INGOMA 6
Amazulu Amemezela Inkazimulo KaNkulunkulu
Uhlelo Oluprintiwe
(IHubo 19)
1. Amazulu adumis’ uJehova.
Im’sebenzi yakhe
siy’bon’ endalweni.
Nsuku zonke imnika udumo.
Ub’suku obucwathile
B’yamkhazimulisa.
2. Umthetho kaJehov’ uyaphilisa.
Uyisiqondiso kubo
bonk’ abantu.
Izahlulelo zakhe z’lungile.
IZwi lakhe l’hlanzekile,
Limnandi kakhulu.
3. Ukwesaba uNkulunkulu kuhle.
Imithetho yakhe
idlul’ igolide.
Imiyalo yakh’ iyavikela.
Mas’dumis’ igama lakhe,
Simkhazimulise.
(Bheka neHu. 111:9; 145:5; IsAm. 4:11.)