Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g17 No. 5 kk. 12-13
  • Kufanele Yini Udlale Imidlalo Eyingozi?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Kufanele Yini Udlale Imidlalo Eyingozi?
  • I-Phaphama!—2017
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • INSELELE
  • OKUFANELE UKWAZI
  • ONGAKWENZA
  • Imidlalo Eyingozi—Ingabe Kufanele Ngiyizame?
    I-Phaphama!—1994
  • “Imidlalo Eyingozi”—Ingabe Kufanele Uyizame?
    I-Phaphama!—2000
  • Indlela Yokumelana Nokucindezela Kontanga
    I-Phaphama!—2014
  • Isiqondiso Esinengqondo Sentsha Yanamuhla
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1983
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2017
g17 No. 5 kk. 12-13

USIZO LOMNDENI | INTSHA

Kufanele Yini Udlale Imidlalo Eyingozi?

INSELELE

“Ngama emhubheni eduze kwesitimela esigijimayo. Inhliziyo yami yashaya ngamandla, ngezwa sengathi izinkinga zami ziyashabalala.”—ULeon.a

“Lapho ngigxumela emanzini ngisuka eweni eliphakeme eliyingozi, okomzuzwana nje, ngangizizwa ngisemhlabeni wami ngedwa, ngikhululekile. Izikhathi eziningi kwakungijabulisa kodwa ngezinye izikhathi ngangesaba.”—ULarissa.

NjengoLeon noLarissa, kuyayijabulisa intsha eningi ukubona ukuthi yini ekwaziyo ukuyenza, ngezinye izikhathi ngisho noma leyo nto ingaba yingozi. Uke ucabange yini nawe ukwenza izinto ezinjalo? Uma uke ukucabange, lesi sihloko sizokusiza kakhulu.

OKUFANELE UKWAZI

Ukwenza izinto eziyingozi kungagcina sekuwumkhuba ongayekeki. Zingase zikujabulise okwesikhashana kodwa bese zikwenza ufune ukwenza okunye okuzokujabulisa nakakhulu. NjengoLeon, uMarco wayeya emihubheni yezitimela, uthi: “Kwakungavumi ngiyeke. Ngangijabula okwesikhashana. Kodwa ngangingadeli, ngangifuna ukuphindela futhi.”

UJustin owayegijima ngezicathulo ezinamasondo, abambelele ezimotweni ezihamba ngesivinini esikhulu uthi, “Ukuzwa inhliziyo ishaya ngamandla kwakungenza ngifune ukuphinda. Ngangifuna abantu bangihloniphe, kodwa ngagcina sengisesibhedlela ngilimele.”

Ukufuna ukwamukelwa abanye kungakwenzisa izinto obungeke uzenze. Insizwa okuthiwa uMarvin ithi, “Abangane bami bangihlohla ukuba nginyuke ngodonga lwebhilidi elide ngisebenzisa izandla nezinyawo kuphela. Babethi: ‘Qhubeka. Ngeke uhluleke.’ Ngangesaba. Ngangiqhaqhazela njengoba ngizama ukunyuka.” ULarissa esikhulume ngaye ekuqaleni uthi: “Ngangenza okwakwenziwa abanye.”

Abanye basebenzisa i-Internet ukuze benze izinto eziyingozi zibukeke zimnandi, okwenza nabanye bazenze lezo zinto. Empeleni, amavidiyo akuyi-Internet abantu abenza izinto eziyingozi aye abukwa abantu abaningi ngesikhathi esincane, okwenze abantu abenza lezo zinto baziwa kakhulu.

Ngokwesibonelo, amanye amavidiyo athandwayo anabantu abeqa izindlu namabhilidi, noma banyuke begijima ezindongeni zawo ngaphandle kokusebenzisa izinto zokuzivikela. Lokhu kungakwenza ufinyelele eziphethweni ezimbili eziyiphutha zokuthi: (1) Zincane kakhulu izingozi zokwenza lezi zinto. (2) Wonke umuntu uyazenza. Umphumela: Ungafuna ukwenza izinto eziyingozi, ezingakubulala nokukubulala.

Zikhona izindlela ezingcono neziphephile zokubona amakhono onawo. IBhayibheli lithi: “Ukuqeqesha umzimba kuzuzisa kancane.” (1 Thimothewu 4:8) Kodwa liphinde lixwayise ngokuthi kufanele uphile “ngokuhluzeka kwengqondo.” (Thithu 2:12) Ungakwenza kanjani lokho?

ONGAKWENZA

Hlola izingozi. IBhayibheli lithi: “Onokuqonda uyokwenza ngolwazi, kodwa oyisiphukuphuku uyosakaza ubuwula yonke indawo.” (IzAga 13:16) Ngaphambi kokuba wenze okuthile, zazi izingozi zako. Zibuze, ‘Engicabanga ukukwenza ngeke yini kufake ukuphila kwami engozini noma kungilimaze?’—Okushiwo iBhayibheli: IzAga 14:15.

Khetha abangane abangafaki ukuphila kwabo engozini. Abangane beqiniso abasoze bathi yenza into eyingozi, noma bazame ukukwenzisa into ongayithandi. ULarissa uthi, “Abangane abahle bangisiza ukuba ngiyikhethe kahle imidlalo engifuna ukuyenza. Lapho senginabangane abasha, ukuphila kwami kwashintsha.”—Okushiwo iBhayibheli: IzAga 13:20.

Zibuze, ‘Lokho engicabanga ukukwenza ngeke yini kufake ukuphila kwami engozini noma kungilimaze?’

Yenza izinto ozithandayo ngaphandle kokufaka ukuphila kwakho engozini. Incwadi i-Adolescent Risk Behaviors ithi “ukufunda ukuzenzela eyakho imithetho futhi uzibekele imingcele,” kubonisa ukuthi uyakhula. Ungabonisa amakhono akho ngendlela ephephile, usebenzisa izinto ezifanele neziphephile.

Funda ukuzihlonipha. Abantu bazokuhlonipha ngoba ukwazi ukubhekana nezinkinga zokuphila hhayi ngoba wenza izinto eziyingozi. ULarissa uthi: “Ngemva kokuqala ukugxumela emanzini ngisuka emaweni, ngenza nezinye izinto eziningi eziyingozi. Kwakuyoba ngcono ukube ngafunda ukwenqaba.”

Nakhu okubalulekile: Kunokwenza izinto eziyingozi ngokungenasidingo, zikhethe kahle izinto ozozijabulisa ngazo.—Okushiwo iBhayibheli: IzAga 15:24.

a Amanye amagama ashintshiwe kulesi sihloko.

IMIBHALO EYINHLOKO

  • “Okhaliphile uyazicabangela izinyathelo zakhe.”—IzAga 14:15.

  • “Ohamba nabahlakaniphile uyohlakanipha.”—IzAga 13:20.

  • “Indlela yokuphila yenyukela phezulu kowenza ngokuqondisisa, ukuze agweme [iThuna] ngaphansi.”—IzAga 15:24.

UPETER

“Nakuba umnandi lowo mdlalo, kumelwe wazi kahle ukuthi yini eyingozi ngawo. Akekho umuntu osemncane ofuna ukukhubazeka.”

URIO

“Kungcono ukungahambi nabangane bakho uma beyokwenza into ongayithandi. Kunzima ukungakwenzi abakwenzayo uma usulapho.”

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela