Incwadi Evela Endikimbeni Ebusayo
Bamemezeli Bezindaba Ezinhle Abathandekayo Esikanye Nabo:
Yeka ilungelo elibabazekayo esinalo lokuba sibe munye ekukhulekeleni owukuphela kukaNkulunkulu weqiniso, uJehova! “Siyizisebenzi ezikanye” naye eziphathiswe umsebenzi ongcwele nosindisa ukuphila wokushumayela nokufundisa izindaba ezinhle zoMbuso wakhe omisiwe. (1 Kor. 3:9; Math. 28:19, 20) Ukuze lo msebenzi womhlaba wonke siwufeze ngokuthula nangobunye, kumelwe sihleleke kahle.—1 Kor. 14:40.
Le ncwadi ikusiza uqonde ukuthi ibandla lobuKristu lisebenza kanjani namuhla. Ichaza amalungelo nemithwalo yemfanelo onayo njengomunye woFakazi BakaJehova. Uma uwazisa amalungelo akho futhi uyifeza imithwalo yakho yemfanelo, ‘uyoqiniswa okholweni.’—IzE. 16:4, 5; Gal. 6:5.
Ngakho-ke, sikukhuthaza ukuba uyitadishisise le ncwadi. Funa izindlela ongasebenzisa ngazo ekuphileni kwakho lokho ozokufunda. Ngokwesibonelo, uma usanda kuba ummemezeli ongabhapathiziwe, yiziphi izinyathelo okumelwe uzithathe ukuze ubhapathizwe njengomunye woFakazi BakaJehova? Ngakolunye uhlangothi, uma ubhapathiziwe, yini ongayenza ukuze ukhule ngokomoya futhi wandise inkonzo yakho kuJehova? (1 Thim. 4:15) Yini ongayenza ukuze ube neqhaza ekuthuleni kwebandla? (2 Kor. 13:11) Bheka izimpendulo zale mibuzo kule ncwadi.
Uma ungumzalwane obhapathiziwe, yini ongayenza ukuze ufanelekele ukukhonza njengenceku ekhonzayo futhi kamuva njengomdala? Njengoba kunezinkulungwane zabantu abasanda kuhlanganyela eziqhubeka zithutheleka enhlanganweni kaNkulunkulu, kunesidingo esiphuthumayo sabazalwane abafanelekayo abazohola. Le ncwadi izokusiza ubone ukuthi yini ehilelekile ‘ekufinyeleleni’ le migomo engokomoya.—1 Thim. 3:1.
Sithandaza ngobuqotho ukuba le ncwadi ikusize ubone indawo yakho elungiselelweni likaJehova futhi uyazise. Sinithanda kakhulu nonke futhi siyaqhubeka sithandazela ukuba nibe phakathi kwalabo abayokujabulela kuze kube phakade ukukhulekela uBaba wethu osemazulwini, uJehova.—IHu. 37:10, 11; Isaya 65:21-25.
Abafowenu,
INdikimba Ebusayo YoFakazi BakaJehova