Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • lfb isif. 12 k. 34
  • UJakobe Wathola Ifa

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • UJakobe Wathola Ifa
  • Masifunde Ezindabeni EziseBhayibhelini
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Amawele Ayengafani
    INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli
  • Qapha Ifa Lakho Ngokukhetha Ngokuhlakanipha
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2013
  • UJakobe No-Esawu Bayaxolelana
    Masifunde Ezindabeni EziseBhayibhelini
  • Imibuzo Evela Kubafundi
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2007
Bheka Okunye
Masifunde Ezindabeni EziseBhayibhelini
lfb isif. 12 k. 34
UJakobe unikeza u-⁠Esawu isitshulu ukuze athathe ubuzibulo bakhe

ISIFUNDO 12

UJakobe Wathola Ifa

U-Isaka noRebheka namawele abo, uJakobe no-Esawu

U-Isaka wayeneminyaka engu-40 lapho eshada noRebheka. Wayemthanda kakhulu. Ngokuhamba kwesikhathi, baba namadodana amabili—amawele.

Igama lendodana endala kwakungu-Esawu kanti encane kwakunguJakobe. U-Esawu wayekuthanda ukuzula futhi ekwazi kahle ukuzingela. Kanti uJakobe wayethanda ukuhlala ekhaya.

Ngalezo zikhathi, indodana endala iyona eyayinikezwa indawo enkulu nemali eningi lapho ubaba wayo efa. Lokho kwakubizwa ngokuthi ifa. Emndenini ka-Isaka, ifa lalihlanganisa nezithembiso uJehova ayezenze ku-Abrahama. U-Esawu wayengenandaba nalezo zithembiso, kodwa uJakobe wayazi ukuthi zibaluleke kakhulu.

UJakobe no-Esawu

Ngolunye usuku, u-Esawu wafika ekhaya ekhathele kakhulu ngemva kokuzingela usuku lonke. Wezwa iphunga lokudla okumnandi okwakuphekwa uJakobe, wabe esethi: ‘Ngaze ngafa indlala! Ngicela ungiphakele leso sitshulu!’ UJakobe wathi: ‘Ngizokuphakela, kodwa ngithembise kuqala ukuthi uzonginika ifa lakho.’ U-Esawu wathi: ‘Anginandaba nefa lami! Lithathe. Into engiyifunayo nje ukudla.’ Ucabanga ukuthi u-Esawu wenza ngokuhlakanipha? Cha, akunjalo. U-Esawu wadela into ebaluleke kakhulu ukuze nje athole isitshulu.

Lapho u-Isaka eseguge kakhulu, kwase kuyisikhathi sokubusisa indodana yakhe endala. Kodwa uRebheka wasiza uJakobe, indodana encane, ukuba kube yiyo ethola isibusiso. Lapho u-Esawu ezwa lokho, wathukuthela kakhulu futhi wafuna ukulibulala iwele lakhe. U-Isaka noRebheka babefuna ukuvikela uJakobe, ngakho bathi kuye: ‘Baleka uyohlala nomalume wakho uLabani, kuze kwehle intukuthelo ka-Esawu.’ UJakobe walalela abazali bakhe futhi wabaleka ukuze asindise ukuphila kwakhe.

“Kuyomsiza ngani umuntu ukuzuza izwe lonke, alahlekelwe ukuphila kwakhe? Yini ngempela umuntu angayikhipha ukuze athole ukuphila kwakhe?”—Marku 8:36, 37

Imibuzo: Wayengumuntu onjani u-Esawu? Wayengumuntu onjani uJakobe? Kungani uJakobe athola isibusiso esikhundleni sika-Esawu?

Genesise 25:20-34; 27:1–28:5; Hebheru 12:16, 17

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela