Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g17 No. 5 kk. 14-15
  • Ukuvakashela EKazakhstan

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukuvakashela EKazakhstan
  • I-Phaphama!—2017
I-Phaphama!—2017
g17 No. 5 kk. 14-15
[Isithombe ekhasini 14]

Idolobha lase-Astana

AMAZWE NABANTU

Ukuvakashela EKazakhstan

[Ibalazwe ekhasini 14]

AMAKAZAKH angabantu ababengahlali endaweni eyodwa isikhathi eside. Ngisho nanamuhla, abanye abelusi abangamaKazakh bavame ukushintsha indawo bebheka amadlelo, kuye ngesikhathi sonyaka. Ehlobo baba semadlelweni asezindaweni eziphakeme, ezipholile. Ebusika livame ukukhithika, ngakho lapho sekuzongena ubusika, abelusi bayehla nemfuyo yabo, baye emadlelweni aphansi, afudumele.

Abanye abantu abangamaKazakh bahlala emadolobheni athuthukile. Noma kunjalo, amasiko abo amaningi, ukudla, nemisebenzi yezandla abayenzayo, kusabonisa indlela okhokho babo ababephila ngayo. AmaKazakh anezinkondlo eziningi, amaculo, kanye nezingoma ezidlalwa ngezinsimbi zomculo zakhona.

I-yurt iyindlu efana netende, esetshenziswa abantu abangahlali endaweni eyodwa isikhathi eside. Abaningi bayibheka njengophawu olubonisa ukuthi abantu bayakwazi ukuhlala bengayiphazamisi imvelo. Abelusi basakuthanda ukuhlala kuma-yurt kanti namaKazakh ahlala emadolobheni ayawasebenzisa ama-yurt uma enemicimbi. Ama-yurt aphinde abe izindlu ezikahle zokuhlalisa izivakashi ezivela kwezinye izindawo. Ingaphakathi lalezi zindlu ngezinye izikhathi livame ukuhlotshiswa ngemisebenzi yezandla yabesifazane abangamaKazakh, eveza amakhono abo okuhlobisa nokweluka izindwangu, kanye nokwenza okhaphethi.

[Isithombe ekhasini 15]

Ingaphakathi le-yurt

Imindeni yamaKazakh ehlala emaphandleni iyawathanda amahhashi ayo. Ulimi lwesiKazakh lunamagama angu-21 noma ngaphezulu, achaza amahhashi ngokwehluka kwawo, kanye namagama angaphezu kwangu-30 achaza imibala ehlukahlukene yezikhumba zamahhashi. Uma uphiwe ihhashi elihle usuke uphiwe isipho esiyigugu nesibizayo. Emaphandleni, abafana bafunda ukugibela amahhashi besebancane kakhulu.

Ukudla komdabu kwaseKazakh kuhlale kunenyama, futhi ngokuvamile akufakwa izithako eziningi. Ezinye zeziphuzo amaKazakh azithanda kakhulu i-koumiss ne-shubat. I-koumiss yenziwa ngobisi lwehhashi futhi kuthiwa iyisiphuzo esinempilo. I-shubat yona yenziwa ngobisi lwekameli, kanti bayithanda imuncu.

Ihhovisi legatsha loFakazi BakaJehova elise-Almaty lihlale likulungele ukwamukela izivakashi nokuzibonisa indawo yalo.

[Isithombe ekhasini 15]

Ingwe ehlala ezindaweni ezineqhwa ethanda ukucasha, ivame ukuhlala ezintabeni eziphakeme zaseKazakhstan ehlobo

INGABE BEWAZI?

EKazakhstan kumila izinhlobo ezingu-36 noma ngaphezulu zembali i-tulip yasendle futhi le mbali ivame ukutholakala emidwebweni yamaKazakh.

Ichibi laseKazakhstan i-Balkhash, linamanzi anosawoti engxenyeni yalo esempumalanga kanti ingxenye yalo esentshonalanga yona ayinawo usawoti.

AmaKazakh ayakuthanda ukuzingela esebenzisa izinyoni aziqeqeshile ezifana nezinkozi nezinye izinyoni ezidla inyama, futhi anekhono elihle lokuqeqesha izinkozi—okuyizinyoni azithanda kakhulu.

[Isithombe ekhasini 15]

Ukhozi lufakwe into eluvala amehlo, elwenza ukuba lungabesabi abantu

  • IZILIMI: ISIKAZAKH, ISIRASHIYA

  • INANI LABANTU: 17 563 000

  • INHLOKO-DOLOBHA: I-ASTANA

  • ISIMO SEZULU: EHLOBO KUYASHISA FUTHI KOMILE, EBUSIKA KUYABANDA FUTHI LIVAME UKUKHITHIKA

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela