ISAHLUKO 32
Ngingazivikela Kanjani Kubanukubezi?
Unyaka ngamunye izigidi zabantu ziyadlwengulwa noma zixhashazwe ngokobulili, futhi ucwaningo luveza ukuthi intsha iyizisulu eziyinhloko. Ngokwesibonelo, kulinganiselwa ukuthi e-United States cishe isigamu sabantu abadlwenguliwe bangaphansi kweminyaka engu-18. Ngenxa yokudlanga kokuxhashazwa ngokobulili, kubaluleke kakhulu ukuba usifunde lesi sihloko.
“Wangibamba wangiphonsa phansi ngisadidekile. Ngazama ngawo wonke amandla ukulwa naye. Ngakhipha isifutho sikapelepele kodwa wasiphebeza. Ngazama ukumemeza, kodwa langaphuma izwi. Ngamdu- dula, ngamkhahlela, ngambhonya ngamklwebha. Yilapho-ke ngezwa khona ummese ungigwaza. Ngavele ngaphelelwa amandla.”—U-Annette.
ABANUKUBEZA abanye ngokobulili bathé chithi saka namuhla futhi banezingane shaqa. Ezinye izingane, njengo-Annette, zixhashazwa umuntu ezingamazi. Ezinye zihlaselwa umakhelwane. Yilokho okwenzeka kuNatalie, okwathi eneminyaka eyishumi ubudala waxhashazwa ngokobulili umfana owayehlala eduze kwakubo. Uthi: “Ngangesaba futhi nginamahloni kangangokuba ekuqaleni angitshelanga muntu.”
Intsha eningi iye yanukubezwa ilungu lomkhaya. Owesifazane okuthiwa uCarmen uthi: “Lapho ngiphakathi kweminyaka engu-5 nengu-12 ubudala ngaxhashazwa ubaba ngokobulili. Lapho sengineminyaka engu-20 ngambuza ngakho. Waxolisa, kodwa ngemva kwezinyanga ezimbalwa wangixosha ekhaya.”
Ukuhlukunyezwa ngokobulili umakhelwane, umngane noma ilungu lomkhaya kuvame ngendlela ethusayo namuhla.a Kodwa ukuxhashazwa kwezingane akuyona into entsha. Izenzo ezenyanyeka kanjalo zazenzeka ngisho nangezikhathi zeBhayibheli. (Joweli 3:3; Mathewu 2:16) Namuhla siphila ezikhathini ezibucayi. Abantu abaningi ‘abanalo uthando,’ futhi kujwayelekile ukuba amantombazane (ngisho nabafana) axhashazwe ngokobulili. (2 Thimothewu 3:1-3) Nakuba zingekho izinyathelo ezingaqinisekisa ukuthi nakanjani uyophepha, kuningi ongakwenza ukuze uzivikele. Cabanga ngala macebiso alandelayo:
Qapha. Lapho usendleleni, bheka ukuthi kwenzekani phambi kwakho, ngemva kwakho nasemaceleni. Ezinye izindawo zaziwa ngokuba yingozi, ikakhulu ebusuku. Zigweme lezo zindawo noma okungenani uqiniseke ukuthi awuwedwa.—IzAga 27:12.
Unganikezi imiyalezo edidayo. Gwema ukwenza sengathi uyamthanda umuntu noma ukugqoka ngendlela evusa inkanuko. Izenzo ezinjalo zingase zitshele abanye ukuthi ufuna ubulili—noma-ke okungenani ukuthi ngeke wenqabe uma ucelwa.—1 Thimothewu 2:9, 10.
Xoxani ngemingcele. Uma kunomuntu othandana naye, xoxani ngokuthi yiziphi izenzo ezifanelekayo nezingafaneleki.b Lapho seniyibekile imingcele, ungazibeki ezimweni ezingakwenza uxhashazwe ngokocansi.—IzAga 13:10.
Khuluma. Akukho lutho olungalungile ngokusho ngezwi eliqinile uthi, “Musa ukwenza leyo nto!” noma “Musa ukungithinta!” Ungathuli ngoba wesaba ukuthi uzolahlekelwa isoka lakho. Uma likulahla ngenxa yalokhu, alikufanele vele! Wena ufanelwe indoda yangempela, umuntu ohlonipha umzimba wakho nezimiso zakho.c
Yiba oqaphayo lapho ukuyi-Internet. Ungalokothi unikeze abanye ukwaziswa okuphathelene nawe siqu noma ufake izithombe eziveza ukuthi utholakalaphi.d Uma uthola umyalezo oveza izenzo zobulili, ngokuvamile kuhle kakhulu ukungaphenduli. Ukungaphenduli kubathena amandla abanukubezi abaningi abakuyi-Internet.
Lezi zinyathelo ezingenhla zingakwenza ungahlaselwa kalula. (IzAga 22:3) Nokho, uma sibhekana namaqiniso, ngeke ukwazi ukulawula izimo zakho ngazo zonke izikhathi. Ngokwesibonelo, ungase ungakwazi ngaso sonke isikhathi ukuba nomuntu ozokuphelezela noma ukugwema izindawo eziyingozi. Kungenzeka nokuthi uhlala kuyo indawo eyingozi.
Mhlawumbe wazi kokwenzeka kuwe ukuthi izinto ezimbi zingenzeka ngisho noma ungazama ukuzigwema. Njengo-Annette ocashunwe ngaphambili, kungenzeka umuntu wakuzuma futhi wakwehlula. Noma, njengoCarmen, kungenzeka wahlaselwa useyingane futhi wangaba namandla okugwema isimo—noma wangaqonda ngokugcwele ukuthi kwenzekani. Ungaphila kanjani nomuzwa wecala ovame ukuhlupha abantu abaxhashazwe ngokocansi?
Ukuphila Nomuzwa Wecala
U-Annette usahlushwa umuzwa wecala ngalokho okwenzeka. Uthi: “Ngisazizonda. Ngisalokhu ngicabangana nalobuya busuku. Nginomuzwa wokuthi ngabe ngazama kakhudlwana ukulwa naye. Ukuthi nje ngemva kokuba engigwazile, ukwesaba kwangiqeda amandla. Angibange ngisakwazi kwenza lutho, kodwa nginomuzwa wokuthi kwakufanele kube khona engikwenzayo.”
UNatalie naye ushikashikana nomuzwa wecala. Uthi: “Kwakungafanele ngimethembe kangaka. Abazali bami babebeke umthetho wokuthi uma sidlala ngaphandle nodadewethu, sidlale ndawonye, kodwa angilalelanga. Ngakho nginomuzwa wokuthi ngavulela umakhelwane wethu ithuba lokuba angizwise ubuhlungu. Okwenzeka kwabaphatha kabi abasekhaya futhi nginomuzwa wokuthi yimina imbangela yako. Nanso-nje into engihlupha kakhulu.”
Uma uzizwa njengo-Annette noma uNatalie, ungaphila kanjani nomuzwa wecala? Okokuqala, zama ukukhumbula ukuthi uma wadlwengulwa, wawungathandi. Abanye abantu bakuthatha kalula lokhu, bathi “abafana banjena nje,” bathi futhi abantu abadlwengulwayo basuke bethanda. Kodwa akukho muntu ofanelwe ukudlwengulwa. Uma wake wadlwengulwa, akulona icala lakho!
Yebo, kulula ukufunda amagama athi “akulona icala lakho”; kungase kube nzima kakhulu ukuwakholelwa. Abanye bakuvalela ngaphakathi okwenzeka, bese bezwa ubuhlungu ngenxa yomuzwa wecala neminye imizwelo engafanele. Nokho, ubani ngempela ozuzayo uma uthula—uwena noma umnukubezi? Kungakusiza ukucabangela isinyathelo ongasithatha.
Ukukhuluma Ngokwenzeka Kuwe
IBhayibheli lithi ngesikhathi uJobe olungile exakekile ngenxa yokucindezeleka, wathi: “Ngizozwakalisa ukukhathazeka kwami ngami. Ngizokhuluma ngomunyu womphefumulo wami!” (Jobe 10:1) Kuyokusiza nawe ukwenza okufanayo. Ukukhuluma nomuntu omethembayo ngalokho okwenzeka kungakusiza ngokuhamba kwesikhathi ukuba wamukele ukuthi wadlwengulwa futhi kudambe ukucindezeleka.
Empeleni, uma ungumKristu, kubalulekile ukuba uxoxele umdala webandla ngalokho okwenzeka. Amazwi aduduzayo omelusi onothando angakuqinisekisa ngokuthi njengoba wadlwengulwa, akusho ukuthi isono somdlwenguli sikungcolisile. Yilokho akuqonda u-Annette. Uthi: “Ngakhuluma nomngane engisondelene naye futhi wangikhuthaza ukuba ngixoxe nabadala abangamaKristu ebandleni lakithi. Ngiyajabula ngokuthi ngakwenza lokho. Bahlala nami phansi kaningana bangitshela engangidinga ukukuzwa—ukuthi okwenzeka kwakungelona iphutha lami. Akukho nokukodwa okwakuyiphutha lami.”
Ukukhuluma ngokwenzeka nokuveza imizwa yakho kungakwenza ungadliwa intukuthelo nenzondo. (IHubo 37:8) Kungase kwenze ubuhlungu buthi damu, mhlawumbe kube okokuqala ngemva kweminyaka. Kwenzeka okufanayo kuNatalie ngemva kokuxoxela abazali bakhe ngokunukubezwa. Uthi: “Bangisekela. Bangikhuthaza ukuba ngikhulume ngakho futhi lokho kwangisiza ukuba ngingadabuki futhi ngingathukutheli kakhulu.” Waduduzwa nawumthandazo. Uthi: “Kwangisiza ukukhuluma noNkulunkulu, ikakhulukazi ngezikhathi engangizizwa ngazo ukuthi angikwazi ukukhuluma nomuntu. Lapho ngithandaza, ngikhuluma ngokukhululeka. Kunginika ukuthula nokuzola.”e
Nawe ungathola ukuthi ‘kunesikhathi sokuphulukisa.’ (UmShumayeli 3:3) Ncika kubangane abafana nabadala abachazwe ngokuthi ‘banjengendawo yokucashela umoya nendawo yokucashela isiphepho esinemvula.’ (Isaya 32:2) Zinakekele ngokwenyama nangokomzwelo. Phumula ngokwanele. Futhi ngaphezu kwakho konke, thembela kuNkulunkulu wenduduzo yonke, uJehova, okuzothi maduzane, alethe umhlaba omusha lapho ‘abenzi bokubi beyonqunywa khona kodwa abathemba uJehova badle ifa lomhlaba.’—IHubo 37:9.
[Imibhalo yaphansi]
a Kwezinye izimo umuntu udlwengulwa umuntu athandana naye, lapho intombazane iphoqwa khona ukuba ilale nesoka layo noma lapho iphuziswe izidakamizwa.
b Ukuze uthole amaphuzu engeziwe, bheka uMqulu 2, iSahluko 4.
c Leli cebiso liyasebenza nalapho intombazane iphoqa umfana ukuba alale nayo.
d Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe, bheka uMqulu 2, iSahluko 11.
e Ngezinye izikhathi abantu abadlwenguliwe bacindezeleka kakhulu. Kulezo zimo, kungaba ukuhlakanipha ukuthintana nodokotela. Ukuze uthole amaphuzu engeziwe mayelana nokubhekana nemizwa yokucindezeleka, bheka iZahluko 13 no-14 zale ncwadi.
UMBHALO OYINHLOKO
“Ezinsukwini zokugcina kuyofika izikhathi ezibucayi okunzima ukubhekana nazo. Ngoba abantu bayokuba abazithandayo, . . . abangenalo uthando, . . . abangenakho ukuzithiba, abanolaka, abangenalo uthando lokuhle.”—2 Thimothewu 3:1-3.
ICEBISO
Uma uye waxhashazwa ngokobulili, gcina uhlu lwemiBhalo ekududuzayo. Ingahlanganisa iHubo 37:28; 46:1; 118:5-9; IzAga 17:17; neyabaseFilipi 4:6, 7.
UBUWAZI . . . ?
E-United States, izingane ezingaphezu kwamaphesenti angu-90 ezinukubezwe ngokocansi ziyamazi umuntu osuke ezinukubezile.
ENGIZOKWENZA!
Lapho ngizizwa nginecala ngokwenzeka, ngizo- ․․․․․
Engingathanda ukukubuza umzali wami (abazali) ngale ndaba ․․․․․
UCABANGANI?
● Ziyini izinzuzo zokukhuluma nokubika ukuthi wanukubezwa?
● Yini engenzeka—kuwena nakwabanye—uma uthula?
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 232]
“Akuve kunzima ukukhuluma ngokunukubezwa nokukubika, kodwa iyona nto engcono ongayenza. Ukukhuluma ngakho kuyasiza ekuqedeni ukudabuka nentukuthelo, ubuye uthole amandla.’’—UNatalie
[Ibhokisi ekhasini 230]
“Uma Ungithanda . . . ”
Olunye uhlobo lwabanukubeza ngokobulili alulali ngenkani namantombazane kodwa ludlala ngemizwa yawo ngobuqili. Kanjani? Ngokusho izinto ezinjengokuthi, “Bonke abantu bayabenza ubulili,” “Ngeke kwazi muntu,” noma, njengoba kushiwo eSahlukweni 24 sale ncwadi, bathi: “Uma ungithanda, uzovuma.” Ungavumi ukukhohliswa umfana ozama ukukwenza ukholwe ukuthi uma elala nawe kusho ukuthi uyakuthanda. Iqiniso liwukuthi, noma ubani ocabanga kanjalo usuke ecabangela ukwanelisa ezakhe izifiso kuphela. Akacabangi neze ngawe noma ngenhlalakahle yakho. Nokho, indoda yamadoda iyocabangela izifiso zakho kuqala kunezayo futhi iyobonisa ukuthi inamandla okusekela izindinganiso zikaNkulunkulu zokuziphatha. (1 Korinte 10:24) Indoda yamadoda ngeke iphathe amantombazane njengayizinto zobulili. Kunalokho, iyobheka ‘abesifazane abasebasha njengawodadewabo ngabo bonke ubumsulwa.’—1 Thimothewu 5:1, 2.
[Isithombe ekhasini 233]
Imizwa oba nayo ngemva kokunukubezwa ingase yesinde kakhulu ukuba ungayithwala wedwa. Kunganjani uthole usizo ngokukhuluma nothile?