Kwesobunxele: Umkhaya waseBethel yaseBrooklyn ugubha uKhisimusi wokugcina ngo-1926; kwesokudla: Abantu bayaphawula ukuthi oFakazi BakaJehova bahlukile
INGXENYE 3
Izindinganiso ZoMbuso—Ukufuna Ukulunga KukaNkulunkulu
UBINGELELA umakhelwane wakho njengoba udlula. Uphawule ukuthi muva nje uyawubhekisisa umkhaya wakho. Naye uyakubingelela bese ekuqhweba, athi: “Ngicela ukubuza. Yini eyenza nehluke kangaka nina?” “Ush’ ukuthini?” kubuza wena. Uyaphendula: “NingoFakazi BakaJehova nina angithi? Anifani nabanye abantu. Nehlukile kwezinye izinkolo—aniwagubhi amaholidi, aningeni kwezombusazwe nasezimpini. Anibhemi. Umkhaya wakho ubonakala uziphethe kahle. Yini enenza nihluke kangaka ezintweni eziningi?”
Uyazi wena ukuthi ayikho enye impendulo ngaphandle kwale: Siphila ngaphansi kokubusa koMbuso kaNkulunkulu. Njengoba uJesu eyiNkosi, uhlale esicwengisisa. Usisiza ukuba sihambe ezinyathelweni zakhe, ngaleyo ndlela sehluke kuleli zwe elibi. Kule ngxenye, sizobona indlela uMbuso KaMesiya obulokhu ucwengisisa ngayo abantu bakaNkulunkulu ngokomoya, ngokuziphatha nangokulandela izimiso ezingokwasezulwini—kube inkazimulo kuJehova.