Ukulungiselela Izabelo Zabafundi ZeSikole
ISABELO ngasinye esikoleni siveza ithuba lentuthuko. Zikhandle ngokwethembeka, futhi kancane kancane wena kanye nabanye niyoyibona intuthuko yakho. (1 Thim. 4:15) Isikole siyokusiza ukuba uthuthukise amakhono akho ngokwengeziwe.
Uyakwethusa yini umcabango wokukhuluma phambi kwebandla? Lokho kungokwemvelo, ngisho noma usunesikhathi wabhalisa esikoleni. Nokho, kunezinto ezingakusiza wehlise izinga lokukhathazeka. Ekhaya, kwenze umkhuba ukufunda ngokuzwakalayo ngaso sonke isikhathi. Emihlanganweni yebandla, phendula njalo, futhi uma ungummemezeli, hlanganyela njalo enkonzweni yasensimini. Lokhu kuyokunika okuhlangenwe nakho kokukhuluma nabanye. Ngaphezu kwalokho, lungiselela isabelo sakho kusenesikhathi, bese uprakthiza ukusethula ngokuzwakalayo. Khumbula ukuthi uyobe ukhuluma nezilaleli ezinobungane. Ngaphambi kokunikeza noma iyiphi inkulumo, thandaza kuJehova. Uyakujabulela ukunikeza izinceku zakhe umoya wakhe ongcwele lapho ziwucela.—Luka 11:13; Fil. 4:6, 7.
Ungalindeli okungaphezu kwamandla akho. Kuthatha isikhathi ukuthola okuhlangenwe nakho njengesikhulumi nokuba umfundisi ophumelelayo. (Mika 6:8) Uma usanda kubhalisa esikoleni, ungalindeli ukunikeza inkulumo eshelelayo zisuka nje. Kunalokho, sebenzela eselulekweni esisodwa ngesikhathi. Tadisha ingxenye edingida leso seluleko kule ncwadi. Uma kungenzeka, yenza isivivinyo esisikiselwe kuyo. Siyokunika ulwazi oluthile ngaleso seluleko ngaphambi kokusingatha isabelo sakho ebandleni. Uyothuthuka.
Indlela Yokulungiselela Isabelo Sokufunda
Ukulungiselela isabelo sokufundela iningi kuhlanganisa okuningi kunokumane ukwazi ukusho amagama asendabeni oyabelwe. Zama ukukuqonda ngokucacile lokho okushiwo yilokho okufundayo. Lapho nje uthola isabelo, sifunde unalowo mgomo engqondweni. Zama ukuqonda iphuzu lomusho ngamunye nomqondo ovezwa isigaba ngasinye ukuze ukwazi ukudlulisela amaphuzu ngokunembile nangomuzwa ofanele. Ungabuza kulabo abalwazi kahle ulimi ukuze uthole ukuphinyiselwa okunembile kwamagama angajwayelekile. Yizwe egazini indaba oyifundayo. Abazali kungase kudingeke basize abantwana babo abasebancane ukuba benze lokhu.
Ingabe wabelwe ukuba ufunde ingxenye yeBhayibheli noma mhlawumbe izigaba ze-Nqabayokulinda? Uma amakhasethi alokho kwaziswa ekhona ngolimi lwakho, kungaba usizo kakhulu ukuwalalela bese uphawula izici ezinjengokuphinyiselwa kwamagama, ukufundwa kwamagama ngamaqoqo, ukugcizelelwa nokuguquguquka kwezwi. Yibe usuzama ukusebenzisa lezi zimfanelo lapho ufunda.
Lapho uqala ukulungiselela isabelo sakho, qiniseka ukuthi usitadisha ngokucophelela isifundo esikhuluma ngemfanelo yokukhuluma owabelwe ukuba usebenzele kuyo. Uma kungenzeka, sibukeze ngemva kokuprakthiza ukufunda indaba oyabelwe ngezwi elizwakalayo izikhathi eziningana. Zama ukusisebenzisa ngangokusemandleni akho leso seluleko esibhalwe phansi.
Lokhu kuqeqeshwa kuyokusiza enkonzweni yakho. Njengoba uhlanganyela enkonzweni yasensimini, unamathuba amaningi okufundela abanye. Njengoba iZwi likaNkulunkulu linamandla okushintsha ukuphila kwabantu, kubalulekile ukuba ulifundisise. (Heb. 4:12) Ungalindeli ukuba nguchwepheshe kuwo wonke amaphuzu ahilelekile ekufundeni ngokuphumelelayo ngemva kwesabelo nje esisodwa noma ezimbili. Umphostoli uPawulu wathi kumdala ongumKristu owayeseneminyaka eminingi yokuhlangenwe nakho: “Qhubeka uzimisela ekufundeleni iningi.”—1 Thim. 4:13.
Ukusebenza Ngesihloko Nokuhlelwa Kwenkulumo
Lapho uthola isabelo sesikole esihlanganisa ukuhlelwa kwenkulumo, kumelwe wenze njani?
Zintathu izinto ezisemqoka zokucatshangelwa: (1) indaba oyabelwe, (2) ukuhlela inkulumo nomuntu ozobe ukhuluma naye, (3) iphuzu leseluleko okuthiwe usebenzele kulo.
