Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • kr isahl. 9 kk. 87-97
  • Imiphumela Yokushumayela—“Amasimu . . . Asemhlophe Alungele Ukuvunwa”

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Imiphumela Yokushumayela—“Amasimu . . . Asemhlophe Alungele Ukuvunwa”
  • UMbuso KaNkulunkulu Uyabusa!
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Isicelo Sokuba Kusetshenzwe, Nesithembiso Senjabulo
  • INkosi Yethu Iyahola Ekuvuneni Okukhulu Kunakho Konke
  • Umphumela Wokuvuna​—Wabikezelwa Ngemifanekiso
  • Okwenza Zonke Izinceku ZikaJehova Zibe Nesizathu Sokujabula
  • “Kusukela Ekuphumeni Kwelanga Kuze Kube Sekushoneni Kwalo”
  • Phokophela Phambili Emsebenzini Wokuvuna!
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-2001
  • Amasimu Asemhlophe Alungele Ukuvunwa
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2010
  • Yibani Yizisebenzi Zokuvuna Ezijabulayo!
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-2001
  • Kudingeka Ngokuphuthumayo—Izisebenzi Zokuvuna Ezengeziwe
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1985
Bheka Okunye
UMbuso KaNkulunkulu Uyabusa!
kr isahl. 9 kk. 87-97

ISAHLUKO 9

Imiphumela Yokushumayela—“Amasimu . . . Asemhlophe Alungele Ukuvunwa”

OKUZOXOXWA NGAKHO KULESI SAHLUKO

UJehova uye wayikhulisa imbewu yeqiniso loMbuso

1, 2. (a) Kungani abafundi bedidekile? (b) UJesu ukhuluma ngakuphi ukuvuna?

ABAFUNDI badidekile. UJesu uthe kubo: “Phakamisani amehlo enu nibuke amasimu ukuthi asemhlophe alungele ukuvunwa.” Baqalaza ngalapho uJesu ekhomba khona, kodwa abawaboni amasimu amhlophe, babona aluhlaza​—umbala webhali elisanda kuhluma. Cishe bayazibuza, ‘Ukuvunwa kwani lokhu akhuluma ngakho? Kusasele izinyanga ngaphambi kokuba kuvunwe.’—Joh. 4:35.

2 UJesu akakhulumi-ke kodwa ngokuvuna okungokoqobo. Kunalokho, usebenzisa leli thuba ukuze afundise abafundi bakhe izifundo ezimbili ezibalulekile ngokuvuna okungokomoya—ukuvunwa kwabantu. Yiziphi lezo zifundo? Ukuze sithole impendulo, ake sifunde imininingwane yalokhu kulandisa.

Isicelo Sokuba Kusetshenzwe, Nesithembiso Senjabulo

3. (a) Kungenzeka yini eyenza uJesu wathi: “Amasimu . . . asemhlophe alungele ukuvunwa”? (Bheka umbhalo waphansi.) (b) UJesu wakucacisa kanjani lokho ayekusho?

3 Ingxoxo kaJesu nabafundi bakhe yayisekupheleni kuka-30 C.E., eduze komuzi waseSamariya iSikhari. Ngesikhathi abafundi bakhe bengene kulo muzi, uJesu wasala ngemuva emthonjeni waxoxa nowesifazane ngamaqiniso angokomoya. Wakuqonda ngokushesha ukubaluleka kwezimfundiso zikaJesu. Lapho abafundi bebuyela kuJesu, lona wesifazane waphuthuma waya eSikhari eyotshela omakhelwane bakhe izinto ezimangalisayo ayezifundile. Umbiko wakhe wavusa elikhulu ilukuluku, omakhelwane bakhe abaningi baphuthuma emthonjeni beyobona uJesu. Cishe ngaleso sikhathi​—njengoba uJesu ebuka laphaya kude namasimu futhi ebona isixuku samaSamariya siza​—wathi: ‘Bukani amasimu ukuthi asemhlophe alungele ukuvunwa.’a Ukuze acacise ukuthi wayengasho ukuvuna okungokoqobo, kodwa okungokomoya, wabe esenezela: “Umvuni . . . ubutha isithelo esiyothola ukuphila okuphakade.”—Joh. 4:​5-30, 36.

4. (a) Yiziphi izifundo ezimbili ezafundiswa nguJesu ngokuvuna? (b) Yimiphi imibuzo esizoyicabangela?

4 Yiziphi izifundo ezimbili ezibalulekile ngokuvuna okungokomoya uJesu azifundisa? Esokuqala, umsebenzi uyaphuthuma. Ukusho kwakhe ukuthi “amasimu . . . asemhlophe alungele ukuvunwa” kwakuyisicelo sokuba abalandeli bakhe basebenze. Ukuze agcizelele izinga lokuphuthuma kubafundi bakhe, wanezela: “Kakade umvuni useyayamukela inkokhelo.” Yebo, kwase kuqaliwe kakade ukuvuna​—sasingekho isikhathi sokulibala! Esesibili, izisebenzi ziyajabula. Abahlwanyeli nabavuni ‘bayojabula kanyekanye,’ kusho uJesu. (Joh. 4:35b, 36) Njengoba nje kumelwe ukuba uJesu wajabula lapho ebona ‘abaningi kulawo maSamariya bekholwa nguye,’ nabafundi bakhe babeyothola injabulo ejulile lapho besebenza ngomphefumulo wonke ekuvuneni. (Joh. 4:​39-42) Lokhu kulandisa kwangekhulu lokuqala kunencazelo ekhethekile kithi ngoba kubonisa lokho okwenzeka namuhla phakathi nokuvuna okungokomoya okukhulu kunakho konke. Kwaqala nini lokhu kuvuna kosuku lwanamuhla? Obani abavunayo? Ibe yini imiphumela?

INkosi Yethu Iyahola Ekuvuneni Okukhulu Kunakho Konke

5. Ubani oholayo ekuvuneni embulungeni yonke, futhi umbono kaJohane ubonisa kanjani ukuthi lo msebenzi uyaphuthuma?

5 Embonweni uJehova awunika umphostoli uJohane, wembula ukuthi wabela uJesu ukuba ahole ekuvunweni kwabantu embulungeni yonke. (Funda isAmbulo 14:​14-16.) Kulo mbono, uJesu uchazwa ngokuthi unomqhele nesikela. “Umqhele wegolide ekhanda [likaJesu]” uqinisekisa isikhundla sakhe njengeNkosi ebusayo. ‘Isikela elibukhali esandleni sakhe’ liqinisekisa indima yakhe njengomVuni. Ukusho kukaJehova ngengelosi ukuthi “isivuno somhlaba sesivuthwe ngokuphelele,” kugcizelela ukuthi umsebenzi uyaphuthuma. Ngempela, “selifikile ihora lokuvuna”—asikho isikhathi sokulibala! Lapho esabela emyalweni kaNkulunkulu othi “faka isikela lakho,” uJesu ufaka isikela lakhe, umhlaba uvunwe​—okusho ukuthi kuvunwa abantu basemhlabeni. Lo mbono othokozisayo usikhumbuza ukuthi ngempela “amasimu . . . asemhlophe alungele ukuvunwa.” Lo mbono uyasisiza yini sithole ukuthi lokhu kuvuna embulungeni yonke kwaqala nini? Yebo!

6. (a) Yaqala nini “inkathi yokuvuna”? (b) Kwaqala nini “ukuvunwa” kwangempela “komhlaba”? Chaza.

6 Njengoba umbono kaJohane encwadini yesAmbulo isahluko 14 ubonisa, uJesu, umVuni, efake umqhele (ivesi 14), wayesemisiwe kakade njengeNkosi ngo-1914. (Dan. 7:​13, 14) Ngemva kwesikhathi esithile, uJesu uyalwa ukuba aqale ukuvuna (ivesi 15). Ukulandelana kwezenzakalo okufanayo kuyabonakala emzekelisweni kaJesu wokuvunwa kukakolweni, lapho ethi: “Ukuvuna yisiphelo sesimiso sezinto.” Ngakho inkathi yokuvuna nesiphelo salesi simiso sezinto kwaqala ngesikhathi esifanayo​—ngo-1914. Kamuva “ngenkathi yokuvuna,” ukuvuna kwangempela kwaqala. (Math. 13:​30, 39) Uma sibheka emuva, siyabona ukuthi ukuvuna kwaqala ngemva kweminyaka ethile uJesu eqale ukubusa njengeNkosi. Okokuqala, kusukela ngo-1914 kuze kube sengxenyeni yokuqala ka-1919, uJesu wenza umsebenzi wokuhlanza phakathi kwabalandeli bakhe abagcotshiwe. (Mal. 3:​1-3; 1 Pet. 4:17) Kwathi ngo-1919, ‘ukuvunwa komhlaba’ kwaqala. Ngaphandle kokulibala, uJesu wasebenzisa inceku ethembekile eyayisanda kumiswa ukuba isize abafowethu babone ukuphuthuma komsebenzi wokushumayela. Cabanga ngokwenzeka.

7. (a) Yini abazalwane abayihlola eyabasiza babona ukuphuthuma komsebenzi wokushumayela? (b) Abafowethu bakhuthazwa ukuba benzeni?

7 Ngo-July 1920, INqabayokulinda yesiNgisi yathi: “Lapho sihlola imiBhalo kubonakala kusobala ukuthi ibandla linikwe ilungelo elikhulu lokuhambisa isigijimi soMbuso.” Ngokwesibonelo, amazwi ka-Isaya ayisiprofetho asiza abafowethu babona ukuthi izindaba zoMbuso kwakumelwe zimenyezelwe emhlabeni wonke. (Isaya 49:6; 52:7; 61:​1-3) Ukuthi wawuzofezwa kanjani umsebenzi ongako, babengazi, kodwa babethemba ukuthi uJehova uzobavulela indlela. (Funda u-Isaya 59:1.) Ngenxa yalo mbono ocacile ngokuphuthuma komsebenzi wokushumayela, abafowethu bakhuthazwa ukuba bandise umsebenzi wabo. Basabela kanjani?

8. Ngo-1921, yimaphi amaqiniso amabili ngomsebenzi wokushumayela abafowethu abawaqonda?

8 Ngo-December 1921, INqabayokulinda yenza lesi simemezelo: “Lo nyaka ubumuhle kunayo yonke; babe baningi kakhulu abezwe isigijimi seqiniso phakathi no-1921 kunanganoma imuphi unyaka.” Lo magazini wenezela: “Kusekuningi okumelwe kwenziwe. . . . Masikwenze ngenhliziyo ejabulayo.” Phawula indlela abafowethu abawaqonda ngayo amaqiniso amabili abalulekile ngomsebenzi wokushumayela afana nalawo uJesu ayewagcizelele kubaphostoli bakhe: Umsebenzi uyaphuthuma, izisebenzi ziyajabula.

9. (a) Ngo-1954, INqabayokulinda yathini ngomsebenzi wokuvuna, futhi ngani? (b) Bande kanjani abamemezeli emhlabeni wonke phakathi neminyaka engu-50 edlule? (Bheka ishadi elithi “Ukwanda Emhlabeni Kabanzi.”)

9 Phakathi nawo-1930, lapho abafowethu sebeqonda ukuthi isixuku esikhulu sezinye izimvu siyosabela esigijimini soMbuso, umsebenzi wokushumayela wenziwa ngomfutho owengeziwe. (Isaya 55:5; Joh. 10:16; IsAm. 7:9) Waba yini umphumela? Inani labashumayela isigijimi soMbuso landa lisuka ku-41 000 ngo-1934 laya ku-500 000 ngo-1953! INqabayokulinda ka-December 1, 1954, yaphetha kufanele: “Ngumoya kaJehova namandla eZwi lakhe afeze lo msebenzi omkhulu wokuvuna emhlabeni kabanzi.”b—Zak. 4:6.

UKWANDA EMHLABENI KABANZI

Izwe

1962

1987

2013

E-Australia

15,927

46,170

66,023

EBrazil

26,390

216,216

756,455

EFrance

18,452

96,954

124,029

E-Italy

6,929

149,870

247,251

EJapane

2,491

120,722

217,154

EMexico

27,054

222,168

772,628

ENigeria

33,956

133,899

344,342

EPhilippines

36,829

101,735

181,236

E-U.S. of America

289,135

780,676

1,203,642

EZambia

30,129

67,144

162,370

INANI ELANDAYO LEZIFUNDO ZEBHAYIBHELI

1950

234,952

1960

646,108

1970

1,146,378

1980

1,371,584

1990

3,624,091

2000

4,766,631

2010

8,058,359

Umphumela Wokuvuna​—Wabikezelwa Ngemifanekiso

10, 11. Emfanekisweni wohlamvu lwesinaphi, kuqokonyiswa ziphi izici zokukhula kwale mbewu?

10 Emifanekisweni yakhe ephathelene noMbuso, uJesu wawubikezela ngolimi olucacile umphumela womsebenzi wokuvuna. Ake sifunde ngomfanekiso wohlamvu lwesinaphi nowemvubelo. Sizogxila ngokukhethekile endleleni egcwaliseke ngayo esikhathini sokuphela.

11 Umfanekiso wohlamvu lwesinaphi. Umuntu utshala uhlamvu lwesinaphi. Luyakhula lube umuthi okuhlala kuwo izinyoni. (Funda uMathewu 13:​31, 32.) Yiziphi izici zokukhula kwale mbewu eziqokonyiswa kulo mfanekiso? (1) Izinga lokukhula liyamangalisa. “Imbewu encane kunazo zonke” iba umuthi ‘onamagatsha amakhulu.’ (Marku 4:​31, 32) (2) Ukukhula kuqinisekisiwe. ‘Lapho seyihlwanyelwe [imbewu], iyakhula.’ UJesu akasho ukuthi “Ingase ikhule.” Cha, uthi: ‘Iyakhula.’ Ukukhula kwayo akunqandeki. (3) Lo muthi okhulayo uheha izivakashi futhi uzinike indawo yokuhlala. “Izinyoni zezulu ziyafika” zithole “indawo yokuhlala ngaphansi komthunzi walo.” Lezi zici ezintathu zisebenza kanjani ekuvuneni okungokomoya kosuku lwanamuhla?

12. Umfanekiso wohlamvu lwesinaphi usebenza kanjani ekuvuneni kwanamuhla? (Bheka neshadi elithi “Inani Elandayo Lezifundo ZeBhayibheli.”)

12 (1) Izinga lokukhula: Lo mfanekiso uqokomisa ukukhula kwesigijimi soMbuso nebandla lobuKristu. Kusukela ngo-1919, izisebenzi ezivunayo, ezishisekayo futhi ezigcotshiwe ziye zaqoqelwa ebandleni lobuKristu elibuyiselwe. Ngaleso sikhathi, inani lezisebenzi lalilincane kodwa landa ngokushesha. Empeleni, ukwanda kwalo kusukela ekuqaleni kwawo-1900 kuze kube namuhla kube kukhulu ngendlela eyisimanga. (Isaya 60:22) (2) Ukuqinisekiswa: Ukukhula kwebandla lobuKristu kuye kwanganqandeka. Kungakhathaliseki ukuthi izitha zikaNkulunkulu zaziyiphikisa kangakanani le mbewu encane, yaqhubeka ikhula—yazikhahlela zonke izithiyo. (Isaya 54:17) (3) Indawo yokuhlala: “Izinyoni zezulu” ezithola indawo yokuhlala emthini zifanekisela izigidi zabanhliziyo zilungile abasemazweni abalelwa ku-240 abaye basabela esigijimini soMbuso ngokuba yingxenye yebandla lobuKristu. (Hez. 17:23) Kulo, bathola ukudla okungokomoya, ukuqabuleka nesivikelo.​—Isaya 32:​1, 2; 54:13.

Izinyoni ezinhlobonhlobo zithole indawo yokuhlala esihlahleni sesinaphi

Umfanekiso wohlamvu lwesinaphi ubonisa ukuthi indawo yokuhlala nesivikelo kutholwa abantu abasebandleni lobuKristu (Bheka izigaba 11, 12)

13. Umfanekiso wemvubelo uqokomisa ziphi izici zokukhula?

13 Umfanekiso wemvubelo. Ngemva kokuba owesifazane efake imvubelo kufulawa, imvubelo ibilisa yonke inhlama. (Funda uMathewu 13:33.) Lo mfanekiso uqokomisa ziphi izici zokukhula? Ake sikhulume ngezimbili. (1) Ukukhula kwenza ushintsho. Imvubelo yasakazeka “kwaze kwaba yilapho yonke inhlama isibilile.” (2) Ukukhula kwenzeka yonke indawo. Imvubelo ibilisa zonke ‘izilinganiso ezintathu ezinkulu zikafulawa’​—yonke inhlama. Lezi zici ezimbili zisebenza kanjani ekuvuneni okungokomoya kosuku lwanamuhla?

14. Umfanekiso wemvubelo usebenza kanjani ekuvuneni kwanamuhla?

14 (1) Ushintsho: Imvubelo imelela isigijimi soMbuso, inhlama kafulawa ifanekisela isintu. Njengoba imvubelo yenza kube noshintsho kufulawa lapho sekuhlanganiswe kokubili, kanjalo nesigijimi soMbuso senza ushintsho ezinhliziyweni zabantu lapho sebesamukele. (Roma 12:2) (2) Kwenzeka yonke indawo: Ukusakazeka kwemvubelo kumelela ukusakazeka kwesigijimi soMbuso. Imvubelo ingena kuyo yonke inhlama. Ngokufanayo, isigijimi soMbuso sesiye sasakazekela “nasezingxenyeni ezikude kakhulu zomhlaba.” (IzE. 1:8) Lesi sici salo mfanekiso sibonisa nokuthi ngisho nasemazweni umsebenzi wethu ovinjelwe kuwo, isigijimi soMbuso siyosakazeka, nakuba umsebenzi wethu wokushumayela kulawo mazwe ungase ungabonakali.

15. Agcwaliseke kanjani amazwi aku-Isaya 60:​5, 22? (Bheka nebhokisi elithi “UJehova Ukwenze Kwenzeka,” ekhasini 93, nelithi “Indlela ‘Omncane’ Abe Ngayo ‘Yisizwe Esinamandla’” ekhasini 96-97.)

15 Eminyakeni engaba ngu-800 ngaphambi kokuba uJesu asho leyo mifanekiso, uJehova, esebenzisa u-Isaya, wabikezela ngolimi olungalibaleki ubukhulu bomsebenzi wokuvuna okungokomoya wosuku lwanamuhla nenjabulo eyayiyobangelwa yilokhu kuvuna.c UJehova uchaza abantu ‘abavela kude’ abagobhozela enhlanganweni yakhe. Ezifanisa ‘nowesifazane,’ lowo namhlanje ofanekiselwa yinsali egcotshiwe esemhlabeni, uthi: “Uyobona futhi ngokuqinisekile uyoqhakaza, inhliziyo yakho empeleni iyovevezela futhi ikhukhumale, ngoba ukuceba kolwandle kuyoziqondisa kuwe; wona kanye umnotho wezizwe uyoza kuwe.” (Isaya 60:​1, 4, 5, 9) Aze ayiqiniso lawo mazwi! Namuhla, izinceku zikaJehova esezimnkantsh’ ubomvu ziyaqhakaza ngempela ngenxa yenjabulo lapho zibona indlela elande ngayo inani labamemezeli boMbuso emazweni azo, lisuka kwabambalwa liya ezinkulungwaneni eziningi.

Okwenza Zonke Izinceku ZikaJehova Zibe Nesizathu Sokujabula

16, 17. Yisiphi isizathu esenza ‘ohlwanyelayo nomvuni bajabule kanyekanye’? (Bheka nebhokisi elithi “Indlela Amapheshana Amabili Athinta Ngayo Izinhliziyo Ezimbili E-Amazon.”)

16 Uzokhumbula ukuthi uJesu watshela abaphostoli bakhe: “Umvuni . . . ubutha isithelo esiyothola ukuphila okuphakade, ukuze umhlwanyeli nomvuni bajabule kanyekanye.” (Joh. 4:36) ‘Sijabula’ kanjani “kanyekanye” kulo msebenzi wokuvuna owenziwa embulungeni yonke? Ngezindlela eziningi. Masifunde ngezintathu.

17 Eyokuqala, siyajabula uma sibona indima kaJehova kulo msebenzi. Lapho sishumayela isigijimi soMbuso, sisuke sihlwanyela imbewu. (Math. 13:​18, 19) Lapho sisiza umuntu ukuba abe umfundi kaKristu, sisuke sivuna izithelo. Futhi sonke sizwa injabulo ejulile lapho simangaliswa ukubona indlela uJehova abangela ngayo imbewu yoMbuso ukuba ‘ihlume ikhule ibe yinde.’ (Marku 4:​27, 28) Enye imbewu esiyisakazayo ihluma ngesinye isikhathi bese ivunwa abanye. Kungenzeka kwake kwenzeka kuwe lokho okwenzeka kuJoan, udade waseBrithani owabhapathizwa eminyakeni engu-60 edlule. Wathi: “Ngiye ngabona abantu abangitshela ukuthi ngatshala imbewu ezinhliziyweni zabo lapho ngibashumayeza eminyakeni eminingi edlule. Abanye oFakazi babafundela mina ngingazi, babasiza baba izinceku zikaJehova. Ngiyajabula ngokuthi imbewu engayitshala yakhula futhi yavunwa.”—Funda eyoku-1 Korinte 3:​6, 7.

UJEHOVA UKWENZE KWENZEKA

UJESU wathi: “Izinto ezingenakwenzeka kubantu zingenzeka kuNkulunkulu.” (Luka 18:27) Abaningi kithi bakubonile ukuba yiqiniso kwalawo mazwi. Naphezu kwayo yonke imizamo yabantu abafuna ukumisa umsebenzi wokushumayela, uJehova uye wasisiza sakwazi ukuwenza.

UZacharie

UZacharie Elegbe (uneminyaka engu-66, wabhapathizwa ngo-1963) ukhumbula indlela ukuvinjelwa komsebenzi woFakazi BakaJehova eBenin empeleni okwabasiza ngayo abafowethu: “Ngo-1976, ngesikhathi sinabamemezeli abangu-2 300, umsebenzi wethu wavinjelwa futhi uhulumeni wathi lokhu kuvinjelwa akumenyezelwe emsakazweni ngazo zonke izilimi zendawo. Yayingakaze yenzeke into enjalo. Nakuba abantu baseBenin bekhuluma izilimi ezingaphezu kuka-60, izinhlelo zomsakazo ngaleso sikhathi zazivame ukusakazwa ngezilimi ezinhlanu kuphela. Ngakho lapho kumenyezelwa emsakazweni ngazo zonke izilimi zakuleli ukuthi sivinjelwe, abantu abayizinkulungwane abahlala ezindaweni eziqhelile baqala ngaleso sikhathi ukuzwa ngathi. Bazibuza, ‘Kazi obani oFakazi BakaJehova futhi kungani bevinjelwa?’ Kamuva, lapho sifika kulezo zindawo, abaningi bamukela iqiniso masinyane.” Namuhla, oFakazi bangaphezu kuka-11 500 eBenin.

UMariya

UMariya Zinich (uneminyaka engu-74, wabhapathizwa ngo-1957) uthi: “Ngesikhathi ngineminyaka engaba ngu-12, wonke umkhaya wakithi wadingiselwa eSiberia, eRussia. Naphezu kwemizamo kahulumeni yokusithulisa kulo lonke izwe elaliyiSoviet Union, inani lethu laqhubeka landa. Ukubona lokho kukhula naphezu kokuphikiswa okunesihluku, kwangikholisa ukuthi umsebenzi kaJehova lona. Akekho okwazi ukuwumisa!” Omunye udade naye onguMariya (uneminyaka engu-73, wabhapathizwa ngo-1960) wathi: “Ngenxa yokudingisela abafowethu eSiberia, uhulumeni wenza ukuba abantu abaningi ababehlala lapho ezindaweni ezingazodwa bathole ithuba lokuzwa iqiniso.”

UJesús

UJesús Martín (uneminyaka engu-77, wabhapathizwa ngo-1955) uyakhumbula: “Lapho ngithola iqiniso, babengu-300 oFakazi lapha eSpain. Ngo-1960, ukucindezelwa kwethu kwaba nesihluku. Uhulumeni wayala abakwasidlodlo ukuba babaqede nya oFakazi BakaJehova. Ngaleso sikhathi, kwakunzima ukucabanga ukuthi siyozishumayela kanjani izindaba ezinhle kulo lonke izwe. Kwakubonakala sengathi ngeke sikwazi ukukwenza. Kodwa namuhla kunoFakazi abacela ku-111 000 eSpain. Ukuzibonela indlela lokhu kukhula okwenzeke ngayo naphezu kokuphikiswa, kuqinisa ukukholelwa kwami ukuthi njengoba uJehova engakithi, akukho lutho olungenakwenzeka!”

18. Eyoku-1 Korinte 3:8 inikeza siphi isizathu sokujabula?

18 Eyesibili, sihlale siyizisebenzi ezijabulayo uma sikhumbula ukuthi uPawulu wathi: “Umuntu ngamunye uyokwamukela umvuzo wakhe ngokomshikashika wakhe.” (1 Kor. 3:8) Umuntu uthola umvuzo ngokomshikashika wakhe noma umsebenzi wakhe, hhayi ngokwemiphumela yalowo msebenzi. Yeka indlela esijabulisa ngayo leso siqinisekiso kulabo abashumayela emasimini anabantu abancane abasabelayo! KuNkulunkulu, uFakazi ngamunye ohlanganyela ngomphefumulo wonke emsebenzini wokuhlwanyela ‘uthela izithelo eziningi’ futhi ngenxa yalokho unesizathu sokujabula.​—Joh. 15:8; Math. 13:23.

19. (a) Isiprofetho sikaJesu esikuMathewu 24:14 sihlobene kanjani nenjabulo yethu? (b) Yini okufanele siyikhumbule ngisho noma singaphumeleli ukwenza umuntu abe umfundi?

19 Eyesithathu, sijatshuliswa ukuthi umsebenzi wethu ugcwalisa isiprofetho. Cabanga ngempendulo kaJesu kubaphostoli bakhe lapho bebuza: “Siyoba yini isibonakaliso sokuba khona kwakho nesesiphelo sesimiso sezinto?” Wabatshela ukuthi esinye isici saleso sibonakaliso kwakuyoba umsebenzi wokushumayela embulungeni yonke. Ingabe wayekhuluma ngomsebenzi wokwenza abafundi? Cha. Wathi: “Lezi zindaba ezinhle zombuso ziyoshunyayelwa emhlabeni wonke owakhiwe ngenjongo yobufakazi.” (Math. 24:​3, 14) Ngakho, ukushumayela ngoMbuso​—ukuhlwanyela imbewu—yikona okuyisici sesibonakaliso. Ngakho-ke, njengoba sishumayela izindaba ezinhle zoMbuso, sikhumbula ukuthi ngisho noma singangaphumelela ukwenza umuntu abe umfundi, siyaphumelela ekunikezeni ‘ubufakazi.’d Yebo, kungakhathaliseki ukuthi abantu basabela kanjani, siyahlanganyela ekugcwaliseni isiprofetho sikaJesu futhi sineqholo lokukhonza ‘njengezisebenzi ezikanye noNkulunkulu.’ (1 Kor. 3:9) Yeka isizathu esihle sokujabula!

“Kusukela Ekuphumeni Kwelanga Kuze Kube Sekushoneni Kwalo”

20, 21. (a) Agcwaliseka kanjani amazwi akuMalaki 1:11? (b) Ngokuqondene nomsebenzi wokuvuna, yini ozimisele ukuyenza, futhi ngani?

20 Ekhulwini lokuqala, uJesu wasiza abaphostoli bakhe ukuba babone ukuthi umsebenzi wokuvuna wawuphuthuma. Kusukela ngo-1919 kuqhubeke, uJesu uye wasiza abafundi bakhe bosuku lwanamuhla ukuba baqonde iqiniso elifanayo. Ngenxa yalokho, abantu bakaNkulunkulu baye bawenza ngomfutho umsebenzi wabo. Empeleni, umsebenzi wokuvuna ubonakale unganqandeki. Njengoba kwabikezela umprofethi uMalaki, umsebenzi wokushumayela namuhla wenziwa “kusukela ekuphumeni kwelanga kuze kube sekushoneni kwalo.” (Mal. 1:11) Yebo, kusukela ilanga liphuma lize liyoshona—kusukela empumalanga kuze kube sentshonalanga, noma ngabe bakuphi emhlabeni​—abahlwanyeli nabavuni basebenza futhi bajabule kanyekanye. Futhi kusukela ekuphumeni kwelanga kuze kube sekushoneni kwalo—kusukela ekuseni kuze kuhlwe​—sisebenza ngomuzwa wokuphuthuma.

21 Lapho sibheka emuva eminyakeni engaphezu kwekhulu edlule, bese sibona indlela iqembu elincane lezinceku zikaNkulunkulu elikhule ngayo laba “yisizwe esinamandla,” izinhliziyo zethu ‘ziyavevezela futhi zikhukhumale’ ngempela ngenxa yenjabulo. (Isaya 60:​5, 22) Kwangathi leyo njabulo nothando lwethu ngoJehova, “iNkosi yesivuno,” kungaqhubezela ngamunye wethu ukuba aqhubeke enza ingxenye yakhe ekuphothuleni umsebenzi wokuvuna omkhulu kunayo yonke eyake yaba khona!​—Luka 10:2.

a Amazwi kaJesu athi ‘amasimu amhlophe’ angabhekisela ezingutsheni ezimhlophe okungenzeka zazigqokwe isixuku samaSamariya uJesu ayesibona siza.

b Ukuze uthole okwengeziwe ngaleyo minyaka neminye eyalandela, sikukhuthaza ukuba ufunde amakhasi 425-520 encwadi ethi OFakazi BakaJehova—Abamemezeli BoMbuso KaNkulunkulu, akhuluma ngalokho okwafezwa umsebenzi wokuvuna kusukela ngo-1919 kuya ku-1992.

c Ukuze uthole okwengeziwe ngalesi siprofetho esithakazelisayo, bheka incwadi ethi Isiprofetho Sika-Isaya​—Ukukhanya Kuso Sonke Isintu II, amakhasi 303-320.

d AbaFundi BeBhayibheli bokuqala base beliqonda lelo qiniso elisemqoka. I-Zion’s Watch Tower ka-November 15, 1895, yathi: “Uma kungaqoqwa ngisho imbijanyana kakolweni, iyoba ubufakazi obuningi obufakazela iqiniso. . . . Sonke singalishumayela ivangeli.”

Ungokoqobo Kangakanani UMbuso Kuwe?

  • Yini uMbuso oyifezile ngokuqondene nokuvuna okungokomoya?

  • Umfanekiso wohlamvu lwesinaphi nowemvubelo ukukhuthaza kanjani ukuba wenze inkonzo yakho?

  • Yiziphi izizathu onazo zokujabula enkonzweni?

INDLELA AMAPHESHANA AMABILI ATHINTA NGAYO IZINHLIZIYO EZIMBILI E-AMAZON

U-Antônio Simões

U-Antônio Simões

UMDALA othembekile ongumKristu oneminyaka engu-91, ogama lakhe ngu-Antônio Simões, ukhumbula ngenjabulo indlela uyise nomyeni kababekazi wakhe abathola ngayo iqiniso ngamapheshana amabili anyatheliswa oFakazi BakaJehova. “Ningathanda nginixoxele?” ebuza izivakashi. Zathi: “Singathanda.” Amehlo ka-Antônio anomusa ayavuleka, ahlale phansi emomotheka, alandise indaba.

“Ubaba, uZeno, wayengumshumayeli waseBaptist. Ngo-1931, waya endaweni eqhelile ehlathini lase-Amazon eyovakashela ilungu lesonto. Emzini walo, wabona amapheshana amabili eBhayibheli. Lo mama wayewathole esontweni, kodwa engazi ukuthi ayeshiywe ubani. Elinye lalikhuluma ngesihogo; elinye likhuluma ngovuko. Kwamthinta ubaba lokho akufunda kuwo. Masinyane wacabanga ngomlamu wakhe, uGuilherme, owayevame ukuthi kuye: ‘Angikholwa ukuthi sikhona isihogo somlilo. UNkulunkulu onothando wayengeke ayidale indawo enjalo.’ Ezimisele ukutshengisa uGuilherme la mapheshana, ubaba wangena esikebheni sakhe, uye lowaya egwedla amahora angu-8 eya eManaquiri, indawo eseduze kwedolobha laseManaus, lapho kwakuhlala khona uGuilherme.

U-Antônio Simões uphethe izithombe ezimbili zebandla lokuqala eManaquiri, e-Amazonas State, eBrazil

Ibandla lokuqala eSifundazweni Sase-Amazonas eBrazil

“Ubaba nobab’ uGuilherme bawahlola la mapheshana, bobabili bathi, ‘Yiqiniso leli!’ Ngaso leso sikhathi babhalela ihhovisi legatsha eBrazil, bacela izincwadi. Ubaba wesula ekubeni umfundisi, yena nobab’ uGuilherme baqala ukuxoxa nabanye ngesigijimi seBhayibheli kuleyo ndawo eqhelile. Abantu basabela kahle kangangokuthi ungakapheli unyaka kwamiswa ibandla eManaquiri. Kungakapheli sikhathi, abantu abangu-70 kule ndawo base beya ezifundweni, okwenza leli bandla laba elikhulu kunawo wonke eBrazil ngaleso sikhathi.” U-Antônio uhlaba ikhefu, abese ebuza: “Niyayizwa ukuthi imnandi kanjani le ndaba yendlela isigijimi soMbuso esafika ngayo e-Amazon?” Imnandi ngempela. Izinhlamvu ezimbili zembewu encane​—amapheshana eBhayibheli amabili amancane​—zamila ehlathini elikhulukazi lase-Amazon zahluma zaba ibandla elichumayo. Futhi namuhla leli Bandla LaseManaquiri elineminyaka engu-83 alikuphela kwebandla eSifundazweni Sase-Amazonas eBrazil, kodwa lingelinye langu-143!

INDLELA “OMNCANE” ABE NGAYO “YISIZWE ESINAMANDLA”

“OMNCANE uyoba yinkulungwane, umuntukazana abe yisizwe esinamandla. Mina, Jehova, ngiyokusheshisa ngesikhathi sako.” (Isaya 60:22) Sigcwaliseke kanjani lesi siprofetho? Ukugcwaliseka kwaso kubathinte kanjani oFakazi asebemnkantsh’ ubomvu emhlabeni kabanzi?

UBörje Nilsson

UBörje Nilsson (uneminyaka engu-84, wabhapathizwa ngo-1943) uthi: “Ngikhumbula umzalwane ogcotshiwe owayeyi-colporteur ngawo-1920. Lapho enikwa cishe isigamu sezwe laseSweden kuthiwa isabelo sakhe, walalela waqala ukushumayela​—futhi yeka indlela umsebenzi wakhe nowabanye abathembekile oye wavuzwa ngayo! Namuhla sinabamemezeli abevile ku-22 000. Nakuba iminyaka isihambile manje kimi, ngifuna ukuqhubeka ngilalela ngenze inkonzo kaJehova. Kwazi bani ukuthi yiziphi ezinye izinto uJehova asazosimangaza ngazo?”

U-Etienne Esterhuyse

U-Etienne Esterhuyse (uneminyaka engu-83, wabhapathizwa ngo-1942) uthi: “Namuhla, ngibheka emuva ngimangale uma ngibona indlela inani labantu bakaJehova elande ngayo eNingizimu Afrika lisuka kwabangaba ngu-1 500 ngo-1942 liya kwabangaphezu kuka-94 000 namuhla. Kuqinisa ukholo ngempela ukuba yingxenye yenhlangano enkulu kangaka!”

UKeith Gaydon

UKeith Gaydon (uneminyaka engu-82, wabhapathizwa ngo-1948) uthi: “Ukuzibonela ukwanda kwenani labamemezeli eBrithani lisuka kwabangaba ngu-13 700 ngo-1948 liya kwabacela ku-137 000 namuhla, kungibonisa ukuthi ngumsebenzi kaJehova lona. Bewungeke wenzeke ngamandla omuntu, kodwa uJehova uyena ‘owenza izimangaliso.’”​—Eks. 15:11.

U-Ulrike Krolop

U-Ulrike Krolop (uneminyaka engu-77, wabhapathizwa ngo-1952) uthi: “Ngemva kweMpi Yezwe II, amabandla aseJalimane avuselelwa yinkuthalo yoFakazi ababebekezelele ukushushiswa amaNazi. Abantu babedinga induduzo futhi sasingabanika ngaphandle kokunanaza ngoba oFakazi babengahlanganyelanga kuleyo mpi enonya. Eminyakeni engaphezu kuka-60 edlule, ngiye ngabona indlela umoya kaNkulunkulu oqondise ngayo abantu bakhe. Namuhla sinoFakazi abangaphezu kuka-164 000​—yeka umphumela omuhle!”

UMariya Brinetskaya

UMariya Brinetskaya (uneminyaka engu-77, wabhapathizwa ngo-1955) uthi: “Ukuze ngingaboshwa, ngabhapathizwa ebusuku. Kamuva umyeni wami wathunyelwa ekamu okufukuzwa kulo elikude ngoba enguFakazi. Ngaqhubeka ngishumayela ngokuqapha la edolobheni lakithi eRussia, futhi omakhelwane abaningana balamukela iqiniso. Ngaleso sikhathi, babembalwa abafowethu nodade. Kuyangithokozisa ukuthi namuhla kunoFakazi abevile ku-168 000 eRussia!”

UKimiko Yamano

UKimiko Yamano (uneminyaka engu-79, wabhapathizwa ngo-1954) uthi: “Ngo-1970, lapho ngizwa ukuthi sinabamemezeli abangu-10 000 eJapane, ngahluleka ukubamba izinyembezi zenjabulo, ngathembisa uJehova, ‘Uma nje ngisaphila, ngizoba qotho kuwe.’ Ungayicabanga indlela engijabula ngayo namuhla njengoba sesinabamemezeli abangaphezu kuka-216 000!”

UDaniel Odogun

UDaniel Odogun (uneminyaka engu-83) uthi: “Lapho ngibhapathizwa eNigeria ngo-1950, kwakunabamemezeli abangu-8 000. Namuhla, babalelwa ku-351 000! Emihlanganweni emikhulu ngiyathinteka lapho ngibona abantu abaningi, bese ngicabanga ngoHagayi 2:7. Ngempela uJehova unyakazisa izizwe, futhi izinto eziyigugu ziyangena. Ngisazama ukwenza okuningi kangangokunokwenzeka emsebenzini wokushumayela ngoba ukushumayela kuyindlela engithi ngayo: ‘Ngiyabonga Jehova!’”

UCarlos Silva

UCarlos Silva (uneminyaka engu-79) uthi: “SasinoFakazi abangu-5 000 eBrazil ngesikhathi ngibhapathizwa ngo-1952. Ngalowo nyaka saba nomhlangano endaweni yokuvocavoca umzimba eSão Paulo. Kwakunezimoto ezimbili egcekeni. Umfowethu othile wakhomba iPacaembu Stadium eyayiseduze wathi: ‘Ucabanga ukuthi siyoke siyigcwalise leya nkundla?’ Kwakubonakala kungeke kwenzeke, kodwa ngo-1973 yona leyo nkundla yayigcwele phama abantu abangu-94 586! Namuhla sinabafowethu nodadewethu esibathandayo abevile ku-767 000 eBrazil​—kuyajabulisa ukubona lokhu kwanda!”

UCarlos Cázares

UCarlos Cázares (uneminyaka engu-73) uthi: “Ngo-1954, unyaka engabhapathizwa ngawo, kwakunabamemezeli abangu-10 500 eMexico. Isidingo sezisebenzi sasisikhulu kangangokuthi ngamiswa njengombonisi wesifunda ngineminyaka engu-21. Kube isibusiso ukuzibonela ukugcwaliseka kuka-Isaya 60:22. Manje sinabamemezeli abevile ku-806 000 abaqhuba izifundo zeBhayibheli ezingaphezu kwesigidi! Kukushiya ubambe ongezansi!”

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela