Kuzokwenzekani Ngenkolo?—Okwembulwa IBhayibheli
Ingabe inkolo ikudumazile noma uyayenyanya ngisho nokuyenyanya? Nakuba inkolo iye yenzela imiphakathi ethile nabantu izinto ezinhle, nayo iye yabangela umonakalo omkhulu. I-Encyclopedia of Religion and War ithi,“Ezinye zezimpi ezimbi kakhulu emlandweni ziye zaba khona ngenxa yemibono engokwenkolo.” Abaholi benkolo ngokuvamile baye basebenzisa inkolo, hhayi ngenjongo yokukhulekela, kodwa ukuze baqhubekisele phambili izinhloso zezepolitiki. Kanti abanye abaholi benkolo baye bafihla amacala okunukubeza ngokocansi noma okuntshontshwa kwezimali, ezebiwa abaholi bazo.
Uma udunyazwe inkolo, ungase uzibuze ukuthi uNkulunkulu uzizwa kanjani ngayo. IBhayibheli lembula ukuthi uNkulunkulu uyazilahla izinkolo eziningi ngenxa yalokho ezikwenzile. Liphinde libe neziprofetho ezichaza lokho uNkulunkulu azokwenza. IBhayibheli liyachaza ukuthi maduze uNkulunkulu uzothatha isinyathelo ngokumelene nezinkolo ezisemhlabeni wonke. Uzokwenza into engakaze yenzeke ngaphambili.
Lithini iBhayibheli ngekusasa lenkolo?
Isiprofetho: Incwadi yeBhayibheli yesAmbulo ichaza isifebe esibizwa ngokuthi iBhabhiloni Elikhulu. Lesi sifebe sihlezi phezu kwesilo sasendle esinombala obomvu. Kodwa kamuva, lesi silo siyasijikela futhi sisibulale.—IsAmbulo 17:3, 5, 16.
Incazelo: Isifebe, iBhabhiloni Elikhulu, sifanekisela zonke izinhlobo zenkolo yamanga—okuwukuthi, inkolo uNkulunkulu ayilahlayo.a Isilo esibomvu sifanekisela iZizwe Ezihlangene (i-UN).b Isithombe sesifebe esihlezi phezu kwesilo esibomvu sibonisa ukuthi inkolo yamanga iye yazama ukuthonya le nhlangano yezepolitiki, yazama ngisho nokuyibusa. Iqiniso lokuthi isilo sibulala isifebe libonisa ukuthi i-UN nezizwe eziyisekelayo ziyovukela zonke izinkolo zamanga zaleli zwe futhi zibhujiswe. Lesi senzakalo esingakaze sibe khona siyoba inhlekelele ngempela.
Iyobhujiswa kanjani inkolo yamanga?
Isiprofetho: “Izimpondo eziyishumi ozibonile nesilo sasendle, ziyosizonda isifebe zisicekele phansi. . . zisishise ngomlilo siphele. Ngoba uNkulunkulu ukufake ezinhliziyweni zabo [ezinhliziyweni zabaholi bezwe] ukuba bafeze umqondo wakhe, yebo, ukuba afeze umqondo wabo owodwa ngokunika isilo sasendle umbuso wabo. . . Zizofika ngosuku olulodwa izinhlupho zalo [iBhabhiloni Elikhulu, noma isifebe], ukufa nokulila nendlala, futhi liyoshiswa ngomlilo liphele, ngoba uJehovac uNkulunkulu, olahlulele, unamandla.”—IsAmbulo 17:16, 17; 18:8.
Incazelo: UNkulunkulu uyofaka “umqondo wakhe” phakathi kwezizwe zomhlaba. Uyozenza zinikele “umbuso wazo,” noma amandla azo kuyi-UN. I-UN—esanda kugunyazwa izizwe—izobhubhisa inkolo yamanga emhlabeni wonke. Lesi senzakalo esimangalisayo siyokwenzeka “ngosuku olulodwa” ngokushesha kungazelelwe futhi siyomangaza abantu abaningi.—IsAmbulo 18:21.
Kungani inkolo yamanga izobhujiswa?
Isiprofetho: “Izono zalo ziye zanqwabelana zaze zafika ezulwini, noNkulunkulu wazikhumbula izenzo zalo zokungalungi.”—IsAmbulo 18:5.
Incazelo: Inkolo yamanga iye yenza izinto eziningi ezibonisa ukungamhloniphi uNkulunkulu amakhulu amaningi eminyaka. Phawula ezinye ‘zezono zayo’ eziye zayilethela isahlulelo sikaNkulunkulu:
Ukubandakanyeka kwezepolitiki. UJesu Kristu wafundisa abalandeli bakhe ukuba bangahileleki kwezepolitiki kodwa babeke ithemba labo eMbusweni kaNkulunkulu, okuwuhulumeni wasezulwini ozobusa esikhundleni sohulumeni babantu.d (Daniyeli 2:44; Mathewu 6:9, 10; Johane 6:15; 18:36) Inkolo yamanga iye yakhuthaza abantu ukuba bathembele kohulumeni babantu. Ngenxa yokuthi iBhabhiloni lihileleke kakhulu kwezepolitiki esikhundleni sokwethembeka kuNkulunkulu, isiprofetho esisencwadini yesAmbulo sichaza iBhabhiloni Elikhulu njengelinecala ‘lokuziphatha kabi ngokocansi’ futhi libizwa kufanele ngokuthi “isifebe esikhulu.”—IsAmbulo 17:1, 2; Jakobe 4:4.
Udlame. Inkolo yamanga ichazwa njengebangela ukufa kwabo ‘bonke abaye babulawa emhlabeni.’ (IsAmbulo 18:24 ) Izinkolo eziningi azigcinanga nje ngokuhluleka ukufundisa amalungu azo ukugcina ukuthula kodwa ziye zasekela noma zagqugquzela ngisho nezimpi nobuphekula.
Ubugovu. Inkolo yamanga iphila “ngokutamasa.” (IsAmbulo 17:4; 18:7) Izinkolo eziningi ziye zasebenzisa amandla azo nobudlelwane ukuze ziqongelele ingcebo eningi. Ubugovu obunjalo buyamdumaza uNkulunkulu.—Thithu 1:7.
Amanga. Inkolo yamanga ikhuthaza izimfundiso nemikhuba ephikisana neqiniso leBhayibheli.e Ngenxa yokuthi inkolo yamanga iwumthombo wezimfundiso nemikhuba eminingi edukisa abantu futhi ehlambalaza uNkulunkulu, lesi siprofetho sibiza lona wesifazane ngokuthi “unina . . . wamanyala omhlaba.”—IsAmbulo 17:5; 18:23.
Ingabe zonke izinkolo zizobhujiswa?
Cha. Incwadi yesAmbulo ikhuluma ngeqembu labantu abavela kuzo zonke izizwe elibizwa ngokuthi “isixuku esikhulu.” (IsAmbulo 7:9) Lesi sixuku esikhulu sichazwa ‘njengesigqoke izingubo ezimhlophe,’ okusho ukuthi sikhonza uNkulunkulu ngokwethembeka nangendlela emjabulisayo. Laba bayasinda “osizini olukhulu,” okuyinkathi iBhayibheli liyibiza ngokuthi isikhathi lapho inkolo yamanga nazo zonke ezinye izitha zikaNkulunkulu ziyobe sezibhujisiwe. (IsAmbulo 7:13, 14; 19:11, 19-21) Isixuku esikhulu esigqoke izingubo ezimhlophe siyinkolo yeqiniso, eyoqhubeka ikhona kuze kube phakade.f
Isixuku esikhulu sabakhulekeli bakaNkulunkulu siyosinda lapho kubhujiswa inkolo yamanga.
Kusho ukuthini kuwe ukubhujiswa kwenkolo yamanga?
Kungakududuza ukwazi ukuthi uNkulunkulu akazamukeli izinto ezishaqisayo ezenziwa inkolo. Ungabheka ikusasa ngethemba, wazi ukuthi maduze zonke izinhlobo zenkolo ezingamjabulisi uNkulunkulu nezibangela ukuhlupheka kwabantu zizoqedwa.
Ungaqiniseka nokuthi ikhona indlela yokukhonza uNkulunkulu ayamukelayo. IBhayibheli lithi ‘abakhulekeli beqiniso bayokhulekela uBaba ngomoya nangeqiniso, ngoba ngempela uBaba ufuna abanjalo ukuba bamkhulekele.’ (Johane 4:23) Uthi: “Phumani kulo, [iBhabhiloni Elikhulu], bantu bami, uma ningafuni ukuhlanganyela nalo ezonweni zalo, futhi ningafuni ukuhlushwa kanye nalo.” (IsAmbulo 18:4, 5) Yebo, uNkulunkulu umema abantu ukuba bamkhulekele ngeqiniso. (1 Thimothewu 2:3, 4) Uthembisa labo abamukela isimemo sakhe ukuthi bayophila phakade.—1 Johane 2:17.
a Ukuze ufunde ngemininingwane emine ekusiza ubone iBhabhiloni Elikhulu, funda isihloko esithi “Liyini IBhabhiloni Elikhulu?”
b Ukuze ufunde ngemininingwane eyisithupha ekusiza ubone lesi silo, funda isihloko esithi, “Siyini Isilo Esinombala Obomvu Okukhulunywa Ngaso Encwadini YesAmbulo Isahluko 17?”
c UJehova yigama likaNkulunkulu. (IHubo 83:18) Bheka isihloko esithi “Ungubani UJehova?”
d Ukuze ufunde okwengeziwe, bukela ividiyo ethi, Uyini UMbuso KaNkulunkulu?
e Ukuze ufunde ngezibonelo zalokhu, bheka ibhokisi elithi, “Ingabe IBhabhiloni Elikhulu Lihlanganisa Zonke Izinkolo Ezizibiza ‘NgamaKristu?’”
f Ukuze ufunde indlela iBhayibheli elingakusiza ngayo ubone inkolo yeqiniso, funda isihloko esithi, “Ngingayithola Kanjani Inkolo Yeqiniso?”