Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 12/15 kk. 4-5
  • Indlela Yokuqeda Izingxabano Ekhaya

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Indlela Yokuqeda Izingxabano Ekhaya
  • I-Phaphama!—2015
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • 1. UNGAZIPHINDISELELI.
  • 2. HLONIPHA IMIZWA YELINYE ILUNGU LOMNDENI.
  • 3. ZINIKE ISIKHATHI SOKWEHLISA IGWEBU.
  • 4. CABANGISISA NGOKUDINGEKA UKUSHO NENDLELA YOKUKUSHO.
  • 5. GCINA IZWI LAKHO LIPHANSI FUTHI LIBONISA UKUZITHOBA.
  • 6. SHESHA UKUXOLISA FUTHI UCHAZE OZOKWENZA UKUZE ULUNGISE ISIMO.
  • Lapho Kuba Nokungezwani Emshadweni
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2005
  • Bonisa Uthando Nenhlonipho Ngokulawula Ulimi Lwakho
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2006
  • Indlela Yokugwema Inkulumo Elimazayo
    I-Phaphama!—2013
  • Ukusingatha Izingxabano
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2008
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2015
g 12/15 kk. 4-5
Umbhangqwana uhleli ndawonye futhi indoda ilalele njengoba umkayo eveza imizwa yakhe

ISIHLOKO ESISESEMBOZWENI | UKWENZA UKUTHULA EKHAYA

Indlela Yokuqeda Izingxabano Ekhaya

KUTHIWANI uma umndeni wakho ubonakala uba nezingxabano njalo? Mhlawumbe izingxabano seziyavama futhi isimo siya siba sibi kakhulu. Kungenzeka awazi nokuthi ziqale kanjani. Noma kunjalo, niyathandana futhi anifuni ukuzwisana ubuhlungu.

Kubalulekile ukukhumbula ukuthi ukuba nemibono engafani akusho ukuthi umndeni wakho uyabhidlika. Yindlela enisingatha ngayo izingxabano​—hhayi izingxabano ngokwazo​—enganquma ukuthi ikhaya liyoba nokuthula noma liyoba nokungezwani. Cabanga ngezinye izinyathelo ezingasiza ekunciphiseni izingxabano.

1. UNGAZIPHINDISELELI.

Kudingeka okungenani abantu ababili ukuze kube nempikiswano, kodwa lapho omunye eqala ukulalela esikhundleni sokukhuluma, ukujikijelana ngamazwi kungaqala ukwehla. Ngakho-ke, yenqaba ukucindezelwa umuzwa wokuziphindiselela lapho ucasulwa. Londoloza ukuzihlonipha nesithunzi sakho, ngokuzithiba. Khumbula, ukuthula emndenini kubaluleke ukwedlula ukunqoba izimpikiswano.

“Lapho kungekho zinkuni umlilo uyacima, nalapho kungekho mnyundeli umbango uyaphela.”​—IzAga 26:20.

2. HLONIPHA IMIZWA YELINYE ILUNGU LOMNDENI.

Ukulalelisisa ngozwela ngaphandle kokuphazamisa noma ukwahlulela kungenza lukhulu ekunqobeni intukuthelo futhi kubuyisele ukuthula. Esikhundleni sokungabaza izisusa zomunye, hlonipha imizwa yakhe. Musa ukuphetha ngokuthi into okungenzeka ibangelwe ukungapheleli, ibangelwe inzondo. Ezimweni eziningi, amazwi ahlabayo angase abangelwe ukungacabangi noma inhliziyo ebuhlungu kunomoya wokuziphindiselela.

“Gqokani uthando lomzwelo, umusa, ukuthobeka, ubumnene, nokubekezela.”​—Kolose 3:12.

3. ZINIKE ISIKHATHI SOKWEHLISA IGWEBU.

Uma unemizwelo eshintsha ngokushesha kungaba kuhle ukuba uphume ngokuthula endlini uhambe isikhashana ukuze wehlise igwebu. Mhlawumbe ungahamba uye kwelinye ikamelo noma uzihambele nje uze ube sesimweni esikahle. Lokhu akukona ukuphazamisa ingxoxo​—ukungabambisani nomunye noma ukumziba​—futhi akukona ukuqudula, okuwukungafuni ukukhuluma. Kunalokho, mhlawumbe lesi isikhathi esikahle sokuthandaza kuNkulunkulu ucele ukubekezela nokuqonda.

“Ngaphambi kokuba kuqhume ingxabano, hamba.”​—IzAga 17:14.

4. CABANGISISA NGOKUDINGEKA UKUSHO NENDLELA YOKUKUSHO.

Ngeke isimo sibe ngcono uma ugxila emizamweni yokulungiselela impendulo ezolimaza omunye. Kunalokho, zama ukusho okuthile okungadambisa ubuhlungu kothandekayo wakho. Esikhundleni sokumtshela indlela ocabanga ukuthi kufanele ngabe uzizwa ngayo, ngokuzithoba mcele ukuba akuchazele futhi ubonge nganoma iluphi usizo noma ukucaciselwa okutholayo.

“Kukhona ophahluka njengokuhlaba kwenkemba, kodwa ulimi lwabahlakaniphile lungukuphulukisa.”​—IzAga 12:18.

5. GCINA IZWI LAKHO LIPHANSI FUTHI LIBONISA UKUZITHOBA.

Ukuntula ukubekezela kwelungu elilodwa lomndeni kalula nje kungavusa intukuthelo kwelinye. Ungavumi ukunqotshwa imizwa yokubhuqa, ukwedelela, ukuphakamisa izwi noma ngabe ucasuke kangakanani. Gwema amazwi abuhlungu anjengokuthi “Awunandaba nami” noma “Awulaleli.” Kunalokho, mtshele ngomoya ozolile oshade naye indlela ukuziphatha kwakhe okukwenze wazizwa ngayo (“Ngiphatheka kabi uma . . . ”). Ukududulana, ukushayana, ukukhahlelana nolunye uhlobo lobudlova akunakuthethelelwa. Kungokufanayo nangokubizana ngamagama angemahle, inkulumo eyindelelo, nokusongela.

“Makususwe kini konke ukufutheka okubi nentukuthelo nolaka nokuklabalasa nokuhlambalaza kanye nabo bonke ububi.”​—Efesu 4:31.

6. SHESHA UKUXOLISA FUTHI UCHAZE OZOKWENZA UKUZE ULUNGISE ISIMO.

Ungavumeli imizwelo ikwenze ukhohlwe umgomo wakho oyinhloko​—ukwenza ukuthula. Khumbula, uma ulwa nomuntu, akekho ozuzayo phakathi kwenu. Uma nenza ukuthula, nobabili niyazuza. Ngakho vuma ukuthi ube nesandla ukuze kube nengxabano. Ngisho noma uqiniseka ukuthi awenzanga lutho olubi, ungaxolisa ngokubonisa intukuthelo, ngendlela ophendule ngayo, noma ngokwenezela ungaqondile engxabanweni. Ubudlelwano obunokuthula bubaluleke kakhulu kunokuqhosha nokunqoba. Uma umuntu exolisa kuwe, shesha ukuthethelela.

“Hamba uzithobe umbelesele kakhulu lowo muntu.” ​—IzAga 6:3.

Lapho ingxabano isiphelile, yini ongayenza ukuze ukhuthaze ukuthula emndenini? Sizoxoxa ngalokho esihlokweni esilandelayo.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela