Januwari
ULwesine, Januwari 1
[Yibani] abakhule ngokugcwele endleleni eniqonda ngayo.—1 Kor. 14:20.
Zimbalwa izenzakalo ezijabulisa abantu abashadile ukwedlula ukuzalwa komntwana wabo owumqemane. Nokho, nakuba abazali beluthanda usana lwabo oluyigugu, abafuni luhlale luwusana unomphela. Empeleni, bangakhathazeka kakhulu uma lungakhuli. Ngendlela efanayo, uJehova uyajabula lapho siqala ukuthatha izinyathelo zokuba abalandeli bakaJesu, kodwa akafuni sihlale siyizinsana ngokomoya. (1 Kor. 3:1) Kunalokho, usicela ukuba sibe amaKristu “akhule ngokugcwele.” EBhayibhelini, inkulumo yesiGreki ehunyushwe ngokuthi ‘ukukhula ngokugcwele’ ingasho nokuthi “ukuvuthwa,” “ukungabi nasici,” “nokuphelela.” (1 Kor. 2:6) Siba amaKristu akhule ngokugcwele noma avuthiwe lapho siyeka ukuba izinsana ngokomoya sibe amadoda noma abesifazane abangokomoya. Yiqiniso, ngisho noma sesiwufinyelele lowo mgomo, akufanele siyeke ukukhula ngokomoya.—1 Thim. 4:15. w24.04 2 ¶1, 3
ULwesihlanu, Januwari 2
Itende lami liyoba nabo, ngiyoba uNkulunkulu wabo.—Hez. 37:27.
UJehova udlala yiphi indima ekuphileni kwakho? Ungase uthi, ‘UJehova unguBaba wami, unguNkulunkulu wami noMngani wami.’ Zikhona nezinye iziqu, noma amagama achaza uJehova. Nokho, uyambheka yini nanjengoMuntu okumemile? INkosi uDavide yafanisa ubungani uJehova anabo nabakhulekeli baKhe abaqotho nobuhlobo obuphakathi kwezimenywa nomuntu ozimemile. Yabuza: “O Jehova, ngubani ongaba yisimenywa etendeni lakho? Ngubani ongahlala entabeni yakho engcwele?” (IHu. 15:1) Kula mazwi aphefumulelwe, sifunda ukuthi singaba izimenywa zikaJehova—abangani bakhe. Ngaphambi kokuba adale zonke izinto, uJehova wayeyedwa. Kodwa wabe esamukela iNdodana yakhe eyizibulo etendeni lakhe elingokomfanekiso. UJehova wayijabulela kakhulu indima yaKhe entsha yokwamukela isimenywa. IBhayibheli lithi uJehova ‘wayeyithanda ngokukhethekile’ iNdodana yakhe. Isimenywa sakhe sokuqala naso ‘sasijabula phambi [kukaJehova] ngaso sonke isikhathi.’—IzAga 8:30. w24.06 2 ¶1-3
UMgqibelo, Januwari 3
UZadoki [wayeyinsizwa] enamandla nenesibindi.—1 IziKr. 12:28.
Ake ubone ngeso lengqondo. Isixuku samadoda angaphezu kuka-340 000 ehlangene ukuze azobeka uDavide ukuba abe inkosi yawo wonke u-Israyeli. Kwaphela izinsuku ezintathu kulokhu kuzwakala izingxoxo ezimnandi, izingoma ezimnandi zokudumisa zizwakala ezintabeni ezinamagquma eduze neHebroni. (1 IziKr. 12:39) Cishe abantu abaningi babengeke bayinake insizwa okuthiwa uZadoki eyayikuleso sixuku esikhulu. Nokho, uJehova wenza isiqinisekiso sokuba sazi ukuthi uZadoki wayelapho. (1 IziKr. 12:22, 26-28) UZadoki wayengumpristi owayesebenzelana eduze noMpristi Ophakeme u-Abhiyathara. UZadoki wayephinde abe umboni owayekwazi ukuqonda intando kaNkulunkulu futhi uNkulunkulu wayemnike ukuqonda okumangalisayo. (2 Sam. 15:27) Wayeyindoda enesibindi. Kulezi zinsuku zokugcina, iya iba namandla indlela uSathane ahlasela ngayo abantu bakaNkulunkulu. (1 Pet. 5:8) Kudingeka sibe nesibindi njengoba silinde uJehova ukuba aqede ngoSathane nangezwe lakhe elibi. (IHu. 31:24) Ngokwenza kanjalo, singalingisa isibindi sikaZadoki. w24.07 2 ¶1-3
ISonto, Januwari 4
Izinsuku zokuphila kuka-Adamu zaba iminyaka engu-930, wayesefa.—Gen. 5:5.
Ngesikhathi uJehova edala indoda yokuqala nowesifazane wokuqala, wayefuna bajabule. Wabapha ikhaya elihle, umshado nomsebenzi ojabulisayo. Kwakumele bagcwalise umhlaba ngenzalo yabo, benze wonke umhlaba ube yiPharadesi njengengadi yase-Edene. Wabanika umyalo owodwa nje kuphela olula. Wabaxwayisa ngokuthi uma bewuphula lowo myalo ngokukhetha ukungamlaleli ngamabomu, isono sabo sasiyoholela ekufeni. Siyakwazi okwenzeka. Ingelosi embi eyayingamthandi uNkulunkulu futhi ingabathandi nabo, yabayenga ukuba benze leso sono. U-Adamu no-Eva bakwenza okwakufunwa yileyo ngelosi embi. Ngenxa yokuthi bahluleka ukuthemba uBaba wabo onothando, bona. Njengoba sazi, lokho uJehova akusho kwakuyiqiniso. Kusukela ngalolo suku kuqhubeke, kwadingeka babhekane nemiphumela yalokho abakwenza: baguga, ekugcineni bafa.—Gen. 1:28, 29; 2:8, 9, 16-18; 3:1-6, 17-19, 24. w24.08 3 ¶3
UMsombuluko, Januwari 5
Yibani abenzi bezwi ningabi abalizwayo kuphela.—Jak. 1:22.
UJehova neNdodana yakhe ayithandayo bafuna sijabule. IHubo 119:2 lithi: “Bayajabula abagcina izikhumbuzo zakhe, abamfuna ngayo yonke inhliziyo yabo.” UJesu naye wakuqinisekisa lokho, wathi: “Abajabulayo yilabo abezwa izwi likaNkulunkulu baligcine!”(Luka 11:28) Njengabakhulekeli bakaJehova, siyajabula lapho sifunda iZwi likaNkulunkulu njalo futhi silwele ukukusebenzisa lokho esikufunda kulo. (Jak. 1:22-25) Lesi yisinyathelo esibalulekile sokujabulisa uJehova. (UmSh. 12:13) Njengoba sikusebenzisa lokho esikufunda eZwini likaNkulunkulu eliphefumulelwe, siqinisa ubuhlobo bethu nemindeni yethu futhi siba nobungani obuqinile nesikholwa nabo. Ngaphezu kwalokho, sigwema izinkinga eziningi ezehlela labo abangayilaleli imiyalo kaJehova. Ngempela, kunjengoba nje iNkosi uDavide yasho. Ngemva kokukhuluma ngomthetho, imiyalo nezahlulelo zikaJehova engomeni yayo, yaphetha ngokuthi: “Ukuzigcina kuletha umvuzo omkhulu.”—IHu. 19:7-11. w24.09 2 ¶1-3
ULwesibili, Januwari 6
Upholisa izinhliziyo eziphukile; abophe amanxeba abo.—IHu. 147:3.
Yini uJehova ayibonayo lapho ebuka izinceku zakhe ezisemhlabeni? Uyasibona lapho sijabule nalapho sisosizini. (IHu. 37:18) Ujabula kakhulu lapho esibona senza konke okusemandleni ukuze simkhonze naphezu kokubhekana nobuhlungu ngokomzwelo! Ngaphezu kwalokho, uyakulangazelela ukusisiza nokusiduduza. IHubo 147:3 lithi uJehova ‘ubopha amanxeba’ alabo abanezinhliziyo eziphukile. Leli vesi lichaza indlela uJehova abanakekela ngayo ngothando labo abalimele ngokomzwelo. Yini okumele siyenze ukuze sizuze lapho uJehova esinakekela? Cabanga ngalesi sibonelo. Udokotela onesipiliyoni unendima ayidlalayo ekusizeni umuntu olimele ukuba aphole. Kodwa ukuze umuntu olimele asizakale, kumele azilandele ngokucophelela iziqondiso zikadokotela. Esebenzisa iZwini lakhe, uJehova, ukhuluma nalabo abahlukumezekile ngokomzwelo futhi ubanika iseluleko esinothando. w24.10 6 ¶1-2
ULwesithathu, Januwari 7
Kwaqedwa konke emhlabeni.—Gen. 7:23.
Esikhathini esidlule, izincwadi zethu zikhulume ngalokho okwenzeka kulabo uJehova abahlulela njengabantu abangalungile. Sasithi alikho ithemba lovuko ngabantu abanjalo. Izindaba eziningana eziseBhayibhelini zichaza indlela uJehova ahlulela ngayo abantu abangalungile. Ngokwesibonelo, wabhubhisa wonke umuntu ngoZamcolo ngaphandle kukaNowa nomndeni wakhe; uJehova wayala abantu bakhe ukuba babhubhise izizwe eziyisikhombisa eZweni Lesithembiso; ingelosi kaJehova yabulala amasosha ama-Asiriya angu-185 000 ngobusuku obubodwa. (Dut. 7:1-3; Isaya 37:36, 37) Kulezi zindaba, iBhayibheli liyasinika yini imininingwane eyanele esenza siphethe ngokuthi uJehova wabahlulela ngokubhujiswa kwaphakade bonke labo bantu futhi ngeke abavuse? Cha, alisiniki. Asazi ukuthi uJehova wamahlulela kanjani umuntu ngamunye; asazi nokuthi labo ababulawa balithola yini ithuba lokufunda ngoJehova bese bephenduka. w24.05 3 ¶5-7
ULwesine, Januwari 8
Qhubeka unqoba okubi ngokuhle.—Roma 12:21.
UJesu wakhuluma ngomfanekiso womfelokazi owayelokhu ecela umahluleli ukuba aqikelele ukuthi uyabuthola ubulungisa. Akungabazeki ukuthi abafundi bakaJesu abaningi babeyiqonda indlela lo mfelokazi ayezizwa ngayo ngoba ngaleso sikhathi abantu abavamile babengaphathwa ngobulungisa. (Luka 18:1-5) Le ndaba iyasithinta nathi ngoba ngandlela-thile sonke siye sabhekana nokungabi nabulungisa. Ezweni namuhla, ubandlululo, ukungalingani nokucindezelwa kuyizinto ezivamile, ngakho asimangali lapho siphathwa kabi. (UmSh. 5:8) Into engasidumaza ukuphathwa kabi umfowethu noma udadewethu, kodwa lokho kungenzeka. Yiqiniso ukuthi ngokungafani nalabo abasiphikisayo, abafowethu nodadewethu abathandi ukusiphatha kabi. Bamane nje banesono. Kuningi esingakufunda endleleni uJesu asabela ngayo lapho abaphikisi abanonya bemphatha ngendlela engenabulungisa. Uma sikwazi ukubekezelela abantu abasiphikisayo abasiphatha ngendlela engenabulungisa, kufanele sibabekezelele nesikholwa nabo! w24.11 2 ¶1-2
ULwesihlanu, Januwari 9
Sizozithengaphi izinkwa ukuze la bantu badle?—Joh. 6:5.
Isinkwa sasiwukudla okubaluleke kakhulu kubantu abaningi ngezikhathi zeBhayibheli. (Gen. 14:18; Luka 4:4) Empeleni, sasibalukele kangangokuba ngezinye izikhathi iBhayibheli lisebenzisa igama elithi “isinkwa” lapho likhuluma ngokudla. (Math. 6:11; IzEnzo 20:7) UJesu wasebenzisa isinkwa lapho enza izimangaliso zakhe ezimbili ezidumile. (Math. 16:9, 10) Esinye salezo zimangaliso sitholakala kuJohane isahluko 6. Ngemva kokuba abaphostoli bakaJesu sebeqedile ngohambo lwabo lokuyoshumayela, uJesu wahamba nabo ngesikebhe baya ngaphesheya koLwandle LwaseGalile ukuze bayophumula. (Marku 6:7, 30-32; Luka 9:10) Baya endaweni engenabantu eBhetsayida. Nokho, ngokushesha kwafika izinkulungwane zabantu zizobona uJesu. UJesu akazange azizibe. Ngomusa wafundisa labo bantu ngoMbuso, welapha nabagulayo. Njengoba kwase kuhwalala, abafundi bazibuza ukuthi bonke labo bantu babezokuthola kanjani ukudla. Kungenzeka abanye babo babenakho ukudla okuncane, kodwa abaningi kwakuzodingeka bangene emizini bazithengele ukudla.—Math. 14:15. w24.12 2 ¶1-2
UMgqibelo, Januwari 10
Isipho uNkulunkulu asinikezayo ukuphila okuphakade ngoKristu Jesu iNkosi yethu.—Roma 6:23.
Abazali bethu bokuqala, u-Adamu no-Eva, babengenaso isono futhi babehlala epharadesi elihle. (Gen. 1:27; 2:7-9) Babenethuba lokuthola ukuphila okuphakade okujabulisayo. Kodwa kwabe sekushintsha yonke into. Balahlekelwa ikhaya labo eliyiPharadesi, balahlekelwa nayithuba lokuphila phakade. Yiliphi ifa ababengalishiyela abantwana babo? IBhayibheli liyasitshela: “Ngomuntu oyedwa [u-Adamu] isono sangena ezweni nokufa kwangena ngesono, ngaleyo ndlela ukufa kwasakazekela kubantu bonke ngenxa yokuthi bonke bonile.” (Roma 5:12) Ifa u-Adamu alidlulisela kithi isono, esiholela ekufeni. Lesi sono esasizuza njengefa sifana nesikweletu esikhulu okungekho muntu phakathi kwethu ongakwazi ukusikhokha. (IHu. 49:8) UJesu wafanisa isono nesikweletu. (Math. 6:12; Luka 11:4) Lapho sona kuba njengokungathi sikweleta uJehova. Kumele sikhokhele leso sono. Uma leso sikweletu sishiywa singakhokhiwe, siyosulwa kuphela lapho sifa.—Roma 6:7. w25.02 2-3 ¶2-3
ISonto, Januwari 11
Ngibazisile igama lakho.—Joh. 17:26.
Sikubheka njengelungelo ukuxoxela abanye iqiniso ngoMbuso kaNkulunkulu! Akuyena wonke umuntu onaleli lungelo. Ngokwesibonelo, ngesikhathi uJesu esemhlabeni, akayivumelanga imimoya emibi ukuba ifakaze ngaye. (Luka 4:41) Namuhla, ngaphambi kokuba umuntu ashumayele nabantu bakaJehova kumele alifanelekele leli lungelo. Sibonisa ukuthi silazisa kakhulu kangakanani ilungelo lokushumayela ngokuthi sifakaze noma kuphi nanoma nini lapho singakwazi khona ukwenza kanjalo. NjengoJesu, umgomo wethu ukutshala nokunisela imbewu yeqiniso loMbuso ezinhliziyweni zabantu. (Math. 13:3, 23; 1 Kor. 3:6) Ilingisa isibonelo sikaJesu, inhlangano kaJehova yenza konke engakwenza ukuze isize abanye bazi igama likaNkulunkulu. Inguqulo ethi IBhayibheli ImiBhalo Engcwele idlale indima ebalulekile ekubuyiseleni igama likaNkulunkulu endaweni yalo. Le nguqulo yeBhayibheli manje isiyatholakala iphelele noma iyingxenye ngezilimi ezingaphezu kuka-270. w24.04 9 ¶8-9
UMsombuluko, Januwari 12
Umyeni wakhe uyasukuma amdumise.—IzAga 31:28.
Abanye abazalwane abanemishado ejabulisayo bayaqikelela ukuthi usuku nosuku benzela omkabo okuthile okuzobabonisa ukuthi babathanda kangakanani. (1 Joh. 3:18) Umyeni angambonisa uthando umkakhe ngokumenzela izinto ezincane, njengokumbamba ngesandla noma ukumhaga. Angase amthumelele umyalezo othi “Ngiyakukhumbula” noma ambuze ukuthi “Luhamba kanjani usuku lwakho?” Ngezikhathi ezithile, angase ambhalele ikhadi elinamazwi amnandi. Uma umyeni enza lezi zinto ubonisa ukuthi uyamthanda futhi uyamhlonipha umkakhe, uqinisa nomshado wabo. Umyeni othanda umkakhe nomhloniphayo, umenza azizwe ebalulekile futhi uyamkhuthaza. Enye indlela akwenza ngayo lokhu ukumbonga ngakho konke akwenzayo ukuze amsekele. (Kol. 3:15) Lapho umyeni emdumisa ngokusuka enhliziyweni umkakhe umenza ajabule. Umkakhe uyozizwa ephephile, ethandwa futhi ebalulekile. w25.01 11 ¶15; 13 ¶16
ULwesibili, Januwari 13
Mina, Jehova, nginguNkulunkulu wakho, . . . Lowo okuqondisa endleleni okufanele uhambe ngayo.—Isaya 48:17.
IHubo 15 liphetha ngalesi sithembiso: “Noma ubani owenza lezi zinto akasoze antengantengiswa.” Lapha umhubi uchaza isizathu esiyinhloko salokho okufunwa uNkulunkulu. UJehova ufuna sijabule. Ngakho usinika iziqondiso ezizomenza asibusise futhi asivikele. Izimenywa zikaJehova zingabheka phambili ekusaseni elijabulisayo. Abagcotshiwe abathembekile bayohlala ‘ezindaweni zokuhlala eziningi’ uJesu abalungiselele zona ezulwini. (Joh. 14:2) Labo abanethemba lokuphila emhlabeni babheke phambili kulokho okuthenjiswe yisAmbulo 21:3. Ngokuqinisekile, sonke sizizwa sinelungelo elikhulu ngokuthola isimemo sikaJehova esibonisa uthando sokuba abangani bakhe, ukuba izimenywa zakhe phakade etendeni lakhe!—IHu. 15:1-5. w24.06 13 ¶19-20
ULwesithathu, Januwari 14
Nikani uJehova inkazimulo efanele igama lakhe.—IHu. 96:8
Iyini inkazimulo? EBhayibhelini, igama elithi “inkazimulo” lingabhekisela kunoma yini engenza umuntu akhange. UJehova wabonisa inkazimulo yakhe emangalisayo ngemva nje kokuba ekhulule ama-Israyeli ebugqilini baseGibhithe. Bona ngeso lengqondo: Izigidi zama-Israyeli zihlangene eduze kweNtaba iSinayi ukuze zizolalela uNkulunkulu. Ifu elimnyama limboza intaba. Kungazelelwe, ukuzamazama okukhulu komhlaba—cishe okuhambisana nokuqhuma kwentaba-mlilo—kunyakazisa indawo ezimi kuyo njengoba liduma, libanika futhi kukhona nomsindo omkhulu wophondo. (Eks. 19:16-18; 24:17; IHu. 68:8) Cabanga indlela okumele ukuba ama-Israyeli ayemangele ngayo lapho uJehova eveza inkazimulo yakhe ngale ndlela emangalisayo. Namuhla, sinika uJehova inkazimulo ngokuxoxela abanye ngamandla akhe amangalisayo nangezimfanelo zakhe ezinhle, sikhazimulisa uNkulunkulu nalapho simdumisa ngezinto esizifeze ngosizo lwakhe.—Isaya 26:12. w25.01 2 ¶2-3
ULwesine, Januwari 15
UJehova [ungithumile].—Num. 16:28
Ngesikhathi ama-Israyeli esohambweni lwawo oluya eZweni Lesithembiso, amadoda avelele amelana noMose, amelana nanomsebenzi ayewabelwe uJehova. Athi: “Yonke inhlangano [hhayi uMose kuphela] ingcwele, yonke ngothi lwayo, futhi uJehova uphakathi kwayo.” (Num. 16:1-3) Nakuba kwakuyiqiniso ukuthi kuNkulunkulu “yonke inhlangano” yayingcwele, uJehova wayekhethe uMose ukuba ahole abantu baKhe. Ngokugxeka uMose, empeleni labo ababevukela babegxeka uJehova. Abagxilanga kulokho okwakufunwa uJehova; babegxile kulokho okwakufunwa yibo—babefuna igunya elengeziwe nokuvelela. UNkulunkulu wababulala labo ababehola kulokho kuvukela, wabulala nezinkulungwane zabantu ababevumelana nabo. (Num. 16:30-35, 41, 49) Namuhla singaqiniseka ngokuthi uJehova akabamukeli labo abangawahloniphi amalungiselelo enhlangano yakhe. w24.07 11 ¶11
ULwesihlanu, Januwari 16
Umbono uzogcwaliseka ngesikhathi esimisiwe.—Hab. 2:3.
Siphila esikhathini lapho abantu abaningi besenqaba—baze basihleke nokusihleka—isixwayiso seBhayibheli sokuphela kwaleli zwe. (2 Pet. 3:3, 4) Nakuba ziningi izinto esingazazi, kudingeka sikukholelwe ngokuqinile ukuthi ukuphela kwaleli zwe kuyofika ngesikhathi esifanele nokuthi uJehova uyosinakekela ngaleso sikhathi. Kumele sikukholelwe ngokuqinile nokuthi namuhla uJehova usebenzisa “inceku ethembekile neqondayo” ukuze asiqondise. (Math. 24:45) Lapho kuqala usizi olukhulu, singase sithole iziqondiso ezicacile ezisindisa ukuphila. Manje yisikhathi sokuba sisethembe nakakhulu isiqondiso esisithola kulabo abaholayo enhlanganweni kaJehova. Ngeke silindele ukuthi siyosilalela futhi sisethembe isiqondiso sabo phakathi nosizi olukhulu uma sihluleka ukusilalela manje. w24.09 11 ¶11-12
UMgqibelo, Januwari 17
[Zitholeleni] ngokwenu okuyintando kaNkulunkulu enhle neyamukelekayo nephelele.—Roma 12:2.
Ingane yakho ngeke ibe nokholo kuNkulunkulu ngenxa yokuthi wena unokholo. Ngokuhamba kwesikhathi, ingaqala ukubuza imibuzo enjengokuthi: ‘Ngazi kanjani ukuthi ukhona uNkulunkulu? Ngingakukholelwa ngempela yini lokho okushiwo yiBhayibheli?’ Empeleni, iBhayibheli lisikhuthaza ukuba sisebenzise ‘amandla ethu okucabanga’ futhi ‘siqiniseke ngazo zonke izinto.’ (Roma 12:1; 1 Thes. 5:21) Kodwa ungayisiza kanjani ingane yakho iqinise ukholo lwayo? Yikhuthaze ukuba izihlolele ukuthi okufundiswa yiBhayibheli kuyiqiniso yini. Lapho ingane yakho ibuza imibuzo, ungasebenzisa lelo thuba ukuze uyibonise ukuthi ingazithola kanjani izimpendulo ngokusebenzisa amathuluzi okucwaninga afana ne-Watch Tower Publications Index ne-Ncwadi Yokucwaninga YoFakazi BakaJehova. ENcwadini Yokucwaninga, ngaphansi kwesihloko esithi “IBhayibheli,” ingane ingase ibheke isihlokwana esithi “Liphefumulelwe UNkulunkulu” ukuze izitholele ukuthi iBhayibheli aliyona nje incwadi enhle eyabhalwa abantu. Kunalokho, ‘liyizwi likaNkulunkulu.’—1 Thes. 2:13. w24.12 14-15 ¶4-5
ISonto, Januwari 18
Ziphathise amadoda athembekile, ayokufanelekela ngokwanele ukuba nawo afundise abanye.—2 Thim. 2:2.
Abadala bangamlingisa kanjani uJesu? Kumele baqeqeshe futhi basize amadoda, kuhlanganise nalawo okungenzeka asemasha, ukuba afanelekele imisebenzi eyengeziwe. Abadala abalindele ukuba labo ababaqeqeshayo bangawenzi amaphutha. Kufanele babanike iseluleko esinothando ukuze laba bazalwane abasebasha bathole ulwazi olwengeziwe bafunde nokuthobeka, ukwethembeka futhi bazimisele ukukhonza abanye. (1 Thim. 3:1; 1 Pet. 5:5) UJesu wanikeza abafundi bakhe umsebenzi wokushumayela nokufundisa. Kungenzeka ukuthi bazizwa bengasifanelekeli lesi sabelo. Noma kunjalo, uJesu akazange angabaze ukuthi babengawenza lo msebenzi futhi wabatshela ukuthi uyazi bangawenza. Washo amazwi abonisa ukuthi uyabethemba ngempela, wathi: “Njengoba nje uBaba engithumile, nami ngiyanithuma.”—Joh. 20:21. w24.10 16 ¶15; 17 ¶17
UMsombuluko, Januwari 19
UDavide . . . , umuntu ojabulisa inhliziyo yami.—IzE. 13:22.
UDavide wayeyinkosi eqotho. Wayephinde abe umculi, imbongi, iqhawe nomprofethi. Wabhekana novivinyo oluningi. Kwaphela iminyaka ethile ephila njengombaleki, ebalekela inkosi enomona uSawule. Lapho eseyinkosi, uDavide kwadingeka aphinde abaleke, ukuze asindise ukuphila kwakhe lapho indodana yakhe u-Absalomu izama ukuqhwaga ubukhosi. Naphezu kobunzima namaphutha akhe, uDavide wahlala eqotho kuNkulunkulu kwaze kwaba sekufeni kwakhe. UJehova wamchaza ngokuthi ‘ungumuntu ojabulisa inhliziyo yakhe.’ Ngakho kuyafaneleka ukuba sisilalele iseluleko sikaDavide! (1 AmaKh. 15:5) Ngokwesibonelo, cabanga ngeseluleko uDavide asinikeza indodana yakhe eyayizoba inkosi, uSolomoni. Le nsizwa yayikhethwe uJehova ukuba iqhubeke ikhuthaza ukukhulekela okumsulwa yakhe nethempeli okwakuzokhonzwa kulo uNkulunkulu. (1 IziKr. 22:5) USolomoni wayezobhekana nobunzima. Wayezothini uDavide kuye? UDavide watshela indodana yakhe ukuthi uma ilalela uJehova, yayizophumelela.—1 AmaKh. 2:2, 3. w24.11 10 ¶9-11
ULwesibili, Januwari 20
Vumela uJehova aqondise indlela yakho; thembela kuye, yena uyokusiza.—IHu. 37:5.
Umyeni oshaya umkakhe noma omhlukumeza ngamazwi kudingeka athathe izinyathelo ukuze alungise ubuhlobo bakhe noJehova nobuhlobo bakhe nomkakhe. Okokuqala, kumele avume ukuthi unenkinga ebucayi. Akukho okufihlekile emehlweni kaJehova. (IHu. 44:21; UmSh. 12:14; Heb. 4:13) Okwesibili, kumele ayeke ukuhlukumeza umkakhe, ashintshe indlela aziphatha ngayo. (IzAga 28:13) Okwesithathu, uyaxolisa kumkakhe nakuJehova acele bamthethelele. (IzE. 3:19) Kufanele ancenge uJehova ukuba amsize abe nesifiso sokushintsha, amsize nokuba alawule imicabango yakhe, akushoyo nezenzo zakhe. (IHu. 51:10-12; 2 Kor. 10:5; Fil. 2:13) Okwesine, wenza ngokuvumelana nemithandazo yakhe ngokufunda ukuzonda zonke izinhlobo zobudlova nenkulumo elimazayo. (IHu. 97:10) Okwesihlanu, ucela usizo ngokushesha kubelusi abanothando ebandleni. (Jak. 5:14-16) Okwesithupha, uhlela kusengaphambili ukuthi yini azoyenza ukuze agweme lonke lolo hlobo lokuziphatha esikhathini esizayo. w25.01 11 ¶14
ULwesithathu, Januwari 21
Kungani ulokhu ubamba uyeka? Vuka, ubhapathizwe.—IzE. 22:16.
Uyamthanda yini uJehova uNkulunkulu, okuphe zonke izipho ezinhle, ngisho nokuphila imbala? Uyafuna yini ukubonisa ukuthi uyamthanda? Indlela engcono kakhulu ongakwenza ngayo lokho ukuzinikezela kuye bese uyabhapathizwa. Ukwenza kanjalo kukwenza ube yingxenye yomndeni kaJehova. Ngenxa yalokho, uBaba wakho noMngani wakho uyokuqondisa futhi akunakekele ngenxa yokuthi uyobe ungowakhe. (IHu. 73:24; Isaya 43:1, 2) Ukuzinikezela nokubhapathizwa kukunika nethuba lokujabulela ukuphila okuphakade. (1 Pet. 3:21) Kukhona yini okukuvimbayo ukuba ubhapathizwe? Uma kukhona awuwedwa. Nezinye izigidi zabantu kuye kwadingeka zenze izinguquko endleleni eziziphatha ngayo nasendleleni ezicabanga ngayo ukuze zifanelekele ukubhapathizwa. Manje sezikhonza uJehova ngenjabulo nangentshiseko. w25.03 2 ¶1-2
ULwesine, Januwari 22
Uthethelela ngeqiniso.—IHu. 130:4.
EBhayibhelini, izono zivame ukufaniswa nemithwalo esindayo. INkosi uDavide yazichaza ngale ndlela izono zayo: “Iziphambeko zami zinqwabelane zadlula ikhanda lami; njengomthwalo osindayo, ziyangisinda kakhulu.” (IHu. 38:4) Kodwa uJehova uyazithethelela izono zezoni eziphendukayo. (IHu. 25:18; 32:5) Igama lesiHebheru elihunyushwe ngokuthi “thethelela” lisho “ukuphakamisa” noma “ukuthwala.” Singafanisa uJehova nendoda enamandla esisusa umthwalo wesono osemahlombe ethu isithwalele wona. Omunye umfanekiso ubonisa ukuthi uJehova uziqhelisa kude kangakanani nathi izono zethu. IHubo 103:12 lithi kithi: “Njengokuqhelelana kwempumalanga nentshonalanga, uzibeke kude kangako izono zethu.” Impumalanga iqhelelene kakhulu nentshonalanga. Lezi zindawo ezimbili azilokothi zihlangane. Ngamanye amazwi, uJehova uziqhelisa kude kakhulu nathi izono zethu, njengoba singase sicabange. Lezi zibonelo zisenza siqiniseke ngempela ukuthi uJehova usithethelela ngokuphelele! w25.02 9 ¶5-6
ULwesihlanu, Januwari 23
Lapho wenzela abampofu okuhle ngesihe, ungaqali ngokushaya icilongo.—Math. 6:2.
Ngemva kokuba uJesu esebuyele ezulwini, umphostoli uPetru wenza isimangaliso ngokuphulukisa indoda eyazalwa ilunyonga. (IzE. 1:8, 9; 3:2, 6-8) Njengoba kulindelekile, lesi senzakalo esimangalisayo senza ukuba isixuku sabantu size kuPetru. (IzE. 3:11) Ingabe uPetru wayeyojatshuliswa ukuthi abantu babeza kuye, kwazise phela wayekhulele endaweni lapho ukuvelela nezikhundla kwakuthandwa khona? Cha, ngokuthobeka uPetru wayisa udumo kulabo olubafanele, uJehova noJesu, ethi: “Ngenxa yegama [likaJesu] nangenxa yokholo lwethu egameni lakhe, le ndoda eniyibonayo neniyaziyo yenziwe yaqina.” (IzE. 3:12-16) Singalingisa isibonelo sikaPetru ngokufunda ukuthobeka. Senzela abantu izinto ezinhle ngenxa yokuthi sithanda uJehova nabantu, hhayi ngoba sifuna ukunconywa. Uma ngothando senzela uJehova nabafowethu okuthile, kungakhathaliseki ukuthi abanye bayakuqaphela yini esikwenzayo, sinikeza ubufakazi bokuthi sithobekile.—Math. 6:1-4. w25.03 10-11 ¶11-12
UMgqibelo, Januwari 24
Zinake njalo wena nalokho okufundisayo.—1 Thim. 4:16.
Singandisa intshiseko esinayo emsebenzini wokushumayela ngokugxila ekuthandeni uJehova nomakhelwane wethu. (Math. 22:37-39) Cabanga nje indlela uJehova ajabula ngayo lapho esibona senza lo msebenzi nendlela abantu abajabula ngayo lapho beqala ukutadisha iBhayibheli! Cabanga nangokuphila okuphakade okuyotholwa yilabo abawulalelayo umyalezo wethu. (Joh. 6:40) Ingabe uvaleleke endlini ngenxa yezizathu ezithile? Uma kunjalo, gxila kulokho ongakwenza ukuze ubonise ukuthi uyamthanda uJehova nomakhelwane wakho. Ngesikhathi kunobhubhane lwe-COVID-19, uSamuel noDania babevaleleke endlini. Phakathi naleso sikhathi esinzima, babehlale beshumayela ngocingo, bebhala izincwadi, beqhuba nezifundo zeBhayibheli ngo-Zoom. Izimo zikaSamuel noDania zazingasabavumeli ukuba benze izinto ababekwazi ukuzenza ekuqaleni, kodwa benza lokho okusemandleni futhi bajabula ngokwenza kanjalo. w24.04 18 ¶15-16
ISonto, Januwari 25
Ubani ongathola umfazi okhaliphile? Ubaluleke ukwedlula amakhorali.—IzAga 31:10.
Nakuba injabulo ingancikile emshadweni, amaKristu amaningi angashadile, kungakhathaliseki ukuthi asemasha noma asemadala, ayakulangazelela ukuthola umuntu azoshada naye. Yiqiniso, ngaphambi kokuba uqale ukuthandana nothile, kufanele ube usukulungele ngokwezimali, ngokomoya nangokomzwelo ukushada. (1 Kor. 7:36) Kuhle nokwazi ukuthi yiziphi izimfanelo ozithandayo kumuntu ongase ushade naye ngaphambi kokuba uqale ukuthandana nothile. Uma kungenjalo, ungase uhluleke ukubona umuntu obungase ushade naye noma ungase uthandane nomuntu eningafanelene naye. Yiqiniso, noma ubani ocabanga ukushada naye kufanele abe umKristu obhapathiziwe. (1 Kor. 7:39) Kodwa akuyena wonke umuntu obhapathiziwe oyoba umngani wakho womshado ofanelekayo. Ngakho zibuze: ‘Iyini imigomo yami? Yiziphi izimfanelo engizibheka njengezibalulekile kumuntu engizoshada naye? Ingabe izinto engizilindele zinengqondo?’ w24.05 20 ¶1; 21 ¶3
UMsombuluko, Januwari 26
Bonisanani umusa.—Efe. 4:32.
Njengabantu abathandanayo, ningazisingatha kanjani izinkinga nezingxabano eningase nibe nazo ngezikhathi ezithile? Ingabe lokho kuyosho ukuthi anifanelene? Akunjalo ngempela; bonke abantu abashadile kuyenzeka bangavumelani. Umshado ojabulisayo wakhiwa abantu ababili abakwaziyo ukubambisana baxazulule ukungaboni ngaso linye. Ngakho indlela enixazulula ngayo izinkinga manje ingaveza ukuthi umshado wenu uyophumelela yini. Njengabantu abathandanayo, zibuzeni: ‘Siyakwazi yini ukuxoxa ngezinto ngomoya ozolile nangenhlonipho? Siyashesha yini ukuvuma amaphutha ethu bese sizama ukuwalungisa? Siyashesha yini ukwehlela ngezansi, ukuxolisa nokuthethelela?’ (Efe. 4:31) Uma njalo nihlale niphikisana noma niqagulisana njengoba nisathandana, cishe isimo ngeke sibe ngcono ngemva kokuba senishadile. Uma ubona ukuthi anifanelene nomuntu othandana naye, ukuhlukana kuyoba isinqumo esihle kakhulu kini nobabili. w24.05 29 ¶12
ULwesibili, Januwari 27
Makadunyiswe uJehova iDwala lami, ongiqeqeshela impi.—IHu. 144:1.
Singaba ithonya elihle kwabanye uma sigxila ekwenzeni okulungile futhi senza izinqumo ezisekelwe ngokuqinile ezimisweni zeBhayibheli. Njengoba ukholo lwethu nolwazi olunembile kukhula, siyoba qotho nakakhulu kuJehova nasemithethweni yakhe. Asikho manqikanqika, asinyakaziswa noma sithonywe kalula yizimfundiso zezwe nokucabanga kwezwe. (Efe. 4:14; Jak. 1:6-8) Siyakwazi nokusiza labo okungenzeka babhekene novivinyo. (1 Thes. 3:2, 3) Abadala kufanele balinganisele, bahluzeke engqondweni, bahleleke futhi bacabangele. La madoda asiza abanye ukuba bahlale bezolile futhi babe nokholo oluqinile kuJehova ‘ngokubambelela ngokuqinile ezwini elithembekile.’ (Thithu 1:9; 1 Thim. 3:1-3) Ngesibonelo sabo nangokwalusa, abadala basiza abamemezeli ukuba babe khona njalo emihlanganweni, enkonzweni yasensimini, basenze njalo nesifundo somuntu siqu. Lapho abafowethu nodadewethu bebhekene nezinkinga ezibenza bacindezeleke, abadala benza lukhulu ngokubasiza bahlale begxile kuJehova nasezinjongweni zakhe. w24.06 31 ¶16-18
ULwesithathu, Januwari 28
Phendukani, ngoba uMbuso wamazulu ususondele.—Math. 4:17.
Phakathi nenkonzo yakhe, uJesu wafundisa abantu ukuthi uBaba wakhe uyakulangazelela ukusithethelela lapho sona. Cabanga ngomfanekiso wendodana yolahleko. Le nsizwa yakhetha ukuziphatha kabi okwesikhathi esithile. Noma kunjalo, ‘yasanguluka’ yabuyela ekhaya. Wenzenjani ubaba wayo? UJesu wathi lapho le ndodana “isekude, uyise wayibona . . . , wagijima wayanga ngothando wayiqabula.” Le ndodana yayihlose ukubuza ukuthi ingakwazi yini ukuba yisisebenzi endlini kayise, kodwa uyise lapho ekhuluma ngayo wathi “le ndodana yami,” waphinde wayamukela njengelungu lomndeni. Uyise wathi: “Ibilahlekile, manje isitholakele.” (Luka 15:11-32) Ngesikhathi uJesu esezulwini ngaphambi kokuba eze emhlabeni, ngokuqinisekile wambona uBaba wakhe ezibonisa uzwela izoni eziningi eziphendukayo. Le ndaba eyalandiswa uJesu isithinta inhliziyo ngempela futhi iyasibonisa ukuthi unesihe kangakanani uBaba wethu, uJehova! w24.08 11 ¶11-12
ULwesine, Januwari 29
Yibani abahluzekile engqondweni.—1 Pet. 4:7.
UmKristu ohluzekile engqondweni wenza konke angakwenza ukuze enze izinqumo ezihlakaniphile ezivumelana nokucabanga kukaJehova. Uyazi ukuthi ekuphileni kwakhe ayikho into ebaluleke ukwedlula ubuhlobo bakhe noJehova. Unombono olinganiselayo ngaye, azi ukuthi akazi yonke into. Ubonisa nokuthi uthembele kuJehova ngokuthandaza njalo kuye ngokuzithoba. Siyaqaphela ukuthi kudingeka siqhubeke sithandaza kuJehova, kungakhathaliseki ukuthi yimaphi amakhono okungenzeka sinawo. Ngakho siyathandaza kuJehova sicele isiqondiso sakhe, ikakhulukazi lapho kumele senze izinqumo ezibalulekile, siqiniseka ngokuthi uyazi ukuthi yini esilungele. Simbonga kakhulu uJehova ngokuthi usidale ngendlela esenza sikwazi ukulingisa izimfanelo zakhe. (Gen. 1:26) Yiqiniso ukuthi ngeke sikwazi ukumlingisa ngokuphelele uJehova.—Isaya 55:9. w25.03 11 ¶13; 13 ¶17-18
ULwesihlanu, Januwari 30
[Uthando] luthemba zonke izinto, lukhuthazelela zonke izinto.—1 Kor. 13:7.
Ungasheshi uphethe ngokuthi abanye ababongi. Uma abanye bengabongi ngesibenzela kona, singase sizibuze: ‘Ababongi ngempela noma bamane bakhohliwe ukubonga?’ Mhlawumbe zikhona ezinye izizathu ezibenze bangasabela ngendlela ebesiyilindele. Abanye kungenzeka kubathinte kakhulu abenzelwe kona, kodwa bakuthola kunzima ukukuveza lokho. Kungase kubabangele amahloni ukuthola usizo, ikakhulukazi uma bekuyibo ababevame ukusiza abanye esikhathini esidlule. Kunoma yikuphi, uma sibathanda ngempela abafowethu nodadewethu ngeke sibacabangele okubi futhi siyoqhubeka sithola injabulo ngokupha. (Efe. 4:2) Yiba nesineke. Mayelana nokuba umuntu ophayo, iNkosi ehlakaniphile uSolomoni yathi: “Phonsa isinkwa sakho emanzini, ngoba uyophinde usithole ngemva kwezinsuku eziningi.” (UmSh. 11:1) Njengoba la mazwi ebonisa, abanye kungase kubathathe isikhathi ukuba basibonge—“ngemva kwezinsuku eziningi.” w24.09 30 ¶18-19
UMgqibelo, Januwari 31
Abantu abenza isono basole phambi kwabo bonke ababukele, ukuze bonke bathole isexwayiso.—1 Thim. 5:20.
Ngezinye izikhathi kwenziwa isaziso ebandleni sokuthi umuntu usoliwe. Esimweni esinjalo, singaqhubeka sizihlanganisa naye, sazi ukuthi uphendukile nokuthi uyekile ukwenza okungalungile. Useyilungu lebandla, futhi uyasidinga isikhuthazo esitholakala ngokuzihlanganisa nakholwa nabo. (Heb. 10:24, 25) Nokho, kwehluke kakhulu ngomuntu osusiwe ebandleni. ‘Siyayeka ukuzihlanganisa’ nalowo muntu, ‘asidli ngisho nokudla nomuntu onjalo.’ (1 Kor. 5:11) Ingabe lokhu kusho ukuthi simziba ngokuphelele umuntu osusiwe? Cha. Yiqiniso ukuthi ngeke sizihlanganise naye. Kodwa amaKristu angasebenzisa unembeza wawo oqeqeshwe ngeBhayibheli ukuze anqume ukuthi angammemela yini emhlanganweni webandla umuntu owasuswa ebandleni, mhlawumbe umuntu oyisihlobo noma owayengumngani wawo. w24.08 30 ¶13-14