Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • yp1 isahl. 14 kk. 98-104
  • Kungani Ngingavele Nje Ngizibulale?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Kungani Ngingavele Nje Ngizibulale?
  • Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo, Umqulu 1
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Izimbangela Zosizi
  • Ingabe Alikho Ikhambi?
  • Izinto Ziyashintsha
  • Ukubaluleka Komthandazo
  • Lapho Inkinga Ihlobene Nempilo
  • Kungani Ngingavele Nje Ngizibulale?
    I-Phaphama!—2008
  • Angisafuni Ukuphila—Ingabe IBhayibheli Lingangisiza Lapho Ngifuna Ukuzibulala?
    Imibuzo YeBhayibheli Iyaphendulwa
  • Lapho Ufikelwa Umuzwa Wokuzibulala
    I-Phaphama!—2012
  • Ungaluthola Usizo
    I-Phaphama!—2001
Bheka Okunye
Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo, Umqulu 1
yp1 isahl. 14 kk. 98-104

ISAHLUKO 14

Kungani Ngingavele Nje Ngizibulale?

“KUNGCONO ngife kunokuba ngiphile.” Ubani owasho la mazwi? Ingabe umuntu owayengakholelwa kuNkulunkulu? Ingabe wayeseshiye uNkulunkulu? Ingabe uNkulunkulu wayesemshiyile? Cha. Ashiwo indoda eyayizinikele kuNkulunkulu kodwa eyayicindezelekile, uJona.—Jona 4:3, Today’s English Version.

IBhayibheli alisho ukuthi uJona wayesezozibulala. Noma kunjalo, amazwi akhe abuhlungu aveza iqiniso elisangulukisayo—ngezinye izikhathi ngisho nenceku kaNkulunkulu ingaba lusizi.—IHubo 34:19.

Enye intsha izizwa icindezeleke kakhulu ize ibone kungcono ukuba izibulale. Ingase izizwe njengoLaura oneminyaka engu-16, othi: “Sekuyiminyaka eminingi ngihlaselwa iziqubu zokucindezeleka. Ngiye ngicabange ukuzibulala.” Uma wazi othile oke wathi ufuna ukuzibulala—noma uma wena uke wakucabanga—yini ongayenza? Ake sihlole ukuthi umcabango onjalo ungabangelwa yini.

Izimbangela Zosizi

Yini engenza umuntu acabange ukuzibulala? Ziningana izici ezingase zihileleke. Esinye sazo ukuthi siphila ‘ezikhathini ezibucayi okunzima ukubhekana nazo’ futhi intsha eningi ishesha kakhulu ukuzwela lapho icindezelwe izingcindezi zokuphila. (2 Thimothewu 3:1) Ukungapheleli kwethu nakho kungenza abanye bacabange kakhulu ngezinto ezimbi ngabo nangabantu abaphila nabo. (Roma 7:22-24) Ngezinye izikhathi lokhu kusuke kungenxa yokuphathwa kabi. Kwezinye izimo kubangelwa ukugula okuthile. Kwelinye izwe kulinganiselwa ukuthi amaphesenti angaphezu kuka-90 abantu abazibulala ayenohlobo oluthile lwesifo sengqondo.a

Yiqiniso, sonke sibhekana nobunzima. IBhayibheli lithi “yonke indalo iyaqhubeka ibubula kanyekanye futhi isezinhlungwini kanyekanye.” (Roma 8:22) Le ndalo ihlanganisa nentsha. Eqinisweni, intsha ingacindezelwa kakhulu izenzakalo ezibuhlungu, njengalezi ezilandelayo:

● Ukufa kwesihlobo noma umngane

● Izinkinga zasekhaya

● Ukufeyila esikoleni

● Ukwaliwa umuntu omthandayo

● Ukuphathwa kabi (kuhlanganise nokuhlukunyezwa emzimbeni noma ngokobulili)

Kuyavunywa, cishe bonke abasha kuyabehlela okunye kwalokhu okubalwe ngenhla. Kungani abanye bekwazi ukuphila nazo lezi zimo kunabanye? Abacwaningi bathi intsha efuna ukuzibulala isuke ingazi ukuthi ithatheni ihlanganise nani. Ngamanye amazwi, ibona ikusasa lifiphele. Ayifuni ngempela ukufa; ifuna nje ukuqeda ubuhlungu.

Ingabe Alikho Ikhambi?

Kungenzeka wazi othile ofuna ukuqeda usizi lwakhe kangangokuba useke wathi ufuna ukuzibulala. Uma kunjalo, yini ongayenza?

Uma umngane wakho ecindezeleke kangangokuba usefuna ukufa, mncenge ukuba afune usizo. Ngemva kokukhuluma naye, khuluma nomuntu omdala omethembayo, kungakhathaliseki ukuthi umngane wakho uthini. Ungakhathazeki ngokuthi ningase nixabane. Uma uyibika le ndaba, ungase usindise ukuphila komngane wakho!

Kuthiwani uma kunguwe oke wacabanga ukuzibulala? Ungayifihli indlela ozizwa ngayo. Khuluma nothile—umzali, umngane nanoma ubani okukhathalelayo ozolalela izikhalo zakho bese enza okuthile. Ngeke ulahlekelwe yilutho—kunalokho uyosizakala ngokukhuluma ngezinkinga zakho.b

Yiqiniso, izinkinga ngeke ziqedwe nje ukukhuluma ngazo. Kodwa ukusekelwa umuntu omethembayo ozomtshela okukukhathazayo kungaba yikho kanye okudingayo ukuze ube nombono oqondile ngesimo sakho. Kungakusiza ngisho nokuba uthole izixazululo.

Izinto Ziyashintsha

Lapho ucindezelekile, khumbula lokhu: Kungakhathaliseki ukuthi isimo sibonakala sisibi kanjani, izinto zizoshintsha ngokuhamba kwesikhathi. Umhubi uDavide, owayevame ukwehlelwa usizi, wathandaza kuNkulunkulu wathi: “Ushintshé ukulila kwami kwaba ukudansa kimi.”—IHubo 30:11.

Ngokuqinisekile, uDavide wayengalindele ukuthi uyohlale edansa. Ngenxa yalokho okwakumehlele, wayazi ukuthi izinkinga zokuphila ziyafika ziphinde zidlule. Uke wakubona lokho ngokuqondene nezakho izinkinga? Ezinye zingabonakala zingaphezu kwamandla—okwangaleso sikhathi. Kodwa bekezela. Izinto ziyashintsha, ngokuvamile zibe ngcono. Kwezinye izimo, izinkinga zingancipha ngezindlela obungeke uzicabange. Kokunye ungathola indlela yokubhekana nazo obungazange uyicabange. Iphuzu liwukuthi, izinkinga ezicindezelayo ngeke zihlale phakade.—2 Korinte 4:17.

Ukubaluleka Komthandazo

Umthandazo uyindlela ebaluleke kakhulu yokukhuluma noNkulunkulu. Ungathandaza njengoDavide: “O Nkulunkulu ngihlolisise, wazi inhliziyo yami. Ngihlole, wazi imicabango yami engincisha ukuthula, ubone ukuthi ikhona yini indlela ebangela ubuhlungu kimi, ungihole ngendlela yaphakade.”—IHubo 139:23, 24.

Umthandazo awuyona nje into yokukusiza ukuba ubhekane nezinkinga kuphela. Uyindlela yokukhuluma noBaba wakho osezulwini, ofuna ‘uthulule inhliziyo yakho’ kuye. (IHubo 62:8) Cabanga ngala maqiniso ayisisekelo ngoNkulunkulu:

● Uyazazi izinto ezikwenza ucindezeleke.—IHubo 103:14.

● Ukwazi kangcono ngaphezu kokuba wena uzazi.—1 Johane 3:20.

● ‘Uyakukhathalela.’—1 Petru 5:7.

● Ezweni lakhe elisha, uNkulunkulu “uyosula zonke izinyembezi” emehlweni akho.—IsAmbulo 21:4.

Lapho Inkinga Ihlobene Nempilo

Njengoba kushiwo ngaphambili, ngokuvamile imizwa yokuzibulala ibangelwa uhlobo oluthile lokugula. Uma kunjalo ngawe, ungabi namahloni okufuna usizo. UJesu wathi abagulayo badinga udokotela. (Mathewu 9:12) Okuhle ukuthi izifo eziningi zingelashwa. Futhi ukwelashwa kungakusiza ukuba uzizwe ungcono!c

IBhayibheli linikeza isithembiso esiduduza ngempela—ukuthi ezweni elisha likaNkulunkulu, “akekho ohlala khona oyothi: ‘Ngiyagula.’” (Isaya 33:24) UNkulunkulu uthi ngaleso sikhathi, “izinto zangaphambili ngeke zikhunjulwe, futhi ngeke zifike enhliziyweni.” (Isaya 65:17) Okwamanje, yenza okusemandleni akho ukuze ubhekane nezinselele zokuphila, uqiniseka ngokuthi ngesikhathi sikaNkulunkulu esifanele, ukucindezeleka kuyoba into yesikhathi esidlule.—IsAmbulo 21:1-4.

FUNDA OKWENGEZIWE NGALESI SIHLOKO EMQULWINI  2, ISAHLUKO 9

ESAHLUKWENI ESILANDELAYO

Abazali bakho bafuna ukwazi yonk’ into ngokuphila kwakho—ngisho nezinto ofuna ba-ngazazi. Ungakwazi yini ukugcina izinto ezithile ziyimfihlo?

[Imibhalo yaphansi]

a Nokho, kubalulekile ukuqaphela ukuthi iningi lentsha enesifo sengqondo alizibulali.

b AmaKristu acindezelekile anolunye usizo—abadala bebandla.—Jakobe 5:14, 15.

c Ukuze uthole amaphuzu engeziwe, bheka iSahluko 13 sale ncwadi.

UMBHALO OYINHLOKO

“Izicelo zenu mazaziwe nguNkulunkulu; ukuthula kukaNkulunkulu okudlula konke ukucabanga kuyolinda izinhliziyo zenu namandla enu engqondo.”—Filipi 4:6, 7.

ICEBISO

Uma uzizwa uphansi, vivinya umzimba ngokuhamba usheshe. Ukuphumela ngaphandle nokuvivinya umzimba kungakwenza uzole futhi uthokoze.

UBUWAZI . . . ?

Ukuzibulala akuthinti kuphela lowo ozibulalayo kodwa kubazwisa ubuhlungu nalabo abamthandayo.

ENGIZOKWENZA!

Uma ngizizwa ngingelutho futhi ngingathandwa, ngizokhuluma no- (bhala igama lomuntu ongamthululela isifuba sakho) ․․․․․

Esinye sezibusiso esingijabulisayo ekuphileni kwami․․․․․

Engingathanda ukukubuza umzali wami (abazali) ngale ndaba ․․․․․

UCABANGANI?

● Ngisho nezinkinga ezinkulu kakhulu zingezesikhashana. Ukucabanga ngalokho kungakusiza kanjani?

● Ukuzibulala kuzidlulisela kanjani izinkinga zomuntu komunye?

[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 104]

“Ngezinye izikhathi, ngangicindezeleka kakhulu ngize ngifune ukufa, kodwa manje sekuhamba kahle ngoba ngiye ngaphikelela ngithandaza futhi ngelashwa.’’—UHeidi

[Ibhokisi ekhasini 100]

Uma Uzizwa Ucindezeleke Kakhulu

Ngisho namadoda nabesifazane abathembekile okukhulunywa ngabo eBhayibhelini babecindezelwa izinkathazo zokuphila ngezikhathi ezithile. Nazi ezinye izibonelo.

URebheka: “Uma kungale ndlela, ngiphilelani?”—Genesise 25:22.

UMose: “Siza ungibulale ngokuphelele, . . . ngingayiboni inhlekelele yami.”—Numeri 11:15.

U-Eliya: “Jehova, susa umphefumulo wami, ngoba angingcono kunokhokho bami.”—1 AmaKhosi 19:4.

UJobe: “O ukube ubungangithukusa eShiyoli, . . . ukube ubungangilinganisela isikhathi futhi ungikhumbule!”—Jobe 14:13.

Isimo somuntu ngamunye kulaba abangenhla sashintsha saba ngcono ngendlela ababengayicabangi. Qiniseka ngokuthi kungenzeka okufanayo nakuwe!

[Isithombe ekhasini 102]

Imizwa yosizi ifana namafu emvula—ngokuhamba kwesikhathi iyaphela

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela