ISIFUNDO 5
Ukuhlaba Ikhefu Okufanele
LAPHO ukhuluma, kubalulekile ukuhlaba amakhefu ezindaweni ezifanele. Lokhu kuyiqiniso kungakhathaliseki ukuthi unikeza inkulumo noma ukhuluma nomuntu oyedwa. Ngaphandle kokuhlaba ikhefu, lokho okushiwoyo kungase kuzwakale kuwumsindo nje ongasho lutho kunokuba kube amaphuzu acacile. Ukuhlaba ikhefu okufanele kusiza ekucaciseni into oyishoyo. Kungase kwenziwe nangenjongo yokuba amaphuzu akho ayinhloko akhumbuleke njalo.
Unganquma kanjani ukuthi kumelwe ulihlabe nini ikhefu? Kumelwe abe made kangakanani amakhefu?
Hlaba Ikhefu Ngenxa Yezimpawu Zenkulumo. Izimpawu zenkulumo ziyingxenye ebalulekile yolimi olubhalwayo. Zingase zibonise ukuphela komusho noma umbuzo. Kwezinye izilimi zisetshenziselwa ukuhlukanisa izingcaphuno. Ezinye izimpawu zenkulumo zibonisa ukuhlobana kwezingxenye zemisho. Umuntu ozifundelayo uyazibona izimpawu zenkulumo. Kodwa uma efundela abantu ngokuzwakalayo, izwi lakhe kumelwe likuveze lokho okushiwo yinoma iziphi izimpawu zenkulumo ahlangana nazo njengoba efunda. (Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe, bheka iSifundo 1, “Ukufunda Ngokunembile.”) Ukungalihlabi ikhefu lapho izimpawu zenkulumo zithi lihlabe kungase kwenze kube nzima ngabanye ukuba bakuqonde lokho okufundayo noma futhi kungase ngisho kusonte incazelo yalokho okufundayo.
Ngaphandle kwezimpawu zenkulumo, indlela amaphuzu avezwa ngayo emushweni iyonquma ukuthi kumelwe ahlatshwe kuphi amakhefu. Umculi odumile wake wathi: “Angibedluli abanye ngokudlala umculo wopiyano. Kodwa ukuhlaba ikhefu phakathi kwamanothi, ah, ilele lapho imfihlo.” Kuyefana nangokukhuluma. Ukuhlaba ikhefu ngendlela efanele kuyokwenza indaba yakho elungiselelwe kahle ibe yinhle futhi izwakale.
Lapho ulungiselela ukufundela iningi, ungase ukuthole kuwusizo ukwenza izimpawu ezithile encwadini ozobe uyifunda. Dweba ulayini omncanyana omile lapho kumelwe uhlabe khona ikhefu. Dweba olayini ababili abamile abasondelene lapho kufanele uhlabe khona ikhefu elijana. Uma uthola ukuthi amagama athile awuwajwayele futhi ulokhu uma ezindaweni ezingafanele, sebenzisa ipeni lomsizi uhlanganise wonke amagama akha lowo mushwana onzima. Yibe usufunda lowo mushwana usuka ekuqaleni kuze kube sekugcineni. Eziningi izikhulumi ezingomakad’ ebona ziyakwenza lokhu.
Ukuhlaba ikhefu enkulumweni yansuku zonke ngokuvamile akubi inkinga ngoba usuke wazi ukuthi ufuna ukuthini. Nokho, uma unesijwayezi sokwenza izikhawu njalo kungakhathaliseki ukuthi ziyafaneleka yini ukuze kuvele umqondo, okushoyo kuyontula umfutho futhi ngeke kuzwakale. Ukusikisela kokuthi ungathuthuka kanjani kuseSifundweni 4, “Ukukhuluma Ngokuqephuza.”
Ukuhlaba Ikhefu Kokushintsha Umqondo. Lapho ushintsha usuka kwelinye iphuzu eliyinhloko uya kwelinye, ukuhlaba ikhefu kunganika izilaleli zakho ithuba lokuzindla, lokuzilungiselela, lokubona ukuthi usuyashintsha, nelokulithola kahle iphuzu elilandelayo. Kubalulekile ukuhlaba ikhefu lapho usuka komunye umqondo uya komunye, kufana nje nokwehlisa isivinini semoto lapho ujika usuka komunye umgwaqo ungena komunye.
Esinye isizathu esenza ezinye izikhulumi zigijime zisuka komunye umqondo ziye komunye ngaphandle kokuhlaba ikhefu, ukuthi zizama ukuhlanganisa indaba eningi kakhulu. Lo mkhuba usuke ubonisa indlela abanye abakhuluma ngayo nsuku zonke. Mhlawumbe bonke abantu ababazungezile bakhuluma ngendlela efanayo. Kodwa le ndlela ayiphumeli ekufundiseni okuphumelelayo. Uma unokuthile okumelwe abantu bakuzwe futhi bakukhumbule, khona-ke zinike isikhathi sokwenza lelo phuzu liqhame. Kufanele wazi ukuthi ukuhlaba ikhefu lapho ukhuluma kubalulekile ukuze imiqondo idluliselwe ngokucacile.
Uma uzonikeza inkulumo usebenzisa uhlaka, kumelwe indaba yakho ihlelwe ngendlela yokuthi kube lula ukubona ukuthi kukuphi lapho kumelwe uhlabe khona ikhefu phakathi kwamaphuzu asemqoka. Uma uyobe unikeza inkulumo efundwayo, phawula izindawo lapho kunoshintsho khona kusuka kwelinye iphuzu elisemqoka kuya kwelinye.
Amakhefu ahlatshelwa ukushintsha umqondo ngokuvamile aba made kunalawo owahlaba ngenxa yezimpawu zenkulumo—nokho, akumelwe abe made aze enze inkulumo yakho ibe yisicefe. Uma emade kakhulu, kunikeza umuzwa wokuthi awulungiselele kahle futhi usazama ukuthola ukuthi yini osuzoyisho ngokulandelayo.
Ukuhlaba Ikhefu Kokugcizelela. Ikhefu lokugcizelela livame ukuba nomphumela omuhle kakhulu, okusho ukuthi, landulela noma lilandela umusho noma umbuzo obuzwa ngomfutho othile. Ikhefu elinjalo linikeza izilaleli ithuba lokuzindla ngalokho okuqeda kushiwo, noma lakha ukulangazelela ngalokho okuzolandela. Lokhu akufani. Nquma ukuthi iyiphi indlela efanele ongayisebenzisa. Kodwa khumbula ukuthi amakhefu okugcizelela kufanele enziwe kuphela ezindaweni ezibaluleke ngempela. Ngaphandle kwalokho, iphuzu lakho liyolahleka.
Lapho uJesu efunda imiBhalo ngokuzwakalayo esinagogeni laseNazaretha, wasebenzisa amakhefu ngokuphumelelayo. Okokuqala, wafunda lokho ayekuthunyiwe emqulwini womprofethi u-Isaya. Nokho, ngaphambi kokuchaza ukuthi kusebenza kanjani, wawugoqa umqulu, wawubuyisela esikhonzini, wabe esehlala phansi. Khona-ke njengoba amehlo abo bonke esinagogeni ayethé njo kuye, wathi: “Namuhla lo mbhalo enisanda kuwuzwa ugcwalisekile.”—Luka 4:16-21.
Hlaba Ikhefu Lapho Izimo Zibizela Lokho. Iziphazamiso nazo zingase zidinge ukuba ngesinye isikhathi uhlabe ikhefu lapho ukhuluma. Umsindo wezimoto ezidlulayo noma womntwana okhalayo ungase udinge ukuba uthi ukuyimisa ingxoxo kanye nomninikhaya omthole enkonzweni yasensimini. Uma isiphazamiso singesikhulu kakhulu emhlanganweni omkhulu, ungase ukwazi ukuphakamisa izwi uqhubeke. Kodwa uma kunomsindo omkhulu futhi odonsayo, kufanele ume. Izilaleli zakho ziyobe zingalalele vele. Ngakho-ke, hlaba ikhefu ngendlela enenjongo, ngombono wokusiza izilaleli zakho ukuba zizuze ngokugcwele ezintweni ezinhle ofuna ukuzitshela zona.
Hlaba Ikhefu Lokulindela Ukusabela Kokhuluma Naye. Nakuba kungenzeka ukuthi unikeza inkulumo engenalo ilungiselelo lokuhlanganyela kwezilaleli, kubalulekile ukuba uvumele izilaleli ziphendule, hhayi ngomlomo kodwa ngengqondo. Uma uphakamisa imibuzo ezokwenza izilaleli zakho zicabange kodwa ungalihlabi ikhefu elanele, ngeke ibonakale inzuzo yaleyo mibuzo.
Yiqiniso, kubalulekile ukuhlaba ikhefu hhayi nje kuphela lapho ukhuluma endaweni yesikhulumi kodwa nalapho ufakaza kwabanye. Abanye abantu abalihlabi nhlobo ikhefu. Uma unaleyo nkinga, yenza umzamo okhethekile wokuhlakulela le mfanelo yokukhuluma. Uyothuthuka ekuxoxeni nabanye futhi uyophumelela enkonzweni yakho yasensimini. Ukuhlaba ikhefu yisikhathi sokuthula dú, futhi kuye kwashiwo kufanele ukuthi ukuthula kwenza okhulumayo athi ukuma, kuyagcizelela, kudonsa ukunaka, futhi kuzwakala kamnandi.
Ingxoxo yansuku zonke isho ukunikezelana kwemiqondo phakathi kwabantu ababili noma ngaphezulu. Abanye baye bathambekele ekukulaleleni uma nawe ubalalela futhi ubonisa isithakazelo kulokho abakushoyo. Lokhu kudinga ukuba uhlabe ikhefu isikhathi eside ngokwanele ukuze ubanike ithuba lokuveza umuzwa wabo.
Enkonzweni yasensimini, ukufakaza kwethu kuphumelela kangcono lapho kuyingxoxo. Ngemva kokubingelelana, oFakazi abaningi bakuthola kuphumelela ukusho ukuthi beze ngani bese bebuza umbuzo. Bahlaba ikhefu ukuze banike lo omunye ithuba lokuphendula, bese bencoma lokho okushiwo umninikhaya. Phakathi nengxoxo, bangase banikeze umninikhaya amathuba amaningi okukhuluma. Bayazi ukuthi ngokuvamile bangamsiza kangcono umuntu uma bazi imibono yakhe ngendaba exoxwayo.—IzAga 20:5.
Yiqiniso, akubona bonke abantu abayoyiphendula kahle imibuzo. Kodwa lokho akuzange kumyekise uJesu ukuba ame ngokwanele ukuba anike ngisho nabaphikisi ithuba lokukhuluma. (Marku 3:1-5) Ukunika omunye umuntu ithuba lokukhuluma kumkhuthaza ukuba acabange, futhi ngenxa yalokho angase aveze okusenhliziyweni yakhe. Empeleni, enye injongo yenkonzo yethu iwukushukumisa izinhliziyo zabantu ngokubanika izindaba eziseZwini likaNkulunkulu okumelwe benze izinqumo ngazo.—Heb. 4:12.
Ukuhlaba ikhefu elifanele enkonzweni yethu kuyikhono ngempela. Uma ukuhlaba ikhefu kwenziwa ngokunenjongo, amaphuzu ayobekwa ngokucace kakhudlwana futhi ayokhumbuleka isikhathi eside.