Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • yp1 k. 97
  • Isibonelo Esihle—UJobe

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Isibonelo Esihle—UJobe
  • Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo, Umqulu 1
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Incwadi YeBhayibheli Ye-18—UJobe
    “Yonke ImiBhalo Iphefumlelwe UNkulunkulu Futhi Inenzuzo”
  • UJobe Wakhuthazela—Nathi Singakwazi!
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1994
  • “Niye Nezwa Ngokukhuthazela KukaJobe”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2006
  • “Themba UJehova”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka (Efundwayo)—2022
Bheka Okunye
Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo, Umqulu 1
yp1 k. 97

Isibonelo Esihle—UJobe

Ukuphila kukaJobe kuyashintsha. Okokuqala, ulahlekelwa izinto aziphilisa ngazo. Okwesibili, ushonelwa izingane zakhe. Okwesithathu, ungenwa isifo. Konke lokhu kwenzeka ngokushesha futhi engalindele. Ephelelwe yithemba, uthi: “Ngokuqinisekile umphefumulo wami uyakwenyanya ukuphila kwami.” Uzichaza ngokuthi ‘usuthi ihlazo kwaze kweqa futhi ugcingcekile ukuhlupheka.’ (Jobe 10:1, 15) Ngisho esehlupheka kanjalo, uJobe uyenqaba ukushiya uMdali wakhe. (Jobe 2:10) Izinguquko ezenzeka ekuphileni kwakhe azimenzi ashintshe lokho ayikho. Ngakho uJobe uyisibonelo sokukhuthazela.

Lapho unezinkinga, nawe ungase ‘ukwenyanye ukuphila kwakho.’ Noma kunjalo, ungazibonisa ungashintshi nakuba ukuphila kwakho sekushintshile, uzimisele ngokuqinile ukukhonza uJehova uNkulunkulu njengoJobe. UJakobe wabhala: “Bhekani! Sithi bayajabula labo abaye bakhuthazela. Niye nezwa ngokukhuthazela kukaJobe futhi nabona umphumela uJehova awunikeza, ukuthi uJehova unothando futhi unesihe.” (Jakobe 5:11) Wamnakekela uJobe futhi uyakukhathalela nawe!

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela