Isimiso Sokuthuthukisa Ikhono Njengesikhulumi Nomfundisi
KUNGAKHATHALISEKI ukuthi umncane noma usukhulile ngeminyaka, ungowesilisa noma ungowesifazane, lolu hlelo lungakusiza ukuba ube isikhulumi esiphumelela kakhudlwana nasekubeni umfundisi weZwi likaNkulunkulu ofaneleka kangcono.
Umbonisi wesikole nguyena oyokwabela labo ababhalise eSikoleni Senkonzo Esingokwasezulwini. Emakhasini amathathu alandelayo, uzothola iphepha lakho leseluleko. Izinombolo ezandulela amaphuzu ahlukahlukene zihambisana nezifundo ezisemakhasini alandelayo. Kulezo zifundo uyothola incazelo yalokho okuhilelekile ukuze uzifeze kahle lezi zici zokukhuluma nokufundisa, nokuthi kungani ngasinye sibalulekile. Uyothola nesiqondiso esiwusizo sokuthi ungakwenza kanjani okusikiselwe.
Imibala esephepheni leseluleko ibonisa ukuthi yimaphi amaphuzu asebenza ezabelweni ezihilelela (1) ukufundela izilaleli, (2) umboniso wabantu ababili noma ngaphezulu, noma (3) inkulumo ebhekiswe ebandleni. Umbonisi wesikole uyokwabela iphuzu oyosebenzela kulo. Kungcono ukusebenzela ephuzwini elilodwa ngesikhathi. Uyozuza ngokwenza izivivinyo ezisikiselwe ekupheleni kwesifundo osabelwe. Uma unikeza ubufakazi bokuthi usisebenzise kahle iseluleko esisesifundweni osabelwe, umeluleki wakho uyokwabela elinye iphuzu.
Uma isabelo sakho kumelwe sisingathwe njengomboniso, kuyodingeka uwuhlele lowo mboniso. Uhlu lokuhlelwa kwezinkulumo lusekhasini 82, kodwa awuphoqelekile ukuba usebenzise okukulolu luhlu kuphela. Umeluleki wakho angase akukhuthaze ukuba uzame ukuhlelwa okuthile kwenkulumo ukuze uthole okuhlangenwe nakho, noma angase ashiyele kuwe ukuba uzikhethele.
Ukufunda le ncwadi nokwenza izivivinyo ngisho nalapho ungalungiseleli izabelo zesikole kungasiza kakhulu entuthukweni yakho. Mhlawumbe ungafunda isifundo esisodwa isonto ngalinye.
Kungakhathaliseki ukuthi usunesikhathi esingakanani uhlanganyela esikoleni noma uhlanganyela enkonzweni yasensimini, usengathuthuka. Kwangathi ungazuza ngokugcwele emfundweni enikezwa ngeSikole Senkonzo Esingokwasezulwini.