Isifundo 25
Ukufunda Nokusebenzisa IMibhalo
1-3. Lapho sinikeza izinkulumo, sifanele siyifunde kanjani imibhalo na?
1 Lapho ukhuluma nabanye ngezinjongo zikaNkulunkulu, noma kungasese noma endaweni yesikhulumi yasobala, ingxoxo yakho iba-nomongo emibhalweni owayifunda eBhayibhelini. Njalo ukufundwa ngempela kwaleyomibhalo kumelwe kwenziwe kahle. Akufanele kwenziwe ngokungakhathali. Kodwa, kufanele kwengeze ukuvuselela amandla ekunikeleni kwakho uma ukufunda kuyofeza injongo yakho. Ngenxa yalokhu ipheshana Leseluleko Senkulumo lifaka ohidini “IMibhalo ifundwe ngokugcizelela” njengokuthile kokucatshangelwa ngokukhethekile yibo bonke abafuna ukuba-yizikhonzi ezinolwazi.
2 Imibhalo kufanele ifundwe ngozwela, kepha akufanele kweqiswe. Ubungako bokungafani kwezwi obunikelwe etekisini bufanele buxhomeke etekisini uqobo lwalo nokuhlelwa kwalo enkulumweni. Bufanele bulethe indaba ephuzwini eliphakeme kepha abufanele bukhangise ukufunda.
3 Futhi, ukufunda kufanele kukhombe engxenyeni yetekisi esekela indaba yakho. Kufanele kukhanyise iphuzu ukuze izilaleli zikholwe. Kanjalo, ukufunda imibhalo ngokugcizelela okufanele kubangela ukukholwa. Kwenza ukufunda kube-namandla.
4, 5. Kushiwo ukuthini ngokuthi “amazwi aqondile agcizelelwe” na? Fanekisa.
4 Amazwi aqondile agcizelelwe. Isizathu sokufundwa kwetekisi sifanele siphathe lokho okuyogcizelelwa. Uma yonke imicabango esetekisini igcizelelwa ngokufanayo, akukho okuyoqhama nephuzu lakho lendaba liyolahleka. Njalo qiniseka ukuthi amazwi agcizelelwa kakhulu yilawo anomcabango wokusetshenziswa kombhalo.
5 Ngokwesibonelo, uma usebenzisa uHezekeli 18:4 ukubonakalisa ukuthi isono siholela, hayi ekuhlushweni kwaphakade, kepha ekufeni, ubuyomfunda ngalendlela: “Umphefumulo owonayo uyakufa,” ugcizelela kakhulu amazwi angomalukeke. Kepha uma okuqondile kuwukuthi akuwona umzimba nje kepha ngempela umphefumulo ofayo, ubuyogudlula ukugcizelela, ufunda: “Umphefumulo owonayo uyakufa.” Indawo ogcizelela kuyo ifanele inqunywe yisizathu sokufunda kwakho umbhalo.
6-12. Amazwi anomcabango etekisi singawagcizelela ngaziphi izindlela na?
6 Indlela ephumelelayo yokugcizelela isetshenzisiwe. Amazwi anomcabango ofuna aqhame angagcizelelwa ngezindlela eziningi, nendlela oyisebenzisayo ifanele ivumelane nombhalo nokuhlelwa kwenkulumo.
7 Lombono wemfanelo “IMibhalo ifundwe ngokugcizelela” awuqondanga ukuphatha zonke izindlela ezinokwenzeka zokugcizelela komlomo. Uyophatha lemininingwane ngokuphelele ngaphezulu lapho ufunda ukugcizelela kwengqondo. Kepha kufakwe ohidini lapha izindlela ezimbalwa ukukusiza ekutholeni ikhono lokufunda amatekisi eMibhalo yakho ngokuphumelelayo.
8 Ukugcizelelwa kwezwi. Lokhu kuhilela noma iyiphi inguquko yezwi, noma ngokuphakama, ukushesha noma amandla, eyenza amazwi anomcabango aqhame kuwo wonke umusho.
9 Ukuhlaba ikhefu. Lokhu kungahle kwenziwe noma ngaphambi noma ngemuva kwengxenye eyisihluthulelo yombhalo wakho, noma kokubili. Ukuhlaba ikhefu ngaphambi nje kokuba ufunde umcabango oyinhloko kwenza kulindelwe okuthile; ukuhlaba ikhefu ngemuva kwalokho kujulisa umcabango owenziwe.
10 Ukuphindaphinda. Ukugcizelela kungatholwa ephuzwini elithile ngokuziphazamisa nokufunda futhi izwi noma umshwana. Lendlela ifanele iphathwe ngokuhlakanipha kobudoda.
11 Ukushukuma komzimba. Ukushukuma komzimba, kanye nesimo sobuso, kungasiza kaningi ukuhlaba ikhefu ezwini noma emshwaneni.
12 Izwi. Ngezinye izikhathi izwi amazwi afundwa ngalo lingathinta ukusho kwawo futhi liwahlukanise, kepha, nalapha, kufanele kusetshenziswe ukuhlakanipha kobudoda, ikakhulu ekusebenziseni ukubhuqa.
13, 14. Lapho umninindlu efunda itekisi, singawagcizelela kanjani amaphuzu alo ayisihluthulelo na?
13 Amatekisi afundwa ngumninindlu. Lapho umninindlu efunda itekisi, angahle agcizelele amazwi angafanele noma angagcizeleli nalinye. Ungenzani-ke? Ngokuvamile uma kunjalo kuhle kakhulu ukusebenzisa ukusetshenziswa kwetekisi ukugcizelela amaphuzu ofuna agcizelelwe. Sekuqediwe ukufunda, ubungahle ukhombe umninindlu kulamazwi ngokuwaphinda noma ngokubuza imibuzo.
14 Kukhona enye indlela lokhu okungaphathwa ngayo, kepha idinga ukuqaphela namasu okungacunulimuntu. Ubungahle uphazamise ukufunda endaweni efanele, uxolisa njengoba wenza njalo, bese ukhomba okuthile ezwini noma emshwaneni ofundwayo ofuna ukuwugcizelela. Uma lokhu kungenziwa ngaphandle kokunyelisa noma ukuphambana nomninindlu kungaba-ngokuphumelelayo, kepha kufanele kwenziwe kancane.
**********
15-17. Kungani kubalulekile ukukhanyisa ukusetshenziswa kombhalo na?
15 Ukufunda itekisi, ngisho ngokugcizelela, ngokuvamile akwanele ukufeza injongo yakho. Ngezinye izikhathi, kuyiqiniso, umbhalo uqobo lwawo ubungahle usebenze njengokusetshenziswa komqondo owuqondile endabeni yakho. Kepha, kaningi, kudingekile ukukhomba futhi emazwini anomcabango etekisini bese ubonisa indlela asebenza ngayo endabeni. Lokhu yilokho ipheshana Leseluleko Senkulumo elibhekisela kukho njengokuthi “Ukusetshenziswa kweMibhalo kukhanyisiwe.” Khumbula, umuntu nje akalazi iBhayibheli futhi akakwazi ukuqonda iphuzu lakho ngokufunda okukodwa kuphela. Ukuwagcizelela futhi amazwi ayisihluthulelo nokuwasebenzisa kuvumela imiqondo ukuba ingene.
16 Uma kumelwe kube-nokwenzeka ngawe ukusebenzisa itekisi, limelwe livumelane nendaba yakho, nangokuvamile, limelwe lethulwe ngokufanele. Ngakho-ke, ucabanga ngokufundisa, uyothanda ukukwenza-lula ngangokunokwenzeka ukulisebenzisa kwakho.
17 Futhi, ufanele uliqondisise itekisi nokulisebenzisa kwakho kumelwe kushaye emhloleni. Cabangela umongo wendaba, izimiso ezisetshenzisiwe noma abantu abahilelekile lapho ukusebenzisa kwakho umbhalo kukubizela. Musa nanini ukusebenzisa umbhalo ngendlela engavumelani nalokho okwakuqondwe ngumlobi. Landela kakhulu izincwadi zeSociety ekulisebenziseni.
18. Singawahlukanisa kanjani amazwi ayisihluthulelo amelwe asetshenziswe ngokuphumelelayo na?
18 Amazwi amelwe asetshenziswe ahlukanisiwe. Ngaphambi noma phakathi nokusetshenziswa kwetekisi amazwi ayisihluthulelo ngokuvamile afanele agcizelelwe futhi. Lokhu okokwenza ukuqiniseka ukuthi konke okusetekisini okungahlangene nendaba yakho kuyokwenziwa kube-ngaphansi noma kwenziwe kulandele kamuva. Amazwi uqobo lwawo asetekisini akudingeki aphindwe ngempela ukwenza lokhu, nakuba leyo kuyindlela okuvame ukwenziwa ngayo. Kepha ngezinye izikhathi, ngandlela-thize ungakhomba izilaleli zakho ngokuphumelelayo emicabangweni eyahlukanisiwe ecatshangelwayo. Enye indlela ongakwenza ngayo lokhu wukusebenzisa nje amazwi asho okufanayo ekushoni ngokunye umqondo wakho. Enye wukubuza imibuzo. Uma ukunikela kwakho kuhilela umninindlu, imibuzo yakho ingashiwo ukuze kudonswe imicabango eyisihluthulelo kulona omunye umuntu.
19-22. Yikuphi ukulandelana okubhekiselwa kukho ngokuthi “injongo yesethulo ikhanyisiwe” na?
19 Injongo yesethulo ikhanyisiwe. Lokhu kusho nje ukuqinisekisa ukuthi injongo yakho ekusebenziseni itekisi iyaqondisiswa futhi iyaziswa. Mhlawumbe awukufumananga kudingekile noma kuthandeka ngesizathu esithile ukwenza isingeniso esingokwesimiso etekisini. Lokho akusho ukuthi injongo yetekisi akudingeki ukuba ikhanyiswe. Kepha, njengokuvamile, okungenani wenze okuthile ukulungiselela ngaphambili indaba yakho ngaphambi kokuba itekisi lifundwe. Manje umelwe ukubona ukuthi kukhona okuthile ukulandelana ukuphetha ukusetshenziswa kwetekisi.
20 Izilaleli zakho nokubaluleka kwephuzu ekunikeleni okuphelele kwendaba kuyonquma ukuthi ibanga lokusetshenziswa limelwe libe-ngakanani. Ngokuvamile akwanele nje ukuxoxa ngetekisi. Umelwe uhlanganise imicabango egcizelelwe etekisini endabeni yakho yesethulo. Umelwe usho ngokusobala ukuthi lokhokuhlangana kanjani.
21 Lapho ukulisebenzisa kwakho kungabalula kakhulu, futhi kulokhu kuyifeza injongo yakho, yilapho kuyokuba-ngcono. Kufanele kukhululeke kuyo yonke imininingwane engahambelani. Lokhu kungafezwa ngokunciphisela indaba yakho emaqinisweni ambalwa kangokunokwenzeka nokwengeza lokho okudingekile kuphela ukuwenza aqondakale. Uma okuthile kushiywe kungaphenduliwe esingenisweni, ukulisebenzisa kwakho kumelwe kukunikeze.
22 Kuleliphuzu lokuthuthuka esimisweni Sokufundisa Kwenkulumo, ubulula nokuqonda kufanele kube-wumgomo wakho. Lapho uwufeza, ukufunda nokusebenzisa kwakho imibhalo kuyobonisa ikhono lofundisayo oyingcweti.