ISIFUNDO 15
Ukubukeka Kahle Komuntu Siqu
UKUBUKEKA kwakho kusho lukhulu ngawe. Nakuba uJehova ebheka okusenhliziyweni, abantu bafika eziphethweni ‘ngokubheka okusemehlweni.’ (1 Sam. 16:7) Uma uhlanzekile futhi uzilungise kahle, abanye bayovele baphethe ngokuthi uyazihlonipha, futhi bayothambekela nakakhulu ekukulaleleni. Ukugqoka kwakho ngendlela efanele kuyoyimelela kahle nenhlangano okuyo, kunikeze izilaleli umbono omuhle ngoNkulunkulu omkhulekelayo.
Iziqondiso Zokusetshenziswa. IBhayibheli alibeki mithetho eminingi ngokubukeka komuntu. Kodwa liyazinikeza izimiso ezilinganiselayo ezingasisiza senze izinqumo ezihlakaniphile. Esiyinhloko kuzo zonke esokuthi ‘senze zonke izinto ngenxa yenkazimulo kaNkulunkulu.’ (1 Kor. 10:31) Yiziphi izimiso ezihilelekile mayelana nokubukeka komuntu siqu?
Esokuqala, iBhayibheli likhuthaza ukuba kuhlanzeke umzimba nezingubo zethu. EMthethweni wakhe owawuqondiswe ku-Israyeli wasendulo, uJehova wabeka izimfuneko mayelana nokuhlanzeka. Ngokwesibonelo, lapho abapristi besemsebenzini, kwakumelwe bageze futhi bahlanze izingubo zabo ngezikhathi ezimisiwe. (Lev. 16:4, 24, 26, 28) AmaKristu awekho ngaphansi koMthetho KaMose, kodwa izimiso oziqukethe zisasebenza namanje. (Joh. 13:10; IsAm. 19:8) Ikakhulukazi lapho siya emihlanganweni noma sisenkonzweni yasensimini, imizimba yethu, umoya ophuma emlonyeni, kanye nezingubo kumelwe kuhlanzeke ukuze abanye bangasenyanyi. Abanikeza izinkulumo noma abanemiboniso ebandleni kumelwe babeke isibonelo esihle kulokhu. Ukunaka indlela esibukeka ngayo kubonisa ukuthi siyamhlonipha uJehova nenhlangano yakhe.
Esesibili, iBhayibheli lisinxusa ukuba sihlakulele isizotha nokuhluzeka kwengqondo. Umphostoli uPawulu wanxusa abesifazane abangamaKristu ukuba “bazihlobise . . . ngesizotha nangokuhluzeka kwengqondo, hhayi ngezitayela zokwaluka izinwele nangegolide noma amaparele noma ngemvunulo ebiza kakhulu, kodwa ngendlela efanele abesifazane abathi bahlonipha uNkulunkulu.” (1 Thim. 2:9, 10) Isizotha nokuhluzeka kwengqondo kubalulekile futhi ekugqokeni nasekuzilungiseni kwamadoda.
Umuntu onesizotha ukhathalela ukungabakhubi ngokungenasidingo abanye nokungazidonseli amehlo abanye ngokungadingekile. Ukuhluzeka kwengqondo kubangela ukuqonda, noma ukwahlulela okuhle. Umuntu obonisa lezi zimfanelo unokulinganisela okubangelwa ukuhlonipha izindinganiso zikaNkulunkulu. Ukubonisa lezi zimfanelo akusho ukuthi singagqoki siconse, kodwa kusisiza ukuba silinganisele ekubukekeni kwethu futhi sigweme izitayela ezeqisayo zokugqoka nokuzilungisa. (1 Joh. 2:16) Sifuna ukusebenzisa lezi zimiso kungakhathaliseki ukuthi sisemhlanganweni, sisenkonzweni yasensimini noma senza ezinye izinto. Ngisho nokugqoka kwethu kwansuku zonke kufanele kubonise isizotha nokuhluzeka kwengqondo. Esikoleni noma emsebenzini wokuziphilisa, kuyoba namathuba okufakaza ngokwethukela. Yize kungenzeka ukuthi asigqokile izingubo esizigqoka esifundweni, emihlanganweni emikhulu nemincane, izingubo zethu kufanele zibukeke, zihlanzeke futhi zibe nesizotha.
Yiqiniso, asigqoki ngendlela efanayo sonke. Akulindelekile lokho. Abantu bathanda izinto ezingefani, futhi lokho kulungile. Kodwa izimiso zeBhayibheli kumelwe zisetshenziswe njalo.
Umphostoli uPetru wabonisa ukuthi okubaluleke nakakhulu kunezitayela zezinwele nezingubo zangaphandle yizingubo ezihlobene ‘nomuntu osithekileyo wenhliziyo.’ (1 Pet. 3:3, 4) Uma izinhliziyo zethu zigcwele uthando, injabulo, ukuthula, umusa nokholo olunesisekelo esiqinile, lezi zimfanelo ziyoba izingubo zethu ezingokomoya eziyomdumisa ngempela uNkulunkulu.
Esesithathu, iBhayibheli lisinxusa ukuba sicabangele ukuthi sizilungise kahle yini. Kweyoku-1 Thimothewu 2:9, kukhulunywa “ngezingubo ezilungiswe kahle.” Nakuba umphostoli uPawulu ayebhekisele ezingutsheni zabesifazane, isimiso esifanayo siyasebenza nasemadodeni. Into elungiswe kahle ihlanzekile futhi ihlelekile. Kungakhathaliseki ukuthi sinezingubo eziningi noma cha, singahlanzeka.
Into yokuqala abantu abayiqaphelayo kithi izinwele zethu. Kumelwe zihlanzeke futhi zilungiswe kahle. Amasiko endawo nezici zofuzo zinomthelela endleleni abantu abalungisa ngayo izinwele zabo. Kweyoku-1 Korinte 11:14, 15, sithola iseluleko somphostoli uPawulu ngokulungiswa kwezinwele, ngokusobala okuyiseluleko esazicabangela zombili lezi zici. Nokho, uma isitayela somuntu sezinwele senza kubonakale sengathi uzama ukuzenza umuntu wobulili obuhlukile, lokhu kuyangqubuzana nezimiso zeBhayibheli.—Dut. 22:5.
Emadodeni, ukubukeka komuntu kungase kuhlanganise ukushefa. Ezindaweni amadevu abhekwa kuzo njengahloniphekile, noma ubani owayekayo kumelwe awagcine encwelwe kahle.
Esesine, ukubukeka kwethu akumelwe kubonakalise uthando ngezwe nezindlela zalo. Umphostoli uJohane waxwayisa: “Ningalithandi izwe noma izinto ezisezweni.” (1 Joh. 2:15-17) Izifiso eziningi eziyisono ziwuphawu lwaleli zwe. Phakathi kwalezi, uJohane ubala isifiso senyama enesono nokugabisa ngempahla yomuntu. ImiBhalo ibuye iphawule nomoya wokuvukela, noma ukungalaleli igunya. (IzAga 17:11; Efe. 2:2) Lezi zifiso nezimo zengqondo zivame ukubonakala endleleni abantu abagqoka futhi bazilungise ngayo. Ngenxa yalokho, bangase babukeke ngendlela engenasizotha, evusa inkanuko, exakayo, ewubudlabha, ebonisa ukungabi nandaba, noma ewubunuku. Njengezinceku zikaJehova, siyazigwema izitayela ezibonisa izindlela ezinjalo ezingezona ezobuKristu.
Kunokulingisa izwe, yeka ukuthi kungcono kanjani ukuvumela isibonelo esihle samadoda nabesifazane abavuthiwe ngokomoya abasebandleni lobuKristu sithonye indlela ogqoka futhi uzilungise ngayo! Izinsizwa ezinethemba lokuba izikhulumi zeningi ngelinye ilanga zingabuka izingubo zalabo asebekufanelekela kakade ukunikeza izinkulumo zeningi. Sonke singafunda esibonelweni esibekwa yilabo asebeneminyaka eminingi behlanganyela ngokwethembeka enkonzweni.—1 Thim. 4:12; 1 Pet. 5:2, 3.
Esesihlanu, ekunqumeni ukuthi yikuphi okufanelekayo, kumelwe sikhumbule ukuthi “ngisho noKristu akazijabulisanga yena.” (Roma 15:3) UJesu wayekukhathalela ngokuyinhloko ukwenza intando kaNkulunkulu. UJesu wayebeka ukusiza abanye ngaphambi kokunethezeka kwakhe siqu. Lapho kuziwa ezitayeleni ezithile zokugqoka nokuzilungisa, uma kukhona noma yini engase yakhe udonga phakathi kwethu nabantu balapho sikhonza khona manje, kumelwe senzenjani? Ukulingisa umoya wokuthobeka owaboniswa uKristu kungasisiza senze izinqumo ngokuhlakanipha. Umphostoli uPawulu wabeka lesi simiso: “Asinikezi nangayiphi indlela isizathu sokukhubeka.” (2 Kor. 6:3) Ngaleso sizathu, singaziyeka izitayela zezinwele noma izingubo ezingase zivale izingqondo zabantu esifuna ukufakaza kubo.
Indlela Yokuma. Ukubukeka okuhle komuntu kuhlanganisa nendlela enhle ama ngayo. Yiqiniso, asimi ngendlela efanayo sonke, futhi asizami ukulandela indlela ethile yokuma. Nokho, kuyaphawuleka ukuthi ngokweBhayibheli, ukuma uqonde kubonisa isizotha nokuzethemba. (Lev. 26:13; Luka 21:28) Nokho, ngenxa yokusebenza iminyaka eminingi egobile, noma ngenxa yokukhula noma ubuthakathaka bomzimba, umzalwane noma udade angase angakwazi ukuma aqonde, noma kungase kudingeke eyame kokuthile. Kodwa labo abakwaziyo ukuma baqonde, bakhuthazwa ukuba benze kanjalo lapho benikeza inkulumo ukuze bangadluliseli umuzwa wokunganaki noma wokufuna ukuzwelwa. Ngokufanayo, nakuba kungekubi ukuba isikhulumi sidamane sibeka izandla etafuleni lesikhulumi, kubukeka kahle nokho uma isikhulumi singeyami etafuleni lesikhulumi.
Ukucoceka Kwezinto Esizisebenzisayo. Akumelwe nje sihlanzeke futhi sizilungise kahle emzimbeni kuphela, kodwa nezinto esizisebenzisa enkonzweni nazo kufanele zihlanzeke futhi zicoceke.
Cabanga ngeBhayibheli lakho. Akulula ngathi sonke ukuba sithole iBhayibheli elisha uma seligugile esinalo. Nokho, kungakhathaliseki ukuthi sekuyisikhathi eside kangakanani sinalo iBhayibheli lethu, kumelwe kubonakale ukuthi liphethwe kahle.
Yiqiniso, ziningi izindlela zokupakisha isikhwama sasensimini, kodwa kumelwe sicoceke. Wake wawabona amaphepha ewa eBhayibhelini ngesikhathi ummemezeli ethi ufundela umninikhaya umbhalo, noma mhlawumbe lapho umzalwane enikeza inkulumo ebandleni? Waphazamiseka, akunjalo? Uma amaphepha agcinwa eBhayibhelini eyisiphazamiso, kungenzeka ukuthi ukuwagcina kwakho kwenye indawo kuyokwenza izinto zakho zihleleke kahle. Phawula futhi ukuthi ezinye izizwe zikubheka njengokungahloniphi ukubeka iBhayibheli nezinye izincwadi zenkolo phansi.
Ukubukeka kahle kwethu kumelwe kube yinto ebalulekile kithi. Kuthinta nendlela abanye abasibheka ngayo. Kodwa ngaphezu kwakho konke, sikunaka ngokukhethekile ngoba sifuna ‘ukuhlobisa imfundiso yoMsindisi wethu, uNkulunkulu, ezintweni zonke.’—Thithu 2:10.