ISIFUNDO 16
Isimo Sokuqiniseka
KUVAMILE ukuba isikhulumi sishaywe uvalo lapho sisukuma siyobeka inkulumo, ikakhulukazi uma singajwayele ukunikeza izinkulumo njalo. Ummemezeli angase azizwe enovalo lapho engena ezindlini zokuqala enkonzweni yasensimini. Lapho ethunywa ukuba aprofethe, uJeremiya wathi: “Bheka, angikwazi ukukhuluma, ngokuba ngingumntwana.” (Jer. 1:5, 6) UJehova wamsiza uJeremiya, futhi uyokusiza nawe. Ngokuhamba kwesikhathi, uyoba nesimo sokuqiniseka.
Isikhulumi esinesimo sokuqiniseka yileso esingatatazeli. Lokhu kungatatazeli kubonakala ngendlela esima ngayo. Sima ngendlela engokwemvelo efanelana nesenzakalo. Izandla sizinyakazisa ngenjongo. Izwi laso licacile futhi aliklabalasi.
Ngisho noma ungaba nomuzwa wokuthi le ncazelo yomuntu onesimo sokuqiniseka ayikufaneli wena, ungathuthuka. Kanjani? Ake sicabangele ukuthi kungani isikhulumi sizizwa sethukile futhi sintula isimo sokuqiniseka. Imbangela ingaba semzimbeni.
Lapho ubhekene nenselele futhi ufuna ukwenza kahle kodwa ungaqiniseki ukuthi uzophumelela yini, uzizwa ukhathazekile. Umphumela uba ukuthi ingqondo itshela umzimba ukuba ukhiqize i-adrenaline eyengeziwe. Lokhu kwanda kwayo kungase kwenze inhliziyo ishaye ngamandla, uhefuzele, ujuluke kakhulu noma kuqhaqhazele izandla, amadolo, nezwi. Umzimba wakho uzama ukukusiza ubhekane nesimo okuso ngokwandisa amandla. Inselele isekwazini ukuthi uzowasebenzisa kanjani lawo mandla engeziwe ukuze ucabange ngendlela ewusizo futhi uyibeke ngentshiseko inkulumo.
Indlela Yokunciphisa Ukukhathazeka. Khumbula ukuthi kungokwemvelo ukuzizwa ukhathazekile. Nokho, ukuze uhlale unesimo sokuqiniseka, kudingeka ukwazi ukunciphisa izinga lokukhathazeka futhi ubhekane nesimo ngendlela ezolile nenesizotha. Ungakwenza kanjani lokhu?
Lungiselela kahle. Ziphe isikhathi ulungiselela inkulumo yakho. Qiniseka ukuthi uyiqonda ngokucacile indaba yakho. Uma inkulumo yakho ifuna uzikhethele amaphuzu ozoxoxa ngawo, cabangela lokho izilaleli zakho esezikwazi kakade ngaleyo ndaba nalokho ofisa ukukufeza. Lokhu kuyokusiza ukwazi ukukhetha ukwaziswa okuwusizo kakhulu. Uma ukuthola kunzima lokho ekuqaleni, xoxa ngale nkinga nesikhulumi esingumakadebona. Singakusiza ukuba uyihlaziye kahle inkulumo yakho, ukwazi nokucabangela nezilaleli. Uma usuqiniseka ukuthi amaphuzu akho ayozizuzisa izilaleli futhi usuwazi kahle, isifiso sakho sokuwabela abanye siyosibekela konke ukukhathazeka ongase ube nako ngendlela yokubeka inkulumo.
Naka ngokukhethekile isingeniso sakho. Yazi ukuthi uzoqala uthini. Lapho usuphakathi nenkulumo yakho, cishe kuyophela ukwesaba.
Lezi zinyathelo ezifanayo eziyisisekelo ziyasebenza lapho ulungiselela inkonzo yasensimini. Ungacabangi kuphela ngendaba ohlela ukuxoxa ngayo kodwa nohlobo lwabantu oyobe ufakaza kubo. Hlela isethulo sakho ngokucophelela. Zuza kokuhlangenwe nakho kwabamemezeli abavuthiwe.
Ungase ube nomuzwa wokuthi uyoba nesimo sokuqiniseka kakhulu uma uyifunda inkulumo yakho lapho ukhuluma phambi kweqembu. Empeleni, lokhu kungase kukwenze ukhathazeke nakakhulu njalo lapho unikeza inkulumo. Kuyiqiniso ukuthi ezinye izikhulumi zisebenzisa uhlaka oluningilizayo kuyilapho ezinye zisebenzisa olungadle ngabude. Nokho, akuwona amagama asephepheni ayoshintsha indlela yakho yokucabanga futhi ehlise izinga lokukhathazeka, kodwa ukuqiniseka okusenhliziyweni yakho kokuthi lokho okulungiselele izilaleli kuwusizo ngempela.
Prakthiza indlela yokubeka inkulumo yakho ngokuzwakalayo. Ukuprakthiza okunjalo kuyokwenza uzethembe ukuthi uyakwazi ukubeka imicabango yakho ngamagama. Njengoba uprakthiza, wakha izindlela zokukhumbula oyovele uzikhumbule lapho usubeka inkulumo. Prakthiza ngokoqobo. Zibone ngamehlo engqondo izilaleli zakho. Hlala noma ume, njengoba nje uyokwenza lapho usubeka inkulumo.
Thandazela usizo lukaJehova. Uyowuphendula yini umthandazo onjalo? “Yilokhu ukuqiniseka esinakho kuye, ukuthi, kungakhathaliseki ukuthi yini esiyicelayo ngokwentando yakhe, uyasizwa.” (1 Joh. 5:14) Uma ufisa ukudumisa uNkulunkulu futhi usize abantu bazuze eZwini lakhe, nakanjani uyowuphendula umthandazo wakho. Leso siqinisekiso singakusiza kakhulu sikuqinisele ukuba ufeze isabelo sakho. Ngaphezu kwalokho, njengoba uhlakulela izithelo zomoya—uthando, injabulo, ukuthula, ubumnene nokuzithiba—uyoba nesimo sengqondo esidingekayo sokubhekana nezimo ngokuqiniseka.—Gal. 5:22, 23.
Thola okuhlangenwe nakho. Lapho uhlanganyela ngokwengeziwe enkonzweni yasensimini, kuyoncipha ukwesaba. Uma uphendula kaningi emihlanganweni yebandla, kuyoba lula ukukhuluma phambi kwabanye. Njengoba zanda izinkulumo ozibeka ebandleni, cishe liyokwehla izinga lokukhathazeka ngaphambi kwenkulumo ngayinye. Ungathanda yini ukuba namathuba amaningana okukhuluma? Khona-ke, volontiya esikoleni lapho abanye bengakwazi ukufeza izabelo zabo.
Ngemva kokuba sewenze lezi zinyathelo ezibekwe ngenhla, uyokuthola kuwusizo ukuhlola izimpawu ezibonisa ukuthi unovalo ngempela. Ukuzazi lezi zimpawu nokufunda ukubhekana nazo kuyokusiza ukuba ukhulume ngomuzwa wokuqiniseka. Izimpawu zingase zibe semzimbeni noma ezwini.
Izimpawu Ezisemzimbeni. Ukuba nesimo sokuqiniseka, noma ukusintula, kuboniswa ukuma komzimba wakho nendlela osebenzisa ngayo izandla. Cabangela izandla kuqala. Ukubeletha izandla, ukuzilengisa ziqine emaceleni noma zibambe itafula lesikhulumi; izandla ezilokhu ziphuma zingena emaphaketheni, eziqaqa ibhantshi zibuye zilifase, ezithintathinta isihlathi, ikhala, izibuko; izandla ezidlala ngewashi, ngepeni, ngendandatho noma ngohlaka; ukunyakazisa izandla ngendlela engenanjongo nengasho lutho—konke lokhu kubonisa ukuntula ukuqiniseka.
Ukuntula ukuzethemba kungabonakala nangokushintshashintsha izinyawo okungapheli, ukunyakazisa umzimba uye ngapha nangapha, ukuma uqonde ngendlela eyeqisayo, ukuma sengathi ukhathele, ukukhotha umlomo ungaqedi, ukulokhu ugwinya amathe kanye nokuhefuzela.
Ngomzamo wokuzikhandla, lezi zimpawu zokwethuka zingalawuleka. Sebenzela kolulodwa ngesikhathi. Thola inkinga, futhi ukucabangele kusenesikhathi ukuthi yini ongayenza ukuze uyigweme. Uma wenza lowo mzamo, uyobonisa ukuthi uyaqiniseka lapho umile.
Izimpawu Zezwi. Izimpawu zokwethuka ezisezwini zingase zihlanganise izwi elihlaba ngokungavamile noma elivevezelayo. Mhlawumbe ulokhu ukhwehlela into engapheli noma ukhulume usheshise. Lezi zinkinga nezijwayezi zinganqotshwa ngokukhuthalela ukuzama ukulawula izwi.
Uma uzizwa ushaywa uvalo, yima kancane udonse umoya izikhathi ezimbalwa ngaphambi kokuba uye endaweni yesikhulumi. Zama ukwenza wonke umzimba wakho ukhululeke. Kunokucabanga ngokwethuka kwakho, cabanga ngokuthi kungani ufuna ukutshela izilaleli lokho okulungiselele. Ungakaqali ukukhuluma, ake uthi ukubheka izilaleli zakho, qoka ubuso obunobungane nobumomothekayo. Khuluma ngokunensa esingenisweni, ngemva kwalokho uqhubeke nenkulumo yakho.
Ongakulindela. Ungalindeli ukuba yonke imizwa yokwesaba ivele inyamalale. Izikhulumi eziningi esezineminyaka eminingi zinikeza izinkulumo zisathuka lapho zisukuma ziyokhuluma phambi kwezilaleli. Nokho, ziye zafunda ukunciphisa uvalo. Esinye isikhulumi esinjalo sathi: “Ngisashaywa uvalo namanje, kodwa manje sengiyakwazi ukululawula.”
Uma wenza umzamo oqotho wokuqeda izimpawu zangaphandle zokwethuka, izilaleli zakho ziyokubheka njengesikhulumi esinesimo sokuqiniseka. Ungase uzizwe wethukile wena, kodwa zona zingase zingakuboni nakancane lokho.
Khumbula, ukwanda kwe-adrenaline okubangela izimpawu zokwethuka kukunika amandla engeziwe. Wasebenzisele ukukhuluma ngomuzwa.
Asikho isidingo sokuba ulinde uze uye endaweni yesikhulumi ngaphambi kokuprakthiza zonke lezi zinto. Ekuphileni kwakho kwansuku zonke, funda ukuba nesizotha nokuzilawula futhi ukhulume ngomuzwa ofanelekayo. Ukwenza kanjalo kuyosiza kakhulu ekukwenzeni uzethembe endaweni yesikhulumi nasenkonzweni yasensimini, lapho kudingeka khona nakakhulu.