Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • lfb isif. 11 k. 32-k. 33 isig. 2
  • Ukuvivinywa Kokholo

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukuvivinywa Kokholo
  • Masifunde Ezindabeni EziseBhayibhelini
  • Indaba Ethi Ayifane
  • UJehova Uvivinya U-Abrahama
    INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli
  • Ubufakazi Obukhulu Bothando LukaNkulunkulu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2009
  • UJehova Wambiza Ngokuthi “Umngane Wami”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2016 (Efundwayo)
  • Wayengubani U-Abrahama?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2012
Bheka Okunye
Masifunde Ezindabeni EziseBhayibhelini
lfb isif. 11 k. 32-k. 33 isig. 2
U-Abrahama no-Isaka baya eMoriya

ISIFUNDO 11

Ukuvivinywa Kokholo

U-Abrahama wafundisa indodana yakhe u-Isaka ukuba ithande uJehova futhi izethembe zonke izithembiso zikaJehova. Kodwa lapho u-Isaka eneminyaka engaba ngu-25, uJehova wacela u-Abrahama ukuba enze into okwakunzima kakhulu ukuyenza. Kwakuyini leyo nto?

UNkulunkulu wathi ku-Abrahama: ‘Ngicela uthathe indodana yakho okuwukuphela kwayo wenze ngayo umnikelo oshiswayo entabeni yaseMoriya.’ U-Abrahama wayengazi ukuthi kungani uJehova ayemcele ukuba enze leyo nto. Noma kunjalo, wamlalela uJehova.

Ekuseni kakhulu ngakusasa, u-Abrahama wathatha u-Isaka nezinceku zakhe ezimbili baya eMoriya. Ngemva kwezinsuku ezintathu, baqala ukuzibona izintaba. U-Abrahama watshela izinceku zakhe ukuba zimlinde ngesikhathi yena no-Isaka besayonikela. U-Abrahama wanika u-Isaka izinkuni zokubasa, yena waphatha ummese. U-Isaka wabuza ubaba wakhe: ‘Siphi isilwane esizonikela ngaso?’ U-Abrahama waphendula: ‘Ndodana, uJehova uzosipha sona.’

Ekugcineni lapho befika entabeni bakha i-altare. U-Abrahama wabe esebopha u-Isaka izandla nezinyawo wambeka phezu kwe-altare.

U-Isaka uboshwe phezu kwe-altare futhi u-⁠Abrahama uphethe ummese

U-Abrahama waphakamisa ummese. Ngaleso sikhathi, ingelosi kaJehova yamemeza isemazulwini: ‘Abrahama! Ungamlimazi umfana! Manje sengiyazi ukuthi unokholo kuNkulunkulu ngoba ubuzimisele ukunikela ngendodana yakho.’ U-Abrahama wabe esebona inqama ibambeke ngezimpondo esihlahleni. Ngokushesha waqaqa u-Isaka wabe esenikela ngenqama.

Kusukela ngalolo suku uJehova wabiza u-Abrahama ngokuthi umngani wakhe. Uyazi ukuthi kungani? U-Abrahama wayenza noma yini uJehova athi akayenze ngisho noma engaqondi ukuthi kungani uJehova ethi akenze leyo nto.

U-Abrahama uqaqa u-⁠Isaka

UJehova waphinde wasisho lesi sithembiso ku-Abrahama: ‘Ngizokubusisa futhi uzoba nezingane eziningi.’ Lokhu kwakusho ukuthi uJehova uyobusisa bonke abantu abalungile ngomndeni ka-Abrahama.

“UNkulunkulu walithanda izwe kangangokuba waze wanikela ngeNdodana yakhe ezelwe yodwa, ukuze wonke umuntu obonisa ukholo kuyo angabhubhi kodwa athole ukuphila okuphakade.”—Johane 3:16

Imibuzo: U-Abrahama wabonisa kanjani ukuthi wayemethemba uJehova? UJehova wamthembisani u-Abrahama?

Genesise 22:1-18; Hebheru 11:17-19; Jakobe 2:21-23

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela