ISAHLUKO 12
Ngingakukhulisa Kanjani Ukuzethemba Kwami?
Yebo Cha
Lapho uzibuka esibukweni, ingabe uyakuthanda lokho okubonayo? □ □
Ucabanga ukuthi unawo amakhono amahle? □ □
Ingabe uyakwazi ukumelana nokucindezela kontanga? □ □
Uyavuma ukuboniswa amaphutha? □ □
Ingabe uyakwazi ukwamukela izinto ezimbi abanye abazishoyo ngawe? □ □
Ingabe uzizwa uthandwa? □ □
Uyayinakekela yini impilo yakho? □ □
Ingabe uyabajabulela abanye lapho bephumelela? □ □
Ingabe uzibheka njengomuntu ophumelelayo? □ □
Uma uphendule eminingana yale mibuzo ngokuthi cha, kungenzeka ukuthi ukungazethembi kukwenza ungaziboni izimfanelo zakho ezinhle. Lesi sahluko sihloselwe ukukusiza uzibone!
ININGI lentsha lihlushwa imizwa yokuthi alibukeki kahle futhi alinawo amakhono nokuthi kazi linjani uma liqhathaniswa nenye. Ingabe nawe unjalo? Uma unjalo, awuwedwa!
“Ukungapheleli kuthena amandla. Ngokuvamile, yimina engizigxeka kakhulu.”—ULeticia.
“Kungakhathaliseki ukuthi umuhle kangakanani, njalo nje ubona abanye abangcono kunawe.”—UHaley.
“Ngiyazenyeza kakhulu uma nginabanye abantu. Ngesaba ukuthi ngizobukeka njengomuntu ongelutho.”—URachel.
Uma nawe uzizwa ngale ndlela, ungapheli amandla. Ungaluthola usizo. Cabangela izinto ezintathu ezizokhulisa ukuzethemba kwakho, zikwenze ubone ukuthi unazo izimfanelo ezinhle.
Siza Abanye
Umbhalo oyisihluthulelo. “Kukhona injabulo eyengeziwe ekupheni kunasekwamukeleni.”—IzEnzo 20:35.
Incazelo. Lapho usiza abanye, uzisiza wena. Kanjani? Isaga seBhayibheli sithi, “Umuntu ophanayo uyovuzwa. Yipha umuntu inkomishi yamanzi, nawe uyothola inkomishi yamanzi.” (IzAga 11:25, Contemporary English Version) Nali iqiniso elingenakuphikwa—injabulo yakho iyanda lapho usiza abanye!a
“Ngiye ngicabange ukuthi yini engingayenzela abanye bese ngizama ukusiza othile ebandleni. Ukuthanda abanye nokubakhathalela kungenza ngijabule.”—UBreanna.
“Inkonzo yobuKristu inomvuzo ngoba ikuphoqa ukuba ungacabangi ngawe kodwa ucabange ngabanye.”—UJavon.
Isixwayiso: Ungasizi abantu ngoba nje ufuna ukuthola okuthile. (Mathewu 6:2-4) Ukupha ngesisusa esingafanele ngeke kukusize. Abantu bayobona ukuthi uyazenzisa!—1 Thesalonika 2:5, 6.
Ithuba lakho. Cabanga ngomuntu oke wamsiza. Kwakungubani, futhi wamenzelani?
․․․․․
Wazizwa kanjani ngemva kokumsiza?
․․․․․
Cabanga ngomunye ongase umsize, bese ubhala phansi ukuthi ungamsiza kanjani.
․․․․․
Yakha Abangane
Umbhalo oyisihluthulelo. “Umngane weqiniso ubonisa uthando ngaso sonke isikhathi, futhi ungumfowabo womuntu ozalelwe isikhathi sosizi.”—IzAga 17:17.
Incazelo. Umngane weqiniso angaba olukhulu usizo ngezikhathi ezinzima. (1 Samuweli 18:1; 19:2) Kwakona nje ukwazi ukuthi ukhona okukhathalelayo kungakwenza uthokoze. (1 Korinte 16:17, 18) Ngakho zisondeze kubantu abakwenza uzizwe ujabule.
“Abangane beqiniso ngeke bakuyeke uhlale udangele.”—UDonnell.
“Ngezinye izikhathi into ebaluleke kakhulu ukwazi ukuthi kunomuntu okukhathalela ngobuqotho. Lokho kungakwenza uzizwe uwutho.”—UHeather.
Isixwayiso: Qiniseka ukuthi abangane bakho bakwenza uveze lokho oyikho ngempela—abakwenzi ube omunye umuntu ukuze bakwamukele. (IzAga 13:20; 18:24; 1 Korinte 15:33) Ukwenza izinto eziwubuwula ukuze uthandwe abanye kuyokushiya unomuzwa wokuthi badlale ngawe noma bakwenze isilima.—Roma 6:21.
Ithuba lakho. Ngezansi bhala igama lomngane wakho ongase akwenze uzethembe ngokwengeziwe.
․․․․․
Kunganjani uhlele ukuba uchithe isikhathi nalo muntu ombhale ngenhla?—Phawula: Akudingeki kube untanga yakho.
Ungavumeli Amaphutha Akho Akuqede Amandla
Umbhalo oyisihluthulelo. “Bonke bonile futhi bayasilela enkazimulweni kaNkulunkulu.”—Roma 3:23.
Incazelo. Kuyiqiniso ukuthi awuphelele. Lokhu kusho ukuthi ziyoba khona izikhathi oyosho ngazo noma wenze into engafanele. (Roma 7:21-23; Jakobe 3:2) Nakuba ungenakukugwema ukwenza amaphutha, ungayilawula indlela osabela ngayo lapho usuwenzile. IBhayibheli lithi: “Ngisho noma abantu abalungile bengawa kasikhombisa, bayovuka.”—IzAga 24:16, CEV.
“Ngezinye izikhathi ukuzenyeza kubangelwa ukuqhathanisa izimfanelo zethu ezimbi nezimfanelo ezinhle zomunye umuntu.”—UKevin.
“Sonke sinezimfanelo ezinhle nezimbi. Kufanele siziqhayise ngezimfanelo ezinhle, silungise ezimbi.”—ULauren.
Isixwayiso: Ungasebenzisi ukungapheleli kwakho kube ibhaxa lokwenza isono. (Galathiya 5:13) Uma wenza okubi ngamabomu uyolahlekelwa umusa womuntu obaluleke kunabo bonke—uJehova uNkulunkulu!—Hebheru 10:26, 27.
Ithuba lakho. Ngezansi bhala imfanelo ongathanda ukuyithuthukisa.
․․․․․
Bhala usuku lwanamuhla eduze kwaleyo mfanelo. Cwaninga ngokuthi ungayithuthukisa kanjani, bese ubheka ukuthi wenza kanjani ngemva kwenyanga.
Ukubaluleka Kwakho Kwangempela
IBhayibheli lithi “uNkulunkulu mkhulu kunezinhliziyo zethu.” (1 Johane 3:20) Lokhu kusho ukuthi ukwazi ukubona ubuhle kuwe wena ongase ungabuboni. Kodwa ingabe ukungapheleli kwakho kuyakushintsha lokho? Ake sithi unemali eyiphepha engu-R100 edabukile kancane. Ingabe ubungayitshinga noma uthi ayisebenzi ngoba idabukile? Lutho! Isengu-R100—kungakhathaliseki ukuthi idabukile noma cha.
Kunjalo nangendlela uNkulunkulu abheka ngayo ukubaluleka kwakho. Amaphutha akho awamenzi angaboni ukuthi ubalulekile. Uyayibona futhi uyayazisa imizamo yakho yokumjabulisa, kungakhathaliseki ukuthi wena uyibona imincane kangakanani! IBhayibheli likuqinisekisa ngokuthi “uNkulunkulu akayena ongalungile ukuba akhohlwe umsebenzi [wakho] nothando [olubonisa] kulo igama lakhe.”—Hebheru 6:10.
Ingabe ngezinye izikhathi uzizwa udabuke kakhulu kangangokuba uze utheneke amandla? Uma kunjalo, yini ongayenza ngako?
[Umbhalo waphansi]
a Uma ungomunye woFakazi BakaJehova, cabanga ngentokozo enkulu ongayithola ngokuxoxela abanye isigijimi soMbuso.—Isaya 52:7.
UMBHALO OYINHLOKO
“Yilowo nalowo makahlole umsebenzi wakhe siqu, khona-ke uyoba nesizathu sokwethaba ngokuqondene naye yedwa, hhayi ngokuziqhathanisa nomunye umuntu.”—Galathiya 6:4.
ICEBISO
Ungazitsheli ukuthi ‘Ngihlale ngehluleka’ nokuthi ‘Ayikho nje into engiyenza kahle.’ Amazwi ayihaba kanjalo azokudikibalisa. Kunalokho, kuvume ukushiyeka kwakho kodwa uvume nokuthi unazo izimfanelo ezinhle.
UBUWAZI . . . ?
Indlela ozibheka ngayo ingayithinta indlela abanye abakubheka ngayo . . . ngisho nabakuphatha ngayo.
ENGIZOKWENZA!
Lapho ontanga bengehlisa, ngizo- ․․․․․
Uma ngibona ukuthi ngiphawula izici engibuthaka kuzo kuphela, ngizo- ․․․․․
Engingathanda ukukubuza umzali wami (abazali) ngale ndaba ․․․․․
UCABANGANI?
● Kungani kungase kube intsha ngokukhethekile entula ukuzethemba?
● Kungani kubalulekile ukuzihlonipha nakuba kungadingeki weqise?
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 88]
“Umuntu angase abe uphuma langa sikothe noma kunjalo azizwe emubi. Noma, umuntu angase angabi muhle kangako kodwa acabange ukuthi muhle kunabo bonke abantu. Kuya ngokuthi wena uzibheka kanjani.”—U-Alyssa
[Isithombe ekhasini 90]
Inani lemali alinciphi ngenxa yokuthi idabukile—nokubaluleka kwakho kuNkulunkulu akunciphi ngenxa yokuthi awuphelele