ISAHLUKO 1
Ukuhlelelwa Ukwenza Intando KaJehova
EMHLABENI kabanzi kunenqwaba yezinhlangano zenkolo, zezombusazwe, zezentengiselwano nezomphakathi ezinezici, imigomo, imibono namafilosofi ahlukahlukene. Kodwa ikhona inhlangano eyodwa ehluke ngendlela ephawulekayo kuzo zonke ezinye. IZwi likaNkulunkulu liveza ngokucacile ukuthi leyo nhlangano oFakazi BakaJehova.
2 Kuyajabulisa ukuthi usuhlanganyela nayo le nhlangano kaJehova. Njengoba usuzitholele ngokwakho ukuthi iyini intando kaNkulunkulu, usuyayenza manje. (IHu. 143:10; Roma 12:2) Uyisikhonzi esikhuthele, ukhonza nenhlangano yomhlaba wonke yabazalwane abanothando. (2 Kor. 6:4; 1 Pet. 2:17; 5:9) Njengoba kwathenjiswa eZwini likaNkulunkulu, lokhu kukulethela izibusiso ezicebile nentokozo enkulu. (IzAga 10:22; Marku 10:30) Ngokwenza intando kaJehova ngokwethembeka manje, ulungiselelwa ikusasa laphakade nelikhazimulayo.—1 Thim. 6:18, 19; 1 Joh. 2:17.
3 UMdali wethu Omkhulu unenhlangano yomhlaba wonke engokwasezulwini engafani nezinye. Ukuthi ingokwasezulwini kusho ukuthi ibuswa uJehova, oyiNhloko yakho konke. Simethemba ngokuphelele. UnguMahluleli wethu, uMniki-mthetho wethu neNkosi yethu. (Isaya 33:22) Njengoba enguNkulunkulu wokuhleleka, wenze amalungiselelo okusenza ‘sisebenze kanye naye’ ekufezeni injongo yakhe.—2 Kor. 6:1, 2.
4 Njengoba ukuphela kwalesi simiso samanje sezinto kuya kusondela, siphokophela phambili, siholwa iNkosi emisiwe, uKristu Jesu. (Isaya 55:4; IsAm. 6:2; 11:15) NguJesu uqobo lwakhe owabikezela ukuthi abalandeli bakhe babeyokwenza imisebenzi emikhulu kunayenza yena phakathi nenkonzo yakhe yasemhlabeni. (Joh. 14:12) Kwakuyoba njalo ngoba abalandeli bakaJesu babeyohlanganisa izindawo eziningi ngesikhathi eside kunasithatha yena futhi beyinani elandayo. Babeyomemezela izindaba ezinhle zoMbuso kuze kube semikhawulweni yomhlaba.—Math. 24:14; 28:19, 20; IzE. 1:8.
5 Sekwenzekile kakade lokhu. Nokho, njengoba uJesu asho ngokucacile, umsebenzi wokumemezela izindaba ezinhle uyophela ngesikhathi esimiswe uJehova. Zonke izimpawu eziseZwini likaNkulunkulu lesiprofetho zibonisa ukuthi usuku lukaJehova olukhulu nolwesabekayo selusondele.—Joweli 2:31; Zef. 1:14-18; 2:2, 3; 1 Pet. 4:7.
Kudingeka sizame nakakhulu ukwenza izinto ezifunwa uNkulunkulu. Lokhu kudinga ukuba siyazi kahle indlela inhlangano kaNkulunkulu esebenza ngayo
6 Njengoba siqonda ukuthi iyini intando kaJehova kulesi sikhathi sokuphela, kudingeka sizame nakakhulu ukwenza izinto ezifunwa uNkulunkulu. Lokhu kudinga ukuba siyazi kahle indlela inhlangano kaNkulunkulu esebenza ngayo futhi sibambisane nayo ngokugcwele. Indlela esebenza ngayo isekelwe ezimisweni ezisemiBhalweni, kuhlanganise nemiyalo, imithetho, iziqondiso nezimfundiso eziseZwini likaNkulunkulu eliphefumulelwe.—IHu. 19:7-9.
7 Lapho abantu bakaJehova benamathela eziqondisweni ezinjalo ezisekelwe eBhayibhelini, bahlala futhi basebenze ndawonye ngokuthula nangobunye. (IHu. 133:1; Isaya 60:17; Roma 14:19) Yini eqinisa izibopho esinazo nabafowethu kuyo yonke indawo? Uthando. Yilona olusishukumisayo futhi silugqokile. (Joh. 13:34, 35; Kol. 3:14) Ngokwenza ngale ndlela eyamukelwa uNkulunkulu, sihambisana nengxenye esezulwini yenhlangano kaJehova.
INGXENYE ESEZULWINI YENHLANGANO KAJEHOVA
8 Abaprofethi u-Isaya, uHezekeli noDaniyeli babona imibono yengxenye esezulwini yenhlangano kaJehova. (Isaya, isahl. 6; Hez., isahl. 1; Dan. 7:9, 10) Ngokufanayo, umphostoli uJohane wathola umbono waleli lungiselelo lasezulwini, wayesesithi fahla fahla ngawo encwadini yesAmbulo. Wabona uJehova esesihlalweni sobukhosi esikhazimulayo enezidalwa eziyizingelosi ezithi: “Ungcwele, ungcwele, ungcwele uJehova uNkulunkulu, uMninimandla onke, owayekhona nokhona nozayo.” (IsAm. 4:8) UJohane wabuye wabona “kumi phakathi kwesihlalo sobukhosi . . . iwundlu,” iWundlu likaNkulunkulu, uJesu Kristu.—IsAm. 5:6, 13, 14; Joh. 1:29.
9 Lo mbono oveza uJehova ehlezi esihlalweni sobukhosi ubonisa ukuthi uyiNhloko yale nhlangano. Ngokuqondene naye nesikhundla sakhe esiphakeme kakhulu, eyoku-1 IziKronike 29:11, 12 ithi: “Ngobakho, Jehova, ubukhulu namandla nobuhle nokuhlonipheka nesithunzi; ngoba konke okusemazulwini nokusemhlabeni kungokwakho. O Jehova, ngowakho umbuso, wena oziphakamisayo njengenhloko phezu kwakho konke. Ingcebo nenkazimulo kukhona ngenxa yakho, futhi ubusa konke; esandleni sakho kukhona amandla nobukhulu, esandleni sakho kukhona ikhono lokukhulisa nelokunika amandla kubo bonke.”
10 Njengesisebenzi esikanye noJehova, uJesu Kristu unesikhundla esiphezulu emazulwini futhi likhulu igunya anikwe lona. Ngempela, uNkulunkulu “wabeka . . . zonke izinto ngaphansi kwezinyawo zakhe, wamenza inhloko phezu kwazo zonke izinto ebandleni.” (Efe. 1:22) Umphostoli uPawulu wathi ngoJesu: “[UNkulunkulu] wamphakamisela esikhundleni esiphakeme futhi ngomusa wamnika igama elingaphezu kwawo wonke amanye amagama, ukuze egameni likaJesu wonke amadolo aguqe, awabasezulwini nawabasemhlabeni nawabangaphansi komhlaba, futhi zonke izilimi zivume obala ukuthi uJesu Kristu uyiNkosi kube inkazimulo kaNkulunkulu uBaba.” (Fil. 2:9-11) Ngakho singathembela ngokuphelele ekuholeni okulungile kukaJesu Kristu.
11 Umprofethi uDaniyeli wabona embonweni oMdala Wezinsuku esesihlalweni saKhe sobukhosi nezingelosi ‘eziyizinkulungwane eziyinkulungwane ezazilokhu zimkhonza, nezinkulungwane eziyishumi eziphindwe kazinkulungwane eziyishumi ezazilokhu zimi khona kanye phambi kwakhe.’ (Dan. 7:10) IBhayibheli libiza leli butho lezingelosi ngokuthi “imimoya enikela inkonzo yomphakathi, ethunyelwe ukukhonza ngenxa yalabo abayozuza insindiso njengefa.” (Heb. 1:14) Zonke lezi zidalwa zomoya zihlelwe ‘ngokwezihlalo zobukhosi noma ubukhosi noma ohulumeni noma amagunya.’—Kol. 1:16.
12 Uma sizinika isikhathi sokucabanga kanzulu ngalezi zici zengxenye yasezulwini yenhlangano kaJehova, singakuqonda ukusabela kuka-Isaya lapho ‘ebona’ embonweni “uJehova ehlezi esihlalweni sobukhosi esiphakeme nesiphakanyisiwe,” ‘kumi amaserafi ngaphezu kwakhe.’ U-Isaya wathi: “Maye kimi! Ngoba kuyefana nokuthi ngithulisiwe, ngoba ngingumuntu onezindebe ezingcolile, futhi ngihlala phakathi kwesizwe esinezindebe ezingcolile; ngoba amehlo ami abone iNkosi, uJehova wamabutho ngokwakhe!” Ngempela, u-Isaya wathuthumela futhi wazizwa ethotshisiwe lapho eqonda ubukhulu benhlangano kaJehova. Lo mbono wamthinta ngokujule kangangokuba lapho kukhishwa isicelo ezulwini mayelana nomsebenzi okhethekile wokumemezela izahlulelo zikaJehova, u-Isaya waphendula: “Nangu mina! Thuma mina.”—Isaya 6:1-5, 8.
13 Ukwazi inhlangano kaJehova nokuyazisa kubashukumisa ngendlela efanayo abantu bakhe. Njengoba le nhlangano iya phambili, senza konke okusemandleni ukuba sihambisane nayo. Silwela ukubonisa ukuthi siyayethemba inhlangano kaJehova namuhla.
INHLANGANO KAJEHOVA IYA PHAMBILI
14 Esahlukweni 1 sesiprofetho sikaHezekeli, uJehova ubonakala embonweni egibele inqola enkulukazi yasezulwini. Le nqola ekhazimulayo ifanekisela ingxenye engabonakali yenhlangano kaJehova. Ugibele le nqola ngomqondo wokuthi uyiqondisa ngomusa futhi uyisebenzisela injongo yakhe enhle.—IHu. 103:20.
15 Isondo ngalinye lale nqola linesondo ngaphakathi kwalo—elilingana nalo nelingena livundle kuleli elingaphandle. Yilesi sizathu kuphela esenza kuthiwe amasondo ‘ahamba ngezinhlangothi zawo ezine.’ (Hez. 1:17) Amasondo angashintsha ngokuphazima kweso lapho eya khona. Noma kunjalo, akusho ukuthi akukho muntu ohlakaniphile oqondisa le nqola. UJehova akayiyeki inhlangano yakhe iziyele nomaphi lapho ingathanda ukuya khona. UHezekeli 1:20 uthi: “Nomaphi lapho umoya wawuthambekela ukuya khona, ayeya khona.” Ngakho, nguJehova owenza inhlangano yakhe iye nomaphi lapho umoya wakhe uyenza iye khona. Nanku umbuzo okumelwe sizibuze wona, ‘Ingabe mina ngihambisana nayo?’
16 Ukuhambisana nenhlangano kaJehova kuhilela okungaphezu kokuya ezifundweni nasenkonzweni yasensimini. Ngokuyinhloko, ukuhambisana nenhlangano kusho ukuthuthuka nokukhula ngokomoya. Kuhilela ‘ukuqiniseka ngezinto ezibaluleke kakhulu’ nokuhambisana nesimiso sokondliwa ngokomoya. (Fil. 1:10; 4:8, 9; Joh. 17:3) Kumelwe sikhumbule nokuthi lapho kunokuhleleka khona, kuba nokubambisana. Ngakho kumelwe sikuqaphele ukubaluleka kokusebenzisa kahle izinto ezingokomoya nezingokwenyama uJehova asiphathise zona ukuze sifeze umsebenzi wakhe. Njengoba sihambisana nenqola kaJehova yasezulwini, ukuphila kwethu kuvumelana nesigijimi esisimemezelayo.
17 Ngosizo lwenhlangano kaJehova, siqhubekela phambili nokwenza intando kaNkulunkulu. Khumbula ukuthi uMgibeli wale nqola yasezulwini nguJehova. Ngakho-ke, ukuhambisana nenqola yakhe kubonisa ukuthi siyamhlonipha uJehova futhi siyalethemba iDwala lethu. (IHu. 18:31) IBhayibheli liyathembisa: “UJehova uyobanika impela abantu bakhe amandla. UJehova uyobusisa abantu bakhe ngokuthula.” (IHu. 29:11) Ngenxa yokuba yingxenye yenhlangano kaJehova namuhla, sithola amandla nokuthula abusisa ngako abantu bakhe abahlelwe baba inhlangano. Yebo, akuthandabuzwa, siyoqhubeka sithola izibusiso ezinothile uma senza intando kaJehova manje kuze kube phakade.