Kudingeka uqoqe ukwaziswa okuhlobana nendaba oyabelwe. Kodwa ungakahambi kakhulu nalokho, cabanga kanzulu ngokuhlelwa kwenkulumo yakho kanye nomuntu oyobe ukhuluma naye, ngoba indaba ozoyisebenzisa nendlela ozoyethula ngayo kuxhomeke kulezi zici. Uyoyihlela kanjani inkulumo yakho? Ingabe uyobe ubonisa indlela yokudlulisela izindaba ezinhle kothile omaziyo? Noma uyobonisa ukuthi kungenzekani lapho uhlangana nomuntu ngokokuqala ngqá? Ingabe lowo muntu mdala kunawe noma mncane? Angase abe nasiphi isimo sengqondo ngale ndaba ohlela ukuxoxa ngayo? Ingabe kungakanani okungenzeka ukuthi useyakwazi kakade? Yimuphi umgomo ofisa ukuwufinyelela ekupheleni kwengxoxo yenu? Izimpendulo zale mibuzo ziyokunikeza iziqondiso ezibalulekile ongazisebenzisa.
Ungakutholaphi ukwaziswa ngendaba oyabelwe? Ekhasini 33 kuya ku-38 kule ncwadi, kunesihloko esithi “Indlela Yokucwaninga.” Sifunde, bese usebenzisa amathuluzi okucwaninga onawo. Ezimweni eziningi uyothola ukwaziswa okuningi kunoyokusebenzisa. Funda okwanele ukuze ubone amaphuzu ongawasebenzisa. Nokho, njengoba wenza lokho, khumbula ukuhlelwa kwenkulumo yakho nokuthi uyobe ukhuluma nomuntu onjani. Dwebela amaphuzu afanelekela ukusetshenziswa.
Ngaphambi kokuba uhlele inkulumo yakho futhi ukhethe imininingwane yokugcina, zinike isikhathi sokufunda ngephuzu owabelwe ukusebenzela kulo. Ukusebenzela kulelo phuzu kungesinye sezizathu eziyinhloko zesabelo sakho.
Ngokuhlanganisa ukwaziswa kwakho ngesikhathi osinikiwe, uyothola ukwaneliseka kokuyiphetha kahle, ngoba uyokwaziswa ngophawu oluthile lapho isikhathi sesiphelile. Nokho, enkonzweni yethu yasensimini, ukugcina isikhathi akuyona inkinga njalo. Ngakho-ke, njengoba ulungiselela, cabangela isikhathi onaso, kodwa ugxile ekufundiseni ngokuphumelelayo.
ukhetha okuyosebenziseka enkonzweni yakho nokuyokuvumela ukuba uyisebenzise ngokoqobo indaba oyabelwe. Uma usunesikhathi usesikoleni, leli thuba libheke njengelokufinyelela nokuthuthukisa amakhono engeziwe enkonzweni yakho.
Uma umphathi weSikole Senkonzo Esingokwasezulwini ekwabela ukuhlelwa kwenkulumo, yamukele leyo nselele. Izindlela eziningi zokuhlela inkulumo zihilela ukufakaza. Uma ungakaze ufakaze ngaphansi kwaleso simo osabelwe, thola ukusikisela ngokuxoxa nabamemezeli abaye bakwenza. Uma kungenzeka, zama ukuxoxa ngendaba oyabelwe usebenzisa indlela yokuhlela inkulumo efana naleyo ozoyisebenzisa esikoleni. Lokhu kuyokusiza ukuba ufinyelele umgomo wokuqeqeshwa kwakho.
Lapho Isabelo Siyinkulumo
Uma ungowesilisa, ungase wabelwe ukunikeza inkulumo emfushane ebandleni. Ekulungiseleleni lezi zinkulumo, amaphuzu ayisisekelo adinga ukucatshangelwa ayefana nalawo asekhulunyelwe kakade ngezabelo zabafundi eziyimiboniso. Umahluko omkhulu yizilaleli nendlela yokunikeza inkulumo.
Kuhle ngokuvamile ukulungiselela indaba ngendlela yokuba zonke izilaleli zizuze kuyo. Abaningi balabo abakhona bayawazi kakade amaqiniso ayisisekelo eBhayibheli. Kungenzeka ukuthi bayazi kahle kamhlophe indaba owabelwe ukuba ukhulume ngayo. Cabangela lokho asebekwazi kakade ngendaba. Zama ukubazuzisa ngandlela-thile ngenkulumo yakho. Zibuze: ‘Ngingayisebenzisa kanjani le ndaba ukuze ngijulise ukwazisa kwami nokwezilaleli zami ngoJehova njengomuntu? Yini ekhona kule ndaba eyosisiza ukuba siqonde intando kaNkulunkulu? Lokhu kwaziswa kungasisiza kanjani ukuba senze izinqumo ezinengqondo ezweni elibuswa izifiso zenyama?’ (Efe. 2:3) Izimpendulo ezanelisayo zaleyo mibuzo zidinga ukucwaninga. Lapho usebenzisa iBhayibheli, zama ukungamane nje ufunde amavesi. Yichaze kahle imibhalo oyisebenzisayo, futhi ubonise ukuthi isibeka kanjani isisekelo sokufinyelela iziphetho. (IzE. 17:2, 3) Ungazami ukuhlanganisa indaba eningi kakhulu. Nikeza inkulumo yakho ngendlela eyokwenza kube lula ukuyikhumbula.
Ukulungiselela kumelwe kuhlanganise nendlela oyinikeza ngayo inkulumo. Ungakuthathi kalula lokhu. Prakthiza ukunikeza inkulumo yakho ngokuzwakalayo. Umzamo owenza ekutadisheni nasekusebenziseni iseluleko ezimfanelweni eziningi zokukhuluma uyoba nendima enkulu entuthukweni yakho. Kungakhathaliseki ukuthi uyisikhulumi esisha noma esingumakad’ ebona, lungiselela kahle ukuze ukhulume ngokuqiniseka nangomuzwa ohambisana nenkulumo yakho. Njengoba usingatha isabelo ngasinye esikoleni, khumbula njalo umgomo wokusebenzisa isipho sokukhuluma esisiphiwe uJehova ukuze simdumise.—IHu. 150:6.