INGOMA 5
Imisebenzi KaNkulunkulu Emangalisayo
Uhlelo Oluprintiwe
1. Jehova wena uyangazi,
Ukulala nokuvuka kwami.
Uhlola yonk’ imicabango yami,
Nokuphila kwami konke
uyakwazi.
Wangibona ngisewumbungu,
Wabona ngisho namathambo am’.
Akukho okwakufihliwe kuwe.
Maw’dunyiswe ngokuhlakanipha
kwakho.
Ulwazi lwakho luyamangalisa;
Umphefum’lo wami wazi kahle.
Noma bengingahaqwa ubumnyama,
Umoya wakh’ uyongikhulula.
Ngingacasha kuphi Jehova,
Ngizifihle ebusweni bakho?
Ngeke ngicashe ngisho ethuneni,
Noma ebumnyameni
noma olwandle.
(Bheka neHu. 66:3; 94:19; Jer. 17:10.)