Indlela Yokusebenzisa Le Ncwajana
Emakhasini alandelayo, uzothola umBhalo wosuku ngalunye nokukhulunyelwa kwawo. Nakuba umBhalo nokukhulunyelwa kwawo kungase kufundwe noma nini, abaningi bakuthola kuzuzisa ukuwuhlola ekuseni. Ngokwenza kanjalo, bangakwazi ukucabanga ngawo usuku lonke. Ukuxoxa ngomBhalo wosuku njengomndeni kuzuzisa kakhulu. Imindeni yaseBethel emhlabeni wonke yenza lokho ngesikhathi sokudla kwasekuseni.
Izikhombo ezisekupheleni kwesigaba ngasinye zibonisa ukuthi sithathwe kuphi leso sigaba. Ngokwesibonelo, isikhombo esithi “w24.04 2 ¶1, 3” sibhekisela emthonjeni oboniswe ngezansi. Okwengeziwe ngalesi sihloko kungatholakala kulesi sikhombo esisuke sibonisiwe.
w24 |
Unyaka we-Nqabayokulinda (2024) |
04 |
Inyanga ye-Nqabayokulinda (Ephreli) |
2 |
Inombolo yekhasi noma amakhasi lapho isigaba sitholakala khona |
¶1, 3 |
Inombolo yesigaba noma izigaba lapho kutholakala khona isigaba |