Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 12/15 k. 3
  • Izingxabano Zomndeni​—Zibangelwa Yini?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Izingxabano Zomndeni​—Zibangelwa Yini?
  • I-Phaphama!—2015
  • Indaba Ethi Ayifane
  • UJakobe No-Esawu Bayaxolelana
    Masifunde Ezindabeni EziseBhayibhelini
  • Wazibeka Engozini Ukuze Avikele Umndeni Wakhe
    Hamba NoNkulunkulu Ngesibindi
  • ‘Funa Ukuthula Futhi Ukuphishekele’
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1991
  • Indlela Yokukhuthaza Ukuthula Ekhaya
    I-Phaphama!—2015
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2015
g 12/15 k. 3
Izingane ezikhathazekile zilalele abazali bazo beqagulisana

ISIHLOKO ESISESEMBOZWENI | UKWENZA UKUTHULA EKHAYA

Izingxabano Zomndeni​—Zibangelwa Yini?

“NGOKUVAMILE, sixatshaniswa yimali,” kuvuma uSaraha waseGhana, oseshade noJacob iminyaka engu-17. Uyachaza, “Ngicasulwa ukuthi kuningi engikwenzayo ukuze nginakekele umndeni wami kodwa uJacob akalokothi akhulume nami ngezezimali. Kuphela amasonto singakhulumisani.”

Umyeni wakhe uJacob uyaphendula, “Yebo, kunezikhathi lapho sijikijelana khona ngamazwi ahlabayo. Ngokuvamile, lokho kudalwa ukungaboni ngaso linye nokungabi bikho kwendlela ekahle yokukhulumisana. Udweshu luphinde lubangelwe ukweqisa endleleni esisabela ngayo ezimweni ezithile.”

UNathan waseNdiya osanda kushada uchaza okwenzeka lapho ngelinye ilanga umukhwe wakhe ethethisa umkhwekazi wakhe. Uthi, “Kwamphatha kabi lokho umkhwekazi futhi wahamba ekhaya. Lapho ngimbuza umukhwe ukuthi kungani ayethetha ngaleya ndlela, wabona sengathi ngiyamdelela. Ngemva kwalokho, wayesethethisa wonke umuntu ekhaya.”

Mhlawumbe nawe uke wayiphawula indlela amagama ambalwa angakhethiwe kahle, noma ashiwo ngesikhathi esingafanele angabangela ngayo ingxabano ekhaya. Lokho okungaqala kuyingxoxo enokuthula, kungashintsha ngokuphazima kweso kube impikiswano. Akekho umuntu ongasho into elungile ngaso sonke isikhathi, ngakho kungaba lula ukuqonda kabi okushiwo abanye noma izisusa zabo. Noma kunjalo, kungenzeka ukuba umndeni ujabulele ukuthula nobunye ngokwezinga elithile.

Yini ongayenza lapho kuphakama impikiswano evuthayo? Yiziphi izinyathelo ongazithatha ukuze ubuyisele ukuthula nokuzola emndenini? Imindeni ingakulondoloza kanjani ukuthula? Siza uqhubeke ufunda.

a Amanye amagama kulesi sihloko ashintshiwe.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela