INgxenye 6
Ingabe UNkulunkulu Uyazamukela Zonke Izinkolo?
1. Ngokusho kweZwi likaNkulunkulu, yiziphi izinhlobo ezimbili kuphela zenkolo?
“NGENANI ngesango elincane,” kusho uJesu, “ngoba ibanzi futhi ivulekile indlela eholela ekubhujisweni, futhi baningi abangena ngayo; kanti lincane isango futhi inyinyekile indlela eholela ekuphileni, futhi bambalwa abayitholayo.” (Mathewu 7:13, 14) Ngokusho kweZwi likaNkulunkulu, kunezinhlobo ezimbili kuphela zenkolo: eyodwa eyeqiniso enye eyamanga; eyodwa ilungile enye ayilungile; eyodwa iholela ekuphileni enye iholela ekubhujisweni.
2. ImiBhalo ibonisa kanjani ukuthi akuzona zonke izinkolo ezijabulisa uNkulunkulu?
2 Abanye abantu bacabanga ukuthi zonke izinkolo ziyamjabulisa uNkulunkulu. Amavesi eBhayibheli alandelayo abonisa ukuthi akunjalo:
● “Abantwana bakwa-Israyeli baphinda benza okubi emehlweni kaJehova, bakhonza oBhali nemifanekiso ka-Ashitoreti nonkulunkulu baseSiriya nonkulunkulu baseSidoni nonkulunkulu bakwaMowabi nonkulunkulu babantwana bakwa-Amoni nonkulunkulu bamaFilisti. Ngakho bamshiya uJehova bangamkhonza. Khona-ke intukuthelo kaJehova yamvuthela u-Israyeli.” (AbAhluleli 10:6, 7) Uma sikhulekela izithombe noma omunye unkulunkulu ngaphandle kukaNkulunkulu weqiniso, uJehova ngeke asamukele.
● “Lesi sizwe singidumisa ngezindebe [mina Nkulunkulu], kodwa izinhliziyo zaso zikude nami. Siqhubeka singikhulekela ngeze, ngoba sifundisa imiyalo yabantu njengezimfundiso.” (Marku 7:6, 7) Uma abantu abathi bakhulekela uNkulunkulu befundisa imibono yabo esikhundleni salokho okufundiswa iBhayibheli, ukukhulekela kwabo kuyize. UNkulunkulu akakwamukeli.
● “UNkulunkulu unguMoya, futhi abamkhulekelayo kumelwe bakhulekele ngomoya nangeqiniso.” (Johane 4:24) Ukukhulekela kwethu kumelwe kuvumelane neqiniso leZwi likaNkulunkulu.
Izithelo Zenkolo Yamanga
3. Iyiphi indlela esingahlukanisa ngayo inkolo yeqiniso kweyamanga?
3 Singabona kanjani ukuthi inkolo ethile iyamjabulisa uNkulunkulu noma cha? UJesu wathi: “Yonke imithi emihle ithela izithelo ezinhle, kodwa yonke imithi ebolile ithela izithelo ezingenamsebenzi . . . Khona-ke, ngempela labo bantu niyobazi ngezithelo zabo.” Ngamanye amazwi, uma inkolo ethile ivela kuNkulunkulu iyoveza okuhle; kodwa uma ivela kuSathane iyoveza okubi.—Mathewu 7:15-20.
4. Iyiphi imfanelo eboniswa abakhulekeli bakaJehova?
4 Inkolo yeqiniso iveza abantu abanothando phakathi kwabo nababonisa abanye uthando. Lokhu kungenxa yokuthi uJehova ngokwakhe unguNkulunkulu onothando. UJesu wathi: “Bonke bayokwazi ngalokho ukuthi ningabafundi bami, uma ninothando phakathi kwenu.” Izinkolo ziyayifinyelela yini le ndinganiso yokukhulekela kweqiniso?—Johane 13:35; Luka 10:27; 1 Johane 4:8.
5. Enye i-encyclopedia ikuchaza kanjani ukuhweba ngezigqila e-Afrika?
5 Cabanga ngokuhweba ngezigqila kwase-Afrika. I-New Encyclopædia Britannica ithi: “Babalelwa ku-18 000 000 abantu abaNsundu abathathwa amaSulumane abanqamulisa iSahara ne-Indian Ocean abathengisa njengezigqila phakathi kuka-650 no-1905. Engxenyeni yesibili yekhulu le-15 abeLungu baqala ukuhweba ogwini olusentshonalanga ye-Afrika, ngo-1867 kwase kuthunyelwe ngemikhumbi abaNsundu abaphakathi kuka-7 000 000 no-10 000 000 njengezigqila bayiswa eNtshonalanga Nenkabazwe.”
6. Yayihileleke kanjani inkolo ekuhwebeni ngezigqila?
6 Yathatha luphi uhlangothi inkolo phakathi nalesi sikhathi sesiyaluyalu e-Afrika lapho abesilisa, abesifazane nezingane behlukaniswa nemizi yabo nemikhaya yabo, beboshwa ngamaketanga, begxivizwa ngezinsimbi ezishisayo, bethengwa futhi bethengiswa njengezinkomo? UBethwell Ogot uyabhala kuyi-Daily Nation yaseNairobi, eKenya: “Kokubili ubuKristu nobuSulumane bukholelwa ukuthi isintu simunye, kodwa kokubili kwasungula imiphakathi enezigqila egcwele ubandlululo. . . . Kufanele silivume icala lamaSulumane namaKristu, labaseNtshonalanga nabaseMpumalanga Ephakathi, nokungabi nanembeza okwaholela ekuhluphekeni okukhulu kwabantu abaNsundu amakhulu eminyaka.”
Inkolo Nempi
7. Abaholi benkolo baye bafeza yiphi indima empini?
7 Inkolo yamanga iye yazibonisa nangezinye izindlela izithelo zayo ezibolile. Ngokwesibonelo, nakuba iBhayibheli lithi ‘thanda umakhelwane wakho,’ abaholi benkolo emhlabeni wonke baye bayisekela futhi bayigqugquzela ngentshiseko impi.—Mathewu 22:39.
8. (a) Abaholi benkolo bakukhuthaza kanjani ukubulala ezimpini zase-Afrika? (b) Omunye umfundisi wathini ngabaholi benkolo phakathi nempi yombango yaseNigeria?
8 Kwaziwa kahle ukuthi ngo-1994, ezinye izindela nabapristi baba nesandla ekubulaweni kwabantu eRwanda. Inkolo iye yaba nengxenye enkulu nakwezinye izimpi zase-Afrika. Ngokwesibonelo, empini yombango eyachitha igazi eliningi eNigeria, izinkolo zanhlangothi zombili zakhuthaza abantu ukuba balwe. Njengoba leyo mpi yadonsa, omunye umfundisi wathi abaholi benkolo base “bewubeke eceleni umsebenzi abawunikwe uNkulunkulu.” Wabuye wathi: “Thina esithi siyizikhonzi zikaNkulunkulu sesiphenduke izikhonzi zikaSathane.”
9. Lithini iBhayibheli ngezikhonzi zikaSathane?
9 IBhayibheli lisho okufanayo: “USathane ngokwakhe uqhubeka eziguqula ingelosi yokukhanya. Ngakho-ke akuyona into enkulu uma nezikhonzi zakhe ziqhubeka ziziguqula izikhonzi zokulunga.” (2 Korinte 11:14, 15) Njengoba nje abantu abaningi ababi bezenza abalungile, uSathane ukhohlisa abantu ngezikhonzi ezibonakala zilungile kodwa imisebenzi yazo ibe imibi nezithelo zazo zibe zibolile.
10. Abaholi benkolo baye bamphika ngayiphi indlela uNkulunkulu?
10 Emhlabeni wonke abaholi benkolo baye bashumayela uthando, ukuthula nobuhle, kodwa bona baye balwa, benza nezenzo ezibonisa inzondo nokungamesabi uNkulunkulu. IBhayibheli libachaza kahle. Lithi: “Bavuma obala ukuthi bayamazi uNkulunkulu, kodwa bayamphika ngemisebenzi yabo.”—Thithu 1:16.
Phumani ‘EBhabhiloni Elikhulu’
11. IBhayibheli liyichaza kanjani inkolo yamanga?
11 Singakubona lokho uJehova akucabangayo ngenkolo yamanga ngokufunda incwadi yeBhayibheli isAmbulo. Lapho, inkolo yamanga ichazwe njengowesifazane ongokomfanekiso, “iBhabhiloni Elikhulu.” (IsAmbulo 17:5) Yizwa ukuthi uNkulunkulu umchaza kanjani:
● ‘Isifebe esikhulu amakhosi omhlaba afeba naso.’ (IsAmbulo 17:1, 2) Kunokuba ithembeke kuNkulunkulu, inkolo yamanga igxambukele kwezombusazwe, ngokuvamile itshela ohulumeni ukuthi benzeni.
● “Kwatholakala kulo igazi labaprofethi nelabangcwele nelabo bonke abaye babulawa emhlabeni.” (IsAmbulo 18:24) Inkolo yamanga iye yashushisa futhi yabulala izinceku zikaNkulunkulu ezithembekile futhi iye yaba necala lokufa kwezigidi zabantu ezimpini.
● ‘Lazikhazimulisa futhi laphila ngokunethezeka kokungabi namahloni.’ (IsAmbulo 18:7) Inkolo yamanga inengcebo eningi, abaholi bayo abaphila ngayo ngokunethezeka.
● “Izizwe zonke zadukiswa ukusebenzelana [kwakhe] nemimoya.” (IsAmbulo 18:23) Ngemfundiso yayo yamanga ethi umphefumulo awufi, inkolo yamanga yenze kwaba khona zonke izinhlobo zokusebenzelana nemimoya nokuloya futhi ibangele nokuba kwesatshwe abafileyo kukhulekelwe nabangasekho.
12. IBhayibheli linikeza siphi isixwayiso ngenkolo yamanga?
12 Linikeza abantu isixwayiso esinamandla sokuba bazehlukanise nenkolo yamanga, iBhayibheli lithi: “Phumani kulo, bantu bami, uma ningafuni ukuhlanganyela nalo ezonweni zalo, futhi ningafuni ukwamukela ingxenye yezinhlupho zalo.”—IsAmbulo 18:4, 5.
13. Kuyokwenzekani enkolweni yamanga nakulabo abakuyo?
13 Maduze nje, iBhabhiloni Elikhulu, umbuso wezwe wenkolo yamanga, lizobhujiswa liphele nya. IBhayibheli lithi: “Zizofika ngalusuku lunye izinhlupho zalo, ukufa nokulila nendlala, futhi liyoshiswa ngomlilo liphele, ngoba uJehova uNkulunkulu, olahlulele, unamandla.” (IsAmbulo 18:8) Ukuze singazitholi izinhlupho zalo, kumelwe sigqashule zonke izibopho esinazo nenkolo yamanga, singahlanganyeli emikhubeni, emikhosini, nasezinkolelweni ezingamjabulisi uNkulunkulu. Kuyaphuthuma lokhu. Ukuphila kwethu kusengozini!—2 Korinte 6:14-18.
[Izithombe ekhasini 20, 21]
Inkolo yamanga iye yaba nesandla ezimpini nasekuhwebeni ngezigqila
[Imithombo]
Blessing troops: Daily Times of Nigeria; child laborers: © Penny Tweedie/Panos Pictures; slave boat: Schomburg Center for Research in Black Culture/The New York Public Library/Astor, Lenox and Tilden Foundations