Isethulo Sengxenye 11
Le ngxenye yethula imiBhalo YamaKristu YesiGreki. UJesu wazalelwa emndenini ongacebile owawuhlala edolobhaneni elincane. Wayesebenza nobaba wakhe ongumbazi. UJesu nguye owayezosindisa abantu. UJehova wakhetha yena ukuba abe yiNkosi yoMbuso wasezulwini. Uma ungumzali, siza ingane yakho ibone ukuthi uJehova wawukhetha ngokucophelela kanjani umndeni nendawo uJesu ayezokhulela kuyo. Bonisa indlela uJehova avikela ngayo uJesu ukuze angabulawa uHerode nokuthi ayikho into engavimba injongo kaJehova. Yifundise indlela uJehova anika ngayo uJohane umsebenzi wokulungiselela uJesu indlela. Gcizelela nendlela uJesu abonisa ngayo ukuthi uyakuthanda ukuhlakanipha kukaJehova, ngisho nangesikhathi esemncane.