Isifundo 24
Ukukhomba EBhayibhelini
1, 2. Kungani sifanele sikhombe izilaleli zethu eBhayibhelini na?
1 Isifiso sethu enkonzweni wukukhomba bonke eZwini likaNkulunkulu, iBhayibheli. Liqukethe isigijimi esisishumayelayo, futhi sithanda ukuthi abantu babone ukuthi lokho esikushoyo akuveli kithi kepha kuNkulunkulu. Abantu abathanda uNkulunkulu bayalikholwa iBhayibheli. Lapho belifundelwa, bayalalela bangenise iseluleko salo enhliziyweni. Kepha lapho bekhipha elabo iBhayibheli bezifundela lona uqobo lwabo, ukungenisisa kuyajula kakhudlwana. Njalo, enkonzweni yasensimini, lapho izimeko zenza kubenokwenzeka, kuhlakaniphile ukukhuthaza umninindlu ukukhipha elakhe iBhayibheli bese ehlola imibhalo kanye nawe. Ngokufanayo, emihlanganweni yebandla. uma bonke bekhuthazwa ukusebenzisa amaBhayibheli abo, abasha bayobona masinyane ukuthi lingumthombo wokukholwa kwethu, futhi bonke bayozuza ekugcizelelweni okwengeziwe kokungenisisa kokubona.
2 Ngakho-ke, uyokuba-nenzuzo enqunyiwe ekugcwaliseni injongo yakho ekukhulumeni uma labo abasezilalelini zakho, lapho kunokwenzeka khona, behambisana nokufunda kwakho amatekisi eMibhalo emaBhayibhelini abo. Ukuthi bayakwenza noma abakwenzi kuyokwencika kakhulu ekuthini noma uyabakhuthaza ngokufanele. Lokhu yilokho okubhekiselwa kukho epheshaneni lakho Leseluleko Senkulumo njengokuthi “Izilaleli zikhuthaziwe ukusebenzisa iBhayibheli.”
3, 4. Singakwenza kanjani lokhu ngokuphumelelayo na?
3 Ngokusikisela. Enye yezindlela ezinhle kakhulu wukuzicela ngokuqondile izilaleli ukulisebenzisa iBhayibheli; lendlela isetshenziswa kaningi. Ngezinye izikhathi kungatholwa imiphumela efanayo ngokusho nje lapho amatekisi efunyanwa khona ngaphambi kokuba uwafunde; mhlawumbe kanje: “Manje njengoba sifunda eye-2 kuThimothewu 3:1-5, cabangani ngezimo kuyo yona lendawo eseduze.” Bese, njengoba ulivula itekisi wena uqobo, uthalaza ukubona noma izilaleli ziyasizakala ngokusikisela. Ngokuvamile nazo ziyoqala ukulifuna itekisi.
4 Kusesikhulumini ukunquma ukuthi yimaphi, uma ekhona, amatekisi esifuna ukuwagcizelela ngokuthi izilaleli ziwafune. Qaphela izilaleli zakho. Thakazelela ukubona noma ziyahambisana nawe. Ngisho noma ngesizathu esithile uyalwa ukuthi unikele inkulumo yombhalo olotshiwe, ngokuvamile ungaphatha amatekisi ayisihluthulelo kangangoba izilaleli ziyohambisana nawe emaBhayibhelini azo.
5, 6. Chaza ukuthi kungani kunosizo ukuvumela isikhathi ngezilaleli ukufumana imibhalo esiceba ukuyifunda.
5 Ngokuvumela isikhathi sokufumana itekisi. Ukusho nje umbhalo akwanele. Uma uwufunda bese udlulela komunye ngaphambi kokuba izilaleli zithole isikhathi sokuwufumana, ziyodumala ekugcineni futhi ziyeke. Bheka izilaleli zakho, nalapho eziningi sezilifumene itekisi, lingafundwa-ke.
6 Ngokuvamile kunosizo ukusho kwakho itekisi ngaphambill ngokwanele kokufunda kwakho okuhlosiwe ukuze isikhathi esinosizo singalahleki ngamakhefu amaningi amade noma “ukugcwalisela” okungadingekile lapho izilaleli zisafumana itekisi. Kanti ukuhlaba ikhefu okufanele lapha kuhle. Ngenye indlela, uma ukuwusho kwakho umbhalo kwenziwe ekuqaleni ekwethuleni kwakho itekisi, umelwe ukhumbule ukuthi ezinye zezinto ozishoyo azinakulandelwa kakhulu. Njalo lapho kunjalo lezozinto eziqondene nesizathu sangaphambili bekuyodingeka zishiwo ngaphambi kokushiwo kombhalo.
**********
7-18. Yiziphi izindlela ezingasetshenziselwa ukwethula amatekisi eMibhalo ngokuphumelelayo na?
7 Imibhalo esetshenziswa enkulumweni ngokuvamile ingamaphuzu aqondiwe enkulumo. Izizathu ziba-nomongo kulamatekisi. Ukuthi iyonikela kangakanani enkulumweni, kwencike-ke endleleni esetshenziswa ngayo ngokuphumelelayo. Njalo indaba ye“Mibhalo yethulwe kahle,” elotshwe epheshaneni lakho Leseluleko Senkulumo, ibalulekile ukucatshangelwa.
8 Kukhona izindlela eziningi kakhulu ezahlukene okungethulwa ngazo itekisi loMbhalo, lifundwe futhi lisetshenziswe. Ngezinye izikhathi, ngokwesibonelo, ukwethulwa kwetekisi akuholeli kuphela ekufundeni kepha kwenza nokusetshenziswa, ukuze ukufunda uqobo lwakho kugcizelele kuphela noma kuphethe iphuzu. Ngenye indlela, amanye amatekisi asetshenziswa nomphumela ozwakalayo lapho kungekho-zwi lesethulo elikhulunywayo, ngokwesibonelo, njengasekuqaleni impela kwenkulumo.
9 Ukufunda indlela yokwethula imibhalo ngokuphumelelayo, hlaziya lokho izikhulumi ezinolwazi ezikwenzayo. Zama ukukhomba izindlela ezahlukene okwethulwa ngazo imibhalo. Cabangela ukuphumelela kwazo. Ekulungiseleleni ezakho izinkulumo cabangela ngaphambili lokho itekisi elimelwe likufeze, ikakhulu uma kuyitekisi lesihluthulelo ephuzwini elikhulu. Cebisisa isethulo salo ukuze lisetshenziswe ngomphumela ozwakala kakhulu. Nakhu ukusikisela okumbalwa:
10 Umbuzo. Imibuzo ibizela izimpendulo. Ivusa ukucabanga. Vumela itekisi nokusetshenziswa kwalo kunikeze impendulo. Ngokwesibonelo, ekuxoxeni ngokumpontshelwa kwegazi, kungenzeka ukuthi wethula IzEnzo 15:28, 29, ngemuva kokuqinisa ukwenqabela ngokweMibhalo yesiHeberu. Ubungethula itekisi ngokubuza, “Kepha ingabe ukwenqabela okufanayo kuyisibopho kumaKristu na? Qaphela nasi isinqumo esingumajuqa sendikimba ebusayo yebandla lokuqala njengoba yayiqhutshwa ngumoya ongcwele.”
11 Inkulumo noma isimiso, okumelwe kusekelwe yitekisi elethuliwe. Ngokwesibonelo, enkulumweni yobuhlongandlebe ubungahle uthi: “Ngisho ukukhetha kwethu abangane kuyisisusa esibalulekile ngalokho isimo sethu ebesingahle sibe-yikho ebuhleni nasebubini.” Ubungafundake amazwi kaPawulu kweyoku-1 kwabaseKorinte 15:33 njengesisekelo senkulumo yakho.
12 Ukucaphuna eBhayibhelini njengegunya. Ikakhulu ngamatekisi angaphansi ubungahle uthi nje: “Qaphelani lokho iZwi likaNkulunkulu elikushoyo ngaleliphuzu.” Lona ngunobangela owanele wokubheka ngokulindelwe etekisini futhi kunikeza isizathu esikhanyayo sokulisebenzisa.
13 Inkinga. Enkulumweni ye“sihogo” ubungahle uthi: “Uma umuntu emelwe ukuhlupheka emalangabini omlilo aphakade, lokho bekuyokusho ukuthi umelwe ezwe ngemuva kokufa. Kepha qaphela lokho UmShumayeli 9:5, 10 akushoyo.”
14 “Ukukhetha okuninginingi. Uma umbuzo oqondile noma inkinga ibingahle ibe-nzima kakhulu ezilalelini ezithile, nikela okuningana okunokwenzeka bese uvumela itekisi nokusetshenziswa kwalo linikeze impendulo. Ekuxoxeni nomKatolika ubungahle uthande ukusebenzisa uMathewu 6:9 ukubonisa ukuthi umkhuleko ufanele uqondiswe kubani ngokufanele. Umbuzo oqondile noma inkinga ibingahle iguqule ingqondo yomninindlu wakho endleleni edukile, njalo ubungahle uthi: “Kukhona imibono eminingi ngendaba yokuthi sifanele sikhuleke kubani. Abanye bathi kuMariya, abanye bathi komunye wa‘bangcwele,’ kepha abanye bathi sifanele sikhuleke kuNkulunkulu kuphela. Nakho-ke lokho uJesu akusho.”
15 Ulwazi lomlando. Uma bewumelwe usebenzise amaHeberu 9:12 enkulumweni yesihlengo ukubonisa ukuthi uJesu, ngokunikela igazi lakhe, ‘wasizuzela ukukhululwa okuphakade,’ ubungahle ukufumane kudingekile ukuqalisa ukufunda kwakho kwetekisi ngencazelo emfushane ye‘ndawo engcwele’ etabernakeleni, leyo, uPawulu ayikhombayo, eyafanekisela indawo uJesu angena kuyo.
16 Umongo wendaba. Ngezinye izikhathi ukuhlelwa kwetekisi njengoba kuchazwa emavesini azungezile kunosizo ekwethuleni umbhalo. Ngokwesibonelo, ekusebenziseni kwakho umbhalo okuLuka 20:25 ukubonisa ukuthi kusho ukuthini uku‘nika uKesari okukaKesari,’ ungahle usizakale ekuchazeni ukusebenzisa kukaJesu uhlamvu lwemali olwalunombhalo kaKesari, njengoba indaba ishiwo emongweni wendaba.
17 Ukuhlanganiswa. Phela, ukuhlanganiswa kwalezizindlela nakho kunokwenzeka futhi kuvame ukuba-nosizo.
18 Isethulo sombhalo sifanele sivuse ukulindela okwanele ukulalelwa lapho itekisi lifundwa futhi sifanele sikhombe esizathwini sakho sokusebenzisa itekisi.
19, 20. Singabona kanjani noma sikuvusile ukulindelwa kwetekisi elishiwo na?
19 Ukulindelwa kwemibhalo kuvusiwe. Ungazi kanjani lapho uvuse ukulindelwa kwetekisi na? Okokuqala ngokusabela kwezilaleli, kepha nangendlela owethula ngayo itekisi. Uma izilaleli beziyosala esithubeni ngokuba wahlulekile ukufunda itekisi ngemuva kokulethula, noma uma ubushiye umbuzo ungaphenduliwe esethulweni sakho, ungaqiniseka-ke ukuthi usivusile isithakazelo etekisini. Phela, isethulo simelwe sivumelane nendaba netekisi elimelwe lethulwe. Futhi noma yitekisi uqobo lwalo noma ukusetshenziswa okulandelayo kumelwe kuphendule umbuzo isethulo esiwushiyile.
20 Isethulo setekisi besingahle sifaniswe nomsindo wecilongo owandulela isimemezelo. Ummemezeli akazeli ukuzodlala wonke umculo. Kodwa, amanothi avusayo ecilongo lakhe aqondisa sonke isithakazelo nokunakekela esimemezelweni. Lethulwe ngalendlela, itekisi lakho olikhethile liyozwakala ngenjabulo enkulu nenzuzo.
21. Kungani sifanele sikhombe esizathwini sethu sokusebenzisa itekisi na?
21 Kukhonjwe esizathwini sokusebenzisa itekisi. Lapho isethulo setekisi singahle sishiye umbuzo ungaphenduliwe, sisafanele okungenani ukunikeza isizathu esithile sokubonisa kungani itekisi lifanele futhi lifanele lilalelisiswe. Ngokwesibonelo, engxoxweni yomhlaba njengekhaya elihlala njalo lomuntu bekungenzeka ukuthi ulungiselela ukusebenzisa IsAmbulo 21:3, 4. Kanye nesizathu sakho sangaphambili ubungahle uthi: “Manje kulombhalo olandelayo, IsAmbulo 21:3, 4, cingani indawo lapho itabernakele likaNkulunkulu liyokuba-khona lapho ukuhlupheka nokufa kungasayikuba-khona.” Awuvusanga ukulindela kuphela ngokushiya okuthile kokuvezwa yitekisi, kepha futhi ukhombe engxenyeni ebalulekile yetekisi lakho, ongayisebenzisa kalula esizathwini sakho ngemuva kokufunda itekisi. Ngokukhomba kanjalo kokuqukethwe ngempela kombhalo, ugcizelela ukubaluleka kweZwi likaNkulunkulu.