INgoma 110
Imisebenzi KaNkulunkulu Emangalisayo
Uhlelo Oluprintiwe
1. Jehova wena uyangazi,
Ukuhlala nokusukuma kwam’.
Uhlola ukuthambekela kwami,
Nokuphila kwami
konke uyakwazi.
Wangibona ngisengumbungu,
Wabona ngisho namathambo am’.
Akukho okwakufihliwe kuwe.
Maw’dunyiswe
ngokuhlakanipha kwakho.
Ulwazi lwakho luyamangalisa;
Umphefum’lo wami wazi kahle.
Noma bengingahaqwa ubumnyama,
Umoya wakh’ uyongikhulula.
Ngingacasha kuphi Jehova,
Ngizifihle ebusweni bakho?
Ngeke ngicashe ngisho naseShiyol’,
Noma ebumnyameni noma olwandle.
(Bheka neHu. 66:3; 94:19; Jer. 17:10.)