ngokukhuthazela njengoba ngisaphila. (Qhathanisa nabaseRoma 12:1) Yebo, akubanga lula, futhi ngangingenakuphumelela ngamandla ami. Umthandazo uye waba usizo olubalulekile kimi. Futhi ukushumayela kwabanye ngombuso kaNkulunkulu kuye kwaba isibusiso soqobo. Noma nini lapho ngizizwa ngidumazekile ngiyahamba ngiyohlanganyela ekushumayeleni “izindaba ezinhle.” Ukuzama ukududuza abanye ngesigijimi seBhayibheli kuye kwangenza ngakhohlwa izinkinga zami siqu.

Kamuva, ngakwazi ukuyeka umsebenzi wami wokuziphilisa. Khona-ke nganginesikhathi esengeziwe sokusisebenzisa ekushumayeleni “izindaba ezinhle” kwabanye. UFakazi othile wanginikeza imoto encane ukuze ngikwazi ukushumayela ezindaweni zasemaphandleni, futhi ngangikwazi ukuqalisa izifundo zeBhayibheli eziningi nabantu abathakazelayo. Ngikhumbula esisodwa ngokukhethekile.

Ngafika kowesifazane othile ngoLwesine ntambama futhi ngikhumbula ngimtshela: “Bekungaba ngcono uma besingaxoxa ngalamaphuzu ngokuhlelekile ngosizo lwencwadi.” Wavuma. Khona nganezela: “Futhi sinemihlangano emihle kakhulu. Ngingakulanda ngeSonto uma ungathanda ukuza.” Njengoba ngangingafuni ukuchitha isikhathi, ngakho ngangivele ngiqonde ngqó ephuzwini!

Wavuma ukuya emihlanganweni. Ngakho-ke ngeSonto ntambama ngangqongqotha emnyango wakhe, ngatshelwa ukuthi: “Ake ungene okomzuzwana. Umyeni wami akakalungi.”

“Ini?” Ngiyasola ngabonisa ukwethuka kwami. “Nomyeni wakho ufuna ukuza?”

Futhi weza ngempela. Kamuva, ngabatshela ngeminye imihlangano yethu futhi baqala ukuza nakuyo. Ngokushesha babhapathizwa futhi isifundo sencwadi sebandla sasiqhutshelwa ekhaya labo. Nanamuhla, cishe eminyakeni engamashumi amathathu kamuva, sisaqhutshelwa lapho.

INJABULO YOKUKHUTHAZELA

Lapho ngibheka emuva, ngingasho ngithi izinto eziningi ziye zangisiza ukuba ngikhuthazele. Okokuqala, uJohannes nami sazama ukuzilungiselela, ukucabanga ngalokho okwakungase kwenzeke uma kufika uvivinyo. Endabeni yethu, ukucabanga ngezimo kusengaphambili nokunquma ukuthi sifuna ukwenzani yikho kanye okwasisiza ukuze siphumelele lapho kufika.

Sasigwema ukwenza noma yini eyayingase yenze uvivinyo lwethu lube nzima. Ngokwesibonelo, njengombhangqwana omusha oshadile sasingangeni ngokungadingekile ezikweletini. Lokhu kwakungase kwenze isimo sibe nzima ngisho nangokwengeziwe—kithi sobabili.

Eminyakeni eminingi edlule ngiye ngafunda ukungalindeli okwengeziwe kwabanye. Ngezinye izikhathi singase sicabange ukuthi abafowethu abangamaKristu abasivakasheli ngokwanele noma abasinaki. Kodwa kungani kumelwe ngibaphuce isikhathi namandla abawadingela imikhaya yabo nemithwalo yemfanelo yebandla ehlukahlukene? Ngiye ngaqaphela ukuthi uma ngingalindeli okwengeziwe kwabanye, anginakudumazeka kalula. Noma isiphi isenzo somusa sokucabangela engisitholayo sisho okwengeziwe futhi singinikeza isizathu esengeziwe sokubonga uJehova.

Yebo, into ebaluleke kakhulu eye yangisiza ukuze ngibekezele kuye kwaba ukuthembela kuJehova, ukuyisa zonke izinkinga zami kuye ngomthandazo.

Encwadini yokugcina ngcí uJohannes angibhalela yona, emahoreni ambalwa ngaphambi kokubulawa, wangishiyela lomqondo oye wahlala kimi kusukela ngalesosikhathi futhi oye wangikhuthaza ukuba ngikhuthazele: “Asifuni ukwethembeka kuNkulunkulu ngenxa yomvuzo, kodwa ukuze sibonakalise ukuzimisela kwethu enkonzweni yaKhe ngokuthi abantu, njengoJobe, bangabugcina ubuqotho ngaphansi kovivinyo olunzima kakhulu.”

Yeka indlela uJohannes ayengajabula ngayo ukuba wayazi ngalesosikhathi lokho engikwaziyo manje! Wayengakujabulela ukwazi ukuthi uyise, ngemva kwenkonzo yeminyaka engamashumi amahlanu kuJehova, wahlala ethembekile kwaze kwaba sekufeni, nokuthi ngemva kweminyaka engamashumi amane ngemva kokubulawa kwakhe, nami, “uLieschen wakhe othandekayo,” ngisephakathi kwabajabulayo abalwela ukukhuthazela ngokwethembeka.

[Isithombe ekhasini 29]

UJohannes Harms nesaziso sokufa kwakhe esamukelwa sivela ezikhulwini zamaNazi

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela