INGXENYE 2
Mazi UJehova Futhi Umkhonze
Yini ephethwe izincwadi zabaprofethi abangu-12 esenza sifune ukumazi kangcono uJehova? Kungani izigijimi zikaJehova ezamenyezelwa yilaba baprofethi ziwusizo kangaka namuhla? Njengoba uzofunda iZahluko 4 kuya ku-7 zale ncwadi, uzothola izindlela okufanele ngabe umkhulekela ngazo uNkulunkulu nongazisebenzisa ngazo izindinganiso zakhe. Ngokwesibonelo, ulindele ukuba ububonise kanjani ubulungisa ezintweni ozenzayo? Yebo, uzothola ukuthi lezi zincwadi ezingu-12 zeziprofetho zingakuthuthukisa ukuphila kwakho namuhla.