ISIFUNDO 6
Ukugcizelela Umqondo Okufanele
LAPHO ukhuluma noma ufunda ngokuzwakalayo, kubalulekile ukuba ungamane nje ubize igama ngalinye ngendlela eqondile, kodwa futhi kufanele ugcizelele amagama ayisihluthulelo nemishwana equkethe umqondo ngendlela ewudlulisela ngokucacile umyalezo.
Ukugcizelela amaphuzu ngokufanele kuhlanganisa okungaphezu kokugcizelela amagama ambalwa noma ngisho amaningi. Kumelwe kugcizelelwe amagama afanele. Uma ugcizelela amagama angafanele, incazelo yalokho okushoyo ingase ingacaci ezilalelini, nazo ezingavele zizicabangele ezinye nje izinto. Nakuba indaba yakho ingase izuzise, inkulumo egcizelela lapho kungafanele khona ngeke izishukumise izilaleli.
Ukugcizelela okwengeziwe kungase kwenziwe ngezindlela eziningi ezivame ukusetshenziswa kanye kanye: ngezwi eliphakeme, ngomuzwa ojulile, ngokukhuluma ngokunensa ngamabomu, ngokuhlaba ikhefu ngaphambi noma ngemva komusho othile (noma kokubili), ngokushukuma komzimba nokubonakala kobuso. Kwezinye izilimi, ukugcizelela kungase kwenziwe ngokwehlisa izwi noma ngokulikhuphula. Cabangela indaba nezimo ukuze uthole ukuthi yikuphi okuyofaneleka kangcono.
Lapho unquma ukuthi yikuphi ozokugcizelela, cabangela okulandelayo, (1) Kunoma yimuphi umusho, amagama okumelwe agcizelelwe ngokwengeziwe awanqunywa nje kuphela umusho uwonke, kodwa anqunywa nawumongo. (2) Ukugcizelela kungase kwenziwe ekuqaleni kwephuzu elisha, kungaba yiphuzu eliyinhloko noma ushintsho endleleni yokukhanyisa iphuzu. Kungase futhi kubonise isiphetho saleyo ndlela yokukhanyisa iphuzu. (3) Isikhulumi singase sigcizelele ukuze sibonise ukuthi sizizwa kanjani ngendaba. (4) Ukugcizelela okufanele kungase futhi kwenziwe ngenjongo yokugqamisa amaphuzu ayinhloko enkulumweni.
Ukuze sigcizelele ngalezi zindlela, isikhulumi noma umuntu ofundela iningi kumelwe ayiqonde ngokucacile indaba yakhe azimisele ukuba izilaleli ziyiqonde. Mayelana nesiqondiso esanikezwa ngezinsuku zika-Ezra, uNehemiya 8:8 uthi: “Bafunda encwadini, emthethweni kaNkulunkulu, bephumisela kahle; bachaza, babaqondisa okufundwayo.” Kusobala ukuthi labo abafunda futhi bachaza uMthetho kaNkulunkulu kuleso senzakalo bakuqonda ukubaluleka kokusiza izilaleli zabo ukuba zibambe okushiwo yilokho okwakufundwa, zikugcine engqondweni futhi zikusebenzise.
Okungase Kubangele Inkinga. Abantu abaningi bayakwazi ukukhuluma ngokucacile enkulumweni yabo evamile yansuku zonke. Nokho, lapho befunda indaba ebhalwe omunye umuntu, kungase kube yinselele ukuthola ukuthi imaphi amagama noma imishwana okumelwe bayigcizelele. Imfihlo ilele ekuyiqondeni ngokucacile indaba. Lokho kudinga ukuba ukutadishe kahle okubhaliwe. Ngakho-ke, uma ucelwa ukuba ufunde indaba ethile emhlanganweni webandla, kumelwe ulungiselele ngokuzimisela.
Abanye abantu basebenzisa lokho okungase kubizwe ngokuthi “ukugcizelela ngezikhawu.” Bagcizelela amagama ngezikhawu ezithile, kungakhathaliseki ukuthi lokho kugcizelela kuyadingeka yini noma cha. Abanye bagcizelela izenzo, mhlawumbe bagcizelele ngokwengeziwe iziqalo zamagama nezihlanganiso. Uma ukugcizelela kungasizi ekucaciseni iphuzu, kumane kube umkhuba oyisicefe.
Lapho zizama ukugcizelela, ezinye izikhulumi ziphakamisa izwi ngendlela eyenza izilaleli zizwe sengathi ziyathethiswa. Yiqiniso, ukwenza kanjalo akuvamile ukuba nemiphumela emihle. Uma ukugcizelelwa kungenziwa ngendlela engokwemvelo, kungase kunikeze umuzwa wokuthi isikhulumi sehlisa izilaleli zaso. Yeka ukuthi kuhle kanjani ukukhuluma nazo ngothando nokuzisiza zibone ukuthi lokho okushoyo kungokomBhalo futhi kunengqondo!
Indlela Yokuthuthuka. Ngokuvamile umuntu onenkinga yokugcizelela akakuqapheli lokho. Kungase kudingeke ukuba othile amenze akuqaphele. Uma kudingeka uthuthuke kulesi sici, umbonisi wesikole uyokusiza. Zizwe ukhululekile futhi ukucela usizo kunoma ubani omunye oyisikhulumi esihle. Mcele ukuba akulalelisise lapho ufunda futhi ukhuluma abese esikisela izindlela zokuthuthukisa.
Njengesiqalo, umeluleki wakho angase asikisele ukuba usebenzise isihloko se-Nqabayokulinda uprakthize ngaso. Ngokungangabazeki uyokucela ukuba uhlaziye umusho ngamunye ukuze uthole ukuthi imaphi amagama noma imishwana edinga ukugcizelelwa ukuze kube lula ukuzwa okushiwo yilowo musho. Angase akukhumbuze ukuba uqaphele ngokukhethekile amanye amagama abhalwe ngomalukeke. Khumbula ukuthi amagama asemushweni asebenza ndawonye. Ngokuvamile, yiqoqo lamagama okumelwe ligcizelelwe, hhayi nje igama elihamba lodwa. Kwezinye izilimi, abafundi bangase bakhuthazwe ukuba baqaphelisise ukuthi amagama anezimpawana phezulu agcizelelwa ngendlela efanele.
Esinyathelweni esilandelayo sokufunda ukugcizelela, umeluleki wakho angase akucele ukuba ucabangele umongo ngaphezu nje komusho ngokwawo. Yiliphi iphuzu elisemqoka elikhanyiswayo esigabeni sisonke? Lelo phuzu kumelwe likusize kanjani ukuba unqume lokho ozokugcizelela emushweni ngamunye? Bheka isihloko sendaba nezihlokwana ezibhalwe ngokugqamile okusekelwe kuzo indaba. Kukusiza kanjani ekukhetheni izingxenye ozozigcizelela? Yizo zonke izici zokucatshangelwa lezi. Kodwa uqaphele ukuba ungagcizeleli amagama amaningi kakhulu.
Kungakhathaliseki ukuthi uyobe ukhuluma ungafundi phansi noma uyobe ufunda, umeluleki angase futhi akukhuthaze ukuba uvumele indlela okukhanyiswa ngayo iphuzu inqume ukuthi uzogcizelela kanjani. Kudingeka uqaphelisise izindawo lapho ukukhanyiswa kwephuzu kuphela khona nalapho inkulumo ishintsha khona isuka kwelinye iphuzu iya kwelinye. Uma indlela obeka ngayo inkulumo yakho izisiza ukuba ziqaphele lezi zindawo, izilaleli ziyokwazisa lokho. Lokhu kungase kwenziwe ngokugqamisa amagama anjengokuthi okokuqala ngqá, okulandelayo, ekugcineni, ngakho-ke nelithi ngokusobala.
Umeluleki uyokuqaphelisa namaphuzu okufanele uwasho ngomuzwa okhethekile. Ukuze wenze lokhu ungase ugcizelele amagama anjengokuthi kakhulu, nakanjani, lutho neze, akunakwenzeka, okubalulekile nelithi njalo. Ukwenza kwakho kanjalo kuyothonya indlela izilaleli zakho ezizizwa ngayo ngalokho okushoyo. Kuzoxoxwa ngakho kabanzi eSifundweni 11, “Imfudumalo Nomuzwa.”
Ukuze uthuthukise indlela ogcizelela ngayo, uyokhuthazwa futhi ukuba uwazi kahle amaphuzu asemqoka ofuna izilaleli zakho ziwakhumbule. Lokhu kuyocatshangelwa ngokwengeziwe ngokuqondene nokufundela iningi eSifundweni 7, “Imiqondo Eyinhloko Igcizelelwe,” nasendabeni eqondene nokukhuluma eSifundweni 37, “Amaphuzu Asemqoka Enziwe Avelela.”
Uma uzama ukuthuthuka enkonzweni yakho yasensimini, nakisisa indlela ofunda ngayo imibhalo. Jwayela ukuzibuza, ‘Kungani ngifunda lo mbhalo?’ Akwanele ngaso sonke isikhathi ukuba umfundisi abize amagama ngendlela efanele. Ngisho nokufunda umbhalo ngomuzwa kungase kungeneli. Uma uphendula umbuzo womuntu othile noma umfundisa iqiniso eliyisisekelo, kuhle ukugcizelela amagama embhalweni noma imishwana esekela lokho okuxoxwa ngako. Ngaphandle kwalokho, umuntu omfundela wona angase angalitholi iphuzu.
Njengoba ukugcizelela kuhlanganisa ukugcizelela kakhudlwana amagama athile noma imishwana, isikhulumi esintula okuhlangenwe nako singase siwagcizelele ngokweqile lawo magama nemishwana. Imiphumela ingathi ayifane namanothi adlalwa umuntu osafunda ukudlala insimbi yomculo. Nokho, ngokuprakthiza okwengeziwe, amanothi ayohlangana akhe “umculo” omnandi.
Lapho usufunde izisekelo ezithile, uyoba sesimweni sokuzuza ngokulalela izikhulumi ezingomakad’ ebona. Ngemva kwesikhashana uyoqonda ukuthi ukugcizelela ngamazinga angefani kungase kufeze okungakanani. Futhi uyokuqonda ukubaluleka kokugcizelela ngezindlela ezihlukahlukene ukuze ucacise lokho okushoyo. Ukuthuthukisa ukugcizelela ngokufanele kuyoyandisa impumelelo yakho ekuzifundeleni ngokwakho nasekukhulumeni kwakho.
Ungamane nje waneliswe ukufunda ngokugcizelela ngenjongo yokugcina icala. Ukuze ukhulume ngokuphumelelayo, qhubeka usebenzela kukho kuze kube yilapho usukwazi kahle ukugcizelela futhi usungakwenza ngendlela ezwakala ingokwemvelo kulabo abalalele.