Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • hf ingxenye 4 izingxenye 1-2
  • Indlela Yokusebenzisa Imali

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Indlela Yokusebenzisa Imali
  • Umndeni Wakho Ungajabula
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • 1 HLELANI KAHLE
  • 2 NINGAFIHLELANI FUTHI YIBANI NOMBONO OFANELE
  • Ukuphatha Imali
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2009
  • Umbono Olinganiselayo Ngemali
    I-Phaphama!—2015
  • Imali
    I-Phaphama!—2014
  • Ingabe Imali Iyimpande Yakho Konke Okubi?
    Imibuzo YeBhayibheli Iyaphendulwa
Bheka Okunye
Umndeni Wakho Ungajabula
hf ingxenye 4 izingxenye 1-2
Abantu abashadile bahlela ngokucophelela indlela abazosebenzisa ngayo imali

Ingxenye 4

Indlela Yokusebenzisa Imali

“Ngokucebisana amacebo ama aqine.”—IzAga 20:18

Sonke siyayidinga imali ukuze sinakekele izidingo zemindeni yethu. (IzAga 30:8) Phela ‘imali iyisivikelo.’ (UmShumayeli 7:12) Njengabantu abashadile, kungase kungabi lula ukukhuluma ngemali, kodwa ningayivumeli imali ibe yimbangela yezinkinga emshadweni wenu. (Efesu 4:32) Indoda nomkayo kufanele bathembane futhi babambisane lapho benquma ukuthi bazoyisebenzisa kanjani imali.

1 HLELANI KAHLE

OKUSHIWO YIBHAYIBHELI: “Ngubani kini othi efuna ukwakha umbhoshongo angahlali phansi kuqala abale izindleko, ukuze abone ukuthi unakho yini okwanele ukuba awuqede?” (Luka 14:28) Kusemqoka ukuba nihlele ndawonye ukuthi nizoyisebenzisa kanjani imali yenu. (Amose 3:3) Nqumani ukuthi yini okudingeka niyithenge nokuthi yimalini eningakwazi ukuyisebenzisa. (IzAga 31:16) Ukuthi ninayo imali yokuthenga okuthile, akusho ukuthi kufanele nikuthenge. Zamani ukugwema izikweletu. Sebenzisani imali eninayo kuphela.—IzAga 21:5; 22:7.

ENINGAKWENZA:

  • Uma kunemali esalayo ekupheleni kwenyanga, nqumani ndawonye ukuthi nizoyisebenzisa kanjani

  • Uma nisebenzise imali engaphezu kweninayo, yenzani izinhlelo eziqondile zokunciphisa izindleko. Ngokwesibonelo, ningadla ekhaya kunokudla ezitolo

Abantu abashadile bayazicabangela kanzulu izikweletu zabo ezinkulu

2 NINGAFIHLELANI FUTHI YIBANI NOMBONO OFANELE

OKUSHIWO YIBHAYIBHELI: ‘Yenzani ilungiselelo elithembekile, hhayi emehlweni kaJehova kuphela, kodwa nasemehlweni abantu.’ (2 Korinte 8:21) Mtshele iqiniso oshade naye mayelana nemali oyiholayo noyisebenzisayo.

Mazise ngaso sonke isikhathi oshade naye lapho wenza izinqumo ezinkulu ngemali yenu. (IzAga 13:10) Ukuxoxa ngemali kuyosiza kulondoloze ukuthula emshadweni wenu. Imali oyiholayo ungayibheki njengeyakho wedwa, kodwa njengeyomndeni.—1 Thimothewu 5:8.

Abantu abashadile babheka uhlu abalubhalile lapho beyothenga

ENINGAKWENZA:

  • Vumelanani ngokuthi imalini ngamunye angayisebenzisa ngaphandle kokwazisa omunye

  • Ningalindi kuze kuvele inkinga ngaphambi kokuba nikhulume ngemali

UMBONO WENU NGEMALI

Nakuba imali ibalulekile, ningayivumeli idale izinkinga emshadweni wenu noma ibangele ukukhathazeka okungenasidingo. (Mathewu 6:25-34) Akudingeki ukuba nibe nemali eningi ukuze nijabulele ukuphila. IBhayibheli lithi: ‘Qaphani yonke inhlobo yokuhaha.’ (Luka 12:15) Akukho lutho imali engaluthenga oluyigugu ngaphezu komshado wenu. Ngakho yaneliswani eninakho, futhi ningalokothi nidebeselele ubuhlobo benu noNkulunkulu. Uma nikwenza lokhu, umndeni wenu uyojabula futhi uJehova uyonamukela.—Hebheru 13:5.

ZIBUZE . . .

  • Yini esingayenza njengomndeni ukuze sigweme izikweletu?

  • Ngagcina nini ukukhuluma nengishade naye ngokukhululekile ngezimali?

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela