ISAHLUKO 19
Ngingayisebenzisa Kanjani Imali Yami?
Kukangaki ufikelwa umuzwa wokuthi awunayo imali eyanele?
□ Angikaze
□ Ngezikhathi ezithile
□ Njalo nje
Kukangaki uthenga izinto ongenamandla okuzikhokhela?
□ Angikaze
□ Ngezikhathi ezithile
□ Njalo nje
Kukangaki uthenga into ongayidingi ngempela ngenxa nje yokuthi isendalini?
□ Angikaze
□ Ngezikhathi ezithile
□ Njalo nje
INGABE kubonakala sengathi awuvamile ukuba nemali eyanele? Ukube ubungathola imali ethé xaxa, ubungathenga leya nto yokuzijabulisa oyifunayo. Ukube nje ubuhola imali eyengeziwe, ubungathenga leziya zicathulo “ozidingayo.” Noma ungase uzizwe ngendlela efanayo noJoan othi: “Ngezinye izikhathi abangane bami bayangimema ukuba siyozijabulisa ngezinto ezibizayo. Ngisuke ngifuna ukujabula nabo. Akekho umuntu othanda ukuthi, ‘Ngiyaxolisa, anginayo imali yokwenza lokho.’”
Kunokuba ukhathazeke ngemali ongenayo, kungani ungazifundisi ukusebenzisa le onayo? Ungase ulinde kuze kube yilapho uhamba ekhaya ngaphambi kokuba ufunde ukusebenzisa imali. Kodwa cabanga, Ingabe ubungaphuma endizeni isemoyeni ungakafundi ukusebenzisa i-parachute? Yiqiniso, umuntu angase abone ukuthi yini okufanele ayenze njengoba etshwizela phansi. Kepha yeka ukuthi bekungaba ngcono kanjani ukuba afunde izindlela eziyisisekelo zokusebenzisa i-parachute ngaphambi kokuba aphume endizeni!
Ngokufanayo, isikhathi esingcono kakhulu sokufunda indlela yokuphatha imali yilapho usahlala ekhaya, ungakabhekani nezimo ezinzima zezimali. INkosi uSolomoni yabhala: ‘Imali iyisivikelo.’ (UmShumayeli 7:12) Kodwa iyokuvikela kuphela uma ufunda ukuyisebenzisa kahle. Ukwenza kanjalo kuyophakamisa izinga lakho lokuzethemba futhi kuyokwenza nabazali bakho bakuhloniphe nakakhulu.
Funda Izinto Eziyisisekelo
Wake wababuza abazali bakho ukuthi yini ehilelekile ekunakekeleni ikhaya? Ngokwesibonelo, ingabe uyazi ukuthi imalini ekhokhelwa ugesi namanzi inyanga ngayinye noma ukuthi kubiza malini ukusebenzisa imoto, ukuthenga ukudla nokukhokhela indlu? Khumbula, nawe unesandla ekwakhekeni kwalezo zindleko—futhi uma uhamba ekhaya, uwena okuyodingeka ukhokhe izindleko ezinjengalezi. Ngakho kuhle wazi ukuthi zingakanani izindleko ongase ube nazo. Cela abazali bakutshengise ezinye zezitatimende zezindleko, ulalelisise njengoba bechaza ukuthi bayicaza kanjani imali yokuzikhokhela.
Isaga seBhayibheli sithi: “Umuntu ohlakaniphile uyolalela amukele imfundo eyengeziwe, nomuntu onokuqonda nguye ozuza ukuqondisa okunekhono.” (IzAga 1:5) U-Anna wacela isiqondiso sabazali bakhe. Uthi: “Ubaba wangifundisa ukwenza uhlelo lokusebenzisa imali, wangibonisa nokuthi kubaluleke kangakanani ukuba ohlelekile lapho uphethe imali yomkhaya.”
Phakathi naleso sikhathi, umama ka-Anna wamfundisa nezinye izifundo eziwusizo. U-Anna uyanezela: “Wangibonisa ukubaluleka kokuqhathanisa amanani ngaphambi kokuba ngithenge. Umama wayegila izimanga ngemadlana encane.” Uzuzeni u-Anna? Uthi: “Sengiyakwazi ukuziphathela imali. Ngiyisebenzisa kahle, ngakho nginenkululeko nokuthula kwengqondo okulethwa ukungabi nezikweletu ezingadingekile.”
Qaphela Izinselele
Kuyavunywa, kulula ukukhuluma ngokulawula indlela osebenzisa ngayo imali kunokukwenza, ikakhulukazi uma uhlala ekhaya futhi abazali bekupha imali noma uzisebenzela. Ngani? Ngoba kungenzeka izindleko eziningi zikhokhelwa abazali bakho. Ngenxa yalokho-ke, ungase ukwazi ukusebenzisa ingxenye enkulu yemali yakho ngendlela oyithandayo. Futhi kumnandi ukuthenga.
Nokho, kungase kuphakame inkinga lapho ontanga bekucindezela ukuba usebenzise imali ngokungenangqondo. U-Ellena, oneminyaka engu-21, uthi: “Kubangane bami, ukuthenga sekuwuhlobo oluthile lokuzijabulisa. Uma ngihambe nabo, kuba sengathi kunomthetho othi, kumelwe uthenge okuthile ngemali ukuze ujabule.”
Kungokwemvelo ukufuna ukwamukeleka kubangane bakho. Kodwa zibuze, ‘Ingabe ngisebenzisa imali uma nginabangane bami ngoba izimo zivuma noma ngenxa yokuzizwa ngiphoqelekile?’ Abantu abaningi basebenzisa imali ngoba befuna ukuhlonishwa abangane nalabo abasuke benabo. Bazama ukuhlaba abanye umxhwele ngezinto abanazo kunalokho abayikho. Lo mkhuba ungakubangela izinkinga ezinkulu ngokwezimali, ikakhulukazi uma unekhadi lokuthenga ngesikweletu. Ungakugwema kanjani lokhu?
Lawula Indlela Osebenzisa Ngayo Imali
Kunokuba uyibhubhudle yonke imali esekhadini lakho lokuthenga ngesikweletu noma wonke umholo ngobusuku obubodwa bokuzijabulisa, kungani ungazami indlela ka-Ellena yokugwema lokhu? Uthi: “Uma ngizohamba nabangane ngiyozijabulisa, ngihlela kusengaphambili ukuthi ngizosebenzisa malini. Umholo wami uya ngqo ebhange, futhi ngikhipha kuphela imali engizoyidinga ngaleso sikhathi. Lapho ngiyothenga, ngikuthola kuwukuhlakanipha ukuhamba nabangane abayisebenzisa ngokucophelela imali yabo futhi abazongikhuthaza ukuba ngiqhathanise amanani ezinto, hhayi ukuvele ngithenge into engiyibona kuqala.”
Nanka amanye amacebiso ongase uthande ukuwasebenzisa uma unekhadi lokuthenga ngesikweletu.
● Gcina umbhalo walokho okuthengile futhi uhlole izitatimende zanyanga zonke ngokucophelela ukuze uqiniseke ukuthi ukhokhiswa imali yezinto ozithengile kuphela.
● Khokha izikweletu zakho ngesikhathi. Uma kungenzeka, khokha imali ephelele.
● Qaphela ukuba unganikezi muntu, ngocingo noma nge-Internet, inombolo yekhadi lakho lokuthenga ngesikweletu nosuku lokuphelelwa kwalo isikhathi.
● Gwema ukusebenzisa ikhadi lokuthenga ngesikweletu njengendlela yokuthola imali ngokushesha. Ngokuvamile imali etholakala ngale ndlela ingakwenza ukhokhe inzalo enkulu.
● Ungatsheleki muntu ikhadi lakho lokuthenga ngesikweletu, ngisho umngane imbala.
Kodwa ukuba nemali eningi bekungeke yini kuzixazulule izinkinga zethu zemali? Phinde! Ngokwesibonelo: Uma ubushayela kodwa ungakwazi ukuqondisa kahle imoto yakho noma unomkhuba wokushayela uvale amehlo, ingabe ukugcwalisa ithange lemoto ngophethiloli kungakwenza ufike uphephile lapho uya khona? Ngokufanayo, uma ungafundi ukusebenzisa kahle imali, ukuhola imali eningi ngeke kukusize.
Kungenzeka ucabanga ukuthi uyisebenzisa kahle imali yakho. Kodwa zibuze: ‘Ngisebenzise malini enyangeni edlule? Ngiyenzeni?’ Awazi? Nansi indlela yokulawula indlela osebenzisa ngayo imali ngaphambi kokuba ukuyisebenzisa kulawule wena.
1. Bhala phansi. Okungenani inyanga nje eyodwa, yibhale phansi imali oyitholayo nosuku oyithola ngalo. Yibhale phansi ngayinye into oyithengayo nokuthi ibiza malini. Ekupheleni kwenyanga, hlanganisa imali oyitholile nemali oyisebenzisile.
2. Yenza uhlelo lokusebenzisa imali. Bheka ishadi ekhasini 163. Ohlwini lokuqala, bhala yonke imali olindele ukuyithola ngenyanga. Ohlwini lwesibili, bhala ukuthi uhlela ukuyisebenzisa kanjani imali yakho; lawulwa yilokho okubhalile (isinyathelo 1). Njengoba inyanga iqhubeka, bhala ohlwini lwesithathu imali oyisebenzisele zonke izindleko ozihlelile. Bhala nemali oyisebenzisele izinto obungazihlelanga.
3. Lungisa uhlelo lokusebenzisa imali. Uma usebenzisa imali engaphezu kwaleyo obuyihlelile ezintweni ezithile futhi usuqala ukuba nezikweletu, lungisa uhlelo lwakho. Khokha izikweletu zakho. Zithibe.
Imali ingaba ithuluzi eliwusizo uma isetshenziswa kahle. Empeleni, emiphakathini eminingi, ukuthola imali nokuyisebenzisa kuyingxenye ebalulekile yokuphila. Kodwa zama ukuba olinganiselayo. Osemusha ogama lakhe linguMatthew uthi: “Imali inendawo yayo, kodwa ayikhona konke. Akufanele ize kuqala kunomkhaya wakithi noma uJehova.”
Ingabe umkhaya wakini umpofu? Uma kunjalo, ungabhekana kanjani ngokuphumelelayo nesimo?
UMBHALO OYINHLOKO
‘Imali iyisivikelo; kodwa inzuzo yolwazi iwukuthi ukuhlakanipha kona kuyabalonda abaninikho.’—UmShumayeli 7:12.
ICEBISO
Yenza uhlu lwezinto ozozithenga ngaphambi kokuba uhambe uyo-thenga. Phatha imali ozoyidinga kuphela futhi uthenge kuphela izinto ozibhalile.
UBUWAZI . . . ?
Uma ukweleta imali engu-R2 000 ekhadini lakho lokuthenga ngesikweletu futhi inzalo ingamaphesenti angu-18,5, bese ukhokha imali encane efuneka nyanga zonke, kuyoku-thatha iminyaka engu-11 ukusikhokha sonke leso sikweletu futhi uyo-khokha inzalo engu-R1 934 ngaphezulu.
ENGIZOKWENZA!
Ngingalawula indlela engisebenzisa ngayo imali ngoku- ․․․․․
Ngaphambi kokuba ngithenge okuthile ngekhadi lesikweletu ngizo- ․․․․․
Engingathanda ukukubuza umzali (abazali) wami ngale ndaba ․․․․․
UCABANGANI?
● Kungani kufanele ufunde ukuphatha imali ngesikhathi usahlala ekhaya?
● Kungani ungase ukuthole kunzima ukuphatha imali?
● Ungayisebenzisa ngaziphi izindlela imali yakho ukuze usize abanye?
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 162]
“Lapho ngihlelile ukuthi ngizoyisebenzisa kanjani imali, ngonga kangcono. Angizithengi izinto engingazidingi.”—ULeah
[Ibhokisi ekhasini 158]
Kukhuluma Imali
Wenzani ngemali yakho? Uma uvame ukusebenzisa imali yakho ekusizeni abanye, khona-ke imali yakho—hhayi nje umlomo—ithi ubakhathalela ngempela abanye. (Jakobe 2:14-17) Ngokunikela ngemali njalo ukuze usekele ukukhulekela kweqiniso, ‘udumisa uJehova ngezinto zakho zenani elikhulu.’ (IzAga 3:9) Ngakolunye uhlangothi, uma njalo nje usebenzisa imali yakho ezintweni ozidingayo nozifunayo, ithini imali yakho ngawe?
[Ishadi/Izithombe ekhasini 163]
Ishadi Lemibuzo
Uhlelo Lokusebenzisa Imali Inyanga Ngayinye
Kopisha leli khasi!
Umholo
IMALI ENGINGAYISEBENZISELA EZINYE IZINTO
ITOHO
OKUNYE
Ingqikithi
R․․․․․
Imali Eyeminikelo Engingayisebenzisela Ezinye Izinto
EYOKUDLA
․․․․․
EYEZINGUBO
․․․․․
EYOCINGO
․․․․․
EYOKUZIJABULISA
․․․․․
EYEMINIKELO
․․․․․
EZOLONDOLOZWA
․․․․․
OKUNYE
․․․․․
Ingqikithi
R․․․․․
Imali Engiyisebenzisile
EYOKUDLA
․․․․․
EYEZINGUBO
․․․․․
EYOCINGO
․․․․․
EYOKUZIJABULISA
․․․․․
EYEMINIKELO
․․․․․
EZOLONDOLOZWA
․․․․․
OKUNYE
․․․․․
Ingqikithi
R․․․․․
[Isithombe ekhasini 160]
Ukusaphaza imali kufana nokushayela uvale amehlo