Ukuphatha Abanye Ngendlela Yokwesaba UNkulunkulu
“Lokhu ngikulobela . . . khona uyakwazi ukuthi kumelwe ukuba abantu bahambe kanjani endlini kaNkulunkulu eyibandla.”—1 Thim. 3:14, 15.
1, 2. IBhayibheli lingasisiza kanjani ekusebenzelaneni kwethu nabanye?
PHAKATHI kwezinzuzo amaKristu anazo ngokufunda iBhayibheli ngeyokuthi afunda indlela yokwesaba uNkulunkulu ekusebenzelaneni nabanye abantu. Ngisho nabantu abangabazi ubuKristu noma iBhayibheli bayakuvuma ukuhlakanipha nokuba usizo kweseluleko esinjengesithi: “Njengalokhu nithanda ukuba abantu benze kini, yenzani njalo kubo.”—Luka 6:31.
2 IBhayibheli linikeza okungaphezu kwezinto ezivamile eziningiliziwe ngokuphathelene nokuziphatha kwethu kwabanye. Leluleka ngendlela okumelwe siziphathe ngayo kubantu ngabanye abanobuhlobo obuthile obukhethekile kithina, noma ezimweni ezithile. Ngokwesibonelo, linikeza iseluleko sokuziphatha kowesifazane owumKristu kumyeni wakhe ongakholwa, neseluleko ngokuziphatha kwethu kwabampofu, abaxhwalile nabobulili obehlukile. (1 Pet. 3:1-6; IHu. 41:1; Lev. 19:14; 1 Thim. 5:1, 2) ImiBhalo futhi inikeza iseluleko esiningi esizwakalayo ngokuphathelene nendlela okumelwe ‘sihambe ngayo endlini kaNkulunkulu eyibandla.’—1 Thim. 3:15.
3. Kungani sidinga isiqondiso sikaNkulunkulu ngokuphathelene nokuziphatha kwethu?
3 Ukusebenzisa iseluleko esinjalo saphezulu kubalulekile, ngoba iZwi likaNkulunkulu libonisa ukuthi, ngokwengxenye ethile, uyosahlulela ngokwesisekelo sendlela esasiziphatha ngayo kwabanye. (Math. 18:35; 25:40, 45; IsAm. 2:23) Ngakho-ke, esikhundleni sokuba siqondiswe yilokho abanye abantu abangase bathi kumelwe sikwenze, noma imizwelo yethu nalokho esi“nomuzwa” wokuthi kulungile, kumelwe sibe nesimo sikaDavide: “Ngazise imendo yakho Jehova; ngifundise izindlela zakho. Ngihambise eqinisweni lakho, ungifundise, ngokuba wena unguNkulunkulu wensindiso yami.”—IHu. 25:4, 5; 139:17, 21.
UKUSEBENZELANA NEZONI
4. Kungani kudingeka ukuba sazi ngokuphathelene nokusebenzelana nezoni?
4 Njengabantwana baka-Adamu, abantu “bonke bonile, basilalelwe inkazimulo kaNkulunkulu.” (Roma 3:23; 5:12) Nokho, isimo sethu akusona esingenathemba, ngoba “uKristu Jesu weza ezweni ukusindisa izoni.” Noma ubani oqaphela lokhu futhi onokholo kuKristu angazuza ukuthethelelwa ngisho noma eye waphila ngokona esikhathini esedlule.—1 Thim. 1:12-16; 1 Kor. 6:9-11; IzE. 10:43; Roma 6:12-14.
5. Yini okudingeka yenziwe uma umKristu enza isono esingathi sína?
5 Kodwa kuthiwani uma, ngemva kokuba umuntu eseye waphenduka, waba nokholo kuKristu futhi waba umKristu obhapathiziwe, abese evumela ubuthakathaka noma akhubekele esonweni esingathi sína? Nalapho angathethelelwa, ngisho njengoba umphostoli uPetru wathethelelwa ukuphika kwakhe uJesu. Uma uye wezwa ngomKristu okanye nawe oye wawela esonweni esingathi sína ungenzani? Ngothando lwangempela ngokuqinisekile ubungafuna ukuqiniseka ngokuthi lowomuntu uthola usizo olungokomoya. Ngokuvamile abadala abangokomoya abazinikezele noma ababonisi ebandleni bayilungiselelo lokunikeza lolosizo. Ngayiphi injongo? Yokubuyisa ngokomoya umKristu owonayo.—Gal. 6:1; 1 Joh. 5:16; 2 Thim. 2:23-26; Juda 23.
6. Uma umKristu onecala lesono esingathi sína engaphenduki, yisiphi isenzo okumelwe sithathwe?
6 Nokho, ngezinye izikhathi umuntu oye wahamba endleleni yobuKristu beqiniso iminyaka ethile uyaphambuka kuyo, azinikele ngokwakhe ekuziphatheni kokungamesabi uNkulunkulu futhi angaphenduki naphezu komzamo oqotho wabadala wokumsiza. IBhayibheli libonisa ukuthi lokhu kwenzeka ekhulwini lokuqala, futhi kuyenzeka nanamuhla. (2 Pet. 2:10-20) Khona-ke kumelwe wenzeni? Ngokuhlakanipha kwakhe okuphelele nokwahlulela ngokulunga, uJehova uqondisa isinyathelo esiqinile okumelwe sithathwe ukuze kuvikelwe ukuhlanzeka okungokokuziphatha nokungokomoya kwebandla, isinyathelo esingase sibangele isoni siqaphele isono saso. IZwi likaNkulunkulu liyayala: “Xoshani omubi phakathi kwenu.” Lokhu kusho ukumsusa ebandleni lobuKristu—1 Kor. 5:13; 1 Thim. 1:20; qhathanisa noDuteronomi 17:7.
7. Yimiphi imibuzo ephakamayo ngokuhlobene nomuntu oye wasuswa ebandleni?
7 Kuyadabukisa ukuthi ukuziphatha komuntu nesimo kungadinga isenzo esinjalo, kodwa uma nje eseye wasuswa, amalungu athembekile ebandla kumelwe ambheke futhi amphathe kanjani? Ingabe kumelwe amphathe ngokufanayo nje nanoma yimuphi umakhelwane, umuntu asebenza naye noma umuntu athuke ehlangana naye emgwaqweni? Ingabe kumelwe athi “Sawubona” noma ngisho athi ukuxoxaxoxa uma ephambana nomuntu osusiwe? Kuthiwani ngokusebenza ngaphansi kwakhe noma ukumqasha? Kusezingeni elingakanani okumelwe abazali bomKristu, noma ezinye izihlobo, baxoxe noma babe seduze ngalo nomuntu onjalo? Imibuzo enjalo eminingi iyaphakama. Yeka indlela esingabonga ngayo ukuthi uJehova usinikeza isiqondiso ekusebenzelaneni nesoni esisusiwe!
ISELULEKO SIKAJESU NGEZONI
8, 9. (a) Yisiphi iseluleko uJesu asinikeza ngomuntu owonile? (b) UJesu lapha wayebhekisele kuluphi uhlobo lwesono?
8 Ngenkathi uNkulunkulu esasebenzelana namaJuda njengabantu baKhe, uJesu wanikeza iseluleko esithile ngomuntu owonile. Abafundi bakaKristu, amaJuda ngokwawo, babeyosizwisisa lesiseluleko ngokukhanyiselwa isimo esasikhona emphakathini wamaJuda. Nathi futhi, singazuza ngoba iseluleko uJesu asinikeza sasiyosebenza kamuva lapho ibandla lobuKristu seliye lamiswa uNkulunkulu. (Math. 21:43) UKristu waqala ngokuthi: “Kepha uma umfowenu ekona, hamba umsole ninodwa naye. Uma ekuzwa, woba umzuzile umfowenu.”—Math. 18:15.
9 UJesu ngokusobala wayengakhulumi nge“sono” ngokomqondo wokushiyeka okuthile okuncane komuntu siqu okunjengalokho esifunda ngakho kwabaseFilipi 4:2, 3. (Qhathanisa nezAga 12:18.) Kunalokho, kubonakala ukuthi wayesho izono ezinjengokukhohlisa noma ukunyundela, izono ezingezingathi sína ngokwanele ukuba zingaholela umuntu ekususweni ebandleni.a Uma umuntu owoniwe ayengase ayixazulule indaba ngokuxoxisana ngasese, wayeyoba ‘umzuzile umfowabo’; lapho isoni siye sabonisa ukuphenduka okuvela enhliziyweni futhi sazama ukulungisa iphutha, akukho sidingo sokuqhubekisela indaba phambili.
10, 11. Uma lesosinyathelo sokuqala sehluleka, yini engenziwa ngokulandelayo?
10 Kodwa kuthiwani uma lesosinyathelo sehlulekile? UJesu waqhubeka: “Kodwa uma [isoni] engakuzwa, thatha futhi abe-munye noma bebabili kanye nawe ukuba onke amazwi aqiniswe ngomlomo wawofakazi ababili noma abathathu.”—Math. 18:16.
11 Labo abalethwayo kwakumelwe babe “ofakazi,” kwakungamelwe ukuba babe ngabantu nje abaphakathi naphakathi abazama ukwenza ukubuyisana. Kubonakala sengathi kwakumelwe kube abantu abaye baba ‘ofakazi’ besono, njengalabo abaziyo ukuthi isivumelwano sezimali senziwa nini futhi ngaleyondlela bakwazi ukuqinisekisa ukuthi kuye kwenziwa yini ukukhohlisa. Noma, uma ubufakazi besono babuwukwephula ikontilaki noma okufana nalokho, abazalwane abafanelekayo ngokomoya abanokuhlangenwe nakho ezimweni ezinjalo bangase balethwe. Bangase babe ofakazi bamaqiniso nabalokho okwashiwo ngomangalelwe phakathi nalomhlangano uma kungase kudingeke ukuba isinyathelo sokugcina sithathwe.
12. Isinyathelo sokugcina sasiyoba yini, njengoba sichazwe uJesu?
12 UJesu wanikeza isinyathelo sokugcina ngokuphathelene nesoni: “Uma enqaba ukubezwa, tshela ibandla; uma enqaba ukuzwa nalo ibandla, makabe-kuwe njengowezizwe nomthelisi.” (Math. 18:17) Yebo, njengomzamo wokugcina wokubuyisa isoni endleleni yaso, indaba kwakumelwe iyiswe kumadoda amadala angokomoya ebandla. Lawa ayengezwa amaqiniso futhi athole ubufakazi bendaba. Futhi ayeyokwazi ukusola isoni ngeZwi likaNkulunkulu. Nokho, uma senqaba ukuphenduka, ayeyomelela ibandla ekumnikezeni isiyalo esiyisijeziso, evikela ibandla ethonyeni lakhe eliyingozi ngokumsusa.
UKUNGABI NGABANGENABUNTU KWABANYE
13, 14. Singaqiniseka kanjani ukuthi uJesu wayengasho ukuthi singabi nabuntu kwabanye?
13 Njengosizo ekuzwisiseni ukuthi ukuziphatha kwethu kumelwe kube njani kumuntu onjalo, sidinga ukuqondisisa amazwi kaJesu: “Makabe-kuwe njengowezizwe nomthelisi.” Emakhulwini eminyaka kamuva, orabi abathile abangamaJuda baveza imibono eyeqisayo, njengaleyo yokuthi umJuda akumelwe neze asize owezizwe owayesengozini yokufa. Okunjalo ukungabi nabuntu kwakungaboniswa kwabeZizwe kuphela. Ngokwesibonelo, emfanekisweni kaJesu ngomakhelwane weqiniso, kokubili umLevi nompristi benqaba ukusiza umJuda wakubo owayelimele, nakuba umSamariya kamuva enze njalo.—Luka 10:29-37.
14 Kodwa kuMathewu 18:17 uJesu akunakwenzeka ukuthi wayeqonde ukuthi abafundi bakhe kumelwe banqabe ukwenza izenzo zomusa wobuntu, njengasendabeni yengozi noma yesidingo esiphuthumayo. UJesu wabonisa umusa onjalo kwabeZizwe abathile. Ngokwesibonelo, wenze njalo kowesifazane okungumSirofenike. Nakuba uJesu, abafundi bakhe nowesifazane bakuvuma ukuthi isimo sakhe sasingesingavamile ngoba wayengoweZizwe futhi uJesu wayethunyelwe kumaJuda, nakuba kunjalo uKristu wayelapha indodakazi yakhe. (Math. 15:21-28; Marku 7:24-30) UJesu wabonisa umusa wobuntu ofanayo ngenkathi isikhulu sebutho lamaRoma simcela ukuba alaphe isigqila esasife uhlangothi futhi sizwa ubuhlungu. Isikhulu savuma ukuthi sasingalindele ukuba uJesu, umfundisi ongumJuda, angene ekhaya laso. Nokho, “amalungu amaJuda” amcela uJesu ukuba abonise umusa kulowezizwe owayewufanele, futhi wenze njalo. (Luka 7:1-10; Math. 8:5-13) Ngakho-ke ngalokho akusho ngokuba komuntu “ngowezizwe nomthelisi,” uJesu akazange avimbele ukubonakaliswa kwezenzo zomusa. Phoke, wayesho ukuthini?
‘NJENGOMTHELISI’
15. AmaJuda ayembheka futhi amphathe kanjani umthelisi?
15 Okokuqala, amaJuda ayebabheka futhi ebaphatha kanjani abathelisi?
“Abathelisi beTestamente Elisha babebhekwa njengamambuka nezihlubuki, ezingcoliswe ukuhlangana njalo kwazo ngokobulili nabahedeni, amathuluzi azithandelayo omcindezeli. Babehlanganiswa nezoni . . . izifebe . . . nabahedeni. . . . Abantu abalahlwe bodwa, abangasondeli kubantu abaphila ngenhlanzeko, ukuphela kwabangane babo noma izihlobo zazitholakala phakathi kwalabo, njengabo, ababengabantu bokulahlwa.”—“Cyclopædia” ngoM’Clintock noStrong, Umq. VIII, k. 769.
Yebo, ababelalele uJesu babazi ukuthi amaJuda ngokuvamile ayebaxwaya abathelisi. Kwakungaba ngokungazithandeli ngomJuda ukuba abe nokuthintana ngisho nokuncane lokhu nabo, ukukhokha intela eyayifunwa umthetho.
16, 17. UJesu wabaphatha kanjani abathelisi abathile?
16 ‘Kodwa,’ omunye angase abuze, ‘akazange yini uJesu azihlanganise nabathelisi?’ Phela, make sihlole amaqiniso.
17 Njenge“Wundlu likaNkulunkulu elisusa izono zezwe,” uJesu wayengukukhanya kubo bonke abantu, nakuba wayegxile ikakhulukazi kumaJuda ngenkathi yenkonzo yakhe yasemhlabeni. (Joh. 1:29; 8:12; Isaya 42:1, 6, 7; Math. 10:5, 6; 15:24) Wayefana nodokotela osiza wonke amaJuda ayemdinga kakhulu, kuhlanganise izoni ezinjengezifebe, izidakwa abathelisi, ngokuvamile ababesebenzisa izindlela zokungathembeki. UMathewu Levi umthelisi owayedelelwa, wayengomunye walabo abasabela esigijimini esisha sensindiso uJesu asiletha. UMathewu wamemela uJesu ekhaya lakhe ekudleni, ngalendlela evumela uMathewu nabanye abathelisi ababenesithakazelo ukuba bezwe okwengeziwe ngamaqiniso amasha amangalisayo. (Luka 5:27-32; 19:1-10) Lana kwakungamadoda ‘ayonile ngokungazi,’ kodwa ayezimisele ukuthatha izinyathelo zokuba “kuhlangulwe izono” zawo.—IzE. 3:19; Heb. 9:7.
18. Kungani ukusebenzelana kukaJesu nabathelisi abathile kungesona isibonelo salokho ayekusho kuMathewu 18:17?
18 Nokho, umzamo kaJesu wokunikeza ubufakazi kubathelisi ‘ababesondela’ kuye ukuze bamuzwe futhi “bamlandele” wawungesona isibonelo sendlela izoni ezingaphenduki okumelwe ziphathwe ngayo. (Marku 2:15; Luka 15:1) Singaqiniseka kanjani? Nakuba uKristu adla nabathelisi abanjalo, umphostoli uPawulu wayala ukuba amaKristu akumelwe ‘adle nokudla nonjalo’ oyisoni esisusiwe ebandleni. (1 Kor. 5:11) Futhi, uJesu watshela abalandeli bakhe ukuba baphathe isoni esingaphenduki, ngokuqondile ngokufanayo nje nendlela ababheka ngayo umthelisi walesosikhathi. Inguqulo ka-R. F. Weymouth ifundeka kanje: “Mphatheni nje ngendlela eniphatha ngayo oweZizwe noma umthelisi.”—Qhathanisa neNew International Version; The New English Bible.
ABEZIZWE BABEPHATHWA FUTHI BABHEKWE KANJANI?
19. Yini lokho iBhayibheli elikubonisayo maqondana nobuhlobo phakathi kwamaJuda nabangewona amaJuda?
19 Abaphostoli abawezwa amazwi kaJesu abhalwe kuMathewu 18:17 babengamaJuda futhi babazi ukuthi abantu bakubo babengadlelani nabezizwe. UMthetho wawuhlukanisa phakathi komJuda noweZizwe, usiza ekugcineni amaIsrayeli ehlukile ezizweni ezizungezile. (Dut. 7:1-4; Num. 15:37-41; Efe. 2:11-14) NgePhasika lika-33 C.E. amaJuda ayengenakungena esigodlweni sombusi wamaRoma “ukuba angangcoli.” (Joh. 18:28) Futhi ukwehlukana phakathi kwamaJuda namaSamariya, ayeze amukele nezincwadi ezinhlanu zokuqala zikaMose, kwakukukhulu kangangokuba owesifazane emthonjeni wamanzi eSamariya wamangala ngokuthi uJesu, ‘nakuba engumJuda’ wayecela kuyena amanzi.—Joh. 4:9.
20. Yini engafundwa ngokuhlangenwe nakho kukaPetru noKorneliyu ngendlela amaJuda ayephatha ngayo abantu babeZizwe?
20 Futhi, ngo-36 C.E., ngenkathi uNkulunkulu ayehlose ukubonisa ukuthi abeZizwe abangasokiwe kusukela kulesosikhathi babengamukeleka njengezindlalifa zoMbuso, waqondisa umphostoli uPetru ukuba aye esikhulwini sebutho lamaRoma uKorneliyu. Kodwa uPetru watshela uKorneliyu: “Niyazi ukuthi akuvunyelwe ukuba umuntu ongumJuda ahlangane, ahambelane nowesinye isizwe.” (IzE. 10:28) Amazwi kaPetru abonisa indlela owawujule ngayo umuzwa wamaJuda wokuthi kwakungamelwe kube-khona ukudlelana nomuntu weZizwe. Futhi, lapho sekuzwakele ukuthi uPetru wayeyile kuKorneliyu, amaKristu athile angamaJuda amelana kakhulu noPetru ngokuthi “ungené kubantu abangasokiwe, wadla nabo.” Yebo, amaJuda ayekubheka njengento embi kakhulu ukuba no“muntu wezizwe” nokudla naye.—IzE. 11:1-3; qhathanisa nabaseGalathiya 2:12.
21. Khona-ke, ukuqondisisa kanjani lokho uJesu akusho ngesoni esingaphenduki njengo“muntu wezizwe nanjengomthelisi”?
21 Ngaleyondlela imiBhalo isisiza ukuba siqondisise iseluleko sikaJesu sokuphatha isoni esingaphenduki esenqaba ukuzwa ibandla njengo“muntu wezizwe nomthelisi.” Ukusebenzisa lesiseluleko sikaKristu namuhla ngokuqinisekile akunakusho ukubheka isoni njengomuntu ovamile emphakathini, ngoba lokho kwakungeke kube indlela abafundi bakaJesu abakuqonda ngayo ayekusho. Singaba nokwazisa lokhu kangcono ngokuhlolisisa iseluleko esenezelwe semiBhalo YesiGreki YamaKristu, eyosisiza ukuba sisingathe izimo ezingokoqobo zokuphila namuhla ezihilela abantu abasusiwe ebandleni lobuKristu.
[Umbhalo waphansi]
a Ngaphansi komthetho kaMose, izono ezithile ezimbi, ezinjengokuphinga, ubungqingili, ukubulala umuntu nokuhlubuka, zazingasoze zixazululwe ngesisekelo somuntu siqu, ngokwamukela kowoniwe ukudabuka kwesoni nomzamo wokulungisa isono. Kunalokho lezizono ezimbi zazisingathwa ngamadoda amadala, abahluleli nabapristi.—Lev. 20:10, 13; Num. 5:11-31; 35:12, 19-25; Dut. 13:6-15; 17:2-9; 19:16-19; 22:22.
KWAKUSHO UKUTHINI UKUTHI “NJENGOMUNTU WEZIZWE NOMTHELISI”?
AmaJuda ayebagwema abathelisi njengabalahliwe
AmaJuda ayengenakungena esigodlweni sombusi wabeZizwe
UPetru wathi kwaku“ngemthetho” ngomJuda ukuba aye koweZizwe
AmaKristu angamaJuda ashaqeka kakhulu ngokuthi uPetru wadla noKorneliyu
[Isithombe ekhasini 18]
AmaJuda ayebaxwaya abathelisi, ababebhekwa njengezoni. Okuwukuphela kokuthintana ngezebhizinisi nabo kwakuwukukhokha intela eyayidingwa umthetho