Ababonisi Bayahola—Umbonisi WeSikole Senkonzo Esingokwasezulwini
1 Umbonisi weSikole Senkonzo Esingokwasezulwini uyindoda endala ngokomoya esebenza kanzima ekukhulumeni nasekufundiseni futhi okufanele siyinike udumo futhi sibambisane nayo. (1 Thim. 5:17) Iyini imithwalo yakhe yemfanelo?
2 Umtapo weSikole Senkonzo Esingokwasezulwini oseHholo LoMbuso unakekelwa nguye. Unesithakazelo esikhulu sokukhuthaza bonke abafanelekayo ukuba babhalise esikoleni. Uyaqikelela ukuba kugcinwe umbhalo oqondile ukuze izabelo zikhishwe ngokuhleleka okungenani kusasele amasonto amathathu esikole ngasinye. Kufanele alazi kahle ibandla, acabange ngomfundi ngamunye kanye namakhono akhe. Nakuba kungase kube khona omunye umzalwane omsizayo ekwenzeni isimiso sesikole, ukwaba izinkulumo kudinga ukuqondisa kombonisi mathupha.
3 Ukuze aqhube isikole ngempumelelo, umbonisi waso kumelwe alungiselele ngenkuthalo isonto ngalinye, ayitadishe ngokungashwampuluzi indaba eyabiwe. Lokhu kumenza agcine ibandla liyilangazelela le mfundo, aqikelele ukuthi indaba eyabiwe ihlanganiswa ngokunembile yini, futhi aqokomise amaphuzu abalulekile azohlanganiswa ekubukezeni okulotshwayo.
4 Ngemva kwenkulumo yomfundi ngamunye, umbonisi uyoncoma umfundi abese echaza ukuthi kungani imfanelo ethile yenkulumo yenziwe kahle noma ukuthi kungani idinga ukuthuthukiswa. Lapho othile edinga ukufundiswa okwengeziwe ngokulungiselela izabelo zakhe zesikole, umbonisi noma othile okhethwe nguye angamsiza.
5 Ukuze sizuze ngokugcwele ekusebenzeni kanzima kombonisi weSikole Senkonzo Esingokwasezulwini nakwabanye abeluleki abasebenza ngaphansi kokuqondisa kwakhe, kufanele sibe khona njalo esikoleni. Kufanele futhi sizifeze zonke izabelo zethu futhi sisebenzise iseluleko esisinikezwayo nesinikezwa abanye abafundi. Ngale ndlela, kancane kancane liyothuthuka ikhono lethu lokunikeza isigijimi soMbuso obala nasendlini ngendlu.—IzE. 20:20; 1 Thim. 4:13, 15